Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe IBhayibheli Limane Nje Liyincwadi Enhle?

Ingabe IBhayibheli Limane Nje Liyincwadi Enhle?

Ukulotshwa kweBhayibheli kwaphela eminyakeni ecishe ibe izinkulungwane ezimbili edlule. Kusukela ngaleso sikhathi, kunezinye izincwadi eziningi kakhulu eziye zafika zadlula. Kodwa akunjalo ngeBhayibheli. Cabanga ngokulandelayo.

  • IBhayibheli liye lasinda izikhathi eziningi lapho lihlaselwa ngonya abantu abanamandla. Ngokwesibonelo, phakathi neNkathi Ephakathi emazweni athile ayethi “angawobuKristu,” incwadi ethi An Introduction to the Medieval Bible ithi, “ukuba neBhayibheli nokulifunda ngolimi lomdabu [ulimi lwabantu abavamile] kwakulokhu kuhlotshaniswa nokuhlubuka nokuphikisa.” Izazi ezahumushela iBhayibheli ezilimini zomdabu noma ezakhuthaza ukufundwa kweBhayibheli zafaka ukuphila kwazo engozini. Ezinye zabulawa.

  • Naphezu kwezitha zalo eziningi, iBhayibheli laba incwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke, futhi lisaqhubeka nokusakazwa kakhulu. Alinganiselwa ezigidini eziyizinkulungwane ezinhlanu amakhophi alo aye anyatheliswa ngezilimi ezingaphezu kuka-2 800, liphelele noma liyingxenye. Lokhu kulenza lehluke kakhulu ezincwadini zefilosofi, zesayensi, nezemikhakha ethi ayifane, ezingase zisakazwe ngokusesilinganisweni futhi ziphelelwe isikhathi ngokushesha.

  • IBhayibheli liye lasiza lalondoloza futhi lachumisa ezinye zezilimi elihunyushelwe kuzo. Inguqulo yesiJalimane kaMartin Luther yaba nethonya elikhulu olimini lwesiJalimane. Uhlelo lokuqala lwe-King James Version luye lachazwa ngokuthi “mhlawumbe luyincwadi enethonya kunazo zonke ezake zanyatheliswa” ngesiNgisi.

  • IBhayibheli liye “lawathonya kakhulu amasiko aseNtshonalanga, alithonyanga nje kuphela imikhuba namasiko enkolo, kodwa nezobuciko, izincwadi, ezomthetho, ezombusazwe kanye neminye imikhakha eminingi kakhulu.”—I-Oxford Encyclopedia of the Books of the Bible.

Lawo ngamanye amaqiniso enza iBhayibheli lehluke. Nokho, kungani lithandwa kangaka? Kungani abantu beye bafaka ukuphila kwabo engozini ngenxa yalo? Nazi izizathu ezimbalwa: IBhayibheli linezimfundiso zokuziphatha nezingokomoya ezibonisa ukuhlakanipha okungavamile. IBhayibheli lisisiza ukuba siqonde umnyombo wokuhlupheka nezingxabano zabantu. Okuhle nakakhulu ukuthi lithembisa ukuphela kwalezo zinkinga, lize lembule nendlela eziyoqedwa ngayo.

IBhayibheli Lisifundisa NgoNkulunkulu Nangendlela Yokuziphatha

Imfundo yezwe ibalulekile. Kodwa isihloko somhleli wephephandaba laseCanada i-Ottawa Citizen sathi, “imfundo . . . eyenza igama lakho lihambisane neziqu ezithile . . . ayiqinisekisi ukuthi uzokwenza izinqumo ezihlakaniphile mayelana nokuziphatha.” Ngempela, abantu abaningi abafunde kakhulu—okuhlanganisa abaholi kwezamabhizinisi nakwezombusazwe—bayakhwabanisa, bakhohlise futhi bebe, okwenza “abantu bangabe besabethemba,” ngokusho kocwaningo olwenziwa emhlabeni wonke olwanyatheliswa inkampani i-Edelman, esebenzelana nomphakathi.

IBhayibheli ligxila emfundweni yokuziphatha nengokomoya. Lisenza siqonde “ukulunga nekhono lokwahlulela nobuqotho, yonke inkambo yokuhle.” (IzAga 2:9) Ngokwesibonelo, insizwa eneminyaka engu-23, esizoyibiza ngoStephen, yayisejele lasePoland. Isaboshiwe, yaqala ukutadisha iBhayibheli nokwazisa iseluleko salo esisebenzayo. Yabhala, “Manje sengiyabona ukuthi kusho ukuthini ‘ukuhlonipha uyihlo nonyoko.’ Sengifunde nokulawula imizwelo yami, ikakhulu ukuthukuthela ngokweqile.”—Efesu 4:31; 6:2.

Isimiso esamthinta kakhulu uStephen yilesi esitholakala encwadini yezAga 19:11: “Ukuqondisisa komuntu ngokuqinisekile kubambezela intukuthelo yakhe, futhi kungubuhle kuye ukweqa isiphambeko.” Manje, lapho uStephen ebhekene nesimo esiyinselele, uzama ukusihlaziya ngomoya ophansi futhi asebenzise izimiso zeBhayibheli ezihilelekile. Wathi, “Ngiye ngathola ukuthi iBhayibheli liyincwadi eneziqondiso ezingcono kakhulu.”

