Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Funda ‘Ohlakeni Lweqiniso’

Funda ‘Ohlakeni Lweqiniso’

Funda ‘Ohlakeni Lweqiniso’

“Unohlaka lolwazi nolweqiniso eMthethweni.”—ROMA 2:20.

BHEKA IZIMPENDULO ZALE MIBUZO:

Yayifanekiselani imihlatshelo eyayifunwa uMthetho KaMose?

Ikuphi ukufana okukhona phakathi kwemihlatshelo ethile eyayenziwa ama-Israyeli neyenziwa amaKristu namuhla?

Iziphi izici ezinquma ukuthi umhlatshelo uzokwamukeleka yini kuJehova noma cha?

1. Kungani kufanele sibe nesithakazelo ekuqondeni okwakushiwo uMthetho KaMose?

 UKUBE bezingekho izincwadi eziphefumulelwe zomphostoli uPawulu, bekuyoba nzima ngathi ukuqonda okushiwo izici eziningi zoMthetho KaMose. Ngokwesibonelo, encwadini ayibhalela amaHebheru, ucacisa ukuthi kwakungenzeka kanjani ukuba uJesu ‘njengompristi ophakeme othembekile’ anikele ‘ngomhlatshelo oyisihlawulelo’ kanye kuphela ukuze labo ababonisa ukholo kuwo bathole ‘ukukhululwa kwaphakade.’ (Heb. 2:17; 9:11, 12) UPawulu wachaza ukuthi itabernakele lalimane nje ‘liyisithunzi sezinto zasezulwini’ nokuthi uJesu waba uMlamuleli ‘wesivumelwano esingcono’ kunaleso uMose ayengumlamuleli waso. (Heb. 7:22; 8:1-5) Osukwini lukaPawulu, izincazelo ezinjalo zoMthetho zazibaluleke kakhulu kumaKristu futhi zisabalulekile. Zisisiza ukuba sikuqonde kakhudlwana ukubaluleka kwamalungiselelo uNkulunkulu asenzele wona.

2. AmaKristu angamaJuda ayengcono ngani kunabantu beZizwe?

2 Lapho uPawulu ebhalela amaKristu aseRoma, waqondisa amanye amazwi akhe emalungwini ebandla ayengamaJuda emvelo futhi efundiswe uMthetho KaMose. Wavuma ukuthi ngenxa yokujwayelana kwawo nalowo Mthetho kaNkulunkulu, ayengcono ngoba ‘ayenohlaka lolwazi nolweqiniso’ oluphathelene noJehova nezimiso zakhe zokulunga. NjengamaJuda athembekile angaphambi kwawo, ukuqonda lolo ‘hlaka lweqiniso’ nokuluhlonipha ngokujulile kwahlomisela amaKristu angamaJuda ukuba aqondise, afundise futhi akhanyisele labo ababengawazi uMthetho uJehova ayewunike abantu bakhe.—Funda amaRoma 2:17-20.

IMIFUZISELO YOMHLATSHELO KAJESU

3. Kusizuzisa ngani ukufunda ngemihlatshelo yamaJuda asendulo?

3 Uhlaka lweqiniso uPawulu abhekisela kulo lusabalulekile nakithi ukuze siqonde izinjongo zikaJehova. Izimiso okusekelwe kuzo uMthetho KaMose zisabalulekile. Sinalokhu engqondweni, ake sicabangele isici esisodwa nje salowo Mthetho—indlela imihlatshelo neminikelo ehlukahlukene eyaholela ngayo amaJuda athobekile kuKristu futhi yawasiza ukuba aqonde lokho uNkulunkulu ayekufuna kuwo. Njengoba izimfuneko zikaJehova eziyisisekelo ngezinceku zakhe zingashintshi nakanye, sizobona nokuthi imithetho ayinikeza ama-Israyeli mayelana nemihlatshelo neminikelo ingasisiza sihlaziye izinga lenkonzo yethu engcwele.—Mal. 3:6.

