IzAga 4:1-27

  • Imfundiso kababa ehlakaniphile (1-27)

    • Ngaphezu kwakho konke, zuza ukuhlakanipha (7)

    • Gwema izindlela ezimbi (14, 15)

    • Indlela yolungile iya ikhanya nakakhulu (18)

    • “Qapha inhliziyo yakho” (23)

4  Madodana ami, lalelani isiyalo sikababa; +Nakani ukuze nizuze ukuqonda,   Ngoba ngizoninika isiyalo esihle;Ningayishiyi imfundiso* yami. +   Ngangiyindodana yangempela kubaba +Umama engithanda ngokukhethekile. +   Ubaba wangifundisa wathi: “Kwangathi inhliziyo yakho ingawabambisisa amazwi ami. + Gcina imiyalo yami uqhubeke uphila. +   Zuza ukuhlakanipha, zuza ukuqonda. + Ungakukhohlwa engikushoyo futhi ungaphambuki kukho.   Ungakulahli ukuhlakanipha, kuyokuvikela. Kuthande, kuyokulonda.   Ukuhlakanipha kuyinto ebaluleke kunazo zonke, *+ ngakho zuza ukuhlakanipha,Kanye nakho konke okuzuzayo, zuza ukuqonda. +   Kubheke njengento eyigugu ukuhlakanipha, kuyokuphakamisa. + Kuyokunika udumo ngoba ukwamukela ngokuphelele. +   Kuyoba umhlobiso omuhle ekhanda lakho;Kuyokuhlobisa ngomqhele omuhle.” 10  Lalela ndodana yami, wamukele amazwi ami,Iminyaka yokuphila kwakho iyoba miningi. + 11  Ngizokufundisa indlela yokuhlakanipha; +Ngizokuhola ezindleleni zokulunga. + 12  Lapho uhamba, ngeke uqhuzuke;Uma ugijima, ngeke ukhubeke. 13  Bamba isiyalo; ungasidedeli. + Silonde, ngoba singukuphila kwakho. + 14  Ungangeni endleleni yabakhohlakele,Ungahambi endleleni yababi. + 15  Yixwaye, ungahambi ngayo; +Phambuka kuyo, uyidlule. + 16  Ngoba abakwazi ukulala bengakakwenzi okubi. Abafikelwa ubuthongo bengakabangeli othile ukuba awe. 17  Bazondla ngesinkwa sobubi,Baphuze iwayini lobudlova. 18  Kodwa indlela yabalungile injengokukhanya okukhulu kwasekuseniOkuya kukhanya nakakhulu kuze kube semini. + 19  Indlela yababi injengobumnyama;Abazi ukuthi yini ebenza bakhubeke. 20  Ndodana yami, naka amazwi ami;Lalelisisa* amazwi ami. 21  Ungawasusi emehlweni akho;Wagcine ekujuleni kwenhliziyo yakho, + 22  Ngoba awukuphila kulabo abawatholayo +Nempilo kuwo wonke umzimba wabo. 23  Ngaphezu kwazo zonke izinto oziqaphayo, qapha inhliziyo yakho, +Ngoba imithombo yokuphila ivela kuyo. 24  Susa kuwe inkulumo egwegwile, +Udedisele kude nawe inkulumo ekhohlisayo. 25  Amehlo akho kufanele abheke phambili,Amehlo akho* awathi njo phambi kwakho. + 26  Hlelemba* indlela yezinyawo zakho, +Zonke izindlela zakho ziyophepha. 27  Ungaphambukeli kwesokudla noma kwesobunxele. + Susa izinyawo zakho kokubi.

Imibhalo yaphansi

Noma, “umthetho.”
Noma, “eyinhloko.”
NgesiHebheru, “Thambekisela indlebe yakho.”
Noma, “Amehlo akho akhazimulayo.”
Noma kungaba, “Yicabangele kahle.”