Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuphila Ngezimiso Ezingaphelelwa Isikhathi

Ukuphila Ngezimiso Ezingaphelelwa Isikhathi

Ukuphila Ngezimiso Ezingaphelelwa Isikhathi

YONKE imiphakathi inezimiso ezithile zokuziphatha. Awuvumi yini ukuthi izimfanelo ezinjengokwethembeka, umusa, ububele nokukhathalela abanye zaziswa emhlabeni wonke futhi zikhanga iningi lethu?

Izimiso Zikabani?

Ngekhulu lokuqala C.E., indoda efundile egama layo linguSawulu yayihlala phakathi kwezizwe ezintathu ezinezimiso ezinethonya—amaJuda, amaGreki namaRoma. Ngaphandle kwamasiko anemidanti nemithetho yalezo zizwe, uSawulu waqonda ukuthi abantu ngokuvamile baqondiswa umuzwa wokuziphatha abazalwa nawo. Lowo muzwa unembeza. Ngemva kokuba uSawulu ebe umphostoli uPawulu ongumKristu, wabhala: “Noma nini lapho abantu bezizwe abangenawo umthetho benza ngokwemvelo izinto zomthetho, laba bantu, nakuba bengenawo umthetho, bangumthetho kubo ngokwabo. Yibo kanye ababonisa ukuthi ingqikithi yomthetho ilotshiwe ezinhliziyweni zabo, lapho unembeza wabo ufakazelana nabo.”—Roma 2:14, 15.

Nokho, ingabe kwanele ukuba siqondiswe kuphela umuzwa ‘ongokwemvelo’ lapho sizama ukuhlukanisa phakathi kokulungile nokungalungile? Njengoba kungenzeka uye waphawula, umlando ugcwele ukuhluleka kwabantu namaqembu. Lokhu kuye kwakholisa abaningi ukuthi sidinga isiqondiso esivela emthonjeni ophakeme ukuze sithole izimiso ezingcono kakhulu esingaphila ngazo. Abaningi bayavuma ukuthi uMenzi wesintu ufaneleka kangcono ukunikeza lezo zimiso ezingaphelelwa isikhathi. Encwadini yakhe ethi The Undiscovered Self, uDkt. Carl Jung wathi: “Umuntu ongaphili ngemithetho kaNkulunkulu ngeke akwazi ukumelana nezilingo zenyama nezokuziphatha zaleli zwe ngamandla akhe wodwa.”

Leso siphetho sivumelana nalokho okwabhalwa umprofethi wasendulo: “Indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) UMdali wethu uthi: “Ngikufundisa ukuze kusizakale wena, futhi ngikuhola ngendlela efanele.”—Isaya 48:17, Contemporary English Version.

Umthombo Othembekile Wezimiso Ezinokwethenjelwa

Amazwi asanda kucashunwa atholakala encwadini esakazwa kakhulu kunazo zonke ewumthombo wezimiso zokuziphatha—imiBhalo Engcwele. Izigidi zabantu emhlabeni wonke, ngisho nabangewona amaKristu nabangakholwa, ziye zafuna ukuqonda nokuhlakanipha emiBhalweni. Imbongi engumJalimane uJohann Wolfgang von Goethe yabhala: “Mina, ngalithanda futhi ngalihlonipha [iBhayibheli] ngoba cishe konke ukukhula kwami ngokuqondene nokuziphatha kwakuthonywe yilo.” Kubikwa ukuthi umholi wamaHindu uMohandas Gandhi wathi: “Impela phuza emithonjeni oyinikwa eNtshumayelweni YaseNtabeni [ingxenye yezimfundiso zikaJesu Kristu eseBhayibhelini] . . . Ngoba okushiwo kule Ntshumayelo kwakuhloselwe ukuzuzisa ngamunye wethu.”

Umphostoli uPawulu, ocashunwe ekuqaleni, wagcizelela ukubaluleka kwemiBhalo Engcwele ekunikezeni izimiso eziqinile: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa.” (2 Thimothewu 3:16) Ingabe kunjalo ngempela?

Kunganjani uzitholele ngokwakho? Hlola izimiso ezisekhasini elilandelayo. Phawula izinzuzo ezitholakala kulezi zimiso. Zindla ngendlela amaphuzu akulezi zimfundiso angathuthukisa ngayo ukuphila kwakho nobuhlobo bakho nabanye.

Ingabe Uyozuza?

Lezi zimiso ezibonisiwe zimane ziyizibonelo ezimbalwa zezeluleko eziwusizo ezitholakala emiBhalweni Engcwele. IZwi likaNkulunkulu linezinye izixwayiso eziningi mayelana nemicabango, amazwi nezenzo ezingalimaza ukuphila kwethu.—IzAga 6:16-19.

