Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | IMIBONO ESENZA SIQONDE INDAWO YOMOYA

Imibono Ngalabo Abasemazulwini Angabonakali

Imibono Ngalabo Abasemazulwini Angabonakali

IBhayibheli lisinikeza imibono ehlukahlukene ehlaba umxhwele esisiza silunguze endaweni engabonakali yasezulwini. Ake uyihlolisise. Nakuba kungeyona yonke into echazwe emibonweni okumelwe ithathwe njengoba injalo, le mibono ingakusiza ungagcini ngokubona ngeso lengqondo labo abahlala endaweni yomoya kodwa futhi uqonde nendlela abangakuthinta ngayo.

UJEHOVA UPHAKEME KAKHULU

“Isihlalo sobukhosi sasisendaweni yaso ezulwini, kukhona ohlezi phezu kwalesi sihlalo sobukhosi. Lowo owayehlezi, ubonakala, njengetshe lejaspi netshe eliyigugu elinombala obomvu, futhi isihlalo sobukhosi sizungezwe uthingo olubonakala lunjengesimaragidu.”—IsAmbulo 4:2, 3.

“Kwakukhona okwakubonakala kunjengothingo oluvela efwini ngosuku lwemvula ethululekayo. Kwakunjalo ukubonakala kokukhanya okukhulu okwakunxazonke. Kwakubonakala kufana nenkazimulo kaJehova.”—Hezekeli 1:27, 28.

Le mibono, eyanikezwa umphostoli uJohane nomprofethi uHezekeli, iveza inkazimulo kaNkulunkulu oPhezukonke, uJehova, ngezinto esingazibona kalula ngeso lengqondo—amatshe ayigugu acwazimulayo, uthingo nesihlalo sobukhosi esibabazekayo. Isibonisa ukuthi indawo uJehova akuyo yinhle, iyathandeka futhi inokuthula ngendlela ekhexisayo.

Le mibono ngoNkulunkulu iyavumelana namazwi omhubi owabhala: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu. Uyesabeka ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. Ngoba bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho; kepha uJehova, wenzé wona kanye amazulu. Isithunzi nobukhazikhazi kuphambi kwakhe; izikhwepha nobuhle kusendlini yakhe engcwele.”—IHubo 96:4-6.

Nakuba uJehova engoPhezukonke, usimema ukuba sisondele kuye ngomthandazo futhi usiqinisekisa ngokuthi uyasilalela. (IHubo 65:2) UNkulunkulu usithanda futhi usikhathalela kangangokuthi umphostoli uJohane wayengabhala ngobuqotho: “UNkulunkulu uluthando.”—1 Johane 4:8.

UJESU UKANYE NONKULUNKULU

“Egcwele umoya ongcwele, [uStefanu, umfundi ongumKristu] wagqolozela ezulwini wabona inkazimulo kaNkulunkulu, noJesu emi ngakwesokunene sikaNkulunkulu, wathi: ‘Bhekani! Ngibona amazulu evulekile neNdodana yomuntu imi ngakwesokunene sikaNkulunkulu.’”—IzEnzo 7:55, 56.

Ngaphambi nje kokuba uStefanu athole lo mbono, uJesu wayebulewe abantu ababegqugquzelwa yibo kanye laba uStefanu ayekhuluma nabo—abaholi abangamaJuda. Lo mbono waqinisekisa ukuthi uJesu uyaphila nokuthi wayevusiwe futhi esekhazinyulisiwe. Mayelana nalokhu, umphostoli uPawulu wabhala: “[UJehova wamvusa uJesu] kwabafileyo futhi [wamhlalisa] ngakwesokunene sakhe ezindaweni zasezulwini, ngaphezulu kakhulu kwabo bonke ohulumeni namagunya namandla nobukhosi nawo wonke amagama aqanjiwe, kungekhona kulesi simiso sezinto kuphela, kodwa nakwesizayo.”—Efesu 1:20, 21.

Ngaphezu kokuchaza ukuthi unesikhundla esiphakeme, imiBhalo ibonisa ukuthi uJesu, njengoJehova, ubakhathalela ngokujulile abantu. Phakathi nenkonzo yakhe emhlabeni, uJesu welapha abagulayo, waphulukisa abakhubazekile, wavusa nabafileyo. Ngokufa kwakhe okuwumhlatshelo, wabonisa uthando lwakhe olujulile ngoNkulunkulu nangesintu. (Efesu 2:4, 5) Engakwesokunene sikaNkulunkulu, maduze uJesu uzosebenzisa igunya lakhe ekuletheleni abantu abalalelayo emhlabeni wonke izibusiso ezinkulu.

IZINGELOSI ZIKHONZA UNKULUNKULU

“[Mina mprofethi uDaniyeli] ngaqhubeka ngibhekile kwaze kwaba nezihlalo zobukhosi ezibekwayo futhi oMdala Wezinsuku [uJehova] wahlala phansi. . . . Kwakukhona izinkulungwane eziyinkulungwane ezazilokhu zimkhonza, nezinkulungwane eziyishumi eziphindwe kazinkulungwane eziyishumi ezazilokhu zimi khona kanye phambi kwakhe.”—Daniyeli 7:9, 10.

Kulo mbono wasezulwini, uDaniyeli akabonanga nje ingelosi eyodwa kodwa inqwaba yazo. Yeka ukuthi lo mbono kumelwe ukuba wawukhexisa kanjani! Izingelosi ziyizidalwa zomoya ezikhazimulayo, ezihlakaniphile nezinamandla. Izigaba zazo zihlanganisa amaserafi namakherubi. IBhayibheli likhuluma ngezingelosi izikhathi ezingaphezu kuka-250.

