Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Usungenile Yini Ekuphumuleni KukaNkulunkulu?

Usungenile Yini Ekuphumuleni KukaNkulunkulu?

Usungenile Yini Ekuphumuleni KukaNkulunkulu?

“Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla.”—HEB. 4:12.

1. Iyiphi enye indlela esingangena ngayo ekuphumuleni kukaNkulunkulu namuhla, kodwa kungani kungase kube lula ukukusho lokho kunokukwenza?

 ESIHLOKWENI esandulele, sibonile ukuthi singangena ekuphumuleni kukaNkulunkulu ngokuba silalele senze ngokuvumelana nezinjongo zakhe. Kulula ukukusho lokhu kunokukwenza. Ngokwesibonelo, lapho sifunda ukuthi uJehova akayithandi into ethile esiyithandayo, ekuqaleni singase sisabele ngokuvukela. Lokho kubonisa ukuthi kudingeka sithuthuke esicini ‘sokushesha ukulalela.’ (Jak. 3:17) Kulesi sihloko, sizohlola izici ezimbalwa ukuzimisela kwethu ukuhambisana nenjongo kaNkulunkulu—ukulalela ngokusuka enhliziyweni—okungavivinywa kuzo.

2, 3. Imiphi imizamo okumelwe siqhubeke siyenza ukuze sihlale sifiseleka emehlweni kaJehova?

2 Wena wenza kahle kangakanani endabeni yokwamukela iseluleko esisekelwe eBhayibhelini? ImiBhalo isitshela ukuthi intando kaNkulunkulu iwukubuthela kuye “izinto ezifiselekayo zazo zonke izizwe.” (Hag. 2:7) Yiqiniso, iningi lethu lalingafiseleki neze lapho liqala ukuthola iqiniso. Nokho, uthando ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe ethandekayo lwasishukumisela ukuba senze izinguquko ezinkulu esimweni sethu sengqondo nasemikhubeni ukuze sijabulise uNkulunkulu ngokugcwele. Ekugcineni, ngemva kokuthandaza nokuzikhandla kakhulu, lwafika usuku olubusisekile lapho sakwazi khona ukubhapathizwa njengamaKristu.—Funda abaseKolose 1: 9, 10.

3 Nokho, ukulwisana nokungapheleli akuphelanga mhla sibhapathizwa. Le mpi yaqhubeka futhi isazoqhubeka inqobo nje singaphelele. Nokho, uJehova usiqinisekisa ngokuthi uyoyibusisa imizamo yethu uma siqhubeka silwa futhi sizimisela ukuba abafiseleka ngokwengeziwe emehlweni akhe.

Lapho Kudingeka Iseluleko

4. Iziphi izindlela ezintathu esingasithola ngazo iseluleko esingokomBhalo?

4 Ngaphambi kokuba siqale ukulwisana nobuthakathaka bokungapheleli kwethu, kufanele sibazi. Inkulumo enikezwa eHholo LoMbuso esenza sizihlole noma isihloko esishukumisa ingqondo esikwenye yezincwadi zethu kungase kwembule ubuthaka obukhulu esinabo. Ngakolunye uhlangothi, uma singalitholi iphuzu lapho linikezwa enkulumweni noma sehluleka ukubona ukuthi iseluleko esithile esilotshiwe sisebenza kanjani kithi, uJehova angase asebenzise omunye umKristu ukuba asibonise ubuthaka bethu.—Funda abaseGalathiya 6:1.

5. Yisho ezinye zezindlela ezingathandeki esingase sisabele ngazo lapho sinikezwa iseluleko, futhi uchaze ukuthi kungani abelusi abangamaKristu kumelwe baphikelele emizamweni yabo yokusisiza.

