Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

“Yeka Indlela Engiwuthanda Ngayo Umthetho Wakho!”

“Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”—IHUBO 119:97.

1, 2. (a) Umlobi ophefumulelwe weHubo 119 wayebhekene nasiphi isimo? (b) Umhubi wasabela kanjani, futhi ngani?

 UMLOBI weHubo 119 wayebhekene nesimo esivivinya kakhulu. Izitha ezigabadelayo ezazingenandaba nomthetho kaNkulunkulu zazimhleka usulu futhi zimbheca ngamanga. Izikhulu zazicebisana ngaye futhi zimshushisa. Wayehaqwe ababi, ukuphila kwakhe kusengozini. Konke lokhu kwamenza ‘waqwasha ngenxa yosizi.’ (IHubo 119:9, 23, 28, 51, 61, 69, 85, 87, 161) Naphezu kwalesi simo, umhubi wahlabelela: “Yeka indlela engiwuthanda ngayo umthetho wakho! Uyinto engiyikhathalela usuku lonke.”—IHubo 119:97.

2 Kungakuhle uzibuze, “Umthetho kaNkulunkulu wawungamduduza kanjani umhubi?” Into eyamsekela ukuqiniseka kwakhe ngokuthi uJehova unesithakazelo kuye. Ukwazi amalungiselelo othando alowo mthetho kwakumenza ajabule naphezu kobunzima ayebubangelwa abaphikisi bakhe. Wayeqaphela ukuthi uJehova wayebe nomusa kuye. Ngaphezu kwalokho, ukusebenzisa isiqondiso esisemthethweni kaNkulunkulu kwakumenza ahlakaniphe kunezitha zakhe futhi kwakumlondile nokumlonda. Ukulalela umthetho kwakumnika ukuthula nonembeza ohlanzekile.—IHubo 119:1, 9, 65, 93, 98, 165.

3. Kungani kuyinselele ngamaKristu ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu namuhla?

3 Ezinye zezinceku zikaNkulunkulu namuhla nazo zibhekene novivinyo lokholo olunzima. Kungenzeka asibhekene nesimo esibucayi esisongela ukuphila njengomhubi, kodwa siphila ‘ezikhathini ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.’ Abantu abaningi esixhumana nabo nsuku zonke abanandaba nezindinganiso ezingokomoya—imigomo yabo eyobugovu nokuthanda izinto ezibonakalayo, bayazikhukhumeza futhi abananhlonipho. (2 Thimothewu 3:1-5) Kuvamile ukuba amaKristu asemasha abhekane nezinto ezisongela ubuqotho bawo ngokuphathelene nokuziphatha. Esimweni esinjalo, kungaba nzima ukulondoloza uthando lwethu ngoJehova nangalokho okulungile. Singazivikela kanjani?

4. Umhubi wabonisa kanjani ukuthi uyawazisa umthetho kaNkulunkulu, futhi ingabe amaKristu kufanele enze okufanayo?

4 Okwasiza umhubi ukuba amelane nezingcindezi ayebhekene nazo ukuthi wayezinika isikhathi sokuzindla ngokwazisa ngomthetho kaNkulunkulu. Lokho kwamenza wawuthanda. Empeleni, cishe wonke amavesi eHubo 119 akhuluma ngesici esithile somthetho kaJehova. * AmaKristu namuhla awekho ngaphansi koMthetho KaMose uNkulunkulu awunika isizwe sakwa-Israyeli sasendulo. (Kolose 2:14) Nokho, izimiso ezaziwumnyombo walowo Mthetho zisasebenza. Lezi zimiso zazimduduza umhubi, njengoba zingaduduza nezinceku zikaNkulunkulu ezishikashikana nezinkinga zokuphila kwanamuhla.

5. Iziphi izici zoMthetho KaMose esizoxoxa ngazo?

5 Ake sibone ukuthi isiphi isikhuthazo esingasithola ezicini ezintathu nje zoMthetho KaMose: ilungiselelo leSabatha, ilungiselelo lokukhothoza nomyalo owenqabela ukuhaha. Esimweni ngasinye, sizothola ukuthi ukuqonda izimiso le mithetho eyayisekelwe kuzo kubalulekile ukuze sihlangabezane nezinselele zezikhathi zethu.

