Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Bazali—Yibani Isibonelo Esihle Ezinganeni Zenu

Bazali—Yibani Isibonelo Esihle Ezinganeni Zenu

Bazali—Yibani Isibonelo Esihle Ezinganeni Zenu

“IZAZI ZOKUSEBENZA KWENGQONDO sezingawuyeka umkhankaso wazo osudonse ikhulu leminyaka wokufuna isihluthulelo sokukhulisa kahle izingane—hhayi ngoba sezisitholile, kodwa ngoba asikho.” Washo kanjalo umagazini i-Time lapho ubukeza incwadi ekhuluma ngokukhulisa izingane. Leyo ncwadi ithi izingane zithatha ngokuyinhloko izindinganiso zontanga, hhayi ezabazali bazo.

Akuphikwa ukuthi ukucindezela kontanga kunethonya elinamandla. (IzAga 13:20; 1 Korinte 15:33) Umlobi wengosi yephephandaba, uWilliam Brown, wathi: “Uma abantu abeve eshumini nambili kunento abayikhulekelayo, leyo nto ukufuna ukwamukeleka kwabanye. . . . Kubantu abeve eshumini nambili, ukwehluka kuyinto embi ngaphezu kokufa.” Lapho abazali behluleka ukwenza ikhaya lifudumale futhi lijabulise, noma bengachithi isikhathi esanele nezingane zabo—okuyizinto ezivamile kuleli zwe lanamuhla elimatasa—empeleni bavulela ontanga amathuba okuba bathonye izingane zabo ngokuthanda kwabo.

Ngaphezu kwalokho, phakathi nalezi ‘zinsuku zokugcina,’ imikhaya iyahlaselwa ngoba, njengoba iBhayibheli labikezela, abantu balibele imali, izinjabulo nokuzinaka bona. Simangale-ke yini uma sibona izingane ziba abantu “abangalaleli abazali, abangabongiyo, abangathembeki, abangenalo uthando”?—2 Thimothewu 3:1-3.

Ngokwendlela elisetshenziswe ngayo kulo mBhalo, igama elithi “uthando,” lisho umuzwa oba khona phakathi kwamalungu omkhaya. Lolu thando luyisibopho esingokwemvelo esishukumisa abazali ukuba banakekele izingane zabo nezingane zithande abazali bazo. Kodwa uma abazali beluntula lolu thando, izingane zizohamba ziyofuna ukusekelwa ngokomzwelo kwenye indawo—ngokuvamile kontanga bazo, futhi kungenzeka zithathe izindinganiso nokucabanga kwabo. Nokho, ezimweni eziningi lesi simo singagwenywa uma abazali bengavumela izimiso zeBhayibheli zibuse imikhaya yabo.—IzAga 3:5, 6.

Umkhaya—Ilungiselelo LikaNkulunkulu

Ngemva kokuhlanganisa u-Adamu no-Eva njengendoda nomfazi, uNkulunkulu wabanika lo myalo: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” Ngemva kwalokho, kwaba khona umkhaya—ubaba, umama nezingane. (Genesise 1:28; 5:3, 4; Efesu 3:14, 15) Ukuze asize abantu bakhulise izingane zabo, uJehova wafaka kubazali izindlela ezithile eziyisisekelo zokukhulisa izingane. Nokho, ngokungafani nezilwane, abantu badinga usizo olwengeziwe, ngakho uJehova wenza kwaba neziqondiso ezibhalwe phansi. Kukhona nalezo eziphathelene nokuziphatha nengokomoya kanye nokuyala izingane ngendlela efanele.—IzAga 4:1-4.