5 Akulula ukwamukela iseluleko esivela kumuntu ongaphelele, kungakhathaliseki ukuthi usinikeza ngesu lokungacunuli nangothando kangakanani. Noma kunjalo, njengoba eyabaseGalathiya 6:1 ibonisa, uJehova uyala labo abanezimfanelo ezingokomoya ukuba ‘bazame’ ukusilungisa, futhi bakwenze “ngomoya wobumnene.” Uma sisabela kahle, siyoba abafiseleka nakakhulu emehlweni kaNkulunkulu. Kuyathakazelisa ukuthi lapho sithandaza sivuma kalula ukuthi asiphelele. Nokho, lapho othile esibonisa ubuthakathaka obuthile, sithambekele ekuzameni ukuzithethelela, ekunciphiseni inkinga, ekungabazeni isisusa soselulekayo, noma ekucasukeleni indlela iseluleko esinikezwe ngayo. (2 AmaKh. 5:11) Uma iseluleko sithinta isici esizwela kakhulu kuso—izenzo zelungu lomkhaya, indlela yethu yokugqoka nokuzilungisa, inhlanzeko yomuntu siqu, noma uhlobo oluthile lokuzijabulisa esiluthandayo kodwa uJehova aluzondayo—singase sisabele ngendlela engenhle neze, esimangazayo kwathina futhi eyenza nalowo oselulekayo ajabhe! Kodwa ngemva kokuba sesehlise umoya, ngokuvamile siyavuma ukuthi leso seluleko sasifaneleka.

6. Izwi likaNkulunkulu liyembula kanjani “imicabango nezinhloso zenhliziyo”?

6 Umbhalo lesi sihloko esisekelwe kuwo usikhumbuza ukuthi izwi likaNkulunkulu “linamandla.” Yebo, izwi likaNkulunkulu linamandla okushintsha ukuphila. Lingasisiza senze izinguquko ezidingekayo ngemva kokubhapathizwa njengoba nje lasisiza nangaphambi kokuba sithathe leso sinyathelo. Kule ncwadi ayibhalela amaHebheru, uPawulu ubhale nokuthi izwi likaNkulunkulu “lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.” (Heb. 4:12) Ngamanye amazwi, lapho siyiqonda ngokucacile injongo kaNkulunkulu ngathi, indlela esisabela ngayo kuyo yembula lokho esiyikho ngaphakathi ekujuleni. Kuyenzeka yini ngezinye izikhathi kube khona umehluko phakathi kwalokho esibonakala siyikho (“umphefumulo”) nalokho esiyikho ngempela (“umoya”)? (Funda uMathewu 23:27, 28.) Cabangela indlela obungasabela ngayo ezimweni ezilandelayo.

Hambisana Nenhlangano KaJehova

7, 8. (a) Yini okungenzeka ukuthi yashukumisela amanye amaKristu angamaJuda ukuba abambelele emikhubeni ethile yoMthetho KaMose? (b) Ingabe imizamo yawo yayihambisana nenjongo kaJehova eyayembuleka?

7 Abaningi kithi bangawusho ngekhanda umBhalo wezAga 4:18: “Indlela yabalungileyo injengokukhanya okukhulu okuqhubeka kukhanya ngokwengeziwe kuze kube semini enkulu.” Lokhu kusho ukuthi ukuziphatha kwethu nokuqonda kwethu izinjongo zikaNkulunkulu kuyothuthuka ngokuhamba kwesikhathi.

8 Njengoba sixoxile esihlokweni esandulele, ngemva kokufa kukaJesu kwaba nzima ngamaKristu amaningi angamaJuda ukugqashula eMthethweni KaMose. (IzE. 21:20) Nakuba uPawulu abonisana nawo ngendlela enhle kakhulu ukuthi amaKristu ayengasekho ngaphansi koMthetho, amanye azenqaba lezo zizathu zakhe eziphefumulelwe. (Kol. 2:13-15) Mhlawumbe ayenomuzwa wokuthi uma eqhubeka egcina okungenani izingxenye ezithile zoMthetho, ayengeke ashushiswe. Kunoma ikuphi, uPawulu wawabhalela lawo maKristu angamaHebheru futhi wawatshela ngokucacile ukuthi ayengasoze angene ekuphumuleni kukaNkulunkulu uma nje ayesanqaba ukwenza ngokuvumelana nenjongo yaKhe eyayembuleka. * (Heb. 4:1, 2, 6; funda amaHebheru 4:11.) Ukuze amukelwe uJehova, kwakuyodingeka abhekane neqiniso lokuthi wayeseholela abantu bakhe ohlangothini oluhlukile.

