IzAga 7:1-27
7 Ndodana yami, gcina amazwi ami,Ulonde imiyalo yami. +
2 Gcina imiyalo yami uphile; +Qapha imfundiso* yami njengenhlamvu yeso lakho.
3 Yibophe eminweni yakho;Yibhale enhliziyweni yakho. +
4 Yithi ekuhlakanipheni, “Ungudadewethu,”
Ubize ukuqonda ngokuthi “sihlobo sami,”
5 Ukuze kukuqaphe kowesifazane ondindayo, *+Kowesifazane ongenasimilo* nasemazwini akhe abushelelezi. *+
6 Ngisefasiteleni lendlu yami,Ngabuka phansi, ngefasitela* lami,
7 Njengoba ngangibuka abantu abangenalo ulwazi,Ngabona insizwa entula ukuhlakanipha* phakathi kwabantu abasha. +
8 Yayidlula ngesitaladi iya ngasekhoneni lomgwaqo walona wesifazane,Yahamba ngendlela eya endlini yakhe
9 Lapho sekuhwalele kusihlwa, +Sekuzoba sebusuku futhi sekuzoba mnyama.
10 Ngabe sengibona owesifazane eyoyihlangabeza,Egqoke njengesifebe *+ futhi enenhliziyo enobuqili.
11 Unomsindo nenkani. +
Akahlali* endlini yakhe.
12 Manje ungaphandle, kungakabiphi nanguya usesesigcawini,Ucutha kuwo wonke amakhona. +
13 Ufike ayibambe le nsizwa ayiqabule;Ngokuzethemba athi kuyo:
14 “Bekufanele nginikele imihlatshelo ehlanganyelwayo. +
Namuhla ngizigcwalisile izifungo zami.
15 Yingakho ngiphumile ngazokuhlangabeza,Ngifuna wena, manje ngikutholile!
16 Umbhede wami ngiwendlale ngezindwangu ezisezingeni eliphezulu,Ilineni elimibalabala laseGibhithe. +
17 Embhedeni wami ngifafaze imure, inhlaba nesinamoni. +
18 Woza, masiphuze uthando sizanelise kuze kuse;Masizitike ngokubonisana uthando.
19 Ngoba umyeni wami akekho ekhaya;Uthathe uhambo olude.
20 Uhambe nesikhwama semali,Uyoze abuye mhla inyanga igcwele.”
21 Uyidukisa ngokuyithonya kakhulu. +
Uyiyenga ngenkulumo ebushelelezi.
22 Ngokushesha iyamlandela njengenkunzi iyohlatshwa,Njengesiwula esiboshwe ngozankosi* okumelwe sijeziswe, +
23 Kuze kube yilapho umcibisholo uhlaba isibindi sayo;Njengenyoni igijimela esicuphweni, ayazi ukuthi lokhu kuzoyilahlekisela ngokuphila kwayo. +
24 Manje madodana ami, ngilaleleni;Nakani amazwi engiwakhulumayo.
25 Ningazivumeli izinhliziyo zenu ziphambukele ezindleleni zakhe.
Ninganhlanhlatheli ezindleleni zakhe, +
26 Ngoba baningi ababangele ukuba babulawe, +Ababulele baningi. +
27 Indlu yakhe iholela eThuneni;*Yehlela emakamelweni okufa angaphakathi.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “umthetho.”
^ Noma, “ayengayo.”
^ Noma, “ngehele.”
^ NgesiHebheru, “eswele inhliziyo.”
^ Noma, “ingubo yesifebe.”
^ NgesiHebheru, “Izinyawo zakhe azihlali.”
^ Noma, “esifakwe ezingongolweni.”
^ Noma, “eShiyoli,” okuwukuthi, ithuna elivamile lesintu. Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.

