Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 32

Qinisa Ukholo Lwakho KuMdali

Qinisa Ukholo Lwakho KuMdali

Ukholo . . . ubufakazi obucacile bokuthi lokho ongakuboni empeleni kukhona.”—HEB. 11:1.

INGOMA 11 Indalo Yembula Inkazimulo KaJehova

AMAZWIBELA *

1. Yini ofundiswe yona ngoMdali wethu?

UMA ukhuliswe oFakazi BakaJehova, cishe wafunda ngoJehova usemncane kakhulu. Wafundiswa ukuthi unguMdali, unobuntu obuhle nokuthi ufuna ukwenza umhlaba ube ipharadesi.—Gen. 1:1; IzE. 17:24-27.

2. Abanye abantu bababheka kanjani labo abakholelwa kuMdali?

2 Nokho, baningi abantu abangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona, ingasaphathwa eyokuthi unguMdali. Kunalokho, bakholelwa ukuthi ukuphila kwazivelela, kwashintsha kancane kancane kwasuka ezintweni ezincane eziphilayo kwaya ezintweni eziyinkimbinkimbi. Abanye balabo bantu bafunde kakhulu. Bangase bathi isayensi iye yabonisa ukuthi iBhayibheli alinembile nokuthi labo abakholelwa kuMdali abafundile, abahlakaniphile noma bakhohliseka kalula.

3. Kungani kubalulekile ukuba siqinise ukholo lwethu?

3 Ingabe imibono yabanye abantu abahlonishwayo izosenza singabaze ukuthi uJehova unguMdali wethu osithandayo? Impendulo yalowo mbuzo incike kakhulu ekutheni kungani sikholelwa ukuthi uJehova unguMdali. Yingoba satshelwa ukuba sikukholelwe, noma yingoba sazinika isikhathi sokuzihlolela ubufakazi? (1 Kor. 3:12-15) Kungakhathaliseki ukuthi sesibe oFakazi isikhathi eside kangakanani, sonke kudingeka siqhubeke siqinisa ukholo lwethu. Uma senza kanjalo ngeke sidukiswe “ngefilosofi nangenkohliso eyize” efundiswa abantu abaphikisana neZwi likaNkulunkulu. (Kol. 2:8; Heb. 11:6) Ukuze sisisize, lesi sihloko sizoxoxa ngokuthi (1) kungani abaningi bengakholelwa kuMdali, (2) ungalwakha kanjani ukholo lwakho kuJehova, uMdali wakho, nokuthi (3) ungalugcina kanjani luqinile.

OKWENZA ABANINGI BANGAKHOLELWA KUMDALI

4. NgokweyamaHebheru 11:1 nombhalo waphansi, lusekelwe kuphi ukholo lwangempela?

4 Abanye abantu bacabanga ukuthi ukuba nokholo kusho ukukholelwa entweni engenabo ubufakazi. Kodwa iBhayibheli lithi akulona ukholo lwangempela lolo. (Funda eyamaHebheru 11:1 nombhalo waphansi.) Phawula ukuthi ukholo lwethu ezintweni ezingokoqobo kodwa ezingabonakali, njengokholo lwethu kuJehova, uJesu noMbuso osezulwini, lusekelwe ebufakazini obukholisayo. (Heb. 11:3) Omunye uFakazi ongusosayensi ukubeka kanje: “Ukholo lwethu alusenzi singakunaki lokho okushiwo isayensi.”

5. Kungani abantu abaningi bengakholelwa ukuthi uNkulunkulu owadala izinto?

5 Singase sibuze, ‘Uma kunobufakazi obukholisayo bokuthi uMdali ukhona, kungani abantu abaningi bengakholelwa ukuthi nguNkulunkulu owadala zonke izinto eziphilayo?’ Abanye abakaze bazinike isikhathi sokuthola lobo bufakazi. URobert, osenguFakazi KaJehova manje, uthi: “Ngenxa yokuthi esikoleni kwakungakaze kukhulunywe ngokuthi izinto zadalwa, ngangicabanga ukuthi akulona iqiniso ukuthi zadalwa. Kwaze kwaba yilapho ngihlangana noFakazi BakaJehova ngineminyaka engu-22, lapho engathola khona izizathu ezizwakalayo ezivela eBhayibhelini zokukholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala zonke izinto.” *—Bheka ibhokisi elithi “ Umyalezo Obalulekile Oya Kubazali.

