Duteronomi 24:1-22
24 “Uma indoda ishada owesifazane kodwa ingasamfuni ngoba ithole okuthile okuyihlazo kuye, kumelwe imbhalele isitifiketi sedivosi, + imnike sona bese imxosha endlini yayo. +
2 Uma esehambile endlini yayo, angaba umfazi wenye indoda. +
3 Uma le ndoda yesibili isimzonda* bese imbhalela isitifiketi sedivosi, imnike sona bese imxosha endlini yayo noma uma le ndoda yesibili emshadile ishona,
4 umyeni wakhe wokuqala owamxosha ngeke avunyelwe ukuba aphinde amthathe abe umkakhe ngemva kokuba engcolisiwe, ngoba lokho kuyinto enengekayo kuJehova. Akumelwe ulethe isono ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona njengefa.
5 “Indoda esanda kushada akufanele iye empini noma inikwe eminye imisebenzi. Kufanele ikhululeke unyaka owodwa, ihlale ekhaya ijabulise umkayo. +
6 “Akekho okufanele athathe itshe lokugaya noma imbokodo yalo njengesibambiso, + ngoba uyobe ethatha into umuntu aphila ngayo* ayenze isibambiso.
7 “Uma kutholakala ukuthi othile uthumbe omunye wabafowabo ongumIsrayeli wamphatha kabi futhi wamthengisa, + omthumbile kumelwe afe. + Kufanele ususe okubi phakathi kwakho. +
8 “Lapho kuqubuka isifo sochoko,* kufanele uqikelele ukuthi wenza ngokuvumelana nakho konke abapristi abangamaLevi abayokuyala ngakho. + Qikelela ukuthi wenza njengoba nje ngibayalile.
9 Khumbula lokho uJehova uNkulunkulu wakho akwenza kuMiriyamu endleleni lapho uphuma eGibhithe. +
10 “Uma ubolekisa nganoma yini kumakhelwane wakho, + akumelwe ungene endlini yakhe uyozithathela isibambiso.
11 Kufanele ume ngaphandle, umuntu omboleke okuthile kufanele akulethele ngaphandle isibambiso akunika sona.
12 Uma lo muntu ehluphekile, akumelwe uze ulale isibambiso sakhe sisekuwe. +
13 Kufanele nakanjani ubuyisele isibambiso sakhe kuye ngokushesha nje lapho ilanga lishona futhi uzolala ngengubo yakhe, + akubusise; kuyoba ukulunga kuwe phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho.
14 “Akumelwe uphambe isisebenzi esintulayo noma esihluphekayo, kungakhathaliseki ukuthi singomunye wabafowenu noma isifiki ezweni lakini, emadolobheni* akho. +
15 Kufanele usiholele ngalo lolo suku, + lingakashoni ilanga, ngoba sihluphekile futhi sithembele kulo mholo ukuze siphile. Kungenjalo, siyokhala ngawe kuJehova, wena ube nesono. +
16 “Obaba akufanele babulawe ngenxa yezenzo zabantwana babo, nabantwana akufanele babulawe ngenxa yezenzo zoyise. + Umuntu kufanele abulawelwe isono sakhe kuphela. +
17 “Ungahluleli oyisifiki noma intandane* ngokungenabulungisa + futhi akumelwe uthathe ingubo yomfelokazi ibe isibambiso. +
18 Khumbula ukuthi waba isigqila eGibhithe, uJehova uNkulunkulu wakho wakukhulula lapho. + Yingakho ngikuyala ukuba wenze lokhu.
19 “Uma uvuna ensimini yakho bese ukhohlwa isithungo, ungaphindeli emuva uyosilanda. Kufanele sisalele isifiki, intandane nomfelokazi, + ukuze uJehova uNkulunkulu wakho akubusise kukho konke okwenzayo. +
20 “Uma uvuthuza umnqumo wakho, akufanele uvuthuze okwesibili emagatsheni awo. Okusele kufanele kusalele isifiki, intandane nomfelokazi. +
21 “Uma ubutha amagilebhisi ensimini yakho, akumelwe ubuyele uyobutha asele. Kufanele asalele isifiki, intandane nomfelokazi.
22 Khumbula ukuthi waba isigqila ezweni laseGibhithe. Yingakho ngikuyala ukuba wenze lokhu.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “isimlahla.”
^ Noma, “ethatha ukuphila; ethatha umphefumulo.”
^ Igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “uchoko” linencazelo ebanzi futhi lingahlanganisa izifo zesikhumba ezihlukahlukene ezithathelwanayo. Zingahlanganisa nezifo ezithile ezitholakala ezingutsheni nasezindlini.
^ NgesiHebheru, “emasangweni.”
^ Noma, “ingane engenababa.”