IzAga 23:1-35

  • Bonisa ukuqonda lapho umenyiwe (2)

  • Ungazikhandli ufuna ingcebo (4)

  • Ingcebo ingandiza ikubalekele (5)

  • Ungabi phakathi kwabantu abaphuza kakhulu (20)

  • Utshwala buyokuluma njengenyoka (32)

23  Uma uhlala phansi ukuze udle nenkosi,Cabangisisa kahle ngalokho okuphambi kwakho;   Zithibe*Uma uyisidlakudla.*   Ungakuhaleli ukudla kwayo kwekhethelo,Ngoba kungukudla okukhohlisayo.   Ungazikhandli ukuze uzuze ingcebo. + Yima ubonise ukuqonda.*   Lapho uphonsa amehlo akho kuyo, ayikho, +Ngoba nakanjani iyomila amaphiko njengokhozi indizele esibhakabhakeni. +   Ungakudli ukudla komuntu oncishanayo;*Ungakuhaleli ukudla kwakhe kwekhethelo,   Ngoba unjengomuntu obalayo. Uthi kuwe, “Yidla uphuze,” kodwa akakuqondile lokho akushoyo.*   Uyokuhlanza okudlileFuthi uyobe umncomele ubala.   Ungakhulumi ezindlebeni zoyisiphukuphuku, +Ngoba uyokudelela ukuhlakanipha kwamazwi akho. + 10  Ungalugudluzi uphawu lomngcele wakudala +Noma ungene ensimini yezintandane. 11  Ngoba uMlweli* wazo unamandla;Uyomela udaba lwazo. + 12  Gxilisa inhliziyo yakho esiyalweniNendlebe yakho emazwini olwazi. 13  Ungayigodleli ingane isiyalo. + Uma uyishaya ngenduku, ngeke ife. 14  Kufanele uyishaye ngenduku,Ukuze uyikhulule eThuneni.* 15  Ndodana yami, uma inhliziyo yakho ithola ukuhlakanipha,Nenhliziyo yami iyojabula. + 16  Ngiyojabula ngaphakathiLapho izindebe zakho zikhuluma okulungile. 17  Inhliziyo yakho mayingabi namona ngezoni, +Kodwa yesaba uJehova usuku lonke, + 18  Ngoba uma wenza kanjalo uyoba nekusasa elihle +Nethemba lakho ngeke liqedwe. 19  Lalela ndodana yami, uhlakaniphe,Uqondise inhliziyo yakho endleleni efanele. 20  Ungabi phakathi kwalabo abaphuza iwayini ngokweqile +Naphakathi kwamakloza, + 21  Ngoba isidakwa nesiminzi bayoba mpofu, +Futhi ukozela kuyokwembathisa umuntu amanikiniki. 22  Lalela uyihlo owakuzala,Ungamedeleli unyoko ngoba nje esegugile. + 23  Thenga* iqiniso, ungalokothi ulithengise, +Uthenge nokuhlakanipha, isiyalo nokuqonda. + 24  Uyise wolungile nakanjani uyojabula;Noma ubani ozala indodana ehlakaniphile uyothokoza ngayo. 25  Uyihlo nonyoko bayothokoza,Nonyoko owakuzala uyojabula. 26  Ndodana yami, ngiphe inhliziyo yakho,Kwangathi amehlo akho angazijabulela izindlela zami. + 27  Ngoba isifebe singumgodi ojulile,Nowesifazane ondindayo* ungumthombo ongumngcingo. + 28  Uyacutha njengomphangi; +Wandisa isibalo samadoda angathembekile. 29  Ubani onosizi? Ubani ongakhululekile? Ubani oxabana nabanye? Ubani onezikhalo? Ubani onamanxeba ngaphandle kwesizathu? Ubani onamehlo anqundekile?* 30  Yilabo abahlala isikhathi eside newayini; +Labo abafuna* iwayini elixutshiwe. 31  Ungawubheki umbala obomvu wewayini,Lapho lizoyiza engilazini* lehla kamnandi, 32  Ngoba ekugcineni liluma njengenyoka,Likhiphe ubuthi njengenyoka enesihlungu. 33  Amehlo akho ayobona izinto eziyinqaba,Nenhliziyo yakho iyokhuluma izinto ezonakele. + 34  Uyoba njengolele maphakathi nolwandle,Njengolele esiqongweni sensika yomkhumbi. 35  Uyothi: “Bangishayile kodwa angizwanga lutho.* Bangibhaxabulile kodwa angazanga. Ngizovuka nini? + Ngifuna elinye iwayini.”*

Imibhalo yaphansi

NgesiHebheru, “Beka ummese entanyeni yakho.”
Noma, “unomphefumulo onganeliseki.”
Noma kungaba, “Kuyeke okwakho ukuqonda.”
Noma, “oneso elibi.”
NgesiHebheru, “inhliziyo yakhe ayikanye nawe.”
NgesiHebheru, “uMkhululi.”
Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “Thola.”
NgesiHebheru, “wesinye isizwe.” Bheka izA 2:16.
Noma, “akhathele?”
Noma, “abahlangana ukuze bazame.”
Noma, “endebeni.”
Noma, “angizwanga buhlungu.”
Noma, “Ngizophinde ngilifune.”