NgokukaMathewu 17:1-27

  • Isimo sikaJesu siyaguqulwa (1-13)

  • Ukholo olulingana nohlamvu lwesinaphi (14-21)

  • Kuphinde kubikezelwa ngokufa kukaJesu (22, 23)

  • Intela ikhokhwa ngohlamvu lwemali oluvela emlonyeni wenhlanzi (24-27)

17  Ngemva kwezinsuku eziyisithupha, uJesu wathatha uPetru noJakobe noJohane umfowabo, wahamba nabo baya entabeni ephakeme bebodwa. +  Isimo sakhe saguqulwa phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, nezingubo zakhe zangaphandle zakhazimula* njengokukhanya. +  Bheka! babona uMose no-Eliya bexoxa naye.  UPetru wabe esethi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba lapha. Uma uthanda, ngizomisa amatende amathathu lapha, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya.”  Esakhuluma, bheka! ifu elikhanyayo labamboza, kwezwakala izwi kulelo fu, lathi: “Le yiNdodana yami, ethandekayo, engiyamukele. + Yilaleleni.” +  Lapho bezwa lokhu abafundi bawa ngobuso futhi besaba kakhulu.  Khona-ke uJesu wasondela wabathinta, wathi: “Sukumani. Ningesabi.”  Lapho bephakamisa amakhanda, ababonanga muntu ngaphandle kukaJesu.  Njengoba behla entabeni, uJesu wabayala, wathi: “Ningatsheli muntu ngalo mbono ize ivuswe iNdodana yomuntu kwabafile.” + 10  Nokho, abafundi bambuza lo mbuzo: “Pho kungani ababhali bethi kumelwe kufike u-Eliya kuqala?” + 11  Ephendula wathi: “U-Eliya uyeza ngempela, futhi uyobuyisela zonke izinto. + 12  Nokho, ngithi kini u-Eliya usefikile kakade kodwa abamazanga kunalokho benza abakuthandayo kuye. + Ngale ndlela neNdodana yomuntu izohlupheka ezandleni zabo.” + 13  Khona-ke abafundi baqonda ukuthi wayekhuluma ngoJohane uMbhapathizi. 14  Lapho besondela ngasesixukwini, + umuntu othile weza kuye, waguqa wathi: 15  “Nkosi, yiba nesihe endodaneni yami, ngoba inesithuthwane futhi iyagula. Iwela emlilweni kaningi nasemanzini kaningi. + 16  Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa abakwazanga ukuyelapha.” 17  UJesu ephendula wathi: “O sizukulwane esingenalukholo nesisontekile, + kumelwe ngiqhubeke nginani kuze kube nini? Kumelwe nginibekezelele kuze kube nini? Yilethe lapha kimi.” 18  UJesu wayeselikhuza idemoni, laphuma kuye, umfana welapheka kusukela ngalelo hora. + 19  Ngemva kwalokho abafundi beza kuJesu ngasese bathi: “Kungani thina singakwazanga ukulixosha?” 20  Wathi kubo: “Kungenxa yokholo lwenu oluncane. Ngoba ngiqinisile ngithi kini, uma ninokholo olulingana nohlamvu lwesinaphi, niyothi kule ntaba, ‘Suka lapha uye laphaya,’ isuke, futhi akukho lutho eningeke nikwazi ukulwenza.” + 21  *—— 22  Kwakungesikhathi bebuthene ndawonye eGalile lapho uJesu athi kubo: “INdodana yomuntu izonikelwa ezandleni zabantu, + 23  futhi bazoyibulala, ngosuku lwesithathu ivuswe.” + Ngakho baba lusizi kakhulu. 24  Ngemva kokuba befike eKapernawume amadoda aqoqa intela yamadrakma amabili* asondela kuPetru athi: “Umfundisi wenu akayikhokhi yini intela yamadrakma amabili?” + 25  Wathi: “Yebo, uyayikhokha.” Nokho, lapho engena endlini uJesu wakhuluma naye kuqala wathi: “Ucabangani, Simoni? Amakhosi omhlaba ayamukela kobani intela yempahla noma intela yekhanda? Emadodaneni awo noma ezihambini?” 26  Lapho ethi: “Ezihambini,” uJesu wathi kuye: “Khona-ke, ngempela amadodana awayikhokhi intela. 27  Kodwa ukuze singabakhubi, + hamba uye olwandle, uphonse udobo, bese ubamba inhlanzi ephuma kuqala, futhi lapho uvula umlomo wayo, uzothola uhlamvu lwesiliva.* Luthathe ubanike lona ukhokhele mina nawe.”

Imibhalo yaphansi

Noma, “zaba mhlophe.”
NgesiGreki, “yamadrakma aphindwe kabili.” Bheka iSithasiselo B14.
NgesiGreki, “uhlamvu lwemali,” kucatshangwa ukuthi yitetradrakma. Bheka iSithasiselo B14.