Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Linake Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho

Linake Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho

Linake Izwi LikaNkulunkulu Lesiprofetho

“Sinezwi eliyisiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka.”—2 PETRU 1:19.

1, 2. Yisiphi isibonelo sikamesiya wamanga ongasilandisa?

SEKUNGAMAKHULU eminyaka omesiya bamanga bezama ukubikezela ikusasa. Ekhulwini lesihlanu C.E., umlisa owayezibiza ngoMose wakholisa amaJuda asesiqhingini saseKrethe ukuthi wayengumesiya futhi wayezowakhulula ekucindezelweni. Ngosuku olwalubekelwe ukukhululwa kwawo, amlandela aya naye enhlonhlweni ephakeme eyengame uLwandle iMedithera. Wawatshela ukuthi kwakufanele nje aziphonse olwandle futhi lwaluzohlukana phakathi. Amaningi alawo aziphonsa emanzini aminza, futhi lowo mesiya wamanga washaya wachitha.

2 Ekhulwini le-12, kwavela “umesiya” eYemen. Umbusi wakhona wathi makenze isibonakaliso sokuthi ungumesiya. Lo “mesiya” watshela umbusi ukuthi makayale ukuba anqunywe ikhanda. Waprofetha ukuthi wayezovuka ngokuphazima kweso futhi lokho kwakuyoba yisona sibonakaliso. Umbusi wavuma ukuba kwenziwe kanjalo—kwaphela kanjalo ngalowo “mesiya.”

3. Ngubani onguMesiya weqiniso, futhi inkonzo yakhe yafakazelani?

3 Omesiya bamanga neziprofetho zabo bahluleka ngokuphelele, kodwa ukunaka izwi likaNkulunkulu lesiprofetho akudumazi nanini. KuMesiya weqiniso, uJesu Kristu, kwagcwaliseka ngokoqobo iziprofetho eziningi zeBhayibheli. Ngokwesibonelo, ecaphuna isiprofetho sika-Isaya, umlobi weVangeli uMathewu wabhala: “‘O, lizwe lakwaZebuloni nezwe lakwaNafetali, ngasemgwaqweni wasolwandle, ngakolunye uhlangothi lweJordani, Galile lezizwe! abantu abahlezi ebumnyameni babona ukukhanya okukhulu, futhi ngokuqondene nalabo abahlezi endaweni yethunzi elibulalayo, ukukhanya kwaphumela phezu kwabo.’ Kusukela ngalesosikhathi kuqhubeke uJesu waqalisa ukushumayela ethi: ‘Phendukani, ngoba umbuso wamazulu ususondele.’” (Mathewu 4:15-17; Isaya 9:1, 2) UJesu wayeyilokho “kukhanya okukhulu,” futhi inkonzo yakhe yafakazela ukuthi wayengumProfethi owabikezelwa nguMose. Labo ababenqaba ukumlalela uJesu babeyobhujiswa.—Duteronomi 18:18, 19; IzEnzo 3:22, 23.

4. UJesu wamgcwalisa kanjani u-Isaya 53:12?

4 UJesu futhi wagcwalisa amazwi esiprofetho aku-Isaya 53:12: “Yawuthulula umphefumulo wayo ekufeni, yabalwa kanye nezelelesi; yathwala nokho izono zabaningi, yakhulekela aboni.” Njengoba ayazi ukuthi maduzane wayezonikela ngokuphila kwakhe kobuntu njengesihlengo, uJesu waqinisa ukholo lwabafundi bakhe. (Marku 10:45) Lokhu wakwenza ngendlela evelele ngokuguqulwa kwakhe isimo.