6. Kungani abanye bengakholelwa ukuthi kunoMdali?

6 Abanye bathi akekho uMdali ngenxa yokuthi bakholelwa entweni abakwazi ukuyibona kuphela. Kodwa zikhona izinto abangaziboni abazikholelwayo, njengokuthi kunamandla adonsela phansi ngoba banabo ubufakazi bokuthi akhona. Ukholo okukhulunywa ngalo eBhayibhelini luhlanganisa nobufakazi bezinye izinto ‘ezikhona kodwa esingaziboni.’ (Heb. 11:1) Kudinga isikhathi nomzamo ukuzitholela lobo bufakazi, futhi abantu abaningi bayanqena ukukwenza lokho. Umuntu ongazitholeli ubufakazi ngokwakhe, angase aphethe ngokuthi akekho uNkulunkulu.

7. Ingabe bonke abantu abafundile bayaphika ukuthi nguNkulunkulu owadala indawo yonke? Chaza.

7 Ngemva kokuhlola ubufakazi, abanye ososayensi bayaqiniseka ngokuthi nguNkulunkulu owadala indawo yonke. * NjengoRobert, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, kungenzeka ukuthi abanye bavele bacabanga ukuthi akekho uMdali ngenxa yokuthi emayunivesithi abafundiswanga ukuthi izinto zadalwa. Nokho, ososayensi abaningi sebeyamazi uJehova futhi bayamthanda. Njengalabo sosayensi, sonke kumelwe sakhe ukholo lwethu kuNkulunkulu, kungakhathaliseki ukuthi yini esayifundiswa esikoleni. Akekho omunye umuntu ongasenzela lokho.

INDLELA YOKWAKHA UKHOLO LWAKHO KUMDALI

8-9. (a) Sizoxoxa ngamuphi umbuzo? (b) Ukucwaninga ngendalo kuzokuzuzisa kanjani?

8 Ungalwakha kanjani ukholo lwakho kuMdali? Ake sihlole izindlela ezine.

9 Cwaninga ngendalo. Ungalwakha ukholo lwakho kuMdali ngokubukisisa izilwane, izitshalo nezinkanyezi. (IHu. 19:1; Isaya 40:26) Uma uqhubeka ucwaninga ngalezi zinto, uzoqiniseka nakakhulu ngokuthi uJehova unguMdali. Izincwadi zethu zivame ukuba nezihloko ezichaza izinto ezihlukahlukene ngendalo. Ungazigwemi lezi zihloko uma ungaziqondi kahle. Funda konke ongakwazi ukukufunda. Ungakhohlwa nokubukeza amavidiyo amnandi akhuluma ngendalo adlalwa emihlanganweni yethu yesifunda eminyakeni edlule, kuwebusayithi yethu ethi jw.org.

10. Nikeza isibonelo sendlela indalo ekufakazela ngayo ukuba khona koMdali. (Roma 1:20)

10 Lapho ufunda ngendalo, nakisisa ukuthi yembulani ngoMdali wethu. (Funda eyabaseRoma 1:20.) Ngokwesibonelo, kungenzeka uyazi ukuthi ilanga lisinika ukushisa esikudingayo ukuze siphile, ngesikhathi esifanayo likhipha nemisebe eyingozi. Sidinga ukuvikelwa kuleyo misebe. Sinaso isivikelo! Siyini? Umhlaba oyikhaya lethu unesivikelo sawo—ungqimba lwegesi okuthiwa i-ozone, evimba leyo misebe eyingozi. Lapho imisebe eyingozi iba namandla, igesi i-ozone nayo iyanda. Awuvumi yini ukuthi kumelwe ukuba kunothile owahlela lezi zinto, nokuthi kumelwe ukuba unguMdali ohlakaniphile nonothando?

11. Ungawatholaphi amaqiniso ngendalo angakha ukholo lwakho? (Bheka ibhokisi elithi “ Okunye Okungaqinisa Ukholo Lwakho.”)

11 Ungathola amaqiniso amaningi ngendalo angakha ukholo lwakho ngokucwaninga usebenzisa i-Watch Tower Publications Index noma i-jw.org. Ungase uqale ngezihloko namavidiyo okusochungechungeni oluthi “Ingabe Kwadalwa?” Izinto ezitholakala kulolu chungechunge zimfushane kodwa ziveza amaqiniso amangazayo ngezilwane nenye indalo. Ziveza nezinye izindlela ososayensi abazama ngazo ukukopela kulokho abakubona endalweni.

12. Lapho sitadisha iBhayibheli yiziphi ezinye izinto okufanele siziphawule?

12 Tadisha iBhayibheli. Usosayensi okukhulunywe ngaye ekuqaleni, waqale wangakholelwa ukuthi ukhona uMdali. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi waba nokholo lokuthi ukhona. Uthi: “Ukholo lwami lwalungasekelwe kuphela kulokho engangikufunde kuyisayensi. Lwalusekelwe nakulokho engakuthola lapho ngitadisha iBhayibheli.” Mhlawumbe usunalo ulwazi olunembile lwezimfundiso zeBhayibheli. Noma kunjalo, ukuze wakhe ukholo kuMdali wakho kudingeka uqhubeke utadisha iZwi likaNkulunkulu. (Josh. 1:8; IHu. 119:97) Lapho utadisha, phawula indlela iBhayibheli elizichaza ngayo ngokunembile izenzakalo zakudala. Phawula nendlela iziprofetho zalo ezagcwaliseka ngayo, kanye nendlela elivumelana ngayo. Ukwenza kanjalo kuzokwenza ukholelwe nakakhulu ukuthi sinoMdali osithandayo nohlakaniphile nokuthi waphefumulela iBhayibheli. *2 Thim. 3:14; 2 Pet. 1:21.

