Dlulela kokuphakathi

OFakazi BakaJehova

Khetha ulimi IsiZulu

Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?

Ingabe UJesu Wayengumuntu Nje Olungile?

Impendulo YeBhayibheli

UJesu wayengeyena nje kuphela umuntu olungile. Wazibonakalisa enethonya kunabo bonke abantu emlandweni wesintu. Phawula ukuthi lezi zazi-mlando ezidumile nabalobi bathini ngaye:

UJesu waseNazaretha . . . ungumuntu ovelele kunabo bonke emlandweni.”—UH. G. Wells, isazi-mlando esiyiNgisi.

Ukuphila [kukaJesu] kunethonya kunanoma ikuphi okomunye kule mbulunga futhi imiphumela yethonya lako isaqhubeka yanda.”—UKenneth Scott Latourette, isazi-mlando nomlobi waseMelika.

IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani uJesu ayenethonya elikhulu kunanoma ubani omunye umuntu olungile owake waphila. Lapho ebuza abalandeli bakhe ayesondelene nabo ukuthi bacabanga ukuthi ungubani, omunye wabo waphendula ngokuqondile: “UnguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Mathewu 16:16.