Ukuguqulwa KukaJesu Isimo Kwakha Ukholo

5. Ungakuchaza kanjani ukuguqulwa kukaJesu isimo ngamazwi akho?

5 Ukuguqulwa kukaJesu isimo kwakuyisenzakalo esingokwesiprofetho. UJesu wathi: “INdodana yomuntu imiselwe ukuza ngenkazimulo kaYise ikanye nezingelosi zayo . . . Ngiqinisile ngithi kini kukhona abanye kulabo abemi lapha abangeke bakunambithe nhlobo ukufa kuze kube yilapho bebona iNdodana yomuntu kuqala iza embusweni wayo.” (Mathewu 16:27, 28) Ingabe bakhona abanye babaphostoli abambona ngokoqobo uJesu eza eMbusweni wakhe? UMathewu 17:1-7 uthi: “Ezinsukwini eziyisithupha kamuva uJesu wathatha oPetru noJakobe noJohane umfowabo wabanyusela entabeni ephakeme bebodwa. Futhi waguqulwa isimo phambi kwabo.” Yeka isenzakalo esimangalisayo! “Ubuso bakhe bakhanya njengelanga, nezingubo zakhe zangaphandle zakhazimula njengokukhanya. Futhi, bheka! kwabonakala kubo uMose no-Eliya, bexoxa naye.” Khona-ke “ifu elikhanyayo labasibekela,” base bezwa izwi likaNkulunkulu uqobo, lithi: “‘Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele; yilaleleni.’ Lapho bezwa lokhu abafundi bawa ngobuso babo futhi besaba kakhulu. Khona-ke uJesu wasondela, futhi ebathinta, wathi: ‘Vukani, ningesabi.’”

6. (a) Kungani uJesu abiza ukuguqulwa kwakhe isimo ngokuthi umbono? (b) Ukuguqulwa kukaJesu isimo kwakuwumbono wani onikezwe kusengaphambili?

6 Lesi senzakalo esimangalisayo cishe senzeka kwelinye lamagquma eNtaba YaseHermoni, lapho uJesu nabaphostoli abathathu bachitha khona ubusuku. Kusobala ukuthi lokhu kuguqulwa isimo kwenzeka ebusuku, okwakwenza kwagqama ngisho nakakhulu. Esinye sezizathu esenza uJesu abize lokhu ngokuthi umbono siwukuthi uMose no-Eliya, okwase kukudala bafa, babengekho lapho ngokoqobo. NguKristu kuphela owayekhona ngokoqobo. (Mathewu 17:8, 9) Isenzakalo esikhazimula kangaka sanikeza kusengaphambili uPetru, uJakobe noJohane umbono owumbukwane wokuba khona kukaJesu okukhazimulayo emandleni oMbuso. UMose no-Eliya bafanekisela izindlalifa ezigcotshiwe ezikanye noJesu, futhi lo mbono wabugcizelela ngamandla ubufakazi bakhe obuphathelene noMbuso nobukhosi bakhe besikhathi esizayo.

7. Sazi kanjani ukuthi uPetru wayekukhumbula ngokucacile ukuguqulwa kukaJesu isimo?

7 Ukuguqulwa kukaJesu isimo kwaqinisa ukholo lwalaba baphostoli abathathu ababezohola ebandleni lobuKristu. Ubuso bukaKristu obukhazimulayo, izingubo zakhe ezibenyezelayo, nezwi likaNkulunkulu uqobo elathi uJesu uyiNdodana yaKhe ethandekayo okufanele bayilalele—konke lokhu kwayifeza ngokuphumelelayo injongo yako. Kodwa abaphostoli kwakumelwe bangaxoxeli muntu ngalo mbono kuze kube ngemva kokuvuswa kukaJesu. Eminyakeni engaba ngu-32 kamuva, lo mbono wawusacacile engqondweni kaPetru. Ebhekisela kuwo nokubaluleka kwawo, wabhala: “Cha, akubanga ngokulandela izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko ukuthi sanijwayelanisa namandla nokuba khona kweNkosi yethu uJesu Kristu, kodwa kwaba ngokuba siye saba ofakazi bokuzibonela bobukhazikhazi bakhe. Ngoba wamukela udumo nenkazimulo kuNkulunkulu uBaba, lapho inkazimulo enhle kakhulu iletha kuye amazwi anjengalawa: ‘Lena indodana yami, othandekayo wami, engiyamukele mina ngokwami.’ Yebo, lamazwi sawezwa evela ezulwini ngesikhathi sinaye entabeni engcwele.”—2 Petru 1:16-18.

