Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISAHLUKO 30

‘Qhubeka Ubonisa Uthando’

‘Qhubeka Ubonisa Uthando’

1-3. Uba yini umphumela uma silingisa isibonelo sikaJehova sokubonisa uthando?

 “KUKHONA injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzEnzo 20:35) Lawo mazwi kaJesu agcizelela leli qiniso elibalulekile: Uthando olungenabugovu lunemivuzo. Nakuba ukuthandwa kuletha injabulo enkulu, nokho ukuthanda, noma ukubonisa abanye uthando kuletha injabulo enkulu nakakhulu.

2 Akekho owazi lokho kangcono kunoBaba wethu wasezulwini. Njengoba sibonile ezahlukweni ezingaphambili zale ngxenye, uJehova uyisibonelo sothando esizedlula zonke. Akekho oye wabonisa uthando ngezindlela ezinkulu noma isikhathi eside ukwedlula yena. Kuyamangaza-ke yini ukuthi uJehova ubizwa ngokuthi ‘uNkulunkulu ojabulayo’?—1 Thimothewu 1:11.

3 UNkulunkulu wethu onothando ufuna sizame ukuba njengaye, ikakhulukazi ekuboniseni uthando. Eyabase-Efesu 5:1, 2 iyasitshela: “Yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nibonisa uthando.” Uma silingisa isibonelo sikaJehova sokubonisa uthando, siyajabula kakhulu ngenxa yokupha. Siyaneliseka nangokwazi ukuthi sithokozisa uJehova, ngoba iZwi lakhe lisinxusa ukuba ‘sithandane.’ (Roma 13:8) Kodwa kunezinye futhi izizathu zokuthi kungani kufanele ‘siqhubeke sibonisa uthando.’

Okwenza Uthando Lubaluleke

Uthando lusenza sibethembe abafowethu

4, 5. Kungani kubalulekile ukuba sibonise uthando lokuzidela kwesikholwa nabo?

4 Kungani kubalulekile ukuba sibabonise uthando esikholwa nabo? Kalula nje, uthando luwumgogodla wobuKristu beqiniso. Ngaphandle kothando ngeke sibe nesibopho esiqinile namanye amaKristu, futhi okubaluleke nakakhulu, ngeke sibe yilutho kuJehova. Cabanga ngendlela iZwi likaNkulunkulu eliwaqokomisa ngayo la maqiniso.

5 Ngobusuku bokugcina uJesu ephila emhlabeni, watshela abalandeli bakhe: “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokhu ukuthi ningabafundi bami—uma nithandana.” (Johane 13:34, 35) “Njengoba nje nami nginithandile”—yebo, siyalwa ukuba sibonise uhlobo lothando uJesu alubonisa. ESahlukweni 29, sibonile ukuthi uJesu wabeka isibonelo esihle kakhulu ekuboniseni uthando lokuzidela, ebeka izidingo nezithakazelo zabanye ngaphambi kwezakhe. Nathi kumele sibonise uthando olungenabugovu, silubonise ngokucace kangangokuthi nalabo abangaphandle kwebandla lobuKristu balubone. Ngempela, uthando lobuzalwane lokuzidela luwuphawu esibonakala ngalo ukuthi singabalandeli bakaKristu beqiniso.

6, 7. (a) Sazi kanjani ukuthi iZwi likaJehova likugcizelela kakhulu ukubaluleka kokubonisa uthando? (b) Amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 13:4-8 agcizelela luphi uthando?

6 Kuthiwani uma singenalo uthando? Umphostoli uPawulu wathi: “Uma . . . ngingenalo uthando, ngiyobe ngiyinsimbi yethusi enomsindo noma insimbi ekhencezayo.” (1 Korinte 13:1) Insimbi ekhencezayo inomsindo ohlabayo. Insimbi yethusi yona? Yeka isingathekiso esifanelekayo! Umuntu ongenaluthando ufana nensimbi yomculo ebanga umsindo omkhulu ohlabayo okucasulayo kunokuba ufune ukuwulalela. Umuntu onjalo angaba kanjani nobuhlobo obuseduze nabanye? UPawulu wabuye wathi: “Uma nginalo lonke ukholo ukuze ngigudluze izintaba, kodwa ngingenalo uthando, angilutho.” (1 Korinte 13:2) Cabanga nje, umuntu ongenalo uthando “uyinto engenamsebenzi,” naphezu kwanoma imiphi imisebenzi angase ayenze! (The Amplified Bible) Akucaci yini ukuthi iZwi likaJehova likugcizelela kakhulu ukubaluleka kokubonisa uthando?

