Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Kuyoke kwenzeke yini ukuba kube nohulumeni owodwa obusa wonke umhlaba?

UMbuso obusa wonke umhlaba ungabenza kanjani abantu bazo zonke izizwe babe nobunye? Isaya 32:1, 17; 54:13

Cabanga nje ngendlela uhulumeni owodwa obusa wonke umhlaba ongasizuzisa ngayo isintu. Namuhla abantu abaningi bayahlupheka ngoba bampofu kakhulu, kuyilapho abanye becebe kakhulu. Kodwa uhulumeni onozwela obusa wonke umhlaba ungaqikelela ukuthi wonke umuntu uthola izinto azidingayo. Ucabanga ukuthi kuyoke kwenzeke yini ukuba abantu bakhe uhulumeni onjalo?Funda uJeremiya 10:23.

Kuwo wonke umlando, ohulumeni baye bahluleka ngezindlela eziningi ukunakekela izakhamuzi, ikakhulukazi lezo ezihluphekayo. Abanye ohulumeni babusa ngonya. (UmShumayeli 4:1; 8:9) Kodwa uNkulunkulu uMninimandla onke uthembise ukuletha uhulumeni ozoqeda bonke abanye ohulumeni. UMbusi wawo uyobanakekela ngempela abantu.Funda u-Isaya 11:4; Daniyeli 2:44.

Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?

UJehova uNkulunkulu ukhethe uMbusi ofanelekayo womhlaba—iNdodana yakhe, uJesu. (Luka 1:31-33) Ngesikhathi esemhlabeni njengomuntu, uJesu wayekulangazelela ukusiza abantu. NjengeNkosi, uyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe munye futhi abakhulule kukho konke ukuhlupheka.Funda iHubo 72:8, 12-14.

Ingabe bonke abantu bayomamukela uJesu njengoMbusi? Cha. Kodwa uJehova uyabekezela. (2 Petru 3:9) Unikeza abantu ithuba lokuba bamukele uJesu njengoMbusi. Maduzane, uJesu uzosusa abantu ababi emhlabeni alethe ukuthula nokulondeka kuwo wonke umhlaba.Funda uMika 4:3, 4.