8. (a) Amazwi kaNkulunkulu mayelana neNdodana yakhe aqokomisani? (b) Lalibonisani ifu elabonakala ekuguqulweni kukaJesu isimo?

8 Okubaluleke kunakho konke kwakuyisimemezelo sikaNkulunkulu esithi: “Lena iNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele; yilaleleni.” La mazwi aqokomisa uJesu njengeNkosi kaNkulunkulu ebekwe esihlalweni sobukhosi, okufanele yonke indalo iyihloniphe. Ifu elisibekelayo lalibonisa ukuthi ukugcwaliseka kwalo mbono kwakuyoba okungabonakali. Kwakuyobonakala ngamehlo okuqonda kuphela kulabo abaqaphela “isibonakaliso” sokuba khona kukaJesu okungabonakali emandleni oMbuso. (Mathewu 24:3) Empeleni, umyalo kaJesu wokuba bangatsheli muntu ngalo mbono kuze kube yilapho esevukile kwabafileyo ubonisa ukuthi ukuphakanyiswa nokukhazinyuliswa kwakhe kwakuyokwenzeka ngemva kokuvuka kwakhe.

9. Kungani ukuguqulwa kukaJesu isimo kufanele kuqinise ukholo lwethu?

9 Ngemva kokubhekisela ekuguqulweni kukaJesu isimo, uPetru wathi: “Ngenxa yalokho sinezwi eliyisiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu. Ngoba okokuqala niyakwazi lokhu, ukuthi asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe. Ngoba isiprofetho asikaze silethwe ngentando yomuntu, kodwa abantu bakhuluma okuvela kuNkulunkulu njengoba babeqhutshwa umoya ongcwele.” (2 Petru 1:19-21) Ukuguqulwa kukaJesu isimo kugcizelela ukwethenjelwa kwezwi likaNkulunkulu lesiprofetho. Kumelwe sinake lelo zwi hhayi “izindaba ezingamanga eziklanywe ngobuciko” ezingenakho ukusekelwa noma ukwamukelwa kwaphezulu. Ukholo lwethu ezwini lesiprofetho kufanele luqiniswe ukuguqulwa kukaJesu isimo ngoba lowo mbono onikezwe kusengaphambili wenkazimulo namandla oMbuso kaJesu usuyafezeka. Yebo, sinobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uKristu ukhona manje njengeNkosi enamandla yasezulwini.

Indlela IKhwezi Eliphuma Ngayo

10. Lingubani noma liyini “ikhwezi” uPetru akhuluma ngalo, futhi kungani uphendula kanjalo?

10 UPetru wabhala: “Nenza kahle ngokulinaka [izwi lesiprofetho] ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume, ezinhliziyweni zenu.” Lingubani noma liyini leli “khwezi”? Igama elithi “ikhwezi” livela kanye kuphela eBhayibhelini (lesiNgisi i-NW), futhi linencazelo ethi ayifane neyelithi ‘inkanyezi yokusa.’ IsAmbulo 22:16 sibiza uJesu Kristu ngokuthi ‘inkanyezi yokusa ekhanyayo.’ Ngezinye izinkathi zonyaka, izinkanyezi ezinjalo ziphuma ekugcineni empumalanga. Ziphuma ngaphambi nje kokuba kuphume ilanga, ngakho zibikezela ukuqala kosuku olusha. UPetru wasebenzisa igama elithi “ikhwezi” ukuze abhekisele kuJesu ngemva kokwamukela amandla oMbuso. Ngaleso sikhathi, uKristu waphakama endaweni yonke, kuhlanganise nasemhlabeni wethu! NjengeKhwezi elinguMesiya, ubikezela ukuqala kosuku noma inkathi entsha esintwini esilalelayo.