7 Singayibonisa kanjani-ke le mfanelo endleleni esiphatha ngayo abanye? Ukuze siphendule lowo mbuzo, ake sihlole amazwi kaPawulu akweyoku-1 Korinte 13:4-8. La mavesi awagcizeleli uthando lukaNkulunkulu ngathi noma uthando lwethu ngoNkulunkulu. Kunalokho, uPawulu wagcizelela indlela okufanele thina bantu sibonisane ngayo uthando. Wachaza izinto ezithile uthando oluyizo nolungezona.

Lokho Uthando Oluyikho

8. Ukubekezela kungasisiza kanjani lapho sisebenzelana nabanye?

8 “Uthando luyabekezela.” Ngakho, uthando lusho ukubekezelela abanye ngesineke. (Kolose 3:13) Asisidingi yini leso sineke? Ngenxa yokuthi siyizidalwa ezinesono ezikhonza ndawonye, kufanele sikulindele ukuthi abafowethu abangamaKristu bangase basicasule ngezinye izikhathi kanti nathi singase sibacasule. Kodwa isineke nokuzibamba kungasisiza sikwazi ukubekezelela izinto ezisicasulayo nezisilimazayo lapho sisebenzelana nabanye—ngaphandle kokuphazamisa ukuthula kwebandla.

9. Singawubonisa ngaziphi izindlela umusa kwabanye?

9 “Uthando . . . lunomusa.” Umusa uboniswa ngezenzo eziwusizo namazwi okucabangela. Uthando lusenza sifune izindlela zokubonisa umusa, ikakhulukazi kulabo abaludinga kakhulu usizo. Ngokwesibonelo, othile esikholwa naye osekhulile kungenzeka ukuthi unesizungu futhi udinga ukuvakashelwa akhuthazwe. Umama ongayedwa noma udade onomndeni ohlukene ngokwenkolo angase adinge usizo. Umuntu ogulayo noma osebunzimeni obuthile angase adinge ukuzwa amazwi anomusa avela kumngani oqotho. (IzAga 12:25; 17:17) Uma sithatha isinyathelo kuqala sokubonisa umusa ngezindlela ezinjalo, sisuke sibonisa ubuqotho bothando lwethu.—2 Korinte 8:8.

10. Uthando lusisiza kanjani ukuba sisekele futhi sikhulume iqiniso ngisho nalapho kungelula?

10 “Uthando . . . lujabulela iqiniso.” Enye inguqulo ithi: “Uthando . . . luthokozela ukuvuna iqiniso.” Uthando lusenza sisekele iqiniso futhi ‘sikhulume iqiniso komunye nomunye.’ (Zakariya 8:16) Ngokwesibonelo, uma umuntu esimthandayo enze isono esibi kakhulu, uthando ngoJehova—nangalowo owonile—luyosisiza sibambelele emithethweni kaNkulunkulu kunokuba sizame ukufihla lobo bubi, sibeke izaba noma siqambe amanga. Kuyavunywa, kungase kube nzima ukwamukela ukuthi leyo ndaba iyiqiniso. Kodwa uma simfisela okuhle kodwa umuntu esimthandayo, siyofuna athole isiyalo sikaNkulunkulu sothando futhi asamukele. (IzAga 3:11, 12) NjengamaKristu anothando, sifisa ‘nokuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.’—Hebheru 13:18.

11. Ngenxa yokuthi uthando “lubekezelela zonke izinto,” yini okufanele sizame ukuyenza ngamaphutha esikholwa nabo?

11 “Uthando . . . lubekezelela zonke izinto.” Ngokwezwi nezwi leyo nkulumo isho ukuthi “lumboza zonke izinto.” (Kingdom Interlinear) Eyoku-1 Petru 4:8 ithi: “Uthando lumboza izono eziningi.” Yebo, umKristu obuswa uthando akakushisekeli ukuweneka obala wonke amaphutha abafowabo abangamaKristu. Ezimweni eziningi, amaphutha esikholwa nabo asuke emancane futhi engase ambozwe uthando.—IzAga 10:12; 17:9.

12. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi wayekholelwa okuhle kakhulu ngoFilemoni, futhi sifundani esibonelweni sikaPawulu?

12 “Uthando . . . lukholelwa yizo zonke izinto.” Inguqulo kaMoffatt ithi uthando “luhlale lulungele ukukholwa okuhle kakhulu.” Asibasoli ngokungafanele esikholwa nabo, singabaze zonke izisusa zabo. Uthando lusisiza ukuba ‘sikholwe okuhle kakhulu’ ngabafowethu futhi sibethembe. a Phawula isibonelo esisencwadini kaPawulu eya kuFilemoni. UPawulu wayebhalela ukukhuthaza uFilemoni ukuba asamukele ngomusa isigqila esasibalekile u-Onesimu, manje esase singumKristu. Esikhundleni sokuzama ukumphoqa uFilemoni, uPawulu wamnxusa ngothando. Wathi uyethemba ukuthi uFilemoni uzokwenza okufanele, ethi: “Ngikubhalela lokhu ngiqiniseka ukuthi uzolalela, ngiyazi ukuthi uzokwenza ngisho nangaphezu kwalokhu engikushoyo.” (Ivesi 21) Lapho uthando lusenza sibethembe kanjalo abafowethu, sibenza baveze izimfanelo ezinhle kakhulu.

13. Singabonisa kanjani ukuthi sinethemba lokuthi abafowethu bazokwenza okuhle kakhulu?

13 “Uthando . . . luthemba zonke izinto.” Njengoba nje uthando lukwenza umethembe umuntu, lwenza nokuba ube nethemba ngaye. Uma sishukunyiswa uthando, siba nethemba lokuthi abafowethu bazokwenza okuhle kakhulu. Ngokwesibonelo, uma umfowethu ethatha “isinyathelo okungesona ngaphambi kokuba aqaphele,” siye sithembe ukuthi uzoyamukela imizamo yothando yokumlungisa. (Galathiya 6:1) Siba nanethemba lokuthi ababuthaka okholweni bazolulama. Siyababekezelela abanjalo, senze okusemandleni ethu ukuze sibasize baqine okholweni. (Roma 15:1; 1 Thesalonika 5:14) Ngisho noma esimthandayo ephambuka, asililahli ithemba lokuthi ngelinye ilanga iyosa inkungu abuyele kuJehova, njengendodana yolahleko yomfanekiso kaJesu.—Luka 15:17, 18.

14. Ukukhuthazela kwethu kungase kuvivinywe ngaziphi izindlela ebandleni, futhi uthando luyosisiza sisabele kanjani?

14 “Uthando . . . lukhuthazelela zonke izinto.” Ukukhuthazela kusenza sikwazi ukuma siqine lapho sidumazeka noma sibhekene nobunzima. Ukuvivinywa kokukhuthazela akuveli kuphela ngaphandle kwebandla. Ngezinye izikhathi kungavela ngaphakathi. Ngenxa yesono, ngezinye izikhathi abafowethu bangase basenzele phansi. Amazwi ahlabayo angase asizwise ubuhlungu. (IzAga 12:18) Mhlawumbe udaba oluthile ebandleni alusingathwa ngendlela esicabanga ukuthi kufanele lusingathwe ngayo. Umzalwane ohloniphekile angase aziphathe ngendlela ecasulayo, enze sizibuze, ‘UmKristu angayenza kanjani nje into enjena?’ Uma kwenzeka izinto ezinjalo, ingabe siyolishiya ibandla siyeke ukukhonza uJehova? Ngeke sikwenze uma sinothando! Yebo, uthando luyasivimba ekubeni singabe sisakubona okuhle kumfowethu noma ebandleni ngenxa yamaphutha akhe. Uthando lusenza sihlale sithembekile kuNkulunkulu futhi sisekela ibandla kungakhathaliseki ukuthi omunye umuntu onesono angase athini noma enzeni.—IHubo 119:165.