Ukwanelisa Isidingo Sethu Esingokomoya

6. Iziphi izidingo eziyisisekelo bonke abantu abanazo?

6 Abantu badalwa baba nezidingo ezithile. Ngokwesibonelo, ukuze umuntu ahlale ewumqemane kubalulekile ukuba athole ukudla, amanzi nendawo yokufihla ikhanda. Kodwa futhi umuntu kudingeka anakekele ‘nesidingo sakhe esingokomoya.’ Ngeke ajabule ngempela uma engakwenzi lokho. (Mathewu 5:3) UJehova wayebheka ukwanelisa lesi sidingo esingokwemvelo njengokubaluleke kakhulu kangangokuthi wayala abantu bakhe ukuba isonto ngalinye bake bayeke imisebenzi yabo evamile usuku lonke ukuze banake izinto ezingokomoya.

7, 8. (a) UNkulunkulu walihlukanisa kanjani iSabatha kwezinye izinsuku? (b) ISabatha lalifeza yiphi injongo?

7 Ilungiselelo leSabatha lagcizelela ukubaluleka kokunaka izinto ezingokomoya. Igama elithi “isabatha” livela okokuqala eBhayibhelini lapho kukhulunywa khona ngelungiselelo lemana ehlane. Ama-Israyeli atshelwa ukuthi lesi sinkwa esiyisimangaliso kufanele asibuthe izinsuku eziyisithupha. Ngosuku lwesithupha, kwakufanele abuthe “isinkwa sezinsuku ezimbili,” ngoba sasingeke sitholakale ngolwesikhombisa. Usuku lwesikhombisa ‘lwaluyoba isabatha likaJehova elingcwele.’ Ngalo, yilowo nalowo kwakufanele ahlale endaweni yakhe. (Eksodusi 16:13-30) Omunye weMiyalo Eyishumi wawuthi akukho msebenzi okufanele wenziwe ngeSabatha. Lolo suku lwalungcwele. Isijeziso sokungaligcini iSabatha kwakuwukufa.—Eksodusi 20:8-11; Numeri 15:32-36.

8 Umthetho weSabatha wabonisa ukuthi uJehova wayeyikhathalela inhlalakahle engokwenyama nengokomoya yabantu bakhe. UJesu wathi: “Isabatha laba khona ngenxa yomuntu.” (Marku 2:27) Lalingagcini ngokunikeza ama-Israyeli ithuba lokuphumula, kodwa laliwanika nethuba lokusondela kuMdali wawo futhi abonise ukuthi ayamthanda. (Duteronomi 5:12) Laliwusuku lwezinto ezingokomoya kuphela. Lokho kwakuhlanganisa ukukhulekela njengomkhaya, ukuthandaza nokuzindla ngoMthetho kaNkulunkulu. Leli lungiselelo lalivikela ama-Israyeli ekusebenziseni sonke isikhathi namandla awo eminakweni yezinto ezingokwenyama. ISabatha laliwakhumbuza ukuthi ubuhlobo bawo noJehova buyiyona nto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwawo. UJesu wasiphinda leso simiso esingashintshi lapho ethi: “Kulotshiwe ukuthi, ‘Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.’”—Mathewu 4:4.

9. Ilungiselelo leSabatha liwafundisa siphi isifundo amaKristu?

9 Abantu bakaNkulunkulu akusadingeki bagcine ukuphumula kweSabatha okuwusuku olungamahora angu-24, kodwa ilungiselelo leSabatha lingaphezu kokuba nje umlando othakazelisayo. (Kolose 2:16) Alisikhumbuzi yini ukuthi nathi kumelwe sibeke izinto ezingokomoya kuqala? Izinto ezingcwele akumelwe zithathelwe indawo iminako yezinto ezibonakalayo noma yezokuzijabulisa. (Hebheru 4:9, 10) Singase sizibuze: “Yini eza kuqala kokwami ukuphila? Ingabe ukutadisha, ukuthandaza, ukuya emihlanganweni yobuKristu nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso ngikwenza kuze kuqala? Noma, ingabe isikhathi sokwenza lokhu sidliwa ezinye izinto?” Uma sibeka izinto ezingokomoya kuqala ekuphileni kwethu, uJehova uyasiqinisekisa ukuthi ngeke siziswele izidingo zokuphila.—Mathewu 6:24-33.

