Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukwenza Isikhathi Sokutadisha Sijabulise Futhi Sizuzise Ngokwengeziwe

Ukwenza Isikhathi Sokutadisha Sijabulise Futhi Sizuzise Ngokwengeziwe

Ukwenza Isikhathi Sokutadisha Sijabulise Futhi Sizuzise Ngokwengeziwe

Singayithola kanjani injabulo eyengeziwe ekutadisheni iBhayibheli? Singazenza kanjani izikhathi zokutadisha zizuzise kakhudlwana? Ake sixoxe kafushane ngezinyathelo ezintathu ezibalulekile ezizosisiza ukuba sizuze ngokwengeziwe esifundweni seBhayibheli somuntu siqu.

1 THANDAZA: Isinyathelo sokuqala ukuthandaza. (IHu. 42:8) Kungani? Kufanele sibheke ukutadisha iZwi likaNkulunkulu njengengxenye yokukhulekela kwethu. Ngakho-ke, kudingeka sicele uJehova ukuba asisize sibe nesimo sengqondo esifanele futhi asinike umoya wakhe ongcwele. (Luka 11:13) UBarbara, osenesikhathi eside eyisithunywa sevangeli, uthi: “Ngiyathandaza njalo ngaphambi kokuba ngifunde noma ngitadishe iBhayibheli. Ngemva kwalokho, ngibe sengizwa ukuthi uJehova unami futhi uyakwamukela lokho engikwenzayo.” Ukuthandaza ngaphambi kokuba sitadishe kuvula izingqondo nezinhliziyo zethu ukuze ziyamukele ngokugcwele inala yokudla okungokomoya okuphambi kwethu.

2 ZINDLA: Ngenxa yokungabi nesikhathi esanele, abanye bagcina ngokukha phezulu lapho befunda iZwi likaNkulunkulu. Nokho, baphuthelwa izinzuzo abangazithola ngokutadisha iBhayibheli. UCarlos, oseneminyaka engaphezu kwengu-50 ekhonza uJehova, useye wakuqaphela ukubaluleka kokubekela eceleni isikhathi sokuzindla ukuze isifundo sakhe sizuzise kakhudlwana. Uthi: “Manje ngifunda amakhasi ambalwa eBhayibheli ngesikhathi—cishe amabili ngosuku. Ngibe sengikwazi ukuba nesikhathi esengeziwe sokuzindla ngalokho engikufundayo ukuze ngithole izifundo ezibalulekile okuziqukethe.” (IHu. 77:12) Lapho sizinika isikhathi sokuzindla, ulwazi nokuqonda kwethu intando kaNkulunkulu kuyathuthuka.—Kol. 1:9-11.

3 KUSEBENZISE: Uma sikubona ukubaluleka kwalokho esikwenzayo, sizuza ngokwengeziwe kukho. Kunjalo nangokutadisha iBhayibheli. UGabriel, umzalwane osemusha onesimiso sokufunda iBhayibheli njalo, uthi: “Ukutadisha kungisiza nginqobe izinkinga zansuku zonke, futhi kungilungiselele ukuba ngisize abanye.” Uyanezela: “Konke engikufundayo ngiyazama ukukusebenzisa ekuphileni kwami.” (Dut. 11:18; Josh. 1:8) Yebo, uNkulunkulu usinikeze ingcebo yolwazi ngaye esingayithola futhi siyisebenzise.—IzAga 2:1-5.

BUKEZA: Yeka ilungelo esinalo lokumba olwazini esilunikezwa uJehova, uMthombo wakho konke ukuhlakanipha! (Roma 11:33) Ngakho-ke, esikhathini esizayo lapho utadisha, qiniseka ukuthi uyathandaza kuqala kuJehova umcele akusize ube nesimo sengqondo esifanele futhi akunike umoya wakhe ongcwele. Yibe usuhlaba ikhefu ngezikhathi ezithile uzindle ngalokho okufundayo. Landelela uzisebenzise izinto ozifundayo ekuphileni kwakho kwansuku zonke. Lapho uthatha lezi zinyathelo ezibalulekile, uzothola ukuthi ukutadisha kwakho iBhayibheli kuba okujabulisa nokuzuzisa kakhulu.