Ekhuluma nobaba ngokukhethekile, uNkulunkulu wathi: “La mazwi engikuyala ngawo namuhla kumelwe abe senhliziyweni yakho; kumelwe uwagxilise kubantwana bakho futhi ukhulume ngawo lapho uhleli endlini yakho nalapho uhamba endleleni nalapho ulala nalapho uvuka.” (Duteronomi 6:6, 7; IzAga 1:8, 9) Phawula ukuthi kwakufanele abazali bafake umthetho kaNkulunkulu ezinhliziyweni zabo kuqala. Kungani lokhu kwakubalulekile? Ngoba ukufundisa okushukumisa ngempela kusuka enhliziyweni, hhayi olimini nje. Abazali bayokwazi ukufinyelela izinhliziyo zezingane zabo kuphela uma befundisa ngokusuka enhliziyweni. Futhi abazali abenza kanjalo bayoba isibonelo esihle ezinganeni zabo, kwazise izingane ziyashesha ukubona uma umuntu ezenzisa.—Roma 2:21.

Abazali abangamaKristu batshelwa ukuba bafundise izingane zabo kusukela ziseyizinsana “ukuqeqesha, ukuqondisa nokuyala kweNkosi.” (Efesu 6:4, The Amplified Bible; 2 Thimothewu 3:15) Kusukela ziseyizinsana? Yebo! Omunye umama wabhala: “Ngezinye izikhathi thina bazali sizithatha kancane izingane. Siwathatha kancane amakhono azo. Zingakwazi ukufunda. Thina bazali kufanele sizifundise.” Yebo, izingane ziyakuthanda ukufunda, futhi lapho zifundiswa abazali abesaba uNkulunkulu, ziyofunda nokuba nothando. Izingane ezinjalo ziyoyijabulela imingcele ezibekelwe yona futhi zizizwe zilondekile kuyo. Ngakho, abazali abaphumelelayo balwela ukuba abangane abanothando bezingane zabo, ukuba abantu abakwazi ukuxoxa nokulalela nokuba abafundisi abanesineke kodwa abangayekeleli, benze ikhaya libe indawo emnandi lapho izingane zingakhula khona kahle. *

Vikela Izingane Zakho

Uthishanhloko othile eJalimane owayekhathazekile wabhalela abazali. Nakhu akusho: “Sithanda ukunikhuthaza bazali abathandekayo ukuba nizame ukuhileleka kakhudlwana ekukhuliseni izingane zenu, kungabi ithelevishini noma [abangane ababi] abafundisa izingane zenu ngoba empeleni [kuwumthwalo wenu] ukwakha ubuntu bazo.”

Empeleni, ukuyekelela ingane yakho ifundiswe ithelevishini noma abangane ababi kuwukuvumela umoya wezwe kube yiwona othonya ukukhula kwayo. (Efesu 2:1, 2) Njengoba umoya waleli zwe ungqubuzana ngokuqondile nomoya kaNkulunkulu, ufana nesivunguvungu esiphephula imbewu ewukucabanga ‘kwasemhlabeni, kobulwane nokobudemoni,’ futhi siyitshale ngobuningi engqondweni nasenhliziyweni yomuntu ongenalwazi noma oyisiwula. (Jakobe 3:15) Lokhu kucabanga okulimazayo kugcina konakalise inhliziyo. UJesu wawuchaza umphumela wezinto ezitshalwe enhliziyweni: “Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebweni enhle yenhliziyo yakhe, kodwa umuntu omubi ukhipha okubi engcebweni yakhe embi; ngoba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.” (Luka 6:45) Ngakho, iBhayibheli liyasinxusa: “Ngaphezu kwakho konke okumelwe kuqashelwe, qapha inhliziyo yakho, ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.”—IzAga 4:23.

Yiqiniso, izingane ziyohlala ziyizingane futhi ezinye zithambekele kokungafanele, zize ziphume nasendleleni imbala. (Genesise 8:21) Yini abazali abangayenza? IBhayibheli lithi: “Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana; yinduku yesiyalo eyobudedisela kude naye.” (IzAga 22:15) Abanye babheka lokhu njengendlela yokuqondisa izigwegwe enonya nengasasebenzi. Empeleni iBhayibheli alibufuni ubudlova nokuhlukumeza kwanoma iluphi uhlobo. Nokho, nakuba ngezinye izikhathi “induku” isho ukumshaya ngokoqobo umntwana, imelela igunya labazali eliqinile kodwa abalisebenzisa ngothando nangendlela efanele, bekhathalela inhlalakahle yaphakade yezingane zabo.—Hebheru 12:7-11.