11. (a) Kungani eyesi-2 Petru 1:19 ingenakusho ukuthi “ikhwezi” liphuma ezinhliziyweni zabantu ezingokoqobo? (b) Ungayichaza kanjani eyesi-2 Petru 1:19?

11 Izinguqulo eziningi zeBhayibheli zikhuthaza umqondo wokuthi amazwi omphostoli uPetru akweyesi-2 Petru 1:19 abhekisela enhliziyweni yomuntu engokoqobo. Inhliziyo yomuntu omdala inesisindo esingamagremu angu-250 kuya ku-300 kuphela. UJesu Kristu—manje oyisidalwa somoya esikhazimulayo esingenakufa ezulwini—angaphuma kanjani kulezi zitho zabantu ezincane kangaka? (1 Thimothewu 6:16) Yiqiniso, izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso zihilelekile kule ndaba, ngoba izwi likaNkulunkulu lesiprofetho silinaka ngazo. Kodwa yibhekisise eyesi-2 Petru 1:19, uzobona ukuthi INguqulo Yezwe Elisha isebenzisa amakhefu ukuze ihlukanise amazwi achazayo athi “usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume” angahlangani namazwi andulele kuleli vesi kanye namazwi athi “ezinhliziyweni zenu.” Leli vesi lingase libekwe kanje: ‘Sinezwi eliyisiprofetho elenziwe laqiniseka ngokwengeziwe; futhi nenza kahle ngokulinaka ngokungathi isibani esikhanya endaweni emnyama, okungukuthi, ezinhliziyweni zenu, usuku luze luntwele futhi ikhwezi liphume.’

12. Siyini isimo sezinhliziyo zabantu bebonke, kodwa kuthiwani ngamaKristu aqotho?

12 Sinjani isimo sezinhliziyo ezingokomfanekiso zesintu esinesono sisonke? Izinhliziyo zaso zisebumnyameni obungokomoya! Nokho, uma singamaKristu eqiniso kunjengokungathi sinesibani esikhanyisa izinhliziyo zethu, ebeziyoba mnyama ukube bekungengenxa yaso. Njengoba kubonisa amazwi kaPetru, ukunaka izwi likaNkulunkulu eliyisiprofetho elikhanyisayo kuyosiza amaKristu eqiniso ahlale ephapheme futhi ekuqaphela ukuqala kosuku olusha. Ayoqaphela ukuthi iKhwezi seliphumile, hhayi ezinhliziyweni zabantu ezingokwenyama, kodwa phambi kwayo yonke indalo.

13. (a) Kungani singaqiniseka ukuthi iKhwezi seliphumile? (b) Kungani amaKristu engabekezelela izimo ezinzima uJesu azibikezela mayelana nosuku lwethu?

13 IKhwezi seliphumile! Singaqiniseka ngalokho ngokunaka isiprofetho esikhulu sikaJesu sokuba khona kwakhe. Namuhla, sibona ukugcwaliseka kwaso ngezenzakalo ezinjengezimpi ezingabonaze zibe khona, indlala, ukuzamazama komhlaba nokushunyayelwa kwezindaba ezinhle emhlabeni wonke. (Mathewu 24:3-14) Nakuba izimo ezinzima uJesu azibikezela zisithinta nathi njengamaKristu, siyakwazi ukubekezela sinokuthula nenjabulo ezinhliziyweni. Ngani? Ngoba sinaka izwi likaNkulunkulu lesiprofetho futhi sinokholo kulokho akuthembisayo ngekusasa. Siyazi ukuthi akusensuku zatshwala sibe nesikhathi esimnandi kunazo zonke ngoba sesingene shí ‘esikhathini sokugcina’! (Daniyeli 12:4) Izinto zilimele kabi izwe njengoba kwabikezelwa ku-Isaya 60:2: “Bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu.” Umuntu angayibona kanjani indlela kulobu bumnyama? Kumelwe anake izwi likaNkulunkulu lesiprofetho ngokuthobeka manje, kungakephuzi. Abantu abanhliziyo ziqotho kudingeka baphendukele kuJehova uNkulunkulu, uMthombo wokuphila nokukhanya. (IHubo 36:9; IzEnzo 17:28) Ukwenza lokhu yikhona kuphela okunganikeza umuntu ukukhanyiselwa kwangempela nethemba lokujabulela ikusasa elimangalisayo uNkulunkulu aligcinele isintu esilalelayo.—IsAmbulo 21:1-5.

