INTSHA IYABUZA
Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?—Ingxenye 4: Ngingakuchaza Kanjani Ukukholelwa Kwami Endalweni?
Uyakholelwa endalweni, kodwa uyangabaza ukukhuluma ngakho obala esikoleni. Mhlawumbe izincwadi ozifunda esikoleni ziqhakambisa ukuziphendukela kwemvelo futhi ukhathazeke ngokuthi othisha kanye nezingane ofunda nazo bangase bahlekise ngawe. Ungakhuluma kanjani ngokuzethemba futhi uchaze ukukholelwa kwakho endalweni?
Ungakwenza!
Ungase ucabange: ‘Angihlakaniphile kangangokuthi ngingakhuluma ngesayensi futhi ngiphikisane nabanye ngokuziphendukela kwemvelo.’ Yileyo ndlela uDanielle ake azizwa ngayo ngesinye isikhathi. Uthi: “Ngangiwuzonda umuzwa wokuthi kufanele ngiphikisane nothisha kanye nezingane engangifunda nazo.” UDiana uyavuma, “Ngangivele ngidideke lapho sebengiphikisa besebenzisa amagama esayensi.”
Nokho, umgomo wakho awukona ukunqoba izimpikiswano. Izindaba ezinhle ziwukuthi akudingeki Akudingeki ube ungoti kwezesayensi ukuze uchaze ukuthi kungani wena ubona kunengqondo ukuthi izwe elinezinto eziphilayo kwadalwa.
Icebiso: Sebenzisa inkulumo elula nenengqondo etholakala eBhayibhelini kumaHebheru 3:4: “Yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.”
Nansi indlela intokazi egama layo linguCarol esebenzisa ngayo isimiso esikumaHebheru 3:4: “Ake uzibone udabula ehlathini elicinene. Akukho lutho olubonisa ukuthi kungaba nomuntu kulo. Njengoba ubheka phansi, ubona uthi lokuvungula. Yini ongaphetha ngayo? Abantu abaningi bangathi, ‘Ukhona umuntu obe kule ndawo.’ Uma into encane nenganakekile njengothi lokuvungula iwubufakazi bokuba khona kwesidalwa esiphilayo nesihlakaniphile, kakhulu kangakanani ngendawo yonke nakho konke okukuyo!”
Uma othile ethi: “Uma kuyiqiniso ukuthi izinto zadalwa, khona-ke ubani owadala uMdali?”
Ungase uthi: “Ukuthi akukona konke esikwaziyo ngoMdali, akusho ukuthi akekho. Ngokwesibonelo, ungase ungawazi umlando womuntu owaklama umakhalekhukhwini wakho, kodwa uyakholelwa ukuthi ukhona umuntu owawuklama, akunjalo? [Lindela impendulo.] Kuningi esingase sikwazi ngoMdali. Uma ufisa, ngingakujabulela ukukuxoxela lokho engiye ngakufunda ngaye.”
Kulungele
IBhayibheli lithi kufanele ‘ukulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikuwe, kodwa wenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.’ (1 Petru 3:15) Ngakho-ke, qaphela lezi zinto ezimbili—lokho okushoyo kanye nendlela okusho ngayo.
Lokho okushoyo. Uthando lwakho ngoNkulunkulu lubaluleke kakhulu futhi lungakushukumisela ukuba ukhulume. Kodwa ukumane nje utshele abanye ukuthi umthanda kangakanani uNkulunkulu, kungase kungabenzi baqiniseke ukuthi uNkulunkulu unguMdali wazo zonke izinto. Kungase kube ngcono ukusebenzisa izibonelo eziphathelene nemvelo ukuze ubonise ukuthi kungani kunengqondo ukukholelwa endalweni.
Indlela okusho ngayo. Khuluma ngokuzethemba, kodwa ungabi luhlaza noma uziphakamise. Cishe abantu bayowucabangela umbono wakho uma ukhuluma ngenhlonipho ngezinkolelo zabo futhi uliqaphela ilungelo labo lokuzifinyelelela iziphetho.
U-Elaine uthi: “Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukungazibonakalisi ungumuntu ohlambalazayo noma owazi konke. Ukukhuluma ngendlela yokuziphakamisa kungabangela izinkinga.”
Amathuluzi angakusiza ekuchazeni inkolelo yakho
Ukuhlomela ukuvikela izinkolelo zakho kunjengokuhlomela ukushintsha kwesimo sezulu
Intombazanyana egama layo lingu-Alicia ithi: “Uma singazilungiselele, siyovele sifune ukuzithulela ukuze sigweme ukuphoxeka.” Njengoba u-Alicia esho, ukulungiselela kubalulekile ukuze uphumelele. UJenna uthi: “Ngizizwa ngikhululeka kakhudlwana ukuxoxa ngendalo uma nginesibonelo esilula kodwa esicatshangelwe kahle engingasekela ngaso lokho engikukholelwayo.”
Ungazitholaphi izibonelo ezinjalo? Intsha eningi iye yaphumelela ngokusebenzisa la malungiselelo alandelayo:
The Origin of Life—Five Questions Worth Asking
Izihloko ezivela ngaphansi kwesithi “Ingabe Kwaklanywa?” kumagazini i-Phaphama! (Bhala isihloko [kanye nezimpawu zengcaphuno] “ingabe kwaklanywa” ebhokisini lokufuna elingaphansi kwengxenye ethi UMTAPO WEZINCWADI.)
Sebenzisa UMTAPO WEZINCWADI ukuze uthole okwengeziwe.
Ungase ukuthole kuwusizo ukubukeza nezinye izihloko zalolu chungechunge oluthi, “Indalo Noma Ukuziphendukela Kwemvelo?”
Icebiso: Khetha izibonelo ezikuqinisekisayo. Kuyoba lula ukuzikhumbula, futhi uyokwazi ukukhuluma ngazo ngokuqiniseka. Zama ukuprakthiza ukuthi uyozichaza kanjani izinkolelo zakho.