Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

Ngazithanda Izimpendulo ZeBhayibheli Ezicacile Nezinengqondo

Ngazithanda Izimpendulo ZeBhayibheli Ezicacile Nezinengqondo
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1948

  • IZWE AZALELWA KULO: EHUNGARY

  • UMLANDO: NGANGIFISA UKUTHOLA IZIMPENDULO ZEMIBUZO EBALULEKE KAKHULU EKUPHILENI

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eSzékesfehérvár, eHungary, idolobha elineminyaka engaphezu kuka-1 000 futhi liyidolobha elinomlando ocebile. Ngokudabukisayo, ngisazikhumbula izibazi ezashiywa umonakalo owadalwa yimpi yezwe yesibili.

Lapho ngisemncane, ngakhuliswa ugogo nomkhulu. Angive ngibakhumbula—ikakhulukazi ugogo wami u-Elisabeth. Wangenza ngaba nokholo oluqinile kuNkulunkulu. Kusukela ngineminyaka emithathu, njalo ntambama sasiphindaphinda uMthandazo weNkosi. Nakuba kunjalo, ngaqala ukuqonda lokho okushiwo yilo mthandazo lapho sengicela eminyakeni engu-30.

Ugogo nomkhulu babenginakekela ngesikhathi ngisakhula ngoba abazali bami babesebenza ubusuku nemini, bezama ukubeka imali eyanele ukuze bathenge indlu ekahle. Nokho, njalo ngoMgqibelo wesibili enyangeni, wonke umndeni wawuhlangana uzojabulela isidlo ndawonye. Ngangizazisa lezo zikhathi esasiba nazo ndawonye.

Ngo-1958, iphupho labazali bami lafezeka; bakwazi ukuthenga indlu esasizohlala kuyo sobathathu. Ekugcineni, ngase ngizohlala nabazali bami—Ngangijabule! Nokho, ngemva kwezinyanga eziyisithupha, leyo njabulo yaphela kungazelelwe. Ubaba wabulawa isifo somdlavuza.

Ngezwa ubuhlungu obukhulu. Ngiyakhumbula ngithandaza: “Nkulunkulu, ngiye ngakuncenga ukuba usindise ubaba. Ngiyamdinga. Kungani ungayiphendulanga imithandazo yami?” Ngangifuna ngempela ukwazi ukuthi wayekuphi ubaba. Ngangizibuza: ‘Ingabe uye ezulwini? Noma ingabe ushabalele, ngeke aphinde aphile?’ Ngangifisa ukufana nezinye izingane ezazisenobaba.

Kwaphela iminyaka, ngiya emathuneni cishe nsuku zonke. Ngangiguqa ethuneni likababa ngithandaze: “Ngiyacela, Nkulunkulu, ngifuna ukwazi ukuthi ubaba ukuphi.” Ngathandazela nosizo lokuba ngiqonde injongo yokuphila.

Lapho ngineminyaka engu-13, nganquma ukufunda ulimi lwesiJalimane. Ngangicabanga ukuthi ezincwadini eziningi zesiJalimane, mhlawumbe ngangingathola izimpendulo zemibuzo yami. Ngo-1967, ngaqala ukufunda edolobheni laseJena, ngaleso sikhathi elaliyingxenye yeMpumalanga Jalimane. Ngazifunda ngokuzimisela izincwadi zezazi zefilosofi zaseJalimane, ikakhulukazi lezo ezazichaza ngenjongo yokuba khona komuntu. Nakuba ngathola izinto ezithakazelisayo, ayikho neyodwa eyangigculisa. Ngaqhubeka ngithandazela ukuthola izimpendulo.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-1970, ngabuyela eHungary, lapho engahlangana khona noRose kamuva owaba ngumkami. Ngaleso sikhathi, iHungary yayibuswa amaKhomanisi. Ngemva nje kokuba sishadile, mina noRose sabalekela e-Austria. Injongo yethu kwakuwukuba ekugcineni sithuthele eSydney, e-Australia, lapho kwakuhlala khona umalume.

Ngokushesha ngathola umsebenzi e-Austria. Ngolunye usuku, omunye engangisebenza naye wangitshela ukuthi ngingazithola izimpendulo zayo yonke imibuzo yami eBhayibhelini. Wanginika izincwadi ezimbalwa ezazikhuluma ngeBhayibheli. Ngazifunda ngentshiseko nangokushesha lezo zincwadi futhi ngangisafuna ukufunda okwengeziwe. Ngakho ngabhalela oFakazi BakaJehova, abanyathelisi balezo zincwadi, ngacela ezinye.

Ngosuku esasiqeda ngalo unyaka sishadile, mina noRose savakashelwa insizwa yase-Austria enguFakazi. Yangilethela izincwadi engangizicelile, yacela nokungifundela iBhayibheli, ngavuma. Njengoba ngangifuna ukwazi okwengeziwe, sasifunda kabili ngesonto—isifundo ngasinye sithatha amahora amane!

Ngakujabulela lokho oFakazi ababengifundisa khona okuvela eBhayibhelini. Lapho bengibonisa igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, eBhayibhelini lami lesiHungary, angikholwanga. Ngasengineminyaka engu-27 ngiya esontweni, kodwa ngangingakaze nakanye ngizwe kukhulunywa ngegama likaNkulunkulu. Ngazithanda izimpendulo zeBhayibheli ezicacile nezinengqondo zemibuzo yami. Ngokwesibonelo, ngafunda ukuthi abafileyo abezwa lutho, kunjengokungathi balele zwi. (UmShumayeli 9:5, 10; Johane 11:11-15) Ngafunda nangesithembiso seBhayibheli somhlaba omusha lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona.’ (IsAmbulo 21:3, 4) Nginethemba lokuphinde ngibone ubaba ngoba kulelo zwe elisha, “kuyoba khona uvuko.”IzEnzo 24:15.

URose naye waqala ukufunda iBhayibheli. Sathuthuka ngokushesha, saqeda incwadi ngezinyanga ezimbili nje kuphela! Sasiya kuyo yonke imihlangano oFakazi ababeba nayo eHholo LoMbuso. Sathintwa kakhulu uthando, umoya wokusiza nobunye phakathi koFakazi BakaJehova.Johane 13:34, 35.

Ngo-1976, mina noRose savunyelwa ukungena e-Australia. Safike sabathola ngokushesha oFakazi BakaJehova. OFakazi bendawo basenza sazizwa samukelekile. Ngo-1978, nathi saba oFakazi.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ekugcineni, sengizitholile izimpendulo zemibuzo osekuyisikhathi eside ingihlupha. Ngokusondela kuJehova uNkulunkulu, ngiye ngathola ubaba omuhle kakhulu. (Jakobe 4:8) Ithemba lokuphinde ngibone ubaba ezweni elisha elizayo lisho lukhulu kimi.Johane 5:28, 29.

Ngo-1989, mina noRose sanquma ukubuyela eHungary ukuze sixoxe ngezinkolelo zethu nabangane nemindeni yethu, kanye nabanye esasingase sibathole. Siye sajabulela ilungelo lokufundisa amakhulu abantu ngeBhayibheli. Abangaphezu kuka-70 baye bahlanganyela nathi ekukhonzeni uJehova, kuhlanganise nomama wami engimthandayo.

Ngathandaza iminyaka engu-17 ukuze ngithole izimpendulo zemibuzo yami. Manje sekuphele eminye iminyaka engu-39, futhi ngisaqhubeka ngithandaza—esengingakusho nje manje ukuthi, “Ngiyabonga, Baba wami othandekayo osezulwini, ngokuphendula imithandazo yami engayenza ngiseyingane.”