Dlulela kokuphakathi

Dlulela kuyi-menu yesibili

OFakazi BakaJehova

IsiZulu

INTSHA IYABUZA

Nginokwethe­njelwa Kangakanani?

Nginokwethe­njelwa Kangakanani?

 Zibeke esikalini!

  • Ngihlale . . .; ezikhathini eziningi; ngezinye izikhathi; noma akwenzeki ngibe nakho

    • ukwethembeka

    • ukwethenjelwa

    • ukugcina isikhathi

    • ukukhuthala

    • ukuhleleka

    • ukuba usizo

    • ukuba nobulungisa

    • ukuhlonipha

    • ukukhathalela

  • Iyiphi kulezi zimfanelo ozithola unayo kakhulu?

    Qhubeka nokwenza kahle kuleyo ngxenye.Filipi 3:16.

  • Iyiphi imfanelo okudingeka usebenzela kuyo kakhulu?

Ukwaziswa okulandelayo kuzokusiza ukuba uyithuthukise.

 Kusho ukuthini ukuba nokwethenjelwa?

Abantu abanokwethenjelwa bayakufeza lokho okulindeleke kubo ekhaya, esikoleni nasemphakathini. Bayaqaphela ukuthi bayolandisa ngezenzo zabo. Ngakho uma benza iphutha bayalivuma, baxolise bese belwela ukulungisa.

IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo uyothwala owakhe umthwalo.”Galathiya 6:5.

 Kungani kufanele ngifune ukuba nokwethenjelwa?

Umuntu onokwethenjelwa uwasebenzisa ngokuhlakanipha amakhono akhe, futhi uvame ukuhlonishwa, aphathwe njengomuntu omdala aze anikwe namalungelo nenkululeko eyengeziwe.

IBhayibheli lithi: “Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona.”IzAga 22:29.

Umuntu onokwethenjelwa ngokuvamile uyephana futhi unamathuba engeziwe okuba nabangane abahle.

IBhayibheli lithi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.”Luka 6:38.

Umuntu onokwethenjelwa uba nomuzwa wokwaneliseka nokuziqhenya okufanele, okumenza azethembe.

IBhayibheli lithi: “Yilowo nalowo makahlole umsebenzi wakhe siqu, khona-ke uyoba nesizathu sokwethaba ngokuqondene naye yedwa.”Galathiya 6:4.

 Ngingathenjelwa kanjani ngokwengeziwe?

Ukuze sikusize uphendule lowo mbuzo, bheka la mazwi alandelayo. Yimaphi ayichaza kangcono indlela ozizwa ngayo?

“Kuyakhungathekisa ukuphathwa njengomntwana okufanele ngaso sonke isikhathi atshele umama nobaba ukuthi ukuphi!”—UKerri.

“Ngokuvamile abazali bami bayangivumela ukuba ngihambe nabangane bami ngaphandle kwenkinga.”—URichard.

“Uma ngibheka ezinye izingane ezingontanga yami futhi ngibone lokho ezivunyelwe ukukwenza, ngiyaye ngibe nomhawu, bese ngizibuza: ‘Kungani abazali bami bengangivumeli nami ukwenza lokhu?’”—U-Anne.

“Abazali bami bayangivumela ngenze engikufunayo. Ngiyababonga ngokunginikeza le nkululeko enginayo.”—UMarina.

Nakhu okubalulekile: Enye intsha inikezwa inkululeko eyengeziwe kunenye. Yini engabangela lo mehluko?

Iqiniso elingenakuphikwa: Izinga lenkululeko oyinikezwayo ngokuvamile linqunywa ukuthi wethenjwa kangakanani.

Ngokwesibonelo, cabangela lokho okushiwo abasha ababili esiye sabacaphuna.

URichard: “Kunesikhathi lapho abazali bami babemanqikanqika ngekhono lami lokusebenzisa inkululeko. Kodwa manje sebeyangithemba ngoba inkululeko ngiye ngayisebenzisa kahle abasuke benginike yona. Angibakhohlisi abazali bami ngokuthi ngiyaphi nokuthi ngihamba nobani. Eqinisweni, ngivame ukuvele ngibatshele abazali bami ngalokho engihlela ukukwenza ngisho noma bengangibuzanga.”

UMarina: “Ekuphileni kwami abazali bami ngabakhohlisa kabili, futhi kuzo zombili lezo zikhathi bangibamba. Kusukela ngaleso sikhathi, angiphindanga ngaqamba amanga kubazali bami. Ngokwesibonelo, njalo ngibatshela yonke into ngalokho engikwenzayo, kanti futhi ngiyabathinta ngocingo njalo uma ngingekho ekhaya. Manje sebengithemba kakhulu.”

Yini eza kuqala kuwe—umsebenzi noma ukuzijabulisa?

Ungathanda yini ukuphathwa njengoRichard noMarina? Khona-ke ake uzihlole kulezi zici ezilandelayo:

INDLELA OZIPHATHA NGAYO EKHAYA

  • Ingabe imisebenzi oyinikezwayo uyenza ngokwethembeka?

  • Ingabe uyanamathela esikhathini okufanele ufike ngaso ekhaya?

  • Ingabe abazali bakho nezingane zakini uyabahlonipha?

Uma likhona iphuzu okudingeka usebenzele kulo kulawa, yiliphi?

IBhayibheli lithi: “Lalelani abazali benu.”—Efesu 6:1.

IMFUNDO YAKHO

  • Ingabe umsebenzi wesikole uwuqeda ngesikhathi?

  • Ingabe uyawenza umzamo wokuthuthukisa amamaki akho?

  • Ingabe unemikhuba emihle yokutadisha?

Uma likhona iphuzu okudingeka usebenzele kulo kulawa, yiliphi?

IBhayibheli lithi: “Ukuhlakanipha kuyisivikelo.” (UmShumayeli 7:12) Imfundo enhle iyokwenza uhlakaniphe.

IDUMELA LAKHO

  • Ingabe uthembekile kubazali bakho nakwabanye?

  • Ingabe uyakwazi ukusebenzisa kahle imali?

  • Ingabe unedumela elihle lokwethenjelwa?

Uma likhona iphuzu okudingeka usebenzele kulo kulawa, yiliphi?

IBhayibheli lithi: ‘Gqokani ubuntu obusha.’ (Efesu 4:24) Ungazithuthukisa izimfanelo onazo nedumela lakho.

Ukusikisela: Khetha izinto okudingeka uthuthukise kuzo. Thola iseluleko kulabo abenza kahle kulezo zinto. Bhala izindlela eziqondile ozozisebenzisa ukuze uthuthukise leyo mfanelo, bese uhlola intuthuko yakho isikhathi esingangenyanga. Bhala phansi ukuthi yini ophumelele kuyo nokuthi yini ekwehlulile. Phawula intuthuko oyenzile ngemva kwenyanga.