Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

‘Ubufakazi Ezizweni Zonke’

“Nizoba ofakazi bami . . . nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IZENZO 1:8.

1. Abafundi baqala ukusizwa nini futhi bekuphi isiprofetho esilotshwe kuMathewu 24:14?

AMAZWI kaJesu alotshwe kuMathewu 24:14 ajwayeleke kakhulu kangangokuthi abaningi bethu bawazi ngekhanda. Ngempela, yeka ukuthi ayisiprofetho esimangalisa kangakanani! Cabanga ngalokho okumelwe ukuba abafundi bakucabanga lapho beqala ukuzwa lesi siprofetho! Kwakungonyaka ka-33 C.E. Kwase kuyiminyaka engaba mithathu abafundi benoJesu, futhi manje babeze naye eJerusalema. Babebone izimangaliso zakhe futhi bezwa nezimfundiso zakhe. Nakuba babejabula ngamaqiniso ayigugu uJesu ayebafundise wona, babeqaphela ukuthi akuwona wonke umuntu owayejabule. UJesu wayenezitha ezinamandla nezinethonya.

2. Iziphi izingozi nezinselele abafundi ababeyobhekana nazo?

2 ENtabeni Yeminqumo, abafundi abane babehlezi noJesu, belalelisisile njengoba ayekhuluma ngezingozi nangezinselele ababeyobhekana nazo. Ngaphambili, uJesu wayebatshele ukuthi wayezobulawa. (Mathewu 16:21) Manje wakwenza kwacaca ukuthi nabo babezophikiswa ngesihluku. Wathi: “Abantu bayoninikela osizini banibulale, futhi niyoba yizinto zokuzondwa yizizwe zonke ngenxa yegama lami.” Kwakungezukuphelela lapho. Abaprofethi bamanga babeyodukisa abaningi. Abanye babeyokhubeka, bakhaphelane futhi bazondane. Kanti abanye, empeleni “abaningi,” babeyovumela uthando lwabo ngoNkulunkulu neZwi lakhe ukuba luphole.—Mathewu 24:9-12.

3. Kungani amazwi kaJesu akuMathewu 24:14 emangalisa ngempela?

3 Kwakungemva kokukhuluma ngalezi zimo ezimbi lapho uJesu asho khona la mazwi okungenzeka abakhexisa abafundi. Wathi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:14) Yebo, umsebenzi uJesu awuqala kwa-Israyeli—‘wokufakazela iqiniso’—wawuyoqhubeka, wande uze wenziwe embulungeni yonke. (Johane 18:37) Yeka isiprofetho esikhexisa ngempela! Kwakuyoba inselele ukwandisa lo msebenzi uze ufinyelele ‘izizwe zonke’; ukukwenza lokho ‘bezondwa yizizwe zonke’ kwakuyoba isimanga sangempela. Ukufezwa kwalo msebenzi omkhulu kangaka kwakungeke nje kuphela kubonise ubukhulu bokuphakama namandla kaJehova kodwa kwakuyobonisa uthando, isihe nokubekezela kwakhe. Ngaphezu kwalokho, kwakuyonika izinceku zakhe ithuba lokubonisa ukholo nokuzinikela kwazo.

4. Obani abatshelwa ukuba benze umsebenzi wokufakaza, futhi iyiphi induduzo uJesu abanikeza yona?

4 UJesu washiya abafundi bakhe bengangabazi neze ukuthi babehlalelwe umsebenzi omkhulu. Ngaphambi kokwenyukela ezulwini, uJesu wabonakala kubo wathi: “Nizokwamukela amandla lapho umoya ongcwele ufika phezu kwenu, futhi nizoba ofakazi bami eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya neSamariya nasezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) Yiqiniso, kwakunabanye ababezozihlanganisa nabo ngokushesha. Noma kunjalo, abafundi babembalwa. Yeka ukuthi kumelwe ukuba kwakududuza kanjani ukwazi ukuthi umoya ongcwele onamandla kaNkulunkulu wawuzobanika amandla okufeza lesi sabelo saphezulu!