10. Kungasizuzisa kanjani ukuzinika isikhathi sezinto ezingokomoya?

10 Isikhathi esisichitha sitadisha iBhayibheli nezincwadi ezisekelwe kulo, futhi sicabanga ngokujulile ngomyalezo okuzo, singasisiza ukuba sisondelane ngokwengeziwe noJehova. (Jakobe 4:8) USusan, owaqala eminyakeni engaba ngu-40 edlule ukubekela eceleni isikhathi sokutadisha iBhayibheli njalo, uyavuma ukuthi ekuqaleni kwakungemnandi. Kwakuwumsebenzi. Kodwa lapho efunda ngokwengeziwe, waya ekujabulela. Manje uphatheka kabi uma ngenxa yesizathu esithile ehluleka ukwenza isifundo sakhe. Uthi: “Ukutadisha kuye kwangisiza ukuba ngibheke uJehova njengoBaba. Ngingamethemba, ngincike kuye, futhi ngikhululeke ukukhuluma naye ngomthandazo. Kuyamangalisa ngempela ukubona indlela uJehova azithanda ngayo izinceku zakhe, indlela angikhathalela ngayo nendlela aye wangisiza ngayo.” Yeka ukuthi inkulu kangakanani injabulo nathi esingayithola ngokunakekela izidingo zethu ezingokomoya njalo!

Umthetho KaNkulunkulu Ophathelene Nokukhothoza

11. Ilungiselelo lokukhothoza lalisebenza kanjani?

11 Isici sesibili soMthetho KaMose esasibonisa ukukhathalela kukaNkulunkulu inhlalakahle yabantu bakhe kwakuyilungelo lokukhothoza. UJehova wabeka umyalo othi lapho umlimi ongumIsrayeli evuna emasimini akhe, abampofu kufanele bavunyelwe ukuba babuthe lokho okushiywe abavuni. Abalimi kwakufanele bangavuni ngokuphelele emaphethelweni amasimu abo, futhi kwakufanele bangazibuthi izinsalela zamagilebhisi noma zomnqumo. Izithungu zokusanhlamvu ezazisale ngephutha emasimini kwakungafanele zilandwe. Leli kwakuyilungiselelo lothando lokusiza abampofu, abafokazi, izintandane nabafelokazi. Nakuba kwakudingeka basebenze kanzima lapho bekhothoza, leli lungiselelo lalibenza bakwazi ukugwema ukuba izinxibi.—Levitikusi 19:9, 10; Duteronomi 24:19-22; IHubo 37:25.

12. Ilungiselelo lokukhothoza lalibanika liphi ithuba abalimi?

12 Umthetho ophathelene nokukhothoza wawungachazi ukuthi abalimi kufanele babashiyele ukudla okungakanani abampofu. Babezinqumela ukuthi babezoshiya indawo engavuniwe yokusanhlamvu enkulu noma encane emaphethelweni amasimu abo. Ngakho, leli lungiselelo lalifundisa ukupha. Lalinikeza abalimi ithuba lokubonisa ukwazisa kwabo uMenzi wesivuno, ngoba “obonisa umusa kompofu uyamkhazimulisa [uMenzi wakhe].” (IzAga 14:31) UBhowazi ungomunye wabakwenza lokhu. Ngomusa, waqiniseka ukuthi uRuthe, umfelokazi owayekhothoza emasimini akhe, wayezobutha okusanhlamvu okwanele. UJehova wamvuza kakhulu uBhowazi ngomoya wakhe wokupha.—Ruthe 2:15, 16; 4:21, 22; IzAga 19:17.

