Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseGalathiya, Yabase-Efesu, YabaseFilipi NeyabaseKolose

Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseGalathiya, Yabase-Efesu, YabaseFilipi NeyabaseKolose

IZwi LikaJehova Liyaphila

Amaphuzu Avelele Encwadi YabaseGalathiya, Yabase-Efesu, YabaseFilipi NeyabaseKolose

LAPHO umphostoli uPawulu ezwa ukuthi abashisekeli benkolo yobuJuda baphambukisa amaKristu athile ekukhulekeleni okuhlanzekile, ubhala incwadi enamandla eya ‘emabandleni aseGalathiya.’ (Gal. 1:2) Le ncwadi eyabhalwa phakathi kuka-50-52 C.E., iqukethe iseluleko esiqondile nesikhuthazo esinamandla.

Eminyakeni engaba ishumi kamuva ngesikhathi eseRoma ‘eyisiboshwa sikaKristu Jesu,’ uPawulu ubhalela ibandla lase-Efesu, laseFilipi nelaseKolose, ewanikeza iseluleko esihle nesikhuthazo sothando. (Efe. 3:1) Namuhla singazuza ngokunaka isigijimi esikulezi zincwadi zeBhayibheli: EyabaseGalathiya, yabase-Efesu, yabaseFilipi neyabaseKolose.—Heb. 4:12.

“KUTHIWA ULUNGILE”— KANJANI?

(Gal. 1:1–6:18)

Njengoba abashisekeli benkolo yobuJuda bezama ngobuqili ukululaza uPawulu, uvikela ubuphostoli bakhe ngokunikeza imininingwane ethile ngokuphila kwakhe. (Gal. 1:11–2:14) Ephikisa izimfundiso zabo zamanga, uveza leli phuzu: “Umuntu kuthiwa ulungile, hhayi ngenxa yemisebenzi yomthetho, kodwa kuphela ngokholo kuKristu Jesu.”—Gal. 2:16.

UPawulu uthi uKristu ‘wabakhulula ngokubathenga labo abangaphansi komthetho,’ ukuze bajabulele inkululeko yobuKristu. Uyala abaseGalathiya ngokuqinile: “Yimani niqinile, ningazivumeli ukuba niphinde niboshelwe ejokeni lobugqila.”—Gal. 4:4, 5; 5:1.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

3:16-18, 28, 29Ingabe isivumelwano sika-Abrahama sisasebenza? Yebo, sisasebenza. Isivumelwano soMthetho sasingathathi indawo yesivumelwano sikaNkulunkulu no-Abrahama, kodwa sasithasisela kuso. Ngakho, isivumelwano sika-Abrahama saqhubeka sisebenza ngemva kokuba uMthetho ‘uqediwe.’ (Efe. 2:15) Izethembiso zaso zidluliselwa “enzalweni” yeqiniso ka-Abrahama—uKristu Jesu, oyinhloko, nalabo ‘abangabakaKristu.’

6:2—Uyini “umthetho kaKristu”? Lo mthetho uqukethe zonke izimfundiso nemiyalo kaJesu. Ngokukhethekile, uhlanganisa umyalo ‘wokuthandana.’—Joh. 13:34.

6:8—‘Sihlwanyela’ kanjani ‘sinombono womoya’? Ngokuphila ngendlela evumela umoya kaNkulunkulu ukuba usebenze ngokukhululekile kithi. Ukuhlwanyela sinombono womoya kuhilela ukuhlanganyela ngenhliziyo yonke emisebenzini ekhuthaza ukugeleza komoya.

Izifundo Esizitholayo:

1:6-9. Lapho kuphakama izinkinga ebandleni, abadala abangamaKristu kudingeka bathathe isinyathelo ngaphandle kokulibala. Ngokusebenzisa ukucabanga okuhluzekile nemiBhalo, bangakuchitha ngokushesha ukucabanga okungamanga.

2:20. Isihlengo siyisipho uNkulunkulu asinika umuntu ngamunye. Kufanele sifunde ukusibheka ngaleyo ndlela.—Joh. 3:16.

5:7-9. Abangane ababi ‘bangasithiya ukuba singaqhubeki silalela iqiniso.’ Siyobe sihlakaniphile uma sibaxwaya.

6:1, 2, 5Uma sisindwa umthwalo ongaba yinto esikhathazayo noma ubunzima obubangelwe ukuthatha isinyathelo esingafanele singazi, labo ‘abanezimfanelo ezingokomoya’ bangasithwalisa wona. Nokho, imithwalo yethu yemfanelo engokomoya yona kumelwe sizithwalele.