5. Ikuphi abafundi ababengakwazi ngomsebenzi wokufakaza?

5 Abafundi babazi ukuthi kwakumelwe bashumayele izindaba ezinhle futhi ‘benze abantu bazo zonke izizwe babe abafundi.’ (Mathewu 28:19, 20) Kodwa babengazi ukuthi ubufakazi babuyonikezwa ngokuphelele kangakanani, futhi babengazi ukuthi isiphelo sasiyofika nini. Nathi asazi. UJehova yedwa onqumayo. (Mathewu 24:36) Lapho uJehova esanelisekile ngobufakazi obunikeziwe, uyoletha isiphelo salesi simiso sezinto esibi. Kungaleso sikhathi kuphela lapho amaKristu eyobona khona ukuthi umsebenzi wokushumayela uye wafezwa ngezinga uJehova alihlosile. Labo bafundi bokuqala babengeke bakwazi ukubona kusengaphambili ukuthi bukhulu kangakanani ubufakazi obabuyonikezwa kulesi sikhathi sokuphela.

Ubufakazi Ekhulwini Lokuqala

6. Kwenzekani ngePhentekoste lika-33 C.E. nangemva nje kwalo?

6 Umsebenzi wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi waba nemiphumela emangalisayo ekhulwini lokuqala. Ngosuku lwePhentekoste lika-33 C.E., abafundi abangaba ngu-120 babehlangene ekamelweni eliphezulu eJerusalema. Umoya ongcwele kaNkulunkulu wathululwa phezu kwabo, umphostoli uPetru wanikeza inkulumo eshukumisayo echaza okwakushiwo yilesi simangaliso, futhi abangaba ngu-3 000 baba amakholwa babhapathizwa. Kwakuseyisiqalo lokho. Naphezu kwemizamo yokuzimisela yabaholi benkolo yokumisa ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle, “uJehova waqhubeka enezela [kubafundi] nsuku zonke abasindiswayo.” Ngokushesha, “inani lamadoda lalicishe libe izinkulungwane eziyisihlanu.” Ngemva kwalokho, “abakholwa yiNkosi baqhubeka benezelwa, uquqaba lwamadoda nabesifazane.”—IzEnzo 2:1-4, 8, 14, 41, 47; 4:4; 5:14.

7. Kungani ukuguquka kukaKorneliyu kwakuyisenzakalo esiphawulekayo?

7 Ngonyaka ka-36 C.E. kwaba nesinye isenzakalo esiphawulekayo—ukuguquka nokubhapathizwa kukaKorneliyu, ongoweZizwe. Lapho eqondisa umphostoli uPetru kulo muntu owesaba uNkulunkulu, uJehova wabonisa ukuthi umyalo kaJesu ‘wokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi’ wawungabhekisele ekushumayezeni kuphela amaJuda ayesemazweni ahlukahlukene. (IzEnzo 10:44, 45) Basabela kanjani labo ababehola? Lapho abaphostoli namadoda amadala eJudiya beqaphela ukuthi izindaba ezinhle zazizoyiswa nakubantu bezizwe—abantu abangewona amaJuda—bakhazimulisa uNkulunkulu. (IzEnzo 11:1, 18) Umsebenzi wokushumayela wona wawulokhu uqhubeka uthela izithelo phakathi kwamaJuda. Eminyakeni ethile kamuva, cishe ngo-58 C.E., ‘izinkulungwane eziningi zamakholwa angamaJuda’ zanezelwa kula makholwa angabeZizwe.—IzEnzo 21:20.

8. Izindaba ezinhle zibathinta kanjani abantu ngabanye?

8 Nakuba izibalo zokwanda kwamaKristu ekhulu lokuqala zihlaba umxhwele, akufanele nanini sikhohlwe abantu ngabanye abamelelwa yilezo zibalo. Isigijimi seBhayibheli abasizwa sasinamandla. (Hebheru 4:12) Sakushintsha kakhulu ukuphila kwalabo ababesamukela. Abantu bahlanza ukuphila kwabo, bagqoka ubuntu obusha, futhi babuyisana noNkulunkulu. (Efesu 4:22, 23) Kungokufanayo nanamuhla. Labo abamukela izindaba ezinhle bonke banethemba elimangalisayo lokuphila phakade.—Johane 3:16.

Izisebenzi Ezikanye NoNkulunkulu

9. AmaKristu okuqala aqaphela ukuthi ayenaliphi ilungelo nomthwalo wemfanelo?

9 AmaKristu okuqala awazange azishaye isifuba ngalokho okwakufezwa. Aqaphela ukuthi umsebenzi wawo njengezikhonzi wawusekelwa “ngamandla omoya ongcwele.” (Roma 15:13, 19) NguJehova owayebangela ukwanda okungokomoya. Ngesikhathi esifanayo, lawo maKristu ayazi ukuthi ayenelungelo nomthwalo wemfanelo wokuba “izisebenzi ezikanye noNkulunkulu.” (1 Korinte 3:6-9) Ngenxa yalokho, ngokuvumelana nomyalo kaJesu, azikhandla ngamandla emsebenzini ayewabelwe ukuba awenze.—Luka 13:24.

