Dlulela kokuphakathi

IBhayibheli Linawo Yini Amazwi Enduduzo?

IBhayibheli Linawo Yini Amazwi Enduduzo?

Impendulo yeBhayibheli

 Yebo. (Roma 15:4) Cabanga ngamanye amavesi eBhayibheli aseduduze abaningi ababhekene nobunzima kanye nokucindezeleka kwengqondo.

Kulesi sihloko

 Izinkinga

 IHubo 23:4: “Noma ngihamba esigodini sethunzi elimnyama, angesabi lutho olubi, ngoba wena unami.”

 Incazelo: Uma uthandaza kuNkulunkulu futhi uthembela eZwini lakhe, iBhayibheli, ukuze uthole isiqondiso, ungakwazi ukuba nesibindi lapho ubhekene nezinkinga.

 Filipi 4:13: “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo ongipha amandla.”

 Incazelo: UNkulunkulu angakunika amandla okubