Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UJehova Wangisiza Ukuba Ngimthole

UJehova Wangisiza Ukuba Ngimthole

Indaba Yokuphila

UJehova Wangisiza Ukuba Ngimthole

ILANDISWA UFLORENCE CLARK

Ngabamba isandla somyeni wami owayebangwa nezibi. Njengoba ngangingumSheshi, ngathandaza kuNkulunkulu ngicela ukuba umyeni wami alulame, ngamthembisa ukuthi uma engasinda, ngizomfuna ngize ngimthole, ngibe ngowakhe.

NGAZALWA ngo-September 18, 1937, eMphakathini Wase-Oombulgurri waboMdabu base-Australia eThafeni LaseKimberley elicezile, eNtshonalanga Australia. Ngaqanjwa igama elithi Florence Chulung.

Ngikhumbula ukuthi ukuphila kwakungeve kumnandi ngisemncane, ngingakhathazeki ngezinto eziningi. Ngafunda izintwana eziyisisekelo ngoNkulunkulu nangeBhayibheli emishini yesonto, kodwa ngumama owangifundisa izimiso zobuKristu. Wayengifundela iBhayibheli njalo, futhi ngaqala ngisemncane ukuthanda izindaba eziphathelene noNkulunkulu. Omunye womamekazi bami wayengumshumayeli wevangeli wesonto labo, ngakho ngangimhlonipha. Enhliziyweni yami ngangazi ukuthi ngifuna ukuba njengaye.

Isikole sasendaweni yakithi, eyayibizwa ngokuthi iMishini YaseForrest River, sasigcina ebangeni lesithathu. Esikoleni sasifunda amahora amabili kuphela ekuseni. Lokhu kwasho ukuthi ngangingeke ngifunde kangako, okuyinto eyayimkhathaza ubaba. Wayefuna ukuba izingane zakhe zithole imfundo engconywana, ngakho wanquma ukuba sisuke e-Oombulgurri sithuthele edolobhaneni laseWyndham. Nakuba ngangidabukile mhla sithutha, eWyndham ngakwazi ukuya esikoleni esifundisa amahora agcwele phakathi neminyaka emine eyalandela, kusukela ngo-1949 kuya ku-1952. Angive ngimbonga ubaba ngokungisiza ukuba ngithole leyo mfundo.

Umama wayesebenzela udokotela wendawo, futhi lapho ngiphuma esikoleni ngineminyaka engu-15, lo dokotela wangibuza ukuthi ngingathanda yini ukusebenza njengomhlengikazi esibhedlela saseWyndham. Ngavumela phezulu, kwazise nomsebenzi wawuyindlala ngaleso sikhathi.

Ngemva kweminyaka ethile ngahlangana no-Alec, umlungu ongumlimi ofuyile. Sashada ngo-1964 edolobhaneni laseDerby elalineSonto LaseSheshi engangiya njalo kulo. Ngelinye ilanga kwafika oFakazi BakaJehova kwami. Ngabatshela ukuthi anginaso nhlobo isifiso sokulalela lokho abeze ngakho, ngabacela ukuba bangaphinde bafike. Nokho, basho into eyavusa ilukuluku kimi—uNkulunkulu unegama, nguJehova.

“Awukwazi Yini Ukuzithandazela?”

Ngo-1965 ukuphila kwaqala ukuba nzima kakhulu. Umyeni wami wavelelwa izingozi ezintathu ezimbi impela—ezimbili egibele ihhashi neyodwa egibele imoto. Ngenhlanhla, walulama waphindela emsebenzini. Nokho, ngemva nje kwalokho wavelelwa enye futhi ingozi egibele ihhashi lakhe. Kulokhu, walimala kakhulu ekhanda. Lapho ngifika esibhedlela, udokotela wangitshela ukuthi umyeni wami uzofa. Ngakhungatheka. Umhlengikazi othile wacela umpristi wendawo ukuba azongibona, kodwa umpristi wathi: “Ngeke ngize manje. Ngizoza kusasa!”