10. Imiphi imizamo amanye amaKristu okuqala ayenza ukuze anikeze ubufakazi kuzo zonke izizwe?

10 ‘Njengomphostoli ezizweni,’ uPawulu wahamba izinkulungwane zamakhilomitha ezweni nasolwandle emisa amabandla amaningi esifundazweni sase-Asiya esasibuswa iRoma kanye naseGrisi. (Roma 11:13) Waya naseRoma futhi kungenzeka ukuthi waya naseSpain. Kanti njengoba umphostoli uPetru ayephathiswe ‘izindaba ezinhle zalabo abasokile,’ yena waya ngakolunye uhlangothi ukuze ayokhonza eBhabhiloni, elaliyisikhungo esibalulekile sobuJuda ngaleso sikhathi. (Galathiya 2:7-9; 1 Petru 5:13) Phakathi kwabaningi abanye abazikhandla emsebenzini weNkosi kwakunabesifazane abanjengoTrifina noTrifosa. Omunye owesifazane, uPersisi, kuthiwa “wenza imisebenzi eminingi eNkosini.”—Roma 16:12.

11. UJehova wayibusisa kanjani imizamo yabafundi?

11 UJehova wayibusisa ngokucebile imizamo yabo neyezinye izisebenzi ezishisekayo. Eminyakeni engaphansi kwengu-30 uJesu abikezela ukuthi kwakuyonikezwa ubufakazi kuzo zonke izizwe, uPawulu wabhala ukuthi ‘izindaba ezinhle’ zase ‘zishunyayelwe kuyo yonke indalo engaphansi kwezulu.’ (Kolose 1:23) Ingabe ukuphela kwafika ngaleso sikhathi? Ngokwengxenye, yebo kwafika. Kwafikela isimiso sezinto samaJuda ngonyaka ka-70 C.E. lapho amabutho amaRoma ebhubhisa iJerusalema kanye nethempeli. Nokho, uJehova wayenqume ukuthi kwakuyonikezwa ubufakazi obukhulu kunalobu ngaphambi kokuba aqede isimiso sezinto sikaSathane sembulunga yonke.

Ubufakazi Obunikezwayo Namuhla

12. AbaFundi BeBhayibheli bokuqala bawuqonda kanjani umyalo wokushumayela?

12 Phakathi nengxenye yokugcina yekhulu le-19, ngemva kwenkathi ende yokuhlubuka okungokwenkolo, ukukhulekela okuhlanzekile kwamiswa kabusha. AbaFundi BeBhayibheli, njengoba oFakazi BakaJehova babaziwa kanjalo ngaleso sikhathi, bawuqonda ngokucacile umyalo wokwenza abafundi emhlabeni wonke. (Mathewu 28:19, 20) Ngonyaka ka-1914, babengaba ngu-5 100 ababehlanganyela ngenkuthalo emsebenzini wokushumayela, futhi izindaba ezinhle zase zifinyelele emazweni angu-68. Nokho, labo baFundi BeBhayibheli bokuqala abazange bakuqonde ngokugcwele okwakushiwo uMathewu 24:14. Ngasekupheleni kwekhulu le-19, iBhayibheli eliqukethe izindaba ezinhle noma ivangeli, lase lihunyushwe futhi lanyatheliswa izinhlangano zeBhayibheli ngezilimi eziningi futhi lasakazwa emhlabeni wonke. Ngakho, amashumi athile eminyaka, abaFundi BeBhayibheli bake bacabanga ukuthi ubufakazi ezizweni base bunikeziwe.

13, 14. INqabayokulinda ka-1928 yanikeza kuphi ukuqonda okuthé xaxa ngentando nenjongo kaNkulunkulu?

