U-Isaya 47:1-15

  • Ukuwa kweBhabhiloni (1-15)

    • Ababhula ngezinkanyezi bayadalulwa (13-15)

47  Yehla uhlale othulini,Ndodakazi eyintombi yaseBhabhiloni. + O ndodakazi yamaKhaledi,Hlala phansi emhlabathini lapho kungekho khona isihlalo sobukhosi, +Ngoba abantu ngeke baphinde bathi untekenteke futhi ngeke usatotoswa.   Thatha itshe lokugaya ugaye ufulawa. Yembula iveyili yakho. Khumula isiketi sakho, uveze imilenze. Wela imifula.   Ubunqunu bakho buzohlala obala. Ihlazo lakho lizobonakala. Ngizophindisela, + akukho muntu ozongivimba.*   “Lowo osihlengayo—NguJehova wamabutho igama lakhe—ONgcwele ka-Israyeli.” +   Hlala lapho uthule ungene ebumnyameni,Ndodakazi yamaKhaledi; +Ngeke besakubiza ngokuthi uyiNdlovukazi* Yemibuso. +   Ngabathukuthelela abantu bami. + Ngalingcolisa ifa lami, +Ngabanikela kuwe. + Kodwa awubabonisanga isihe. + Ngisho nasebegugile wabathwesa ijoka elisindayo. +   Wathi: “Ngiyohlale ngiyiNdlovukazi* kuze kube phakade.” + Awuzange ucabange ngalokho owawukwenza;Awuzange ucabange ngokuthi isiphetho sasiyoba yini.   Manje yizwa lokhu, wena othanda injabulo, +Ohlezi ngokulondeka, othi enhliziyweni yakhe: “Yimi yimi, akekho omunye. + Ngeke ngibe ngumfelokazi. Angisoze ngalahlekelwa abantwana.” +   Kodwa lezi zinto ezimbili zizokufikela ngokuzumayo, ngosuku olulodwa: + Ukulahlekelwa abantwana nobufelokazi. Ziyokwehlela ngokugcwele +Ngenxa yobuthakathi* bakho, nazo zonke iziphonso zakho ezinamandla. + 10  Wathembela ebubini bakho. Wathi: “Akekho ongibonayo.” Ukuhlakanipha kwakho nolwazi lwakho yikho okwakudukisa,Uthi enhliziyweni yakho: “Yimi yimi, akekho omunye.” 11  Kodwa inhlekelele iyokwehlela,Awukho umlingo wakho oyoyivimba.* Okubi kuyokwehlela; ngeke ukwazi ukukugwema. Kungalindelekile uyokwehlelwa yincithakalo ongakaze uyibone. + 12  Qhubeka neziphonso zakho nobuthakathi bakho, +Obulokhu ubenza kusukela ebusheni bakho. Mhlawumbe ungazuza;Mhlawumbe uyokwenza abantu bamangale. 13  Udiniwe ubuningi babeluleki bakho. Mabasukume manje bakusindise,Labo abakhulekela amazulu,* ababheka izinkanyezi, +Abanikeza ulwazi ekwethwaseni kwezinyangaNgokuphathelene nezinto ozobhekana nazo. 14  Bheka! Banjengezinhlanga. Bayoshiswa umlilo baphele. Ngeke bakwazi ukuzisindisa emandleni omlilo. Lo mlilo akuwona amalahle okuzifudumeza,Akuwona umlilo wokothiwa. 15  Ngakho abenzi bakho bemilingo bayoba njalo kuwe,Labo okhandleke nabo kusukela ebusheni bakho. Bayonhlanhlatha, yilowo nalowo ngendlela yakhe.* Ngeke kube namuntu ozokusindisa. +

Imibhalo yaphansi

Noma kungaba, “ngeke ngihlangabeze muntu ngomusa.”
Noma, “uyiNkosikazi.”
Noma, “ngiyiNkosikazi.”
Noma kungaba, “Naphezu kobuthakathi.”
Noma, “Ngeke wazi ukuthi uyoyisusa kanjani kuwe.”
Noma kungaba, “Labo abahlukanisa amazulu; Ababhula ngezinkanyezi.”
NgesiHebheru, “aye esifundeni sakhe.”