Ngangifuna ukuba umpristi azongizimazisa angithandazise, futhi ngatshela indelakazi ngalokhu. Yathi: “Uxakwa yini? Awukwazi yini ukuzithandazela?” Ngakho, ngaqala ukuthandazela usizo ezithombeni zesonto—kwangasiza. Ukhukho lwalumuka nomoya kumyeni wami. Ngacabanga, ‘Ngiyothathani ngihlanganise nani nje uma umyeni wami engashona?’ Ngangikhathazeke nangezingane zethu ezintathu—uChristine, uNanette noGeoffrey. Zaziyoba yini zingasenayise? Ngajabula lapho umyeni wami ephaphama ngemva kwezinsuku ezintathu, futhi ngo-December 6, 1966, wakhishwa esibhedlela.

Nakuba yena alulama impela, wayelimele ebuchosheni. Inkumbulo yakhe yayithintekile futhi wayeseneconsi. Ukuqondisa izingane kwase kunzima kuye, ezikhahlameza kabi uma zingaziphathisi okwabantu abadala. Kwakunzima ukumnakekela. Kwakudingeka ngimenzele cishe yonke into. Ngamfundisa kabusha ngisho nokufunda nokubhala. Ukukhandleka ngenxa yokumnakekela ngibe ngenza eminye imisebenzi yasekhaya kwazwela, ngaba nesifo sokuphazamiseka ngokomzwelo. Eminyakeni engu-7 ngemva kwengozi yakhe, sanquma ukuhlukana isikhashana ukuze ngikwazi ukululama.

Ngathatha izingane saya eningizimu edolobheni lasePerth. Singakathuthi, udadewethu wayeqale ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova eKununurra, idolobhana eliseNtshonalanga Australia. Wangibonisa isithombe encwadini ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade, * esibonisa ukugcwaliseka kwesithembiso seBhayibheli somhlaba oyipharadesi. Kule ncwadi, wangibonisa nokuthi uNkulunkulu unegama, elithi Jehova, futhi ngakuthakasela lokhu. Njengoba ngangingakaze ngizitshelwe lezi zinto esontweni lami, nganquma ukushayela oFakazi BakaJehova ucingo uma sengizinzile ePerth.

Nokho, ngangimanqikanqika ukubathinta. Kusihlwa ngolunye usuku, kwangqongqoza othile. Indodana yami yahamba yayobheka yabuya ishesha, yathi, “Mama, yilabaya bantu owathi uzobashayela ucingo.” Kwathanda ukungimangaza lokho, ngathi, “Batshele ukuthi angikho!” Kodwa yaphendula, “Ngiqambe amanga, mama?” Ngashayeka, ngahamba ngayovula umnyango. Lapho ngizibingelela lezi zivakashi, ngaphawula ukuthi zibukeka zididekile. Zazize komunye umuntu, owayesethuthile. Ngazingenisa ngaziphonsa inqwaba yemibuzo, ngathola izimpendulo ezigculisayo ezivela eBhayibhelini.

Ngesonto elilandelayo, ngaqala ukutadisha iBhayibheli njalo noFakazi, sisebenzisa incwadi ethi Iqiniso Eliholela Ekuphileni Okuphakade. Isifundo savuselela uthando lwami lokufunda ngoNkulunkulu. Ngemva kwamasonto amabili, ngaya eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu Jesu. Ngaqala ukuya emihlanganweni njalo ngeSonto, futhi kungakabiphi ngase ngiya nasemihlanganweni yaphakathi nesonto. Ngaqala nokuxoxela abanye izinto engangizifunda. Ngathola ukuthi ukusiza abanye bazi amaqiniso eBhayibheli kungenza ngibe ngconywana engqondweni nangokomzwelo. Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ngabhapathizwa emhlanganweni wesigodi ePerth.

Njengoba ngangithuthuka ngokomoya, ngaqonda umbono kaJehova ngobungcwele bomshado, kanye nesimiso seBhayibheli esikweyoku-1 Korinte 7:13, esithi: “Owesifazane onomyeni ongakholwa, nokho umyeni evuma ukuhlala naye, makangamshiyi umyeni wakhe.” Lo mBhalo wangishukumisela ukuba ngibuyele ku-Alec.

Ukuphindela EDerby

Ngafika eDerby ngo-June 21, 1979, ngemva kweminyaka engaphezu kwemihlanu sahlukana nomyeni wami. Ngangijabule kodwa futhi nginexhala, ngizibuza ukuthi kazi uzongamukela kanjani. Ngamangala lapho ekujabulela ukubuya kwami, yize aveza ukuthi udumele ngokuthi sengingomunye woFakazi BakaJehova. Khona manjalo wasikisela ukuba ngiye esontweni lakhe, engangisonta kulo ngaphambi kokuya ePerth. Ngachaza ukuthi anginakukwenza lokho. Ngazama kakhulu ukuhlonipha ubunhloko bakhe, ngenza konke okusemandleni njengomfazi ongumKristu. Ngazama ukuxoxa naye ngoJehova nangezithembiso zaKhe ezimangalisayo zesikhathi esizayo, kodwa kwakungathi diki.