13 Kancane kancane, uJehova wanika abantu bakhe ukuqonda okucace ngokwengeziwe mayelana nentando nenjongo yakhe. (IzAga 4:18) INqabayokulinda yesiNgisi ka-December 1, 1928, yathi: “Ingabe singasho ukuthi ukusakazwa kwamaBhayibheli kugcwalisa umsebenzi obikezelwe wokushumayela ivangeli lombuso? Cha! Naphezu kwalokhu kusakazwa kwamaBhayibheli, kusadingeka ukuba iqembu likaNkulunkulu elincane lofakazi abasemhlabeni linyathelise izincwadi ezichaza [injongo] kaNkulunkulu futhi lihambele imizi okushiywe kuyo la maBhayibheli. Ngaphandle kwalokho abantu bangahlala bengazi lutho ngokumiswa kukahulumeni kaMesiya osukwini lwethu.”

14 Leyo Nqabayokulinda yaqhubeka: “Ngo-1920, . . . abaFundi BeBhayibheli basiqonda kahle isiprofetho seNkosi yethu esikuMathewu 24:14. Babe sebeqaphela ukuthi ‘leli vangeli’ okwakumelwe lishunyayelwe emhlabeni wonke ukuze kube ubufakazi kwabeZizwe noma ezizweni zonke, kwakungelona ivangeli lombuso owawuseza kodwa kwakuyivangeli lokuthi iNkosi enguMesiya isikuqalile ukubusa kwayo emhlabeni.”

15. Umsebenzi wokufakaza uye wanda kangakanani kusukela ngawo-1920?

15 Lelo ‘qembu elincane lofakazi’ langawo-1920 alizange lihlale lilincane. Emashumini eminyaka alandela, kwaqondwa ukuthi singobani “isixuku esikhulu” ‘sezinye izimvu’ futhi saqala ukubuthwa. (IsAmbulo 7:9; Johane 10:16) Namuhla, kunabamemezeli bezindaba ezinhle abangu-6 613 829 emazweni omhlaba angu-235. Yeka ukugcwaliseka kwesiprofetho okumangalisayo! “Lezi zindaba ezinhle zombuso” azikaze ngaphambili zishunyayelwe ngezinga elikhulu kangaka. Akukaze ngaphambili emhlabeni kube nezinceku zikaJehova ezithembekile eziningi kangaka.

16. Yini eye yafezwa onyakeni wenkonzo odlule? (Bheka ishadi emakhasini 27-30.)

16 Ndawonye, lesi sixuku esikhulu soFakazi siye saba matasa phakathi nonyaka wenkonzo ka-2005. Kuye kwasetshenzwa amahora angaphezu kwezigidi eziyinkulungwane kumenyezelwa izindaba ezinhle emazweni angu-235. Kwenziwa izigidi zezimpindelo, kwaqhutshwa izigidi zezifundo zeBhayibheli. Lo msebenzi uye wafezwa oFakazi BakaJehova abaye banikela ngesihle ngesikhathi sabo nangezinto zabo ukuze baxoxe nabanye ngeZwi likaNkulunkulu. (Mathewu 10:8) Ngomoya wakhe ongcwele onamandla, uJehova uyaqhubeka enikeza izinceku zakhe amandla okufeza intando yakhe.—Zakariya 4:6.

Basebenza Kanzima Ukuze Banikeze Ubufakazi

17. Abantu bakaJehova basabela kanjani emazwini kaJesu mayelana nokushumayela izindaba ezinhle?

17 Nakuba sekudlule iminyaka ecishe ibe ngu-2 000 uJesu athi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa, intshiseko yabantu bakaNkulunkulu ngalo msebenzi ayikanciphi. Siyazi ukuthi ngokukhuthazela kwethu ekwenzeni okuhle, sibonakalisa izimfanelo zikaJehova zothando, isihe nokubekezela. Njengaye, asifisi ukuba kubhubhe namunye kodwa sifisa ukuba abantu baphenduke futhi babuyisane noJehova. (2 Korinte 5:18-20; 2 Petru 3:9) Bevutha ngomoya kaNkulunkulu, oFakazi BakaJehova baqhubeka ngentshiseko bememezela izindaba ezinhle kuze kube semikhawulweni yomhlaba. (Roma 12:11) Ngenxa yalokho, abantu kuyo yonke indawo bamukela iqiniso futhi bazivumelanisa nesiqondiso sikaJehova sothando. Cabangela izibonelo ezimbalwa.

18, 19. Ikuphi okuhlangenwe nakho ongakulandisa kwabantu abathile abasabela kahle ezindabeni ezinhle?