4, 5. (a) UMthetho KaMose wawubakhumbuzani abantu bakaNkulunkulu? (b) Umthetho kaNkulunkulu mayelana nemihlatshelo wawufuziselani?

4 Cishe kwakungenakwenzeka ukuba amaJuda asendulo akhohlwe ukuthi anesono ngoba izici eziningi zoMthetho KaMose zazikugcizelela. Ngokwesibonelo, noma ubani owayethinte isidumbu kwakudingeka alandele inqubo yokuhlanzwa. Kule nqubo, kwakuhlatshwa inkomazi ephilile ebomvu bese ishiswa. Umlotha wayo wawugcinwa ukuze kwenziwe “amanzi okuhlanza,” okwakufafazwa ngawo umuntu ohlanzwayo ngosuku lwesithathu nolwesikhombisa ngemva kokungcola kwakhe. (Num. 19:1-13) Njengesikhumbuzo sokuthi ukuzala kudlulisela ukungapheleli nesono, nowesifazane obelethile kwakudingeka abe ongcolile isikhathi esithile, ngemva kwalokho kwakufanele enze isihlawulelo ngomhlatshelo.—Lev. 12:1-8.

5 Imihlatshelo yezilwane yayidingeka nakwezinye izimo eziningi zokuphila kwansuku zonke ukuze kuhlawulelwe izono. Kungakhathaliseki ukuthi umkhulekeli wayazi noma cha, le mihlatshelo—naleyo kamuva eyayinikelwa ethempelini likaJehova—‘yayiyisithunzi’ somhlatshelo kaJesu ophelele.—Heb. 10:1-10.

UMOYA OWENZIWA NGAWO UMHLATSHELO

6, 7. (a) Iziphi izinto ama-Israyeli okwakufanele azicabangele ekukhetheni iminikelo yezilwane, futhi lokhu kwakufuziselani? (b) Imiphi imibuzo esingazibuza yona?

6 Indinganiso ebalulekile nganoma isiphi isilwane esasizohlatshelwa uJehova yayiwukuthi sibe ‘esiphilile’ kuzo zonke izici—kungabi esiyimpumputhe, esilimele, esikhubazekile noma esigulayo. (Lev. 22:20-22) Lapho ama-Israyeli enikela kuJehova izithelo noma okusanhlamvu, kwakudingeka ukuba kube “ulibo,” “okuhle kunakho konke” kwesivuno sabo. (Num. 18:12, 29) Umnikelo osezingeni eliphansi wawungamukeleki kuJehova. Le mfuneko ebalulekile ngemihlatshelo yezilwane yafanekisela ukuthi umhlatshelo kaJesu wawuyoba ongenasici nongenabala nokuthi uJehova wayeyokwenza umhlatshelo ngokuhle kakhulu nokuyigugu kakhulu ukuze ahlenge isintu.—1 Pet. 1:18, 19.

7 Uma umuntu owayenza umhlatshelo embonga ngempela uJehova ngabo bonke ubuhle baKhe, wayengeke yini akujabulele ukumkhethela okuhle kunakho konke anakho? Kwakushiyelwa kumuntu ngamunye ukuthi wayezonikela ngomhlatshelo onjani. Noma kunjalo, wayazi ukuthi uNkulunkulu wayengeke ajabule ngomnikelo onesici ngoba lokho kwakuyobonisa ukuthi lowo onikelayo wayebheka umhlatshelo njengento yokugcina icala ngisho newumthwalo. (Funda uMalaki 1:6-8, 13.) Lokhu kufanele kusenze sicabangisise ngenkonzo yethu kuNkulunkulu: ‘Ngimkhonza ngamuphi umoya uJehova? Kungenzeka yini ukuthi kufanele ngibukeze izinga lenkonzo yami nezisusa zami zokumkhonza?’

8, 9. Kungani kufanele sicabangele umoya ama-Israyeli ayenza ngawo imihlatshelo yawo?