Nokho, ngokuhamba kwesikhathi u-Alec akagcinanga ngokwamukela indlela yami entsha yokuphila kodwa futhi waqala nokungisiza ngemali ukuze ngikwazi ukuya emihlanganweni yesigodi neyesifunda, kanye nakweyebandla. Ngambonga kakhulu lapho ethenga imoto—ewusizo olukhulu kule ndawo ecezile yase-Australia—ukuze ngiyisebenzise enkonzweni yobuKristu. Abazalwane nodade, kuhlanganise nombonisi wesifunda, babevamile ukuhlala izinsukwana emzini wethu. Lokhu kwenza u-Alec wazana noFakazi abahlukahlukene, futhi wayebonakala ekujabulela ukuba kanye nabo.

Ngazizwa NjengoHezekeli

Ngangikujabulela ukuvakasha kwabazalwane nodade, kodwa ngangibhekene nenselele. Kwakuyimi ngedwa uFakazi ohlala eDerby. Ibandla eliseduze laliseBroome eqhele ngamakhilomitha angu-220. Ngakho nganquma ukwenza konke okusemandleni ami ukuze ngisakaze izindaba ezinhle. Ngosizo lukaJehova, ngahlela izimo zami ngaqala ukushumayela endlini ngendlu. Wawunzima kimi lo msebenzi, kodwa ngangilokhu ngizikhumbuza amazwi omphostoli uPawulu: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”—Filipi 4:13.

Abefundisi bendawo abawenamelanga umsebenzi wami, ikakhulu ukushumayela kwami esizweni sakithi. Bazama ukungesabisa nokungiyekisa ukushumayela. Ukuphikisa kwabo kwamane kwangenza ngazimisela ngokwengeziwe ukuqhubeka, ngithandazela usizo kuJehova njalo. Ngangiye ngikhumbule amazwi akhuthazayo ashiwo kuHezekeli: “Bheka! Ngenzé ubuso bakho baqina bafana ncamashí nobuso babo nebunzi lakho laqina lafana ncamashí nebunzi labo. Ngenzé ibunzi lakho laba njengedayimane, laba lukhuni kunensengetsha. Ungabesabi, futhi ungafikelwa ukwethuka ngenxa yobuso babo, ngoba bayindlu edlubulundayo.”—Hezekeli 3:8, 9.

Amahlandla amaningana, amadoda amabili esonto elalihlanganise izinkolo ezithile ayeza kimi lapho ngisezitolo. Ayefika angihleke abange umsindo exokozela, ezama ukudonsa amehlo abanye abathengi. Ngangingawanaki. Kwake kwathi ngisempindelweni kumuntu othakazelayo, kwafika umfundisi wesonto lendawo wangigxeka ethi angikholelwa kuJesu. Wangihlwitha iBhayibheli, wangihlohloloza ngalo wayeselifuqa esandleni sami. Ngambheka ngqo emehlweni, ngomoya ophansi kodwa ngezwi eliqinile ngacaphuna uJohane 3:16, ngamqinisekisa ukuthi nginalo ukholo kuJesu. Inkukhu yanqunywa umlomo lapho ezwa ngimphendula ngokuqiniseka, wajokola engathanga vu.

Ngangikujabulela ukushumayela kwaboMdabu eDerby. Umpristi wakwenye indawo wazama ukungivimba ukuba ngingashumayeli kubantu balapho, kodwa washintshwa wayiswa kwenye indawo. Ngakho, ngakwazi ukubalethela isigijimi seBhayibheli. Selokhu kwathi nhlo, ngangifuna ukuba umshumayeli wevangeli njengomamekazi, futhi manje ngase ngenza wona umsebenzi wezithunywa zevangeli, ngisiza abanye ukuba bafunde iZwi likaNkulunkulu. AboMdabu abaningi basabela kahle ekushumayeleni kwami, futhi ngaqala izifundo zeBhayibheli eziningana.