18 UCharles wayengumlimi entshonalanga yeKenya. Ngo-1998 wadayisa amakhilogremu angaphezu kuka-8 000 kagwayi futhi waklonyeliswa ngesitifiketi sokuthi wayenguMlimi Kagwayi Obadlula Bonke. Khona manjalo, waqala ukutadisha iBhayibheli. Ngokushesha waqaphela ukuthi umuntu onesandla ekukhiqizeni ugwayi wephula umyalo kaJesu othi sithande umakhelwane wethu. (Mathewu 22:39) Lapho efinyelela esinqumweni sokuthi ‘umlimi kagwayi obadlula bonke’ empeleni ‘ngumbulali obadlula bonke,’ uCharles wafutha izitshalo zakhe zikagwayi ngobuthi. Wathuthuka wazinikezela futhi wabhapathizwa kanti manje uyiphayona elivamile futhi uyinceku ekhonzayo.

19 Akungatshazwa ukuthi uJehova uzamazamisa izizwe ngomsebenzi wokufakaza owenziwa embulungeni yonke, futhi izinto ezifiselekayo—abantu—ziyangena. (Hagayi 2:7) UPedro, ohlala ePortugal, waya esikoleni sokufundela ubufundisi eneminyaka engu-13 ubudala. Umgomo wakhe kwakuwukuba umvangeli wakwamanye amazwe futhi afundise iBhayibheli. Nokho ngemva kwesikhashana, washiya esikoleni sobufundisi ngoba kwakuqabukela kuphathwa iBhayibheli ezifundweni zakhe. Ngemva kweminyaka eyisithupha wayeseseyunivesithi yaseLisbon efunda ngokusebenza kwengqondo. Wahlala noninakazi, owayengomunye woFakazi BakaJehova, owamkhuthaza ukuba atadishe iBhayibheli. Ngaleso sikhathi, uPedro wayengaqiniseki ukuthi uNkulunkulu ukhona, nokuthi kumelwe yini abe nesifundo seBhayibheli noma cha. Wakhuluma noprofesa wakhe wezokusebenza kwengqondo ngendaba yokuba manqikanqika. Uprofesa wathi isayensi yokusebenza kwengqondo ifundisa ukuthi abantu abangakwazi ukwenza izinqumo bavame ukuzilimaza bona. Lapho ezwa lokho, uPedro wanquma ukuba abe nesifundo seBhayibheli. Usanda kubhapathizwa futhi manje unezakhe izifundo zeBhayibheli aziqhubayo.

20. Kungani singakuthokozela ukuthi kunikezwa ubufakazi ezizweni ngezinga elikhulu kangaka?

20 Asazi namanje ukuthi ubufakazi buyonikezwa ngezinga elingakanani ezizweni, singalwazi nosuku nehora ukuphela okuyofika ngalo. Esikwaziyo ukuthi kuzoba maduzane. Siyathokoza ngokuthi ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle ngezinga elikhulu kangaka kumane nje kungenye yezinkomba eziningi zokuthi sesisondele isikhathi sokuba uMbuso kaNkulunkulu uthathe indawo yohulumeni babantu. (Daniyeli 2:44) Unyaka ngamunye odlulayo, izigidi zinikezwa ithuba lokusabela ezindabeni ezinhle, futhi lokhu kukhazimulisa uNkulunkulu wethu, uJehova. Kwangathi singazimisela ukuhlala sithembekile futhi simatasa kanye nabafowethu emhlabeni wonke emsebenzini wokufakaza ezizweni zonke. Ngokwenza kanjalo, siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo.—1 Thimothewu 4:16.

Usakhumbula?

• Kungani uMathewu 24:14 eyisiprofetho esimangalisa kangaka?

• Imiphi imizamo amaKristu okuqala ayenza ekushumayeleni, futhi kwaba namiphi imiphumela?

• AbaFundi BeBhayibheli basiqonda kanjani isidingo sokufakaza kuzo zonke izizwe?

• Lapho uhlola umsebenzi wabantu bakaJehova wonyaka wenkonzo odlule, ikuphi okukuhlaba umxhwele?

[Imibuzo Yesifundo]

[Ishadi ekhasini 27-30]

UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-2005 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE

(Bheka umqulu)

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 25]

UPawulu wahamba izinkulungwane zamakhilomitha ezweni nasolwandle ukuze ashumayele izindaba ezinhle

[Isithombe ekhasini 24]

UJehova waqondisa uPetru ukuba afakaze kuKorneliyu nomkhaya wakhe