Dlulela kokuphakathi

Kusho Ukuthini ‘Ukuhlonipha Uyihlo Nonyoko’?

Kusho Ukuthini ‘Ukuhlonipha Uyihlo Nonyoko’?

Impendulo yeBhayibheli

Umyalo othi, “hlonipha uyihlo nonyoko,” uvela izikhathi eziningana eBhayibhelini. (Eksodusi 20:12; Duteronomi 5:16; Mathewu 15:4; Efesu 6:2, 3) Ngokuyinhloko, lo myalo uhlanganisa lezi zenzo ezilandelayo.

  1. Bonisa ukubonga. Usuke ubonisa abazali bakho ukuthi uyabahlonipha lapho ubonga ngakho konke abakwenzela kona. Ungabonisa ukubonga ngokwamukela imfundiso neziyalo abakunika zona. (IzAga 7:1, 2; 23:26) IBhayibheli lithi kufanele ubabheke ‘njengobuhle’ abazali bakho, okusho ukuthi ziqhenye ngabo.—IzAga 17:6.

  2. Hlonipha igunya labo. Usuke uhlonipha uyihlo nonyoko lapho wamukela isikhundla sabo abasinikwe uNkulunkulu, ikakhulukazi lapho usemncane. EyabaseKolose 3:20 iyala abasebasha: “Lalelani abazali benu kukho konke, ngoba lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.” Ngisho noJesu wabalalela abazali bakhe lapho esemncane.—Luka 2:51.

  3. Bahloniphe. (Levitikusi 19:3; Hebheru 12:9) Ngokuvamile lokhu kubonakala endleleni okhuluma ngayo nabo. Kuyavunywa ukuthi abanye abazali baziphatha ngendlela eyenza kungabi lula ukubahlonipha. Noma kunjalo, abantwana bangakwazi ukubahlonipha ngokugwema ukwenza nokusho izinto ezingabonisi inhlonipho. (IzAga 30:17) IBhayibheli lithi noma ubani othuka umzali wakhe ufanelwe ukufa.—Mathewu 15:4.

  4. Banakekele. Abazali bakho bangase badinge ukuba ubanakekele lapho beguga. Ungabonisa ukuthi uyabahlonipha ngokwenza konke okusemandleni akho ukuze ubanakekele. (1 Thimothewu 5:4, 8) Ngokwesibonelo, ngaphambi nje kokufa kwakhe, uJesu wahlela ukuba othile anakekele umama wakhe.—Johane 19:25-27.

Imibono eyiphutha ngezindlela esibonisa ngazo ukuthi silalela umyalo othi “hlonipha uyihlo nonyoko”

Umbono oyiphutha: Ukuze ubonise ukuthi uyabalalela abazali bakho kufanele ubavumele balawule umshado wakho.

Iqiniso: IBhayibheli lifundisa ukuthi isibopho somshado sibaluleke ukwedlula izihlobo. UGenesise 2:24 uthi: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo.” (Mathewu 19:4, 5) Kuyavunywa ukuthi izeluleko ezivela kubazali zingaba usizo kulabo abashadile. (IzAga 23:22) Nokho, abantu abashadile banelungelo lokubeka imingcele kulokho abafuna izihlobo zibe nengxenye kukho emshadweni wabo.​—Mathewu 19:6.

Umbono oyiphutha: Alikho igunya elidlula elabazali.

Iqiniso: Nakuba uNkulunkulu anikeza abazali igunya emndenini, igunya umuntu analo lihlale linemingcele futhi aliledluli igunya likaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, lapho inkantolo ephakeme iyala abafundi bakaJesu ukuba bayeke ukulalela uNkulunkulu, abafundi bathi: “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.” (IzEnzo 5:27-29) Ngendlela efanayo, izingane zilalela abazali bazo “abanobunye neNkosi,” okungukuthi, kuzo zonke izinto ezingawuphuli umthetho kaNkulunkulu.—Efesu 6:1.

Umbono oyiphutha: Ukuhlonipha abazali kusho ukukholelwa kulokho abakukholelwayo.

Iqiniso: IBhayibheli likhuthaza ukuba umuntu ngamunye azihlolele ngokwakhe ukuthi izinto azifundiswayo ziyiqiniso yini. (IzEnzo 17:11; 1 Johane 4:1) Umuntu owenza kanjalo, angase ekugcineni akhethe inkolo engafani neyabazali bakhe. IBhayibheli liyakhuluma ngabathile ababemkhonza ngokwethembeka uNkulunkulu kodwa abangazange balandele inkolo yabazali babo, njengo-Abrahama, uRuthe nomphostoli uPawulu.—Joshuwa 24:2, 14, 15; Ruthe 1:15, 16; Galathiya 1:14-16, 22-24.

Umbono oyiphutha: Ukuhlonipha abazali bakho kusho ukulandela amasiko ahlobene namadlozi.

Iqiniso: IBhayibheli lithi: “NguJehova uNkulunkulu wakho okumelwe umkhulekele, futhi nguye yedwa okumelwe unikele kuye inkonzo engcwele.” (Luka 4:8) UNkulunkulu akamthandi umuntu okhonza amadlozi. IBhayibheli libonisa nokuthi “abafileyo abazi lutho.” Abaziboni izinto abasuke benzelwa zona uma kunomsebenzi, futhi abakwazi ukusiza noma ukulimaza labo abaphilayo.​—UmShumayeli 9:5, 10; Isaya 8:19.