Eyokuqala KaJohane 2:1-29
2 Bantwanyana bami, nginibhalela lezi zinto ukuze ningasenzi isono. Nokho, uma umuntu enza isono, sinomsizi* kuBaba, uJesu Kristu, + olungile. +
2 Ungumhlatshelo oyisihlawulelo *+ wezono zethu, + nokho kungezona ezethu kuphela kodwa nezalo lonke izwe. +
3 Sazi ngalokhu ukuthi sesiyamazi, okungukuthi, uma siqhubeka sigcina imiyalo yakhe.
4 Lowo othi, “Sengiyamazi,” kodwa engayigcini imiyalo yakhe, ungumqambimanga, iqiniso alikho kulowo muntu.
5 Kodwa umuntu oligcinayo izwi lakhe, uthando lukaNkulunkulu lwenziwe lwaphelela ngempela kulowo muntu. + Sazi ngalokhu ukuthi simunye naye. +
6 Lowo othi uhlala emunye naye ungaphansi kwesibopho sokuqhubeka ehamba njengoba nje lowo ahamba. +
7 Bathandekayo, anginibhaleli umyalo omusha, kodwa umyalo omdala ebenilokhu ninawo kusukela ekuqaleni. + Lo myalo omdala uyizwi enalizwa.
8 Ngakolunye uhlangothi, nginibhalela umyalo omusha, oyiqiniso ngokuqondene naye nangokuqondene nani, ngoba ubumnyama buyadlula futhi ukukhanya kweqiniso sekuyakhanya. +
9 Lowo othi usekukhanyeni kodwa ebe ezonda + umfowabo usesebumnyameni. +
10 Lowo othanda umfowabo uhlala esekukhanyeni, + futhi ayikho into emkhubayo.
11 Kodwa lowo ozonda umfowabo usebumnyameni futhi uhamba ebumnyameni, + akazi nokuthi uyaphi, ngoba ubumnyama buwaphuphuthekisile amehlo akhe. +
12 Ngibhalela nina, bantwanyana, ngoba nithethelelwe izono zenu ngenxa yegama lakhe. +
13 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba nimnqobile omubi. + Ngibhalela nina, bantwana, ngoba seniyamazi uBaba. +
14 Ngibhalela nina, bobaba, ngoba seniyamazi lowo obekhona kusukela ekuqaleni. Ngibhalela nina, zinsizwa, ngoba ninamandla + nezwi likaNkulunkulu lihlala kini + futhi nimnqobile omubi. +
15 Ningalithandi izwe noma izinto ezisezweni. + Uma umuntu ethanda izwe, uthando lukaBaba alukho kuye; +
16 ngoba konke okusezweni—isifiso senyama + nesifiso samehlo + nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho*—akuveli kuBaba, kodwa kuvela ezweni.
17 Ngaphezu kwalokho, izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, + kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade. +
18 Bantwana, yihora lokugcina, futhi njengoba nje nizwile ukuthi umphik’ ukristu uyeza, + ngisho namanje sekunabaphik’ ukristu abaningi; + okuyiqiniso esazi ngalo ukuthi yihora lokugcina.
19 Baphuma kithi, kodwa babengebona abohlobo lwethu; *+ ukube babengabohlobo lwethu, babeyohlala nathi. Kodwa baphuma ukuze kuboniswe ukuthi akubona bonke abangabohlobo lwethu. +
20 Nina nigcotshwe ngongcwele, + nonke ninolwazi.
21 Anginibhaleli ngoba ningalazi iqiniso, + kodwa ngoba nilazi, nangenxa yokuthi akukho manga avela eqinisweni. +
22 Ngubani ongumqambimanga uma kungeyena lowo ophika ukuthi uJesu unguKristu? + Lowo nguye umphik’ ukristu, + lowo ophika uBaba neNdodana.
23 Wonke umuntu ophika iNdodana akanabo ubunye noBaba. + Kodwa noma ubani ovuma iNdodana + unobunye noBaba futhi. +
24 Kepha nina, lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kumelwe kuhlale kini. + Uma lokho enakuzwa kusukela ekuqaleni kuhlala kini, nani niyohlala nimunye neNdodana futhi nimunye noBaba.
25 Ngaphezu kwalokho, nansi into asithembisa yona—ukuphila okuphakade. +
26 Nginibhalela lezi zinto ngokuphathelene nalabo abazama ukunidukisa.
27 Kepha nina, ukugcotshwa enakwamukela kuye + kuhlala kini, futhi anidingi muntu ukuba anifundise; kodwa ukugcotshwa okuvela kuye kunifundisa zonke izinto, + futhi kuyiqiniso akuwona amanga. Njengoba nje kunifundisile, hlalani nimunye naye. +
28 Ngakho-ke, bantwanyana, hlalani nimunye naye, ukuze lapho ebonakaliswa sibe nenkululeko yokukhuluma + futhi singamshalazeli sinamahloni ekubeni khona kwakhe.
29 Uma nazi ukuthi ulungile, niyazi nokuthi wonke umuntu owenza ukulunga uzelwe nguye. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “sinommeli.”
^ Noma, “Ungumhlatshelo ohlawulela; Uyinhlawulo.”
^ Noma, “nokuqhosha ngezinto umuntu anazo.”
^ Noma, “babengebona abethu.”