Yebo, izimfundiso zeBhayibheli zinikeza into umphakathi wesintu uwonke oyintula kakhulu—iseluleko esenza abantu babe nezimiso zokuziphatha ezingcono kakhulu. Labo abamukela futhi basebenzise lezi zimfundiso bashintsha kakhulu. Indlela yabo yokucabanga iyathuthuka. (Efesu 4:23, 24) Izisusa zabo ziyathuthuka. Ukufunda izimiso zikaNkulunkulu eziseBhayibhelini kuye kwasiza abaningi ukuba basuse ubuhlanga, ubandlululo nenzondo ezinhliziyweni zabo. (Hebheru 4:12) ImiBhalo nezimiso ezikhuthazwa yiyo kuye kwashukumisela abantu ukuba bayeke zonke izinhlobo zobudlova nemikhuba emibi babe abantu abangcono.

Yebo, izimiso zeBhayibheli ziye zasiza izigidi ukuba zinqobe imikhuba egxilile efana naleyo eye yonakalisa ukuphila kwabanye. (1 Korinte 6:9-11) Izimfundiso zeBhayibheli ziye zashintsha abantu abanjalo—hhayi nje imikhuba yabo kodwa nezinhliziyo, amathemba nemikhaya yabo. Kungakhathaliseki ukuthi izwe liwohloka kangakanani, abantu emhlabeni wonke bayaqhubeka beba ngcono. Futhi lokhu kuyolokhu kuqhubeka. “Utshani obuluhlaza bomile, imbali ibunile; kodwa izwi likaNkulunkulu wethu lona, liyokuma kuze kube nini nanini.”—Isaya 40:8.

Nokho, ingabe wena uyozuza ‘ezwini likaNkulunkulu wethu’? OFakazi BakaJehova bayokujabulela ukukubonisa indlela yokuphila ngezimiso zeBhayibheli ukuze uzuze. Ukuphila ngokuvumelana nalezo zimiso kuyokwenza wamukeleke kuNkulunkulu manje futhi kukuholele ekuphileni okuphakade okulawulwa izimiso zikaNkulunkulu ezingaphelelwa isikhathi.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6, 7]

IZIMISO EZINGAPHELELWA ISIKHATHI

Umthetho Wegolide. “Ngakho-ke, zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo; lokhu, eqinisweni, yilokho okushiwo nguMthetho nabaProfethi.”—Mathewu 7:12.

Thanda umakhelwane wakho. “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.” (Mathewu 22:39) “Uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu; ngakho-ke uthando luwukugcwaliswa komthetho.”—Roma 13:10.

Hlonipha abanye ubabonise udumo. “Othandweni lobuzalwane thandanani omunye nomunye. Ekubonisaneni udumo nihole.”—Roma 12:10.

Phishekela ukuthula. “Yibani . . . nokuthula phakathi kwenu.” (Marku 9:50) “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) “Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.”—Roma 14:19.

Thethelela. “Usithethelele amacala ethu, njengoba nathi sibathethelele abanamacala kithi.” (Mathewu 6:12) “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile.”—Efesu 4:32.

Thembeka. “Thembeka kumkakho uthande yena yedwa. . . . Jabula ngomkakho ujabulele intombazane owayishada . . . Ukukhanga kwakhe makukugcine ujabule; ugajwe uthando lwakhe. . . . Ungamnikelani omunye wesifazane uthando lwakho? Kungani ungakhetha ukukhanga kwenkosikazi yenye indoda?” (IzAga 5:15-20, Today’s English Version) “Umuntu othembekile kokuncane kakhulu uthembekile nakokukhulu, nomuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) “Okufunekayo kubaphathi ukuba umuntu atholakale ethembekile.” (1 Korinte 4:2) “Ngingaba yini ohlanzekile ngokuziphatha nginesikali esibi nesikhwama sezisindo zamatshe ezikhohlisayo?” (Mika 6:11) “Sithemba ukuthi sinonembeza othembekile, njengoba sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.”—Hebheru 13:18.

Yiba neqiniso nobulungisa. “Zondani okubi, nithande okuhle, ninike ubulungisa indawo esangweni.” (Amose 5:15) “Khulumani iqiniso omunye komunye. Yahlulelani emasangweni enu ngeqiniso nangesahlulelo sokuthula.” (Zakariya 8:16) “Njengoba seniwalahlile amanga, yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.”—Efesu 4:25.

Yiba okhuthele. “Uke wambona umuntu onekhono emsebenzini wakhe? Phambi kwamakhosi yilapho eyokuma khona.” (IzAga 22:29) “Ningavilaphi emsebenzini wenu.” (Roma 12:11) “Noma yini eniyenzayo, yenzeni ngomphefumulo wonke njengokungathi nenzela uJehova, hhayi abantu.”—Kolose 3:23.

Yiba omnene, onobubele nonomusa. “Gqokani uthando lomzwelo, umusa, ukuthobeka, ubumnene, nokubekezela.”—Kolose 3:12.

Nqoba okubi ngokuhle. “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.” (Mathewu 5:44) “Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.”—Roma 12:21.

Nikeza uNkulunkulu okungcono kakhulu. “‘Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho nangayo yonke ingqondo yakho.’ Lona ngumyalo omkhulu kunayo yonke futhi ungowokuqala.”—Mathewu 22:37, 38.

[Izithombe]

Ukuphila ngezimiso zeBhayibheli kungasisiza ukuba sibe nemishado ephumelelayo, ubuhlobo bomkhaya obujabulisayo nobungane obanelisayo