Lokho Uthando Olungekona

15. Uyini umhawu ongafanele, futhi uthando lusisiza kanjani ukuba sigweme lo muzwa olimazayo?

15 “Uthando alunamona.” Umhawu ongafanele ungasenza sibe nomona ngalokho abanye abanakho—izimpahla zabo, izibusiso, noma amakhono. Umhawu onjalo uwumuzwa wobugovu nolimazayo okungathi uma ungalawulwa, uphazamise ukuthula kwebandla. Yini eyosisiza silwe nomkhuba wokuba nomona? (Jakobe 4:5) Ngelilodwa nje, uthando. Le mfanelo eyigugu ingasenza sikwazi ukujabula nalabo okubonakala kubahambela kahle ekuphileni. (Roma 12:15) Uthando lusisiza ukuba singacabangi ukuthi siyehliswa uma omunye enconywa ngekhono lakhe elihle noma okuthile akufezile.

16. Uma sibathanda ngempela abafowethu, kungani siyogwema ukuqhosha ngalokho esikwenza enkonzweni kaJehova?

16 “Uthando . . . aluzigabisi, aluzikhukhumezi.” Uthando luyasivimba singabukisi ngeziphiwo zethu noma ngempumelelo yethu. Uma sibathanda ngempela abafowethu, kungenzeka kanjani ukuba silokhu sigabisa ngempumelelo yethu enkonzweni noma ngamalungelo ethu ebandleni? Ukuqhosha okunjalo kungabathena amandla abanye, kubenze bazizwe bengeyilutho. Uthando alusivumeli ukuba sizigabise ngalokho uNkulunkulu asivumela ukuba sikwenze enkonzweni yakhe. (1 Korinte 3:5-9) Phela uthando “aluzikhukhumezi,” noma njengoba kusho i-New Testament in Modern English, “alunayo imibono eyeqisayo ngokubaluleka kwalo.” Uthando lusenza singazithwali.—Roma 12:3.

17. Uthando lusenza sibacabangele kanjani abanye, futhi ukuziphatha okunjani esiyokugwema?

17 “Uthando . . . aluziphathi ngokuhlazisayo.” Umuntu oziphatha ngokuhlazisayo wenza ngendlela enyanyisayo noma ecasulayo. Ukwenza kanjalo akubonisi uthando ngoba kubonisa ukungayihloniphi okukhulu imizwa nenhlalakahle yabanye. Ngokuphambene, uthando lunomusa osenza sicabangele abanye. Uthando lukhuthaza imikhuba emihle, ukuziphatha kokuhlonipha uNkulunkulu, nokuhlonipha esikholwa nabo. Ngakho, uthando ngeke lusivumele ‘siziphathe [ngendlela] eyihlazo’—empeleni, noma ikuphi ukuziphatha okungajabhisa noma kucasule abafowethu abangamaKristu.—Efesu 5:3, 4.

18. Kungani umuntu onothando engaphoqeleli ukuba zonke izinto zenziwe ngendlela yakhe?

18 “Uthando . . . aluzifuneli izinzuzo zalo.” I-Revised Standard Version ithi lapha: “Uthando aluphikeleli ngokuthi kwenziwe ngendlela yalo.” Umuntu onothando akaphoqeleli ukuba zonke izinto zenziwe ngendlela yakhe sengathi imibono yakhe ihlale ilungile ngaso sonke isikhathi. Akabathonyi abanye ukuba benze ngendlela yakhe esebenzisa ikhono lokukholisa ukuze acindezele labo abanemibono ehlukile. Ukuba nenkani kanjalo kuyobonisa ukuthi lowo muntu uyazidla, futhi iBhayibheli lithi: “Ukuzidla kwandulela ukuphahlazeka.” (IzAga 16:18) Uma sibathanda ngempela abafowethu, siyoyihlonipha imibono yabo, sibonise ukuthi sizimisele ukuvumelana nayo uma kungenzeka. Lowo moya uvumelana namazwi kaPawulu: “Yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.”—1 Korinte 10:24.

19. Uthando lusisiza ukuba sisabele kanjani lapho abanye besona?

19 “Uthando . . . alucasuki. Alunamagqubu.” Uthando alucasulwa kalula yilokho abanye abakushoyo noma abakwenzayo. Kungokwemvelo kona ukuba sithukuthele uma abanye besona. Kodwa ngisho noma sinesizathu sokuthukuthela, uthando alusivumeli ukuba sihlale sicasukile. (Efesu 4:26, 27) Ngeke sibambe amagqubu ngenxa yamazwi noma izenzo ezilimazayo njengokungathi sizibhale ebhukwini ukuze singazilibali. Esikhundleni salokho, uthando lusenza silingise uNkulunkulu wethu onothando. Njengoba sibonile eSahlukweni 26, uJehova uyathethelela uma kunesizathu esizwakalayo. Lapho esithethelela, uyakhohlwa, okusho ukuthi akaphinde asibalele lezo zono. Asibongi yini ngokuthi uJehova akasibambeli amagqubu?