Izingelosi azibona abantu abake baphila emhlabeni. UNkulunkulu wadala izingelosi esikhathini eside ngaphambi kokuba khona komuntu. Ekusungulweni komhlaba, izingelosi zaziseduze ukuze zibone futhi zimemeze zihalalisa.—Jobe 38:4-7.

Enye indlela izingelosi ezithembekile ezikhonza ngayo uNkulunkulu iwukuhlanganyela emsebenzini obaluleke kunayo yonke eyenziwa emhlabeni namuhla—ukumemezela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Mathewu 24:14) Indima yazo kulo msebenzi yembulwa embonweni owabonwa umphostoli uJohane, owabhala: “Ngabona enye ingelosi indiza emkhathini, inezindaba ezinhle zaphakade ukuba izimemezele njengezindaba ezithokozisayo kwabahlala emhlabeni, nakuzo zonke izizwe nezinhlanga nezilimi nabantu.” (IsAmbulo 14:6) Nakuba izingelosi zingakhulumi nabantu namuhla njengoba zazenza ngezinye izikhathi ngaphambili, ziyasiza ekuqondiseni labo abashumayela izindaba ezinhle kubantu abanhliziyo-ziqotho.

USATHANE UDUKISA IZIGIDI

“Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli [uJesu Kristu] nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, nendawo yabo ayibange isatholakala ezulwini. Ngakho waphonswa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; waphonswa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zaphonswa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.

Kunesikhathi lapho kwakungekho ukuthula ezulwini. Ngasekuqaleni komlando wesintu, enye yezingelosi, ibuswa isifiso sokukhulekelwa, yavukela igunya likaJehova, yaba uSathane, okusho “uMphikisi.” Kamuva nezinye izingelosi zahlanganyela kulokhu kuvukela, zabizwa ngamademoni. Njengoba zizimbi ngokuphelele, zimelene ngokuzimisela noJehova futhi ziye zaholela abantu abaningi enkambweni ephambene nesiqondiso sikaJehova esinothando.

USathane namademoni akhe bakhohlakele futhi banonya. Bayizitha zesintu futhi banesandla kokuningi ukuhlupheka okusemhlabeni. Ngokwesibonelo, uSathane wabulala imfuyo nezinceku zendoda ethembekile uJobe. Wabe esebulala zonke izingane zikaJobe eziyishumi ngokubangela ukuba “umoya omkhulu” ubhidlize indlu ezazikuyo. Ngemva kwalokho, uSathane washaya uJobe “ngamathumba abulalayo kusukela ematheni onyawo kwaze kwaba sokhakhayini.”—Jobe 1:7-19; 2:7.

Nokho, maduze kuzoqedwa ngoSathane. Kusukela aphonswa emhlabeni, uyazi ukuthi “unesikhathi esifushane.” (IsAmbulo 12:12) Selimshonele uSathane, futhi kuyizindaba ezinhle ngempela lokho!

LABO ABAVELA EMHLABENI

“[Wena Jesu] wathengela uNkulunkulu abantu kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe, wabenza [baba] ngumbuso nabapristi kuNkulunkulu wethu, futhi bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.”—IsAmbulo 5:9, 10.

Njengoba noJesu avuswa emhlabeni wavuselwa ekuphileni kwasezulwini, kuzokwenzeka okufanayo nangabanye. UJesu watshela abaphostoli bakhe abathembekile: “Ngiyahamba ngiyonilungisela indawo. Futhi, . . . ngiyobuye ngize futhi ngizonamukela ekhaya kimi, ukuze kuthi lapho ngikhona nani nibe khona.”—Johane 14:2, 3.

Labo abaya ezulwini bayela injongo ethile. Bekanye noJesu, bayokwakha uhulumeni woMbuso oyogcina usubusa bonke labo abahlala emhlabeni futhi ubalethele izibusiso. Lo Mbuso yilowo uJesu atshela abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele emthandazweni oyisibonelo: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho. Umbuso wakho mawuze. Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.”—Mathewu 6:9, 10.

OKUYOKWENZIWA YILABO ABASEZULWINI

“[Mina mphostoli uJohane] ngezwa izwi elikhulu livela esihlalweni sobukhosi lithi: ‘Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, . . . uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.’”—IsAmbulo 21:3, 4.

Lo mbono oyisiprofetho ubhekisela esikhathini lapho uMbuso kaNkulunkulu, owakhiwa uJesu nalabo abavuswe emhlabeni, uzoqeda ukubusa kukaSathane bese wenza umhlaba ube ipharadesi. Izinto ezibangele ubuhlungu nosizi olukhulu esintwini ziyophela. Ngisho nokufa kuyophela.

Kodwa kuthiwani ngezinkulungwane zezigidi esezafa ezingeke zivuselwe ezulwini? Esikhathini esizayo, ziyobuyiselwa ekuphileni zinethemba lokuphila phakade kulelo Pharadesi emhlabeni.—Luka 23:43.

Le mibono isiqinisekisa ngokuthi uJehova uNkulunkulu neNdodana yakhe, uJesu Kristu, kuhlanganise nezingelosi ezithembekile nalabo abathengwe emhlabeni, bonke basikhathalela ngokujulile futhi basifisela okuhle. Ukuze uthole okwengeziwe ngalokho abazokwenza, sicela uthintane noFakazi BakaJehova noma uvakashele ingosi yethu ethi www.jw.org/zu, futhi udawunilode incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?