IzAga 4:1-27
4 Madodana ami, lalelani isiyalo sikababa; +Nakani ukuze nizuze ukuqonda,
2 Ngoba ngizoninika isiyalo esihle;Ningayishiyi imfundiso* yami. +
3 Ngangiyindodana yangempela kubaba +Umama engithanda ngokukhethekile. +
4 Ubaba wangifundisa wathi: “Kwangathi inhliziyo yakho ingawabambisisa amazwi ami. +
Gcina imiyalo yami uqhubeke uphila. +
5 Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda. +
Ungakukhohlwa engikushoyo futhi ungaphambuki kukho.
6 Ungakulahli ukuhlakanipha, kuyokuvikela.
Kuthande, kuyokulonda.
7 Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kunazo zonke, *+ ngakho zuza ukuhlakanipha,Kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. +
8 Kubheke njengento eyigugu ukuhlakanipha, kuyokuphakamisa. +
Kuyokunika udumo ngoba ukwamukela ngokuphelele. +
9 Kuyoba umhlobiso omuhle ekhanda lakho;Kuyokuhlobisa ngomqhele omuhle.”
10 Lalela ndodana yami, wamukele amazwi ami,Iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi. +
11 Ngizokufundisa indlela yokuhlakanipha; +Ngizokuhola ezindleleni zokulunga. +
12 Lapho uhamba, ngeke uqhuzuke;Uma ugijima, ngeke ukhubeke.
13 Bamba isiyalo; ungasidedeli. +
Silonde, ngoba singukuphila kwakho. +
14 Ungangeni endleleni yabakhohlakele,Ungahambi endleleni yababi. +
15 Yixwaye, ungahambi ngayo; +Phambuka kuyo, uyidlule. +
16 Ngoba abakwazi ukulala bengakakwenzi okubi.
Abafikelwa ubuthongo bengakabangeli othile ukuba awe.
17 Bazondla ngesinkwa sobubi,Baphuze iwayini lobudlova.
18 Kodwa indlela yabalungile injengokukhanya okukhulu kwasekuseniOkuya kukhanya nakakhulu kuze kube semini. +
19 Indlela yababi injengobumnyama;Abazi ukuthi yini ebenza bakhubeke.
20 Ndodana yami, naka amazwi ami;Lalelisisa* amazwi ami.
21 Ungawasusi emehlweni akho;Wagcine ekujuleni kwenhliziyo yakho, +
22 Ngoba awukuphila kulabo abawatholayo +Nempilo kuwo wonke umzimba wabo.
23 Ngaphezu kwazo zonke izinto oziqaphayo, qapha inhliziyo yakho, +Ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo.
24 Susa kuwe inkulumo egwegwile, +Udedisele kude nawe inkulumo ekhohlisayo.
25 Amehlo akho kufanele abheke phambili,Amehlo akho* awathi njo phambi kwakho. +
26 Hlelemba* indlela yezinyawo zakho, +Zonke izindlela zakho ziyophepha.
27 Ungaphambukeli kwesokudla noma kwesobunxele. +
Susa izinyawo zakho kokubi.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umthetho.”
^ Noma, “eyinhloko.”
^ NgesiHebheru, “Thambekisela indlebe yakho.”
^ Noma, “Amehlo akho akhazimulayo.”
^ Noma kungaba, “Yicabangele kahle.”