Zijabulise Nezingane Zakho

Kuyinto eyaziwayo ukuthi ukuze izingane zikhule kahle zidinga ukudlala nokuzijabulisa. Abazali abahlakaniphile basebenzisa lawo mathuba ukuze baqinise ubuhlobo nabantwana babo ngokuzijabulisa nabo noma nini lapho kungenzeka. Ngaleyo ndlela, abazali abagcini nje ngokuthola ithuba lokusiza izingane zabo zikhethe uhlobo olufanele lokuzijabulisa, kodwa bakwazi nokuzibonisa ukuthi bakwazisa kangakanani ukuba nazo.

Omunye ubaba onguFakazi uthi wayevame ukudlala ibhola nendodana yakhe lapho ebuya emsebenzini. Umama othile ukhumbula ukuthi yena nezingane zakhe babeyithanda imidlalo edlalelwa ebhodini ethi ayifane nomlabalaba. Intombazane ethile esikhulile ikhumbula ukuthi kubo babethanda ukuhamba ngamabhayisikili ndawonye. Zonke lezi zingane sezikhulile manje, kodwa uthando ezinalo ngabazali bazo—nangoJehova—seluqine kunanini ngaphambili.

Ngempela, abazali ababonisa ngamazwi nangezenzo ukuthi bayazithanda izingane zabo futhi bafuna ukuchitha isikhathi nazo ngokuvamile baba nethonya elingapheli nalapho sezikhulile. Ngokwesibonelo, abaningi kwelinye ikilasi lababethweswa iziqu e-Watchtower Bible School of Gilead bathi okwabenza baphishekela inkonzo yesikhathi esigcwele yisibonelo nesikhuthazo sabazali babo. Yeka ifa elimangalisayo elitholwa yizingane futhi yeka isibusiso esitholwa abazali! Kuyavunywa, akuzona zonke izingane ezingase zikwazi ukungenela inkonzo yesikhathi esigcwele lapho sezikhulile, kodwa zonke ziyozuza futhi ziyobahlonipha abazali bazo abesaba uNkulunkulu ababa abangane bazo abakhulu nezibonelo.—IzAga 22:6; Efesu 6:2, 3.

Abazali Abangabodwa Bangaphumelela

Namuhla, izingane eziningi zikhuliswa umzali oyedwa. Nakuba lokhu kungaba nzima kumzali, nokho angaphumelela. Abazali abangabodwa singabakhuthaza isibonelo seBhayibheli sika-Evnike, umJuda owayengumKristu owayephila ekhulwini lokuqala. Njengoba ayenomyeni ongakholwa, cishe wayengamsekeli ngokomoya. Noma kunjalo, waba yisibonelo wafundisa uThimothewu. Indlela yena nogogo kaThimothewu, uLowisi, abamthonya kahle ngayo uThimothewu kusukela esewusana, yiyona eyakhela kuThimothewu kunanoma iliphi ithonya elingalungile ayengase alithole kwabanye bontanga.—IzEnzo 16:1, 2; 2 Thimothewu 1:5; 3:15.

Intsha eningi namuhla ekhulele ekhaya elinomzali ongakholwa noma elinomzali ongayedwa inezimfanelo ezinhle ezifana nezikaThimothewu omncane. Ngokwesibonelo, uRyan, manje oneminyaka engu-22 ubudala futhi oyisikhonzi sesikhathi esigcwele, yena nomfowabo nodadewabo abadala bakhuliswa unina kuphela. Uyise wayengumlutha wotshwala, futhi wahamba ekhaya uRyan eneminyaka emine ubudala. URyan uyakhumbula: “Umama wayezimisele ukusiza wonke umkhaya ukuba uqhubeke ukhonza uJehova futhi wenza ngokuvumelana nokuzimisela kwakhe nangawo wonke amandla akhe.”