9. Isiphi isimo sengqondo okufanele sibe naso lapho kwenziwa ushintsho endleleni esiqonda ngayo izinto ezithile ezingokomBhalo?

9 Ezikhathini zanamuhla, ukuqonda kwethu izimfundiso ezithile eziseBhayibhelini kuye kwathuthukiswa. Lokhu akufanele kusiphathe kabi; kufanele kuqinise ukusethemba kwethu isigaba senceku ethembekileyo neqondayo. Lapho amalungu angabameleli bale “nceku” eqaphela ukuthi kudingeka kucaciswe noma kulungiswe umbono wethu ngephuzu elithile leqiniso, awathandabuzi ukwenza lolo shintsho. Isigaba senceku sikhathazeka kakhulu ngokubambisana nenjongo kaNkulunkulu eyambulekayo kunokuzama ukuzivikela ekugxekweni ngokulungisa ukuqonda kwethu. Wena usabela kanjani lapho kwenziwa ushintsho endleleni esiqonda ngayo imiBhalo ethile?—Funda uLuka 5:39.

10, 11. Iziphi izifundo esingazifunda endleleni abanye abasabela ngayo lapho kusungulwa izindlela ezintsha zokushumayela izindaba ezinhle?

10 Ake sicabangele esinye isibonelo. Ekupheleni kwekhulu le-19 nasekuqaleni kwelama-20, abaFundi beBhayibheli abathile ababeyizikhulumi zasobala ezinhle kakhulu baba nomuzwa wokuthi bangawenza kangcono umsebenzi wokushumayela ngokunikeza izinkulumo ezilungiselelwe kahle ezilalelini ezinokwazisa. Babekujabulela ukunikeza izinkulumo zasobala, futhi abanye babo babekuthokozela ukunconywa izilaleli. Nokho, kamuva kwaba sobala ukuthi uJehova ufisa ukuba abantu bakhe babe matasa ezinhlotsheni ezihlukahlukene zokushumayela ezihlanganisa nomsebenzi wendlu ngendlu. Ezinye izikhulumi zasobala ezinekhono zenqaba ingcaca ukuqala noma yini entsha. Ngaphandle zazibonakala zingamadoda angokomoya, azinikele ngokugcwele eNkosini. Nokho, lapho ziboniswa ubufakazi obucacile benjongo kaNkulunkulu mayelana nomsebenzi wokushumayela, imicabango, izinhloso nezisusa zazo zangempela zavela obala. UJehova wazizwa kanjani ngazo? Akazange azibusise. Zayishiya inhlangano.—Math. 10:1-6; IzE. 5:42; 20:20.

11 Lokho akusho ukuthi ukushumayela obala kwakulula ngabo bonke abaqhubeka bethembekile enhlanganweni. Abaningi bawuthola unzima lo msebenzi, ikakhulukazi ekuqaleni. Kodwa balalela. Ngokuhamba kwesikhathi, balunqoba uvalo, futhi uJehova wababusisa ngokucebile. Wena usabela kanjani lapho umenyelwa ukuba uhlanganyele ohlotsheni oluthile lomsebenzi wokushumayela ozizwa ungakhululekile ukuwenza okwamanje? Ingabe uzimisele ukuqala okuthile okusha?

Lapho Umuntu Esimthandayo Eshiya UJehova

12, 13. (a) Iyini injongo kaJehova ngokususa ekuhlanganyeleni abenzi bobubi abangaphenduki? (b) Iluphi uvivinyo abanye abazali abangamaKristu ababhekene nalo, futhi yini eyenza lolo vivinyo lube nzima kakhulu?

12 Ngokuqinisekile sonke siyavumelana nesimiso esithi kumelwe sihlanzeke ngokwenyama, ngokokuziphatha nangokomoya ukuze sijabulise uNkulunkulu. (Funda uThithu 2:14.) Nokho, kungase kube nezikhathi lapho ubuqotho bethu buvivinywa kakhulu khona kulesi sici senjongo kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ake sithi indodana enguzinyo-bulala yombhangqwana ongamaKristu oyisibonelo ishiya iqiniso. Ngenxa yokukhetha ‘ukujabula isikhashana esonweni’ kunobuhlobo bayo noJehova nabazali bayo abesaba uNkulunkulu, le nsizwa iyasuswa ekuhlanganyeleni.—Heb. 11:25.

