Eyesibili KwabaseThesalonika 1:1-12

  • Ukubingelela (1, 2)

  • Ukholo lwabaseThesalonika luyakhula (3-5)

  • Ukuphindisela kulabo abangalaleli (6-10)

  • Ukuthandazela ibandla (11, 12)

1  UPawulu, uSilvanu* noThimothewu + kini bandla labaseThesalonika elinobunye noNkulunkulu uBaba wethu neNkosi uJesu Kristu:  Kwangathi ningathola umusa omkhulu* nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.  Sibophekile ukuba simbonge njalo uNkulunkulu ngenxa yenu, bazalwane. Lokhu kufanele, ngoba ukholo lwenu lukhula ngokudlulele, nothando enithandana ngalo nonke luyanda. +  Ngenxa yalokho, nathi ngokwethu siyaziqhenya ngani + phakathi kwamabandla kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela nokholo lwenu kukho konke ukushushiswa kwenu nobunzima* enibhekene nabo. *+  Lokhu kuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wahlulela ngokulunga, okuholela ekutheni nibalwe njengabafanelwe ukungena eMbusweni kaNkulunkulu, okuyiwona empeleni enihlupheka ngenxa yawo. +  Empeleni kuwukulunga ngoNkulunkulu ukuba abuyisele usizi kulabo abanibangela usizi. +  Kodwa nina enibhekene nosizi, nizonikezwa impumuzo kanye nathi lapho kwambulwa iNkosi uJesu + isezulwini kanye nezingelosi zayo ezinamandla +  emlilweni ovutha amalangabi, njengoba iphindisela kulabo abangamazi uNkulunkulu nakulabo abangazilaleli izindaba ezinhle ezimayelana neNkosi yethu uJesu. +  Bona kanye laba bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa + okuphakade basuke phambi kweNkosi nasenkazimulweni yamandla ayo, 10  lapho ifika izokhazinyuliswa ngokuqondene nabangcwele bayo nokuba ibhekwe ngokumangala ngalolo suku phakathi kwabo bonke labo ababonisa ukholo, ngenxa yokuthi ubufakazi esabunikeza nabukholelwa. 11  Ngenxa yalokhu, siyanikhulekela ngaso sonke ­isikhathi ukuba uNkulunkulu wethu anibale njengabafanele ukubizwa nguye + nokuba ngamandla akhe enze konke okuhle akuthandayo nayo yonke imisebenzi yokholo. 12  Lokhu kuyokwenzeka ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazinyuliswe kini, nani nikhazinyuliswe ebunyeni nayo, ngokuvumelana nomusa omkhulu kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.

Imibhalo yaphansi

Ubizwa nangokuthi uSila.
Noma, “umusa ongafanelwe.”
Noma, “nezinsizi.”
Noma, “enibukhuthazelelayo.”