13. Umthetho wasendulo ophathelene nokukhothoza usifundisani?

13 Isimiso esasiwumnyombo womthetho ophathelene nokukhothoza asikashintshi. UJehova ulindele ukuba izinceku zakhe zibe nomoya wokupha, ikakhulu kwabampofu. Lapho sipha ngokwengeziwe, izibusiso zethu ziyokwanda. UJesu wathi: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. Bayothela emathangeni enu isilinganiso esihle, esigxishiwe, esigxishisisiwe nesichichimayo. Ngoba isilinganiso enilinganisa ngaso, nani bayonilinganisela ngaso.”—Luka 6:38.

14, 15. Singawubonisa kanjani umoya wokupha, futhi kungaba naziphi izinzuzo kithi nakulabo esibasizayo?

14 Umphostoli uPawulu watusa ukuba “senze okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Galathiya 6:10) Ngakho, kudingeka sikukhathalele impela ukuthi amanye amaKristu ayaluthola usizo olungokomoya noma nini lapho ebhekana novivinyo lokholo. Kodwa kungenzeka yini adinge nosizo olungokoqobo, ngokwesibonelo ukuyiswa eHholo LoMbuso noma ukuyelwa ezitolo? Ebandleni lakini bakhona yini asebekhulile, abagulayo, noma abavaleleke endlini abangakujabulela ukuvakashelwa bakhuthazwe noma ukusizwa ngandlela-thile? Uma senza umzamo wokuziqaphela izidingo ezinjalo, uJehova angase asisebenzise ekuphenduleni imithandazo yothile odinga usizo. Nakuba kuyisibopho ukuba amaKristu anakekelane, ukukwenza kuyamzuzisa nalowo onakekela abanye. Ukubonisa amanye amaKristu uthando oluqotho kuletha injabulo enkulu nokwaneliseka okujulile okusenza samukeleke kuJehova.—IzAga 15:29.

15 Enye indlela ebalulekile amaKristu abonisa ngayo isimo sengqondo sokungabi nabugovu ukusebenzisa isikhathi namandla awo ekuxoxeni nabanye ngezinjongo zikaNkulunkulu. (Mathewu 28:19, 20) Noma ubani owake wayizwa injabulo yokusiza umuntu ukuba anikezele ukuphila kwakhe kuJehova uyazi ukuthi ayiqiniso kanjani la mazwi kaJesu: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IzEnzo 20:35.

Qaphela Ukuhaha

16, 17. Umyalo weshumi wawenqabela ini, futhi ngani?

16 Isici sesithathu soMthetho kaNkulunkulu ku-Israyeli esizoxoxa ngaso umyalo weshumi, owawenqabela ukuhaha. UMthetho wawuthi: “Ungafisi indlu yomunye umuntu. Ungafisi umfazi womunye umuntu, noma isigqila sakhe noma isigqilakazi sakhe noma inkomo yakhe noma imbongolo yakhe nanoma yini engeyomunye umuntu.” (Eksodusi 20:17) Akukho muntu owayengaqinisekisa ukuthi umyalo onjalo uyagcinwa, ngoba akekho umuntu ongafunda izinhliziyo. Nokho, lowo myalo wenza uMthetho waba ophakeme kunesimiso sobulungisa sabantu. Wenza umIsrayeli ngamunye waqaphela ukuthi uyolandisa ngokuqondile kuJehova, yena okwazi ukubona ukuthambekela kwenhliziyo. (1 Samuweli 16:7) Ngaphezu kwalokho, lo myalo wawuthinta umnyombo wezenzo eziningi ezingemthetho.—Jakobe 1:14.