13. Yisiphi isibonelo esiveza ukuhlakanipha okutholakala eZwini kuNkulunkulu?

13 Lapho utadisha iZwi likaNkulunkulu, phawula ukuthi iseluleko salo siwusizo kangakanani. Ngokwesibonelo, iBhayibheli laxwayisa kudala ngokuthi ukuthanda imali kuyingozi futhi kubangela ‘iminjunju eminingi.’ (1 Thim. 6:9, 10; IzAga 28:20; Math. 6:24) Ingabe leso sixwayiso sisasebenza nanamuhla? Incwadi i-The Narcissism Epidemic ithi: “Ngokuvamile uma beqhathaniswa nabanye, abantu abathanda ingcebo abajabuli futhi bacindezelekile. Ngisho nabantu abafuna nje ukuba nemali eyengeziwe nabo abajabuli futhi baba nezinkinga zempilo ezengeziwe.” Kusobala ukuthi isixwayiso seBhayibheli sokuba singayithandi imali siwusizo ngempela! Zikhona yini ezinye izimiso zeBhayibheli ozibonile ukuthi ziwusizo? Lapho sisazisa nakakhulu iseluleko seBhayibheli, sizoncika nakakhulu ekuhlakanipheni okungaphelelwa yisikhathi esikuthola kuMdali wethu osithandayo. (Jak. 1:5) Uma senza kanjalo siyokujabulela nakakhulu ukuphila.—Isaya 48:17, 18.

14. Ukutadisha iBhayibheli kuzokwambulelani ngoJehova?

14 Tadisha unomgomo wokwazi uJehova kangcono. (Joh. 17:3) Njengoba utadisha imiBhalo uzophawula ukuthi ubuntu bukaJehova buyagqama—ubuntu obuvumelana nezimfanelo ezibonakala endalweni. Lezo zimfanelo ziyasiqinisekisa ukuthi uJehova ukhona, akayona into ecatshangwayo nje. (Eks. 34:6, 7; IHu. 145:8, 9) Njengoba uya umazi kangcono uJehova, ukholo lwakho kuye luyokhula, uthando lwakho ngaye lujule, nobungane bakho naye buqine.

15. Uyozuza kanjani lapho uxoxela abanye ngokholo lwakho?

15 Xoxela abanye ngokholo lwakho kuNkulunkulu. Lapho wenza kanjalo, luzoqina nakakhulu ukholo lwakho. Kodwa kuthiwani uma umuntu oxoxa naye engabaza ukuthi ukhona uNkulunkulu futhi ungaqiniseki ukuthi ungamphendula kanjani? Zama ukuthola impendulo esekelwe emiBhalweni kwezinye zezincwadi zethu, bese uxoxa naye ngayo. (1 Pet. 3:15) Ungacela nomunye uFakazi onesipiliyoni ukuba akusize. Kungakhathaliseki ukuthi oxoxa naye uyazamukela yini izimpendulo ezivela eBhayibhelini, wena uyozuza ocwaningweni ozobe ulwenzile. Ukholo lwakho luyokhula. Ngenxa yalokho, ngeke ubakholwe abantu okuthiwa bahlakaniphile abathi uNkulunkulu akekho.

GCINA UKHOLO LWAKHO LUQINILE!

16. Yini engenzeka uma singaqhubeki sakha ukholo lwethu futhi silugcine luqinile?

16 Kungakhathaliseki ukuthi sesinesikhathi esingakanani sikhonza uJehova, kumelwe siqhubeke sakha ukholo lwethu futhi silugcine luqinile. Kungani? Ngoba uma singaqaphile ukholo lwethu lungancipha. Khumbula ukuthi ukholo lwethu lusekelwe nasebufakazini bezinto ezingokoqobo kodwa ezingabonakali. Kulula ukuba sisheshe sizikhohlwe izinto esingaziboni. Yingakho uPawulu achaza ukuntula ukholo ngokuthi ‘isono esisithandela kalula.’ (Heb. 12:1) Pho singalugwema kanjani lolo gibe?—2 Thes. 1:3.