‘UKUBUTHELA ZONKE IZINTO KUKRISTU’

(Efe. 1:1–6:24)

Eqokomisa indaba yobunye bobuKristu encwadini ayibhalela abase-Efesu, uPawulu ukhuluma ‘ngesimiso sokuqondisa lapho kugcwala isilinganiso sezikhathi ezimisiwe sokuphinde abuthele ndawonye zonke izinto kuKristu, izinto ezisezulwini nezinto ezisemhlabeni.’ UKristu uye waphana “ngezipho ezingabantu” ukuze asize bonke ukuba ‘bafinyelele ubunye okholweni.’—Efe. 1:10; 4:8, 13.

Ukuze amaKristu adumise uNkulunkulu futhi akhuthaze ubunye, kufanele ‘agqoke ubuntu obusha’ futhi ‘azithobe komunye nomunye ngokwesaba uKristu.’ Kudingeka futhi ‘amelane ngokuqinile namaqhinga kaDeveli’ ngokugqoka zonke izembatho zempi ezingokomoya.—Efe. 4:24; 5:21; 6:11.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:4-7—AmaKristu agcotshiwe ámiselwa kanjani kusengaphambili engakazalwa? Amiselwa njengeqembu, noma isigaba, hhayi njengabantu ngabanye. Lokhu kwenzeka ngaphambi kokuba izwe lesintu esinesono libe khona. Isiprofetho esikuGenesise 3:15, esashiwo u-Eva engakakhulelwa futhi azale umuntu onesono, sihlanganisa nenjongo kaNkulunkulu yokuba abathile kubalandeli bakaKristu babuse naye ezulwini.—Gal. 3:16, 29.

2:2—Umoya wezwe ufana kanjani nomoya esiwuphefumulayo, futhi unegunya ngamuphi umqondo? “Umoya wezwe”—umoya wokuzibusa nokungalaleli—ugcwele yonke indawo njengomoya esiwuphefumulayo. (1 Kor. 2:12) Unegunya noma amandla ngoba uyakwazi ukuthonya, uyaphikelela kanti awudeli.

2:6—AmaKristu agcotshiwe angaba kanjani “ezindaweni zasezulwini” ebe esemhlabeni? Lapha, inkulumo ethi “ezindaweni zasezulwini” ayibhekiseli efeni lawo lasezulwini elithenjisiwe. Kunalokho, isho isikhundla sawo esiphakeme esingokomoya asithola lapho ‘ebekwa uphawu ngomoya ongcwele othenjisiwe.’—Efe. 1:13, 14.

Izifundo Esizitholayo:

4:8, 11-15. UJesu Kristu “wathumba izithunjwa,” okungukuthi, wasusa abantu ngaphansi kokulawula kukaSathane ukuze abasebenzise njengezipho zokwakha ibandla lobuKristu. ‘Singakhula ngothando kuzo zonke izinto sikhulele kuKristu’ ngokulalela nangokuzithoba kulabo abaholayo phakathi kwethu nangokubambisana namalungiselelo ebandla.—Heb. 13:7, 17.

5:22-24, 33. Ngaphezu kokuzithoba kumyeni wayo, inkosikazi kumelwe imhloniphe. Lokhu ikwenza ngokubonisa ‘umoya onokuthula nobumnene’ nangokulwela ukuba ahlonipheke ngokukhuluma kahle ngaye nangokusebenzela ukwenza ukuba izinqumo zakhe ziphumelele.—1 Pet. 3:3, 4; Thithu 2:3-5.

5:25, 28, 29. Njengoba nje indoda ‘izondla,’ kufanele imnakekele kahle nomkayo—ngokomzimba, ngokomzwelo nangokomoya. Kufanele futhi imazise ngokuchitha isikhathi esanele naye, imbonise isisa ngamazwi nangezenzo.

6:10-13. Ukuze simelane namademoni, kudingeka sizimisele ukugqoka izembatho zempi ezingokomoya ezivela kuNkulunkulu.

“QHUBEKANI NIHAMBA NGOKUHLELEKILE”

(Fil. 1:1–4:23)

Incwadi uPawulu ayibhalela abaseFilipi ichichima uthando. Uthi: “Yilokhu engiqhubeka ngikuthandazela, ukuthi sengathi uthando lwenu lungavama kakhulu ulwazi olunembile nokuqonda okuphelele.” Ebasiza ukuba bagweme ugibe lokuzethemba ngokweqile, uyabanxusa: “Qhubekani nisebenzela ukusindiswa kwenu siqu ngokwesaba nangokuthuthumela.”—Fil. 1:9; 2:12.