17 Umthetho owenqabela ukuhaha wawukhuthaza abantu bakaNkulunkulu ukuba bagweme ukuthanda izinto ezibonakalayo, ubugovu nokukhononda ngesimo sabo ekuphileni. Wawubavikela nasesilingweni sokweba noma sokuziphatha kabi. Bayohlale bekhona abantu abanezinto ezibonakalayo esizithandayo noma ababonakala bephumelela ngaphezu kwethu ngandlela-thile. Uma singakulawuli ukucabanga kwethu ezimweni ezinjalo, singaphelelwa injabulo futhi sifele abanye umona. IBhayibheli libiza ukuhaha ngokuthi ukubonakaliswa ‘kwesimo sengqondo esingamukeleki.’ Asiyidingi neze le mfanelo embi.—Roma 1:28-30.

18. Imuphi umoya owandile ezweni namuhla, futhi imiphi imiphumela emibi ongaba nayo?

18 Umoya owandile ezweni namuhla ukhuthaza ukuthanda izinto ezibonakalayo nokuncintisana. Ngokukhangisa, ezentengiselwano zenza abantu bafise izinto ezintsha futhi ngokuvamile zenza kube sengathi ngeke sijabule uma singazitholi lezo zinto. Yilowo kanye umoya owawulahlwa uMthetho kaJehova. Uhlobene nesifiso sokuthuthuka ekuphileni nganoma iziphi izindlela nesokuqongelela ingcebo. Umphostoli uPawulu waxwayisa: “Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni. Ngoba uthando lwemali luyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo, futhi ngokuzama ukufinyelela lolu thando abanye baye baduka okholweni futhi bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:9, 10.

19, 20. (a) Iziphi izinto ezibaluleke ngempela kumuntu owuthandayo umthetho kaJehova? (b) Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngani?

19 Labo abathanda umthetho kaNkulunkulu bayazibona izingozi zomoya wokuthanda izinto ezibonakalayo futhi bavikelekile kuwo. Ngokwesibonelo, umhubi wathandaza kuJehova: “Thambekisela inhliziyo yami ezikhumbuzweni zakho, hhayi ezinzuzweni. Umthetho womlomo wakho muhle kimi, wedlula izinkulungwane zezinhlamvu zegolide nezesiliva.” (IHubo 119:36, 72) Ukuqiniseka ngokuthi la mazwi ayiqiniso kuyosisiza silondoloze ukulinganisela okudingekayo ukuze sigweme izingibe zokuthanda izinto ezibonakalayo, ubugovu nokunganeliswa isimo sethu ekuphileni. Isihluthulelo sokuthola inzuzo enkulu kakhulu ‘ukuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu,’ hhayi ukuqongelela izinto ezibonakalayo.—1 Thimothewu 6:6.

20 Izimiso okwakusekelwe kuzo uMthetho uJehova awunika isizwe sakwa-Israyeli sasendulo zisabalulekile ezikhathini zethu ezinzima njengoba zazinjalo lapho uJehova enika uMose lowo Mthetho. Lapho sizisebenzisa ngokwengeziwe ekuphileni kwethu lezi zimiso, siyoziqonda ngokwengeziwe, sizithande ngokwengeziwe futhi sijabule ngokwengeziwe. UMthetho unezifundo eziningi ezibalulekile kithi, futhi ukuphila kwabantu baseBhayibhelini nalokho okwenzeka kubo kusikhumbuza ngendlela enamandla ngokubaluleka kwalezo zifundo. Ezinye zazo sizoxoxa ngazo esihlokweni esilandelayo.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 4 Wonke amavesi angu-176 aleli hubo, ngaphandle kwamane, akhuluma ngemiyalo kaJehova, izinqumo zokwahlulela, umthetho, iziqondiso, izikhumbuzo, amazwi, izimiso, izindlela, noma izwi lakhe.

Ungaphendula Kanjani?

• Kungani umlobi weHubo 119 ayewuthanda umthetho kaJehova?

• Yini amaKristu angayifunda elungiselelweni leSabatha?

• Umthetho kaNkulunkulu ophathelene nokukhothoza unayiphi inzuzo ehlala njalo?

• Umyalo owenqabela ukuhaha usivikela kanjani?

[Imibuzo Yesifundo]

[Isithombe ekhasini 21]

Umthetho weSabatha wawugcizelelani?

[Isithombe ekhasini 23]

Umthetho ophathelene nokukhothoza usifundisani?