13 Abazali baba lusizi kakhulu! Yiqiniso, endabeni yokususwa ekuhlanganyeleni, bayazi ukuthi iBhayibheli lithi “niyeke ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.” (1 Kor. 5:11, 13) Bayazi nokuthi igama elithi “noma ubani” elikuleli vesi lihlanganisa namalungu omkhaya angahlali nawo. Kodwa bayithanda kakhulu indodana yabo! Umuzwa onamandla wokuyithanda ungabenza bacabange ngale ndlela: ‘Sizoyisiza kanjani indodana yethu ukuba ibuyele kuJehova uma sibunciphisa kakhulu ubuhlobo bethu nayo? Ngeke yini sifeze okwengeziwe ngokuxhumana nayo njalo?’ *

14, 15. Isiphi ngempela isinqumo abazali abanabantwana abasusiwe okumelwe basenze?

14 Siyazwelana nalabo bazali. Kakade, indodana yabo yayinelungelo lokuzikhethela, futhi yakhetha ukuphishekela indlela yokuphila ephambene nobuKristu kunokuqhubeka ijabulela ubuhlobo obuseduze nabazali bayo nabanye ekholwa nabo. Ngakolunye uhlangothi, abazali ababanga nazwi kule ndaba. Yingakho bezizwa beyizehluleki!

15 Kodwa bazokwenzenjani labo bazali esibathandayo? Ingabe bayolalela isiqondiso sikaJehova esicacile? Noma bayozithethelela ngokuthi bangaxhumana njalo nendodana yabo esusiwe ekuhlanganyeleni futhi bakubize ngokuthi “izindaba zomkhaya ezibadinga bonke”? Lapho benza isinqumo, akumelwe bakhohlwe ukucabangela imizwa kaJehova ngalokho abakwenzayo. Injongo yakhe iwukugcina inhlangano yakhe ihlanzekile, futhi uma kungenzeka, ashukumisele abenzi bobubi ukuba basanguluke. Abazali abangamaKristu bangayisekela kanjani le njongo?

16, 17. Yini esingayifunda ngokuzindla ngesibonelo sika-Aroni?

16 U-Aroni, umfowabo kaMose, wabhekana nesimo esinzima ngokuphathelene namadodana akhe amabili. Cabanga ngendlela okumelwe ukuba wazizwa ngayo lapho amadodana akhe uNadabi no-Abhihu enikela ngomlilo ongekho emthethweni kuJehova futhi ewabulala. Yiqiniso, lokho kwaqeda noma ikuphi ukuxhumana la madoda ayengase abe nakho nabazali. Kodwa kunokwengeziwe. UJehova wayala u-Aroni namadodana akhe athembekile: “Ningawayeki amakhanda enu engalungisiwe, futhi ningaziklebhuli izingubo zenu [nilila], ukuze ningafi futhi ukuze [uJehova] angayithukutheleli yonke inhlangano.” (Lev. 10:1-6) Iphuzu licacile. Uthando lwethu ngoJehova kumelwe lube ngaphezu kothando esinalo ngamalungu omkhaya angathembekile.

17 Namuhla, uJehova akababulali ngaso leso sikhathi labo abephula imithetho yakhe. Ubanikeza ngothando ithuba lokuba baphenduke emisebenzini yabo engalungile. Nokho, uJehova angazizwa kanjani uma abazali bomenzi wobubi ongaphenduki beqhubeka bemvivinya ngokuzihlanganisa ngokungadingekile nendodana noma nendodakazi yabo esusiwe ekuhlanganyeleni?

18, 19. Iziphi izibusiso eziyotholwa amalungu omkhaya enza ngokuvumelana neziqondiso zikaJehova ngokuphathelene nabantu abasusiwe?

18 Abaningi abake basuswa ekuhlanganyeleni manje bavuma ngokukhululekile ukuthi ukuma okuqinile kwabangane namalungu omkhaya kwabasiza ukuba basanguluke. Lapho betusa ukuba intokazi ethile ibuyiselwe ekuhlanganyeleni, abadala babhala ukuthi yayihlanze ukuphila kwayo “ngokwengxenye ngenxa yokuthi umfowabo ongokwenyama wahlonipha ilungiselelo lokususwa ekuhlanganyeleni.” Yathi “ukunamathela kwakhe ngokwethembeka eziqondisweni zemiBhalo kwayisiza yafuna ukubuya.”

