IsiZulu
Kungani Kufanele Ngithandaze? Ingabe UNkulunkulu Uzongiphendula?
https://cms-imgp.jw-cdn.org/img/p/502013103/univ/art/502013103_univ_sqr_xl.jpg
ijwbq isihloko 34

Kungani Kufanele Ngithandaze? Ingabe UNkulunkulu Uzongiphendula?

Kungani Kufanele Ngithandaze? Ingabe UNkulunkulu Uzongiphendula?

Izimpendulo ZeBhayibheli

Yebo, uzoyiphendula. IBhayibheli nezenzakalo zokuphila ezingokoqobo kubonisa ukuthi uNkulunkulu uyayiphendula imithandazo. IBhayibheli lithi: “Uyokwanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo [uNkulunkulu], nokukhalela kwabo usizo uyokuzwa, abasindise.” (IHubo 145:19) Kodwa ukuthi uNkulunkulu uzokuphendula yini wena lapho uthandaza kuxhomeke kakhulu kuwe.

Lokho uNkulunkulu akulindele

  • Kufanele sithandaze kuNkulunkulu, hhayi kuJesu, kuMariya, kosanta, ezingelosini noma ezithombeni. UJehova uNkulunkulu kuphela ‘onguMuzwi womthandazo.’—IHubo 65:2.

  • Kufanele sithandaze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, noma izimfuneko zakhe eziseBhayibhelini.​—1 Johane 5:14.

  • Kufanele sithandaze egameni likaJesu, siqaphele igunya lakhe. UJesu wathi: “Akekho oza kuBaba ngaphandle kokuba eze ngami.”—Johane 14:6.

  • Kufanele sithandaze ngokholo, sicele ukholo olwengeziwe uma kudingeka.​—Mathewu 21:22; Luka 17:5.

  • Kufanele sithandaze ngokuthobeka nangobuqotho. IBhayibheli lithi: “UJehova uphakeme, nokho uyambona othobekile.”—IHubo 138:6.

  • Kufanele siphikelele emthandazweni. UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa.”—Luka 11:9.

Izinto ezingasho lutho kuNkulunkulu

  • Uhlanga noma ubuzwe bakho. “UNkulunkulu akakhethi, kodwa ezizweni zonke umuntu omesabayo futhi enze ukulunga uyamukeleka kuye.”—IzEnzo 10:34, 35.

  • Indawo okuyo noma indlela omi ngayo. Ungathandaza kuNkulunkulu uhlezi, ukhotheme, uguqile noma umile.—1 IziKronike 17:16; Nehemiya 8:6; Daniyeli 6:10; Marku 11:25.

  • Ukuthi uthandaza uphimisele amagama noma buthule. UNkulunkulu uphendula ngisho nemithandazo eyenziwa buthule, abangayizwa abanye.—Nehemiya 2:1-6.

  • Ukuthi izinkathazo zakho zinkulu noma zincane. UNkulunkulu ukukhuthaza ukuba ‘uphonse zonke izinkathazo zakho phezu kwakhe, ngoba uyakukhathalela.’—1 Petru 5:7.