IsiZulu
Ingabe IBhayibheli Liyincwadi Yokuhlakanipha Kwabantu?
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/502012481/univ/art/502012481_univ_sqr_xl.jpg
ijwbq isihloko 1

Ingabe IBhayibheli Liyincwadi Yokuhlakanipha Kwabantu?

Ingabe IBhayibheli Liyincwadi Yokuhlakanipha Kwabantu?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli, elaziwa nangokuthi imiBhalo Engcwele, linamazwi amaningi ahlakaniphile. Kodwa phawula ukuthi lona lithini ngalo: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.” (2 Thimothewu 3:16) Buningi ubufakazi balokho. Cabangela okulandelayo:

  • Akekho oke wakwazi ukuveza amaphutha omlando onembile weBhayibheli.

  • Abalobi beBhayibheli babengamadoda aqotho aloba angafihla lutho. Ubuqotho bawo benza lokho akuloba kube iqiniso.

  • IBhayibheli linesihloko esisodwa esiwumgogodla: ukulwelwa kwelungelo likaNkulunkulu lokubusa abantu nokugcwaliseka kwenjongo yakhe ngoMbuso wakhe wasezulwini.

  • Nakuba lalotshwa eminyakeni eyizinkulungwane edlule, iBhayibheli alinawo amaphutha esayensi ayeke amukelwa abaningi endulo.

  • Ubufakazi obungokomlando bufakazela ukuthi iziprofetho zeBhayibheli, noma lokho okwabikezelwa, kuye kwenzeka.