URyan uthi: “Ngokwesibonelo, umama wayeqikelela ukuthi thina zingane sakha ubungane nontanga abazoba yithonya elihle. Wayengasivumeli ukuba sijwayelane nalabo iBhayibheli elibachaza ngokuthi abangane ababi, kungakhathaliseki ukuthi bangaphakathi noma ngaphandle kwebandla. Wagxlilisa kithi nombono ofanele ngemfundo.” Nakuba unina kaRyan ayehlala ematasa futhi ebuya emsebenzini ekhathele, lokho akuzange kumenze angazinaki izingane zakhe. URyan uthi: “Umama wayefuna njalo ukuhlala futhi axoxe nathi. Wayesifundisa ngesineke, kodwa engasitotosi, enza konke okusemandleni ukuba isifundo seBhayibheli somkhaya siqhutshwe njalo. Wayengaziyekethisi izimiso zeBhayibheli.”

Uma uRyan ebheka emuva, uyabona ukuthi umuntu owabathonya kakhulu, yena nezingane zakubo ezindala, umzali wabo owayemthanda ngempela uNkulunkulu nezingane zakhe. Ngakho-ke, nina bazali abangamaKristu—kungakhathaliseki ukuthi nishadile noma nafelwa abangane bomshado, ukuthi nishade nabantu abangakholwa noma abakholwayo—ningavumeli ukudumazeka noma izinto ezinehlelayo kunithene amandla njengoba nilwela ukufundisa izingane zenu. Ngezinye izikhathi, ezinye izingane zingase zilishiye iqiniso, njengoba kwenza indodana yolahleko. Kodwa lapho zibona ukuthi izwe likhohlisa futhi libanda kanjani, zingase zibuye. Yebo, “olungile uhamba ebuqothweni bakhe. Ayajabula amadodana akhe ngemva kwakhe.”—IzAga 20:7; 23:24, 25; Luka 15:11-24.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Ukuze uthole ingxoxo eningiliziwe ngala maphuzu, bheka amakhasi 55-9 encwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 11]

Abazali BakaJesu—Bakhethwa UNkulunkulu

Lapho uJehova ethumela iNdodana yakhe ukuba ize emhlabeni izalwe njengomuntu, wayikhethela kahle abazali. Kuyathakazelisa ukuthi wakhetha umbhangqwana ophansi omesabayo, ongazange utotose uJesu, kodwa owamfundisa iZwi likaNkulunkulu nokubaluleka kokusebenza kanzima nokuwuthwala kahle umthwalo wemfanelo. (IzAga 29:21; IsiLilo 3:27) UJosefa wafundisa uJesu umsebenzi wokubaza, futhi akungatshazwa ukuthi uJosefa noMariya babemthuma uJesu, izibulo labo, ukuba abasize ngokunakekela ezinye izingane zakubo ezazingaba isithupha.—Marku 6:3.

Ngesikhathi sePhasika, ungawubona ngeso lengqondo umkhaya kaJosefa ubambisana lapho ulungiselela ukuthatha uhambo lwaminyaka yonke lokuya eJerusalema—okwakuwuhambo olungamakhilomitha angu-200 ukuya nokubuya, ungahambi nangezinto zokuhamba zanamuhla. Akubuzwa ukuthi umkhaya onamalungu angu-9 noma ngaphezulu kwakudingeka uhleleke ngempela uma uzothatha uhambo olude kangako. (Luka 2:39, 41) Naphezu kwezinselele, akungatshazwa ukuthi uJosefa noMariya babezazisa lezi zikhathi. Mhlawumbe babelisebenzisa lelo thuba ukuze bafundise izingane zabo ngezinto ezisemiBhalweni ezazenzeke kudala.

Esahlala kubo, uJesu “waqhubeka ezithoba” kubazali bakhe, ngesikhathi esifanayo ‘eqhubeka ethuthuka ekuhlakanipheni nasekukhuleni ngokomzimba nasemseni kaNkulunkulu nowabantu.’ (Luka 2:51, 52) Yebo, uJosefa noMariya bazibonisa ukuthi bangabantu uJehova ayengabethemba. Yeka isibonelo esihle abasibekela abazali namuhla!—IHubo 127:3.