20. Kufanele senzenjani uma esikholwa naye ebanjwe ugibe lokwenza okubi bese eyahlupheka?

20 “Uthando . . . alujabuli ngokungalungi.” I-New English Bible ifundeka kanje lapha: “Uthando . . . aluzishayeli izandla izono zabanye abantu.” Inguqulo kaMoffatt ithi: “Uthando aluthokozi nanini lapho abanye benza okubi.” Uthando alujatshuliswa ukungalungi, ngakho asikushalazeli ukuziphatha okubi kwanoma iluphi uhlobo. Senzenjani lapho esikholwa naye ebanjwe ugibe lwesono bese eyahlupheka? Uthando lusenza singajabuli, kungabi sengathi sithi ‘Ashila! Uyalunga!’ (IzAga 17:5) Nokho siyajabula lapho umfowethu owonile ethatha izinyathelo ezinhle zokumenza avuke ekuweni kwakhe ngokomoya.

“Indlela Ezidlula Zonke”

21-23. (a) Wayesho ukuthini uPawulu uma ethi “uthando alusoze lwaphela nanini”? (b) Kuzoxoxwa ngani esahlukweni sokugcina?

21 “Uthando alusoze lwaphela nanini.” Wayesho ukuthini uPawulu ngalawo mazwi? Njengoba umongo ubonisa, wayekhuluma ngeziphiwo zomoya amaKristu akuqala ayenazo. Lezo ziphiwo zaziwuphawu lokuthi uNkulunkulu wayelamukela lelo bandla elalisanda kumiswa. Nokho, akuwona wonke amaKristu ayekwazi ukwelapha, ukuprofetha noma ukukhuluma ngezilimi. Kodwa lokho kwakungenandaba ngoba vele iziphiwo eziyisimangaliso zaziyogcina ziphelile. Kodwa kukhona okwakuyosala, into wonke amaKristu ayengayihlakulela. Yayivelele kakhulu, ihlala isikhathi eside kunanoma iziphi iziphiwo eziyisimangaliso. Eqinisweni uPawulu wayibiza ngokuthi “indlela ezidlula zonke.” (1 Korinte 12:31) Kwakuyiyiphi le “ndlela ezidlula zonke”? Indlela yothando.

22 Ngempela, uthando lobuKristu olwachazwa uPawulu “alusoze lwaphela nanini,” okusho ukuthi luyohlala phakade. Kuze kube namuhla, uthando lobuzalwane lokuzidela lusewuphawu lwabalandeli bakaJesu beqiniso. Asibuboni yini ubufakazi balolo thando emabandleni abakhulekeli bakaJehova emhlabeni wonke? Lolo thando luyohlala phakade ngoba uJehova uzithembisa ukuphila okuphakade izinceku zakhe ezithembekile. (IHubo 37:9-11, 29) Kwangathi singaqhubeka senza konke esingakwenza ukuze ‘siqhubeke sibonisa uthando.’ Uma senza kanjalo, siyothola injabulo enkulu ebangelwa ukupha. Ngaphezu kwalokho, singaqhubeka siphila—yebo, siqhubeke sithanda—kuze kube phakade, silingisa uNkulunkulu wethu onothando, uJehova.

Abantu bakaJehova babonakala ngokuthandana

23 Kulesi sahluko esiphetha le ngxenye ekhuluma ngothando, sixoxe ngendlela esingabonisana ngayo uthando. Kodwa uma sicabanga ngezindlela eziningi olusizuzisa ngazo uthando lukaJehova—kanye namandla, ubulungisa nokuhlakanipha kwakhe—kuhle sizibuze, ‘Ngingambonisa kanjani uJehova ukuthi ngimthanda ngempela?’ Lowo mbuzo uzophendulwa esahlukweni sethu sokugcina.

a Nokho, akusho ukuthi uthando lobuKristu lukhohliseka kalula. IBhayibheli liyasinxusa: “Niqaphele labo ababangela ukuhlukana nababangela ukukhubeka . . . , nibagweme.”—Roma 16:17.