UMaria, onguFakazi KaJehova, wachwenswa owesifazane onobandlululo phambi kwabantu, owasusa umsindo omkhulu. Kodwa esikhundleni sokuphindisela, uMaria waqhubeka nendlela yakhe ngomoya ozolile. Lona omunye wesifazane wazizwa kabi ngayekwenzile futhi wafuna oFakazi. Cishe ngemva kwenyanga, lapho ephinde ebona uMaria, wamanga futhi waxolisa. Ngaphezu kwalokho, waqonda ngokufanele ukuthi ukuzola nokuzithiba okwaboniswa uMaria kwakubonisa izinkolelo zakhe ezingokwenkolo. Umphumela? Owesifazane owake waba nobandlululo kanye namalungu amahlanu omndeni wakhe banquma ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.

UJesu Kristu wathi, ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile imisebenzi yako. (Luka 7:35) Ngakho kunobufakazi obuningi bokuthi izimiso zeBhayibheli ziyasebenza. Ziveza okungcono kakhulu kithi. ‘Zihlakaniphisa ongenalwazi,’ ‘zibangela inhliziyo ukuba ijabule’ futhi ‘zikhanyisa amehlo’ ngokukhanyiselwa okungokomoya nokokuziphatha.—IHubo 19:7, 8.

IBhayibheli Lichaza Ukuhlupheka Nezingxabano Zabantu

Lapho becwaninga ngobhubhane lwesifo, abacwaningi bazama ukuthola imbangela esenza siqubuke. Kusebenza isimiso esifanayo nasekuqondeni “ubhubhane” lokuhlupheka nokuxabana kwabantu. Nalapha futhi, iBhayibheli liwusizo olukhulu, ngoba lilandisa ngomlando wasendulo, isikhathi okwaqala ngaso izinkinga zethu.

Incwadi kaGenesise yembula ukuthi izinkinga zesintu zaqala lapho abantu bokuqala bevukela uNkulunkulu. Phakathi kokunye, bazibekela ezabo izindinganiso zokuziphatha—okuyilungelo loMdali wethu kuphela. (Genesise 3:1-7) Kusukela lapho, ngokudabukisayo abantu baye bawela ogibeni olufanayo lokucabanga kokuzibusa. Umphumela? Umlando wabantu uluchungechunge lwezenzakalo, hhayi lwenkululeko nenjabulo, kodwa lwezingxabano, ukucindezelwa, kanye nokungavumelani ngokwenkolo nangokokuziphatha. (UmShumayeli 8:9) IBhayibheli lisho kufanele: ‘Akukona okomuntu ukuqondisa isinyathelo sakhe.’ (Jeremiya 10:23) Izindaba ezinhle ukuthi imizamo yabantu yokufuna ukuzibusa isizophela.

IBhayibheli Linikeza Ithemba

IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu, eshukunyiswa uthando ngalabo abahlonipha igunya nezindinganiso zakhe, ngeke abubekezelele phakade ububi kanye nokuhlupheka okububangelayo. Ababi “bayodla isithelo sendlela yabo.” (IzAga 1:30, 31) Ngakolunye uhlangothi, “abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:11.

‘Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’—1 Thimothewu 2:3, 4

UNkulunkulu uyoyifeza injongo yakhe yokuthi kube nomhlaba onokuthula esebenzisa ‘uMbuso kaNkulunkulu.’ (Luka 4:43) Lowo Mbuso unguhulumeni womhlaba wonke, futhi ngawo uNkulunkulu uyomisa ubukhosi bakhe obufanele phezu kwesintu. UJesu wahlobanisa uMbuso nomhlaba, lapho ethi emthandazweni wakhe oyisibonelo: “Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni.”—Mathewu 6:10.

Yebo, izikhonzi zoMbuso kaNkulunkulu zizokwenza intando kaNkulunkulu, ziqaphela uMdali—hhayi noma imuphi umuntu—njengoMbusi ofanele. Inkohlakalo, ukuhaha, ukungafani kwezomnotho, ukucwaswa ngokobuhlanga, kanye nezimpi kuyophela. Ngempela, kuyoba nomhlaba owodwa, uhulumeni owodwa, nezindinganiso ezifanayo ezingokomoya nezokuziphatha.—IsAmbulo 11:15.

Imfundo iyisihluthulelo sokubona lelo zwe elisha. Eyoku-1 Thimothewu 2:3, 4 ithi, ‘Intando kaNkulunkulu iwukuba zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.’ Lelo qiniso lihlanganisa izimfundiso zeBhayibheli ngalokho esingase sikubize ngomthetho-sisekelo woMbuso—imithetho nezimiso oyobusa ngayo, ozibonelo zawo zingatholakala entshumayelweni kaJesu Kristu yaseNtabeni. (Mathewu, izahluko 5-7) Lapho ufunda lezo zahluko ezintathu, zama ukubona ngeso lengqondo ukuthi ukuphila kuyoba njani lapho sonke sesisebenzisa ukuhlakanipha kukaJesu.

Ingabe kufanele kusimangaze ukuthi iBhayibheli liyincwadi esakazwe kakhulu kunazo zonke emhlabeni? Lutho neze! Izimfundiso zalo ziphefumulelwe ngokwaphezulu. Futhi ukusakazwa kwalo kabanzi kubonisa ukuthi uNkulunkulu unesifiso sokuthi abantu bazo zonke izilimi nezizwe bafunde ngaye futhi bazuze ezibusisweni eziyolethwa uMbuso wakhe.—IzEnzo 10:34, 35.