17. Yiluphi usizo esiludingayo ukuze silondoloze ukholo?

17 Okokuqala, mncenge njalo uJehova ukuba akuphe umoya wakhe ongcwele. Kungani? Ngoba ukholo luyingxenye yezithelo zomoya. (Gal. 5:22, 23) Asikwazi ukwakha futhi silondoloze ukholo lwethu kuMdali ngaphandle kosizo lomoya wakhe ongcwele. Uma siqhubeka sicela umoya kaJehova, uyosipha wona. (Luka 11:13) Singaze sithandaze sithi: “Siphe ukholo olwengeziwe.”—Luka 17:5.

18. NgokweHubo 1:2, 3, yiliphi ilungelo esingalijabulela?

18 Ngaphezu kwalokho, litadishe njalo iZwi likaNkulunkulu. (Funda iHubo 1:2, 3.) Ngesikhathi kubhalwa leli hubo, ambalwa ama-Israyeli ayenamakhophi aphelele oMthetho kaNkulunkulu. Nokho, inkosi nabapristi babenawo amakhophi oMthetho, futhi njalo ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa kwakwenziwa amalungiselelo okuba “amadoda, abesifazane, abantwana,” nesifiki esasikwa-Israyeli balalele lapho kufundwa uMthetho kaNkulunkulu. (Dut. 31:10-12) Ngosuku lukaJesu, amakhophi emiBhalo ayetholakala kubantu abambalwa nasemasinagogeni kuphela. Ngokungafani nangaleso sikhathi, namuhla abantu abaningi bayakwazi ukuthola izingxenye zeZwi likaNkulunkulu. Ilungelo elikhethekile ngempela lelo. Singabonisa kanjani ukuthi silazisa ngempela lelo lungelo?

19. Yini okudingeka siyenze ukuze sigcine ukholo lwethu luqinile?

19 Singabonisa ukuthi siyalazisa ilungelo lokuba neZwi likaNkulunkulu ngokulifunda njalo. Isifundo somuntu siqu ngeke sivele sizenzekele, kumelwe sihlele isikhathi sokusenza. Uma siba nohlelo lokutadisha njalo, singakwazi ukugcina ukholo lwethu luqinile.

20. Yini okumelwe sizimisele ukuyenza?

20 Ngokungafani ‘nabahlakaniphile nongqondongqondo’ baleli zwe, thina sinokholo oluqinile olusekelwe eZwini likaNkulunkulu. (Math. 11:25, 26) Ngenxa yokuthi sifunda le miBhalo engcwele, siyazi ukuthi kungani umhlaba uwohloka nokuthi yini uJehova azoyenza ukuze awulungise. Ngakho, masizimisele ukuqinisa ukholo lwethu nokusiza abantu abaningi babe nokholo kuMdali wethu. (1 Thim. 2:3, 4) Masiqhubeke sibheke phambili esikhathini lapho bonke abaphilayo emhlabeni beyodumisa uJehova ngamazwi esAmbulo 4:11: “Kukufanele Jehova Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo . . . ngoba wadala zonke izinto.”

INGOMA 2 NguJehova Igama Lakho

^ par. 5 ImiBhalo ifundisa ngokucacile ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali. Kodwa abantu abaningi abakukholelwa lokho. Bakholelwa ukuthi ukuphila kwazivelela. Uma sisebenza kanzima ukuze siqinise ukholo lwethu kuNkulunkulu naseBhayibhelini, abakushoyo ngeke kusenze singabaze ukuthi ukhona uMdali. Lesi sihloko sizochaza ukuthi singakwenza kanjani lokho.

^ par. 5 Ezikoleni eziningi, ayiphathwa ngisho nokuphathwa eyokuthi kungenzeka nguNkulunkulu owadala zonke izinto. Abanye othisha bathi ukwenza kanjalo kuzophuca izingane inkululeko yazo yokuzikhethela ukuthi yini ezifuna ukuyikholelwa.

^ par. 7 Ku-Watch Tower Publications Index yamuva ungafunda ngalokho okwashiwo abantu abangaphezu kuka-60 abafundile, abakholelwayo ukuthi izinto zadalwa, okuhlanganisa nososayensi. Bheka isihloko esithi Sciencengaphansi kwaso ubheke esithi “scientists expressing belief in creation.” Okunye kwalokho abakushoyo kungatholakala eNcwadini Yokucwaninga YoFakazi BakaJehova. Bheka isihloko esithi “Isayensi Nezobuchwepheshe,” ngaphansi kwaso ubheke esithi “‘Ingxoxo Nothile’ (I-Phaphama! uchungechunge).”

^ par. 12 Ngokwesibonelo, bheka isihloko esithi “Ingabe Isayensi NeBhayibheli Kuyavumelana?” kuyi-Phaphama! kaFebhuwari 2011 nesihloko esithi “Lokho UJehova Akubikezelayo Kuyagcwaliseka” kuyi-Nqabayokulinda kaJanuwari 1, 2008.