Ukuqaphela Isidingo Sami Esingokomoya

Kwaphela iminyaka emihlanu kuyimi ngedwa uFakazi kaJehova eDerby. Kwakunzima ukuhlala ngiqinile ngokomoya ngibe ngingatholi sikhuthazo ngokuhlangana njalo nabafowethu abangokomoya. Ngolunye usuku ngizizwa ngidangele kakhulu ngangena emotweni ngathi ukuhamba. Lapho ngibuya ntambama, ngase ngilindwe udade nezingane zakhe ezingu-7. Babengiphathele izincwadi zeBhayibheli ezivela ebandleni laseBroome, elalikude le. Kusukela lapho, lo dade, uBetty Butterfield, wahlela ukuza eDerby kanye ngenyanga azohlala nami impelasonto. Sasihamba ndawonye siyoshumayela bese sitadisha INqabayokulinda ndawonye ekhaya. Nami ngangiya eBroome kanye ngenyanga.

Abazalwane baseBroome babengeve bewusizo futhi ngezinye izikhathi babethatha uhambo olude beze eDerby bezongisiza enkonzweni yasensimini. Babenxusa noma imuphi umzalwane noma udade wakwelinye idolobhana owayezodlula ngaseDerby ukuba adlule kimi futhi ahlanganyele nami enkonzweni. La maKristu ayedlula ayengiphathela namakhasethi ezinkulumo zeningi. Amanye ayetadisha nami INqabayokulinda. Lokhu kuvakashelwa isikhashana kwakungikhuthaza kakhulu.

Ukuza Kosizo Olwengeziwe

Iminyaka ethile ngangithola umfutho owengeziwe lapho kufika u-Arthur noMary Willis, umbhangqwana waseningizimu yeNtshonalanga Australia owawusuthathe umhlalaphansi, bezongisiza izinyanga ezintathu ngenkathi yonyaka epholile. UMfoweth’ uWillis wayeqhuba cishe yonke imihlangano futhi ahole enkonzweni yasensimini. Sasihamba siye ezindaweni eziqhele kakhudlwana zeThafa LaseKimberley, sihambele amapulazi ezinkomo akulezi zindawo ezikude. Njalo lapho uMfoweth’ uWillis nomkakhe behamba, babengishiya nesikhulu isizungu.

Ekugcineni, ngasekupheleni kuka-1983, ngathola izindaba ezimnandi zokuthi kukhona umkhaya ozayo ozohlala eDerby—uDanny noDenise Sturgeon namadodana abo amane. Ngemva kokufika kwabo, sakwazi ukuyiqhuba njalo imihlangano yamasonto onke nokuhlanganyela ndawonye enkonzweni yasensimini. Ngo-2001 kwamiswa ibandla. Namuhla, eDerby kunebandla eliqinile elinabamemezeli boMbuso abangu-24, elinabadala ababili nenceku ekhonzayo abasinakekela kahle ngokomoya. Ngezinye izikhathi, siyafika naku-30 emihlanganweni yethu.

Lapho ngicabanga ngeminyaka edlule, ngiyajabula ukubona indlela uJehova angisiza ngayo ukuba ngimkhonze. Nakuba umyeni wami engakabi uFakazi, uyaqhubeka engisekela ngezinye izindlela. Abahlanu emndenini wami sebengoFakazi ababhapathiziwe—amadodakazi ami amabili, abazukulu ababili nendodakazi kadadewethu. Ngaphezu kwalokho, kunezinye izihlobo eziningana ezitadisha iBhayibheli nabantu bakaJehova.

Angive ngimbonga uJehova ngokuthi uye wangisiza ukuba ngimthole. Ngizimisele ukuqhubeka ngingowakhe kuze kube phakade.—IHubo 65:2.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 14 Yayinyatheliswa oFakazi BakaJehova kodwa manje ayisanyatheliswa.

[Ibalazwe/Izithombe ekhasini 15]

(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)

I-AUSTRALIA

IWyndham

IThafa LaseKimberley

IDerby

IBroome

IPerth

[Imithombo]

Kangaroo and lyrebird: Lydekker; koala: Meyers

[Isithombe ekhasini 14]

Ngesikhathi ngingumhlengikazi esibhedlela saseWyndham, ngo-1953

[Isithombe ekhasini 15]

IBandla LaseDerby, ngo-2005