IzAga 23:1-35
23 Uma uhlala phansi ukuze udle nenkosi,Cabangisisa kahle ngalokho okuphambi kwakho;
2 Zithibe*Uma uyisidlakudla.*
3 Ungakuhaleli ukudla kwayo kwekhethelo,Ngoba kungukudla okukhohlisayo.
4 Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo. +
Yima ubonise ukuqonda.*
5 Lapho uphonsa amehlo akho kuyo, ayikho, +Ngoba nakanjani iyomila amaphiko njengokhozi indizele esibhakabhakeni. +
6 Ungakudli ukudla komuntu oncishanayo;*Ungakuhaleli ukudla kwakhe kwekhethelo,
7 Ngoba unjengomuntu obalayo.
Uthi kuwe, “Yidla uphuze,” kodwa akakuqondile lokho akushoyo.*
8 Uyokuhlanza okudlileFuthi uyobe umncomele ubala.
9 Ungakhulumi ezindlebeni zoyisiphukuphuku, +Ngoba uyokudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho. +
10 Ungalugudluzi uphawu lomngcele wakudala +Noma ungene ensimini yezintandane.
11 Ngoba uMlweli* wazo unamandla;Uyomela udaba lwazo. +
12 Gxilisa inhliziyo yakho esiyalweniNendlebe yakho emazwini olwazi.
13 Ungayigodleli ingane isiyalo. +
Uma uyishaya ngenduku, ngeke ife.
14 Kufanele uyishaye ngenduku,Ukuze uyikhulule eThuneni.*
15 Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ithola ukuhlakanipha,Nenhliziyo yami iyojabula. +
16 Ngiyojabula ngaphakathiLapho izindebe zakho zikhuluma okulungile.
17 Inhliziyo yakho mayingabi namona ngezoni, +Kodwa yesaba uJehova usuku lonke, +
18 Ngoba uma wenza kanjalo uyoba nekusasa elihle +Nethemba lakho ngeke liqedwe.
19 Lalela ndodana yami, uhlakaniphe,Uqondise inhliziyo yakho endleleni efanele.
20 Ungabi phakathi kwalabo abaphuza iwayini ngokweqile +Naphakathi kwamakloza, +
21 Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, +Futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki.
22 Lalela uyihlo owakuzala,Ungamedeleli unyoko ngoba nje esegugile. +
23 Thenga* iqiniso, ungalokothi ulithengise, +Uthenge nokuhlakanipha, isiyalo nokuqonda. +
24 Uyise wolungile nakanjani uyojabula;Noma ubani ozala indodana ehlakaniphile uyothokoza ngayo.
25 Uyihlo nonyoko bayothokoza,Nonyoko owakuzala uyojabula.
26 Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho,Kwangathi amehlo akho angazijabulela izindlela zami. +
27 Ngoba isifebe singumgodi ojulile,Nowesifazane ondindayo* ungumthombo ongumngcingo. +
28 Uyacutha njengomphangi; +Wandisa isibalo samadoda angathembekile.
29 Ubani onosizi? Ubani ongakhululekile?
Ubani oxabana nabanye? Ubani onezikhalo?
Ubani onamanxeba ngaphandle kwesizathu? Ubani onamehlo anqundekile?*
30 Yilabo abahlala isikhathi eside newayini; +Labo abafuna* iwayini elixutshiwe.
31 Ungawubheki umbala obomvu wewayini,Lapho lizoyiza engilazini* lehla kamnandi,
32 Ngoba ekugcineni liluma njengenyoka,Likhiphe ubuthi njengenyoka enesihlungu.
33 Amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba,Nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele. +
34 Uyoba njengolele maphakathi nolwandle,Njengolele esiqongweni sensika yomkhumbi.
35 Uyothi: “Bangishayile kodwa angizwanga lutho.*
Bangibhaxabulile kodwa angazanga.
Ngizovuka nini? +
Ngifuna elinye iwayini.”*
Imibhalo yaphansi
^ NgesiHebheru, “Beka ummese entanyeni yakho.”
^ Noma, “unomphefumulo onganeliseki.”
^ Noma kungaba, “Kuyeke okwakho ukuqonda.”
^ Noma, “oneso elibi.”
^ NgesiHebheru, “inhliziyo yakhe ayikanye nawe.”
^ NgesiHebheru, “uMkhululi.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
^ Noma, “Thola.”
^ Noma, “akhathele?”
^ Noma, “abahlangana ukuze bazame.”
^ Noma, “endebeni.”
^ Noma, “angizwanga buhlungu.”
^ Noma, “Ngizophinde ngilifune.”