IMIBUZO YEBHAYIBHELI IYAPHENDULWA

Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?

IsiZulu
Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/502012121/univ/art/502012121_univ_sqr_xl.jpg
ijwbq isihloko 23

Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?

Yini Eyofezwa UMbuso KaNkulunkulu?

Impendulo YeBhayibheli

UMbuso kaNkulunkulu uyothathela indawo bonke ohulumeni babantu bese ubusa phezu kwawo wonke umhlaba. (Daniyeli 2:44; IsAmbulo 16:14) Lapho lokho kwenzeka, uMbuso kaNkulunkulu . . .

  • Uyobhubhisa ababi abasibangela ubuhlungu ngenxa yobugovu. “Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni.”—IzAga 2:22.

  • Uyoqeda zonke izimpi. “[UNkulunkulu] uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba.”—IHubo 46:9.

  • Uyoletha ukuchuma nokulondeka emhlabeni. “Bayohlala, kube yilowo nalowo phansi komvini wakhe naphansi komkhiwane wakhe, ngeke kube khona obenza bathuthumele.”—Mika 4:4.

  • Uyokwenza umhlaba ube yipharadesi. “Ihlane nesifunda esingenamanzi kuyothaba, ithafa eliwugwadule liyojabula futhi liqhakaze njengesafroni.”—Isaya 35:1.

  • Uyonika bonke abantu umsebenzi onenjongo, ojabulisayo. Umsebenzi “wezandla zabo abakhethiweyo [bakaNkulunkulu] bayowusebenzisa ngokugcwele. Ngeke bakhandlekele ize.”—Isaya 65:21-23.

  • Uyoqeda izifo. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”—Isaya 33:24.

  • Uyosikhulula ekugugeni. “Inyama yakhe mayibe ntsha kunasebusheni; makabuyele ezinsukwini zobungqabavu bobusha bakhe.”—Jobe 33:25.

  • Uyobuyisela abafile ekuphileni. “Bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.”—Johane 5:28, 29.