UPawulu ukhuthaza abavuthiwe ukuba baphishekele ‘emgomweni ukuze bathole umklomelo wobizo lwaphezulu lukaNkulunkulu.’ Uthi: “Ngezinga esesithuthuke ngalo, masiqhubeke sihamba ngokuhlelekile ngalo mkhondo ofanayo.”—Fil. 3:14-16.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

1:23—Iziphi ‘izinto ezimbili’ ezazicindezele uPawulu, futhi ikuphi “ukukhululwa” ayekufisa? Ngenxa yezimo ayebhekene nazo, wayecindezelwa ukuthi kwakunethuba lokuba afe noma aphile. (Fil. 1:21) Nakuba engasho ukuthi ikuphi ayengakukhetha, usitshela ngesifiso sakhe—“ukukhululwa nokuba kanye noKristu.” (Fil. 3:20, 21; 1 Thes. 4:16) Lokhu “kukhululwa” okwakuyokwenzeka phakathi nokuba khona kukaKristu kwakuyomenza athole umvuzo uJehova ayemlungisele wona.—Math. 24:3.

2:12, 13—UNkulunkulu usenza ukuba ‘sithande futhi senze’ ngayiphi indlela? Umoya ongcwele kaJehova ungasebenza ezinhliziyweni zethu nasezingqondweni zethu ukuze ukhulise kithi isifiso sokwenza okungcono kakhulu enkonzweni yakhe. Ngakho, lukhona usizo esilunikezwayo njengoba ‘siqhubeka sisebenzela insindiso yethu.’

Izifundo Esizitholayo:

1:3-5. Nakuba babempofu ngokwezinto ezibonakalayo, abaseFilipi basibekela isibonelo esihle sokuphana.—2 Kor. 8:1-6.

2:5-11. Njengoba isibonelo sikaJesu sibonisa, ukuthobeka akulona uphawu lobuthaka kodwa lobudoda. Ngaphezu kwalokho, uJehova uphakamisa abathobekileyo.—IzAga 22:4.

3:13. “Izinto ezingemuva” zingase zibe izinto ezinjengomsebenzi oholela kahle, ukulondeka kokuba yilungu lomkhaya ocebile, noma ngisho nezono ezimbi zesikhathi esidlule esiye saphenduka kuzo futhi ‘sagezwa sahlanzeka.’ (1 Kor. 6:11) Kufanele sizikhohlwe lezi zinto, okungukuthi, siyeke ukukhathazeka ngazo, futhi ‘selulekele phambili ezintweni ezingaphambili.’

‘UKUSIMAMISWA OKHOLWENI’

(Kol. 1:1–4:18)

Encwadini ayibhalela abaseKolose, uPawulu uphikisa imibono eyiphutha yabafundisi bamanga. Uthi ukusindiswa komuntu akuxhomekile ezimfunekweni zoMthetho, kodwa ‘ekuqhubekeni esokholweni.’ UPawulu ukhuthaza abaseKolose ukuba ‘baqhubeke bemunye noKristu, begxilile futhi bakhiwa kuye futhi besimamiswa okholweni.’ Lokho kuqiniswa kufanele kubathinte kanjani?—Kol. 1:23; 2:6, 7.

UPawulu uyabhala: “Ngaphezu kwazo zonke lezi zinto, gqokani uthando, ngoba luyisibopho esiphelele sobunye. Futhi, ukuthula kukaKristu makulawule ezinhliziyweni zenu.” Lo mphostoli uthi kubo: “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.” Ngokuphathelene nabangaphandle kwebandla, uthi: “Qhubekani nihamba ngokuhlakanipha.”—Kol. 3:14, 15, 23; 4:5.

Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo

2:8—Ziyini ‘izinto zokucathula zezwe’ uPawulu axwayisa ngazo? Ziyizinto ezivelele ezweni likaSathane—izinto noma izimiso eziwumgogodla walo ezilakhayo, ziliqondise noma zilishukumise. (1 Joh. 2:16) Zihlanganisa ifilosofi, ukuthanda izinto ezibonakalayo nezinkolo zamanga zaleli zwe.

4:16—Kungani incwadi yabaseLawodikeya ingekho eBhayibhelini? Kungenzeka ukuthi yingoba yayingenakho ukwaziswa okudingeka namuhla. Noma kungenzeka ukuthi yayiphinda amaphuzu atholakala kwezinye izincwadi eziyingxenye yeBhayibheli.

Izifundo Esizitholayo:

1:2, 20. Isihlengo esiyilungiselelo lomusa ongafanelwe kaNkulunkulu singahlanza onembeza bethu emuzweni wecala kanjalo sisinike ukuthula kwangaphakathi.

2:18, 23. “Ukuthobeka-mbumbulu”—ukuzishaya othobekile ukuze uhlabe abanye umxhwele mhlawumbe ngokulahla izinto ezibonakalayo noma ngokuphatha umzimba wakho ngesihluku—kuyisiboniso sokuthi umuntu ‘ukhukhumaliswa isimo sakhe sengqondo senyama.’