8 Uma umhlatshelo womIsrayeli wawubonakalisa ngokuzithandela ukubonga okuqotho kuJehova noma, njengasendabeni yomnikelo wokushiswa, wawuyisicelo sokwamukelwa nguye, khona-ke ukukhetha isilwane esifanelekayo kwakungeke kube inkinga. Umkhulekeli wayeyokujabulela ukunikeza uJehova okuhle kunakho konke. AmaKristu namuhla awasanikeli ngemihlatshelo engokoqobo eyayifunwa uMthetho KaMose; kodwa ayayenza imihlatshelo ngomqondo wokuthi asebenzisa isikhathi sawo, amandla nezinto zawo ezibonakalayo ukuze akhonze uJehova. Umphostoli uPawulu wabiza ‘ukuvuma obala’ ithemba lobuKristu ‘nokwenza okuhle nokupha abanye izinto’ ngemihlatshelo ejabulisa uNkulunkulu. (Heb. 13:15, 16) Umoya abantu bakaJehova abenza ngawo imisebenzi enjalo, wembula ukuthi bakubonga futhi bakwazisa kangakanani konke uNkulunkulu abanike kona. Kunokufana phakathi kwesimo sengqondo nezisusa zalabo abasenkonzweni yobuKristu namuhla nezalabo ababenikela imihlatshelo yokuzithandela endulo.

9 Nokho, kungathiwani ngesimo lapho uMthetho KaMose wawufuna umnikelo wesono noma wecala kumuntu ngenxa yokusilela okuthile? Ucabanga ukuthi ukwazi ukuthi lo mhlatshelo wawuyisibopho kwakuyokwenza umehluko yini ekutheni owunikelayo uwunikela ngenhliziyo evumayo nangesimo sengqondo esihle? Wayengayenza yini imihlatshelo enjalo ngokukhononda? (Lev. 4:27, 28) Kwakungeke kube njalo uma onikelayo ayefuna ngobuqotho ukulondoloza ubuhlobo obuhle noJehova.

10. Imiphi “imihlatshelo” okungase kudingeke amaKristu ayenze ukuze alungise ubuhlobo obulimele?

10 Nanamuhla, ungase uqaphele ukuthi kungenzeka uye wacasula umfowenu ungacabanganga, ungahlosile noma unganakile. Unembeza wakho ungase ukulahle ngecala. Noma ubani ofuna ngempela ukukhonza uJehova uyokwenza konke okusemandleni akhe ukuze alungise iphutha lakhe, akunjalo? Lokhu kungase kusho ukuxolisa ngobuqotho kumuntu amonile noma ukufuna usizo olungokomoya kubabonisi abangamaKristu abanothando uma enze ububi obungathi sína. (Math. 5:23, 24; Jak. 5:14, 15) Ngakho, kudingeka sidele okuthile ukuze silungise iphutha esilenze komunye umuntu noma kuNkulunkulu uqobo. Noma kunjalo, lapho senza “imihlatshelo” enjalo, sibuyisana noJehova nanomfowethu futhi sizuze unembeza ohlanzekile. Lokhu kube sekusiqinisekisa ngokuthi indlela kaJehova ingcono kakhulu.

11, 12. (a) Lalibonisani ilungiselelo lemihlatshelo yenhlanganyelo? (b) Imihlatshelo yenhlanganyelo ihlobana kanjani nokukhulekela okuhlanzekile namuhla?

11 Eminye imihlatshelo eyayifunwa uMthetho KaMose yayibhekwa njengeminikelo yenhlanganyelo. Le mihlatshelo yayibonisa ukuba nokuthula noJehova. Umuntu owayenza lo mnikelo nomkhaya wakhe babedla inyama yesilwane somhlatshelo, mhlawumbe kwelinye lamagumbi okudlela asethempelini. Umpristi owayengamele lowo mhlatshelo wayethola ingxenye ethile yenyama, njengabanye abapristi abakhonza ethempelini. (Lev. 3:1; 7:31-33) Umkhulekeli wayenikela umhlatshelo wakhe ngoba nje enesifiso sokujabulela ubuhlobo obuhle noNkulunkulu. Kwakunjengokungathi lowo mkhulekeli, umkhaya wakhe, abapristi noJehova uqobo babejabulela isidlo ndawonye, ngokuthula.

