Dlulela kokuphakathi

INTSHA IYABUZA

Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?

Yini Engingayenza Uma Umngane Wami Engiphatha Kabi?

 Okufanele ukwazi

  • Abekho abantu abangaxabani. Ngisho nomngane wakho omkhulu uyawenza amaphutha, ngakho angasho noma enze into ezokuphatha kabi. Nawe uyawenza amaphutha. Akekho yini umuntu owake wamphatha kabi?​—Jakobe 3:2.

  • Ngenxa ye-Internet, sekulula ukubona izinto ezingakuphatha kabi. Ngokwesibonelo, osemusha okuthiwa uDavid uthi: “Kungenzeka ukuthi ukuyi-Internet bese ubona izithombe zabangane bakho besemcimbini, ungase uzibuze ukuthi kungani wena ungamenywanga bese uphatheka kabi.”

  • Ungakwazi ukuyixazulula le nkinga.

 Ongakwenza

Zihlole. IBhayibheli lithi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.”​—UmShumayeli 7:9.

“Ngezinye izikhathi ubona kamuva ukuthi into ekuphathe kabi empeleni ibiwubala.”​—U-Alyssa.

Ongacabanga ngakho: Ingabe usheshe uzwele? Ungakwazi yini ukubabekezelela kakhudlwana abanye?​—UmShumayeli 7:​21, 22.

Cabanga ngezinzuzo zokuthethelela. IBhayibheli lithi: “Kungubuhle . . . ukweqa isiphambeko.”​—IzAga 19:11.

“Ngisho noma unesizathu sokuphatheka kabi, kuhle ukuthethelela. Lokhu kusho ukungalokhu ukhumbuza umuntu ngento ayenza futhi umenze axolise njalo. Uma usumxolele, yidlulise leyo nto.”​—UMallory.

Ongacabanga ngakho: Ingabe leyo nto ibaluleke ngempela? Ungakwazi yini ukuvele uxole ukuze kube nokuthula?​—Kolose 3:​13.

Ukuhlale ubalela umngane izinto azenzayo ezikuphatha kabi, kufana nokungenisa umoya obandayo endlini efudumele

Cabanga ngalowo muntu. IBhayibheli lithi: “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”​—Filipi 2:4.

“Uma wena nomngane wakho nithandana futhi nihloniphana, nizosheshe nizixazulule izinkinga ngoba nifuna ubungane benu buqhubeke. Nibusebenzele kanzima, ngakho anifuni buphele.”​—UNicole.

Ongacabanga ngakho: Ungakwazi yini ukuzama ukuqonda ukuthi kungani ezizwa ngendlela azizwa ngayo?​—Filipi 2:3.

Iphuzu elibalulekile: Ukwazi ukuthi yini ongayenza lapho othile ekuphathe kabi kuyikhono eliyokusiza ngisho usumdala. Kungani ungalifundi manje?