Dlulela kokuphakathi

Liyini Izulu?

Liyini Izulu?

Impendulo yeBhayibheli

Igama elithi “izulu” eBhayibhelini libhekisela ngokuyisisekelo ezintweni ezintathu: (1) amazulu abonakalayo; (2) indawo yomoya kanye (3) nophawu lwesikhundla esiphakeme noma esiphakanyisiwe. Umongo wendaba yiwo osivezela indlela igama elisetshenziswe ngayo ukuze sithole umqondo ofanele. a

  1. Amazulu abonakalayo. Kulo mqondo, “amazulu” abhekisela emkhathini, lapho kuvunguza khona umoya, kundize izinyoni, amafu akha khona imvula neqhwa nalapho kubaneka khona umbani. (IHubo 78:26; IzAga 30:19; Isaya 55:10; Luka 17:24) Angabuye abhekisele endaweni engaphandle, indawo ekutholakala kuyo “ilanga nenyanga nezinkanyezi.”​—Duteronomi 4:19; Genesise 1:1.

  2. Indawo yomoya. Elithi “amazulu” liphinde libhekisele emazulwini angokomoya, noma endaweni yomoya, indawo yokuphila engaphandle futhi ephakeme ukwedlula indawo yonke. (1 AmaKhosi 8:27; Johane 6:38) La mazulu angokomoya ahlala uJehova uNkulunkulu, ‘onguMoya,’ kanye nezidalwa zomoya eziyizingelosi ezadalwa nguye. (Johane 4:24; Mathewu 24:36) Ngezinye izikhathi “amazulu” enziwa samuntu ukuze amelele izingelosi ezithembekile, ‘ibandla labangcwele.’​—IHubo 89:5-7.

    IBhayibheli libuye lisebenzise “amazulu” ukubhekisela ngokuqondile engxenyeni yendawo yomoya lapho uJehova ehlala khona, ‘indawo yakhe yokuhlala.’ (1 AmaKhosi 8:43, 49; Hebheru 9:24; IsAmbulo 13:6) Ngokwesibonelo, iBhayibheli labikezela ukuthi uSathane namademoni babeyophonswa ngaphandle ezulwini, bengabe besavunyelwa ukungena endaweni enoNkulunkulu. Noma kunjalo babesazoqhubeka besendaweni yomoya.​—IsAmbulo 12:7-9, 12.

  3. Uphawu lwesikhundla esiphakeme noma esiphakanyisiwe. ImiBhalo isebenzisa “izulu” ukumelela isikhundla esiphakeme, ngokuvamile ngokuphathelene nengunya elibusayo. Isikhundla esinjalo singathathwa:

Linjani izulu?

Indawo yomoya iyindawo ematasa kakhulu. Ihlala amakhulu ezigidi ezidalwa zomoya ‘ezifeza izwi [likaJehova].’—IHubo 103:20, 21; Daniyeli 7:10.

IBhayibheli lichaza izulu njengelinokukhanya okukhulu. (1 Thimothewu 6:​15, 16) Umprofethi uHezekeli wathola umbono wasezulwini owawuphawuleka ‘ngokukhanya okukhulu,’ kanti umbono wezulu owabonwa uDaniyeli wona wawuhlanganisa “umfudlana womlilo.” (Hezekeli 1:26-28; Daniyeli 7:9, 10) Izulu lingcwele, noma lihlanzekile futhi lihle.​—IHubo 96:6; Isaya 63:15; IsAmbulo 4:2, 3.

Umbono ophelele iBhayibheli elisinikeza wona ngezulu uyakhexisa. (Hezekeli 43:​2, 3) Nokho, akunakwenzeka ngabantu ukuliqonda ngokuphelele izulu, ngenxa yokuthi indawo yomoya ingaphezu kwalokho esingakwazi ukukuqonda.

a Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “izulu” lisuselwe egameni elisho ukuthi ‘phezulu’ noma ‘ukuphakama.’ (IzAga 25:3) Bheka ethi The New Brown, Driver, and Briggs Hebrew and English Lexicon of the Old Testament, ikhasi 1029.

b I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi amazulu amasha aku-Isaya 65:17 amelela “uhulumeni omusha, umbuso omusha.”​—Umqulu IV, ikhasi 122.