“Ukukhanya Kufikile Ezweni”

14. Kumelwe senzeni ukuze sibone ukugcwaliseka kweziprofetho ezimangalisayo zeBhayibheli?

14 ImiBhalo ikwenza kucace ukuthi uJesu Kristu useyabusa njengeNkosi. Ngenxa yokuqala kwakhe ukubusa ngo-1914, kuneziprofetho ezimangalisayo ezisazogcwaliseka. Ukuze sizibone zigcwaliseka, kumelwe sizibonakalise ukuthi singabantu abamnene ababonisa ukholo kuJesu Kristu, siphenduke emisebenzini yesono nasezonweni esazenza ngokungazi. Yebo, labo abathanda ubumnyama ngeke bakuthole ukuphila okumi phakade. UJesu wathi: “Manje yilesi isisekelo sokwahlulela, ukuthi ukukhanya kufikile ezweni kodwa abantu baye bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngoba imisebenzi yabo imibi. Ngoba lowo ozenza umkhuba izinto ezimbi uyakuzonda ukukhanya futhi akezi ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ingasolwa. Kodwa lowo owenza okuyiqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe njengesetshenzwe ngokuvumelana noNkulunkulu.”—Johane 3:19-21.

15. Yini eyokwenzeka uma sidebeselela insindiso uNkulunkulu ayenze yatholakala ngeNdodana yakhe?

15 Ukukhanya okungokomoya kufiké ezweni ngoJesu, futhi ukumlalela kubaluleke kakhulu. UPawulu wabhala: “UNkulunkulu, lowo kudala ezikhathini eziningi nangezindlela eziningi owakhuluma nokhokho bethu esebenzisa abaprofethi, ukhulumé nathi ekupheleni kwalezizinsuku esebenzisa iNdodana, ayimisé ukuba ibe indlalifa yezinto zonke.” (Heberu 1:1, 2) Yini eyokwenzeka uma sidebeselela le nsindiso uNkulunkulu ayenze yatholakala ngeNdodana yakhe? UPawulu waqhubeka wathi: “Uma izwi elakhulunywa ngezingelosi laba eliqinile, futhi konke ukweqa umthetho nezenzo zokungalaleli kwamukela impindiselo ngokuvumelana nobulungisa; thina siyophunyuka kanjani uma sidebeselele insindiso enkulu kangako ngenxa yokuthi yaqala ukukhulunywa ngeNkosi yethu futhi saqinisekiselwa yona yilabo abayizwa iNkosi, kuyilapho uNkulunkulu ehlanganyela ekufakazeni ngezibonakaliso kanye nemihlola nemisebenzi yamandla ehlukahlukene nangokwabiwa komoya ongcwele ngokwentando yakhe?” (Heberu 2:2-4) Yebo, uJesu ubaluleke ngokuyinhloko ekumenyezelweni kwezwi lesiprofetho.—IsAmbulo 19:10.

