IMIBUZO YEBHAYIBHELI IYAPHENDULWA

Ingabe UNkulunkulu Unendawo Ahlala Kuyo?

IsiZulu
Ingabe UNkulunkulu Unendawo Ahlala Kuyo?
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/502012488/univ/art/502012488_univ_sqr_xl.jpg
ijwbq isihloko 8

Ingabe UNkulunkulu Unendawo Ahlala Kuyo?

Ingabe UNkulunkulu Unendawo Ahlala Kuyo?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo. UNkulunkulu unendawo ahlala kuyo—ezulwini. Cabangela la mavesi eBhayibheli:

Lapho ithandaza, iNkosi uSolomoni yathi: “Kwangathi wena ngokwakho [ungalalela] usemazulwini, indawo yakho yokuhlala emisiwe.”—1 AmaKhosi 8:43.

UJesu Kristu wafundisa abafundi bakhe ukuba bathandaze ‘kuBaba osemazulwini.’—Mathewu 6:9.

Lapho uJesu esevusiwe, wangena “ezulwini ngokwalo, manje ukuba abonakale phambi kukaNkulunkulu.”—Hebheru 9:24.

Lawo mavesi abonisa ngokucacile ukuthi uJehova uNkulunkulu ungumuntu ongokoqobo nokuthi akahlali noma ikuphi, kodwa uhlala ezulwini kuphela.