12 Iliphi ilungelo elikhulu esingaba nalo kunelokumemela uJehova ngokomfanekiso esidlweni esinjalo futhi avume? Ngokuvamile, umuntu ommemile wayeyofuna ukunikeza lesi simenywa sakhe esihloniphekile okungcono kakhulu. Ilungiselelo lemihlatshelo yenhlanganyelo, eyayiyingxenye yohlaka lweqiniso loMthetho, lalibonisa iqiniso lokuthi ngomhlatshelo omkhulu kaJesu, bonke abafisa ukuba nobuhlobo obuseduze nobunokuthula noMdali wabo bangenza kanjalo. Namuhla, singajabulela ubungane nokusondelana noJehova njengoba sinikela ngokuzithandela ngezinto ezibonakalayo nangamandla ethu enkonzweni yakhe.

IZIXWAYISO NGEMIHLATSHELO

13, 14. Kungani umhlatshelo iNkosi uSawule eyayifuna ukuwenza wawungamukeleki kuJehova?

13 Ngokuvamile, ukuze yamukelwe uJehova, imihlatshelo eyayifunwa uMthetho KaMose kwakufanele inikelwe ngomoya ofanele nangesimo senhliziyo esifanele. Nokho, iBhayibheli linezibonelo eziyizixwayiso zemihlatshelo uNkulunkulu angazange ayamukele. Yini eyenza ukuba angayamukeli? Ake sicabangele izimo ezimbili.

14 Umprofethi uSamuweli watshela iNkosi uSawule ukuthi kwase kuyisikhathi sokuba uJehova akhiphe isahlulelo kuma-Amaleki. Ngakho-ke, uSawule kwakufanele asiqothule leso sizwe esiyisitha nemfuyo yaso. Nokho, ngemva kokusinqoba, uSawule wavumela amabutho akhe ukuba angambulali u-Agagi, inkosi yama-Amaleki. USawule akayibulalanga nemfuyo yawo yekhethelo ngoba ethi uzonikela ngayo kuJehova njengomhlatshelo. (1 Sam. 15:2, 3, 21) UJehova wasabela kanjani? Wamlahla uSawule ngenxa yokungalaleli. (Funda eyoku-1 Samuweli 15:22, 23.) Sifundani kulokhu? Sifunda ukuthi ukuze umhlatshelo wamukeleke kuNkulunkulu, kumelwe uhambisane nokulalela imiyalo yakhe.

15. Kwabonisani ukuziphatha okubi kwama-Israyeli athile ayenza imihlatshelo osukwini luka-Isaya?

15 Sithola isibonelo esithi asifane encwadini ka-Isaya. Osukwini luka-Isaya, ama-Israyeli ayeyenza imihlatshelo kuJehova ngoba nje kulindelekile. Nokho, ukuziphatha kwawo okubi kwenza imihlatshelo yawo yaba ize. UJehova wawabuza: “Bunanzuzoni kimi ubuningi bemihlatshelo yenu? . . . Isingicikile iminikelo yokushiswa ephelele yezinqama namanoni ezilwane ezondlekile; futhi angizange ngijabule ngegazi lezinkunzi nangamawundlu angamaduna nezimpongo. . . . Ningabe nisaletha eminye iminikelo yokusanhlamvu engasizi ngalutho. Impepho—iyinto enengekayo kimi.” Yayiyini inkinga? UNkulunkulu wawatshela: “Ngisho noma nenza imithandazo eminingi, angilalele; zona kanye izandla zenu zigcwele igazi. Gezani; zihlanzeni; susani ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami; phezani ukwenza okubi.”—Isaya 1:11-16.

