IsAmbulo Esiya KuJohane 5:1-14

  • Umqulu onezimpawu eziyisikhombisa (1-5)

  • IWundlu lithatha umqulu (6-8)

  • IWundlu liyakufanelekela ukuvula izimpawu (9-14)

5  Esandleni sokudla saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + ngabona umqulu ubhalwe ngaphakathi nangaphandle,* uvalwe waqiniswa ngezimpawu eziyisikhombisa. 2  Ngabona ingelosi enamandla imemeza ngezwi elikhulu, ithi: “Ngubani okufanelekelayo ukuvula umqulu aqaqe izimpawu zawo?” 3  Kodwa kwakungekho noyedwa ezulwini noma emhlabeni noma ngaphansi komhlaba owayekwazi ukuwuvula umqulu noma ukuwufunda. 4  Ngakhala kakhulu ngoba engekho owatholakala ekufanelekela ukuwuvula lo mqulu noma ukuwufunda. 5  Kodwa omunye wabadala wathi kimi: “Yeka ukukhala. Bheka! IBhubesi* lesizwe sakwaJuda, + impande + kaDavide, + linqobile + ukuze liwuvule umqulu nezimpawu zawo eziyisikhombisa.” 6  Ngabona kumi iwundlu + eceleni* kwesihlalo sobukhosi naphakathi kwezidalwa eziphilayo ezine kanye nabadala, + kunjengokungathi lihlatshiwe, + linezimpondo eziyisikhombisa namehlo ayisikhombisa—amehlo asho imimoya eyisikhombisa kaNkulunkulu + ethunyelwe emhlabeni wonke. 7  Ngaso leso sikhathi lasondela lawuthatha esandleni sokudla saLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi. + 8  Lapho lithatha lo mqulu, izidalwa ezine eziphilayo nabadala abangu-24 + bawa phansi phambi kweWundlu, yilowo nalowo enehabhu nezitsha zegolide ezazigcwele impepho. (Impepho isho imithandazo yabangcwele.) + 9  Bahlabelela ingoma entsha, + bethi: “Uyakufanelekela ukuthatha umqulu uvule izimpawu zawo, ngoba wahlatshwa futhi ngegazi lakho wathengela uNkulunkulu abantu + kuzo zonke izinhlanga nezilimi nabantu nezizwe, + 10  wabenza baba ngumbuso + nabapristi kuNkulunkulu wethu, + futhi bayobusa njengamakhosi + phezu komhlaba.” 11  Ngabona, futhi ngezwa izwi lezingelosi eziningi ezizungeze isihlalo sobukhosi nezidalwa eziphilayo nabadala, isibalo sazo sasingamashumi ezinkulungwane aphindwe ngamashumi ezinkulungwane nezinkulungwane zezinkulungwane, + 12  zazithi ngezwi elikhulu: “IWundlu elahlatshwa + liyakufanelekela ukwamukela igunya nengcebo nokuhlakanipha namandla nodumo nenkazimulo nesibusiso.” + 13  Zonke izidalwa ezisezulwini nasemhlabeni nangaphansi komhlaba + nezisolwandle, yebo, zonke izinto ezikukho, ngazizwa zithi: “KuLowo ohlezi esihlalweni sobukhosi + nakulo iWundlu + makube isibusiso nodumo + nenkazimulo namandla kuze kube phakade naphakade.” + 14  Izidalwa ezine eziphilayo zazithi: “Amen!” abadala bawa phansi bakhuleka.

Imibhalo yaphansi

^ Noma, “ubhalwe nhlangothi zombili.”
^ Noma, “INgonyama.”
^ Noma, “phakathi.”