16. Kungani singaba nokholo olugcwele kuzo zonke iziprofetho zikaJehova uNkulunkulu?

16 Njengoba kuphawuliwe, uPetru wathi: “Asikho isiprofetho semiBhalo esivela kunoma iyiphi incazelo yomuntu ngokwakhe.” Abantu ngokwabo abanakuzisungulela iziprofetho zeqiniso, kodwa singaba nokholo olugcwele kuzo zonke iziprofetho zikaNkulunkulu. Lezi zisuka kuJehova uNkulunkulu uqobo. Ngomoya ongcwele uye wenza izinceku zakhe zakwazi ukuqonda indlela ezigcwaliseka ngayo iziprofetho zeBhayibheli. Ngempela, siyambonga uJehova ngokuthi siye sabona ukugcwaliseka kweziningi zalezi ziprofetho kusukela ngonyaka ka-1914. Futhi siqiniseka ngokugcwele ukuthi iziprofetho ezisasele ezimayelana nokuphela kwalesi simiso esibi sezinto zizogcwaliseka zonke. Kubaluleke kakhulu ukuba siqhubeke sizinaka izibikezelo zaphezulu kuyilapho senza ukukhanya kwethu kukhanye. (Mathewu 5:16) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova ubangela ‘ukukhanya ukuba [kusibanekele] ebumnyameni’ obukhulu obugubuzele umhlaba namuhla!—Isaya 58:10, qhathanisa ne-NW.

17. Kungani sidinga ukukhanya okungokomoya okuvela kuNkulunkulu?

17 Ukukhanya okungokoqobo kusenza sikwazi ukubona. Kwenza zikwazi ukukhula nezitshalo ezisinika ukudla okunhlobonhlobo. Asinakuphila ngaphandle kokukhanya okungokoqobo. Kuthiwani ngokukhanya okungokomoya? Kona kuyasiqondisa futhi kusibonise ikusasa njengoba libikezelwe eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. (IHubo 119:105) Ngothando, uJehova uNkulunkulu ‘uthuma ukukhanya kwakhe neqiniso lakhe.’ (IHubo 43:3) Ngokuqinisekile, kufanele sibonise ukwazisa okujulile ngamalungiselelo anjalo. Ngakho-ke masenze konke esingakwenza ukuze samukele ukukhanya ‘kolwazi olukhazimulayo lukaNkulunkulu’ ukuze kukhanyise izinhliziyo zethu ezingokomfanekiso.—2 Korinte 4:6; Efesu 1:18.

18. IKhwezi likaJehova lilungele ukwenzani manje?

18 Yeka indlela esibusiswe ngayo ngokwazi ukuthi ngo-1914, uJesu Kristu, iKhwezi, waphakama endaweni yonke futhi waqala ukugcwalisa umbono wokuguqulwa kwakhe isimo! IKhwezi likaJehova likhona manje, lilungele ukufeza injongo kaNkulunkulu ukuze kugcwaliseke ngokwengeziwe ukuguqulwa kwalo isimo—“empini yosuku olukhulu lukaNkulunkulu uMninimandla onke.” (IsAmbulo 16:14, 16) Ngemva kokuba lesi simiso esidala sishaneliwe, uJehova uyofeza isithembiso sakhe ‘samazulu amasha nomhlaba omusha’ esingamdumisa kuwo phakade njengeNkosi EnguMbusi wendawo yonke noNkulunkulu weziprofetho zeqiniso. (2 Petru 3:13) Uma nje lungakafiki lolo suku olukhulu, masiqhubeke sihamba ekukhanyeni kwaphezulu ngokunaka izwi likaNkulunkulu lesiprofetho.

Ungaphendula Kanjani?

• Ungakuchaza kanjani ukuguqulwa kukaJesu isimo?

• Ukuguqulwa kukaJesu isimo kulwakha kanjani ukholo?

• Lingubani noma liyini iKhwezi likaJehova, futhi laphuma nini?

• Kungani kufanele silinake izwi likaNkulunkulu lesiprofetho?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 13]

Ungachaza yini ukuthi ukuguqulwa kukaJesu isimo kufanekiselani?

[Isithombe ekhasini 15]

IKhwezi seliphumile. Ingabe uyazi ukuthi liphume kanjani nokuthi laphuma nini?