16. Yini enquma ukuthi umhlatshelo uyamukeleka kuNkulunkulu noma cha?

16 UJehova akazange ayijabulele imihlatshelo eyayinikelwa izoni ezingaphenduki. Nokho, wayeyamukela imithandazo nemihlatshelo yalabo ababekulwela ngobuqotho ukuphila ngokuvumelana nemiyalo yakhe. Uhlaka loMthetho lwenza abantu abanjalo baqaphela ukuthi banesono futhi badinga intethelelo. (Gal. 3:19) Ukukuqaphela lokho kwabenza baba nenhliziyo edabukile kufanele. Nanamuhla, kudingeka siqaphele ukuthi siyawudinga umhlatshelo kaKristu, okwazi ngempela ukuhlawulela izono. Ngakho, uma sikuqonda futhi sikwazisa lokhu, uJehova ‘uyokujabulela’ konke esinikela ngakho enkonzweni yethu esiyenza ngomphefumulo wonke.—Funda iHubo 51:17, 19.

BONISA UKHOLO EMHLATSHELWENI KAJESU!

17-19. (a) Singambonisa kanjani uJehova ngendlela efanele ukuthi siyambonga ngomhlatshelo kaJesu wesihlengo? (b) Sizofunda ngani esihlokweni esilandelayo?

17 Thina sisesimweni esingcono kunalabo abaphila ngaphambi kwezikhathi zobuKristu ngoba akusadingeki saneliswe nje ukubona “isithunzi” sezinjongo zikaNkulunkulu. (Heb. 10:1) Imithetho ephathelene nemihlatshelo yakhuthaza amaJuda ukuba ahlakulele isimo sengqondo esifanele ukuze abe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu—ambonge ngobuqotho, abe nesifiso sokumnika okuhle kakhulu futhi aqaphele ukuthi ayedinga isihlengo. Ngenxa yezincazelo ezisemiBhalweni YamaKristu YesiGreki, singaqonda ukuthi uJehova uyoyisusa ngokuphelele imiphumela yesono esebenzisa isihlengo nokuthi ngisho kwamanje usivumela ukuba sibe nonembeza omuhle phambi kwakhe. Ngempela umhlatshelo wesihlengo kaJesu uyilungiselelo elimangalisayo!—Gal. 3:13; Heb. 9:9, 14.

18 Yiqiniso, kudingeka okungaphezu kokuqonda umhlatshelo wesihlengo ukuze sizuze kuwo. Umphostoli uPawulu wabhala: “UMthetho uye waba umfundisi wethu oholela kuKristu, ukuze kuthiwe silungile ngenxa yokholo.” (Gal. 3:24) Lolo kholo kufanele lube nemisebenzi. (Jak. 2:26) Ngakho, uPawulu wakhuthaza amaKristu ekhulu lokuqala ayenohlaka lolwazi olwadluliselwa ngoMthetho KaMose ukuba alusebenzise lolo lwazi. Ngokwenza lokho, ukuziphatha kwawo kwakuyovumelana nezimiso zikaNkulunkulu ayezifundisa.—Funda amaRoma 2:21-23.

19 Nakuba kungadingeki ukuba amaKristu namuhla agcine uMthetho KaMose, kusamelwe anikele imihlatshelo eyamukelekayo kuJehova. Isihloko esilandelayo sizosibonisa indlela esingakwenza ngayo lokhu.

[Imibuzo Yesifundo]

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 17]

Izimfuneko zikaJehova eziyisisekelo ezincekwini zakhe azishintshi nakanye

[Isithombe ekhasini 18]

Isiphi isilwane wena owawuyonikela ngaso kuJehova?

[Isithombe ekhasini 19]

UJehova uyabamukela labo abanikela ngemihlatshelo eyamukelekayo