19 Isiphi isiphetho esingafinyelela kuso? Ukuthi kudingeka silwe nokuthambekela kwezinhliziyo zethu ezingaphelele ekuvukeleni iseluleko esingokomBhalo. Kumelwe siqiniseke ngokuphelele ukuthi indlela uNkulunkulu asingatha ngayo izinkinga zethu ihlale ingcono kakhulu.

“Izwi LikaNkulunkulu Liyaphila”

20. Iziphi izinto ezimbili umBhalo wamaHebheru 4:12 ongabhekisela kuzo? (Bheka umbhalo waphansi.)

20 Lapho uPawulu ebhala ukuthi “izwi likaNkulunkulu liyaphila,” wayengabhekiseli ngokuqondile eZwini likaNkulunkulu elilotshiwe, iBhayibheli. * Umongo ubonisa ukuthi wayebhekisele ezwini likaNkulunkulu lesithembiso. Iphuzu likaPawulu laliwukuthi uNkulunkulu akenzi isithembiso abese ekhohlwa yiso. UJehova wakuqinisekisa lokhu ngomprofethi wakhe u-Isaya: ‘Izwi lami ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.’ (Isaya 55:11) Ngakho, asikho isidingo sokuba siphelelwe isineke lapho izinto zingasheshi ngendlela esingathanda ukuba zisheshe ngayo. UJehova ‘uyaqhubeka esebenza’ enombono wokwenza injongo yakhe ifinyelele esiphethweni esiphumelelayo.—Joh. 5:17.

21. UmBhalo wamaHebheru 4:12 ungaba kanjani isikhuthazo emalungwini athembekile ‘esixuku esikhulu’ asekhulile?

21 Amalungu athembekile ‘esixuku esikhulu’ asekhulile asekhonze uJehova amashumi eminyaka. (IsAm. 7:9) Amaningi awakaze acabange ukuthi ayeyokhula aze aguge kulesi simiso sezinto. Noma kunjalo, awakadikibali. (IHu. 92:14) Ayaqaphela ukuthi izwi likaNkulunkulu lesithembiso aliyona into efile—liyaphila, futhi uJehova uqhubeka esebenzela ukuba ligcwaliseke. Njengoba injongo kaNkulunkulu iyigugu enhliziyweni yakhe, siyamjabulisa lapho sihlale sicabanga ngayo. Phakathi nalolu suku lwesikhombisa, uJehova ubelokhu ephumule, eqiniseka ngokuthi injongo yakhe iyogcwaliseka nokuthi, njengeqembu, abantu bakhe bayoyisekela. Kuthiwani ngawe? Ingabe usungenile ekuphumuleni kukaNkulunkulu?

[Imibhalo yaphansi]

^ par. 8 Abaholi abaningi bamaJuda bawugcina ngokucophelela uMthetho KaMose, kodwa lapho uMesiya efika, behluleka ukumbona. Abazange bahambisane nenjongo kaNkulunkulu eyayembuleka.

^ par. 20 Namuhla, uNkulunkulu ukhuluma nathi ngeZwi lakhe elilotshiwe elinamandla okuthinta ukuphila kwethu. Ngakho, ngomqondo owenabile, amazwi kaPawulu akumaHebheru 4:12 angabhekisela ngokufanele naseBhayibhelini.

Ungalahlekelwa Injongo

• Yini edingekayo ukuze singene ekuphumuleni kukaNkulunkulu namuhla?

• Ikuphi ukuhlobana okukhona phakathi kwenjongo kaNkulunkulu nokuzimisela kwethu ukwamukela iseluleko esingokomBhalo?

• Kukuziphi izici lapho ukulalela isiqondiso esingokomBhalo kungase kube nzima khona, kodwa kungani kubalulekile ukuba silalele?

• Iziphi izinto ezimbili umBhalo wamaHebheru 4:12 ongabhekisela kuzo?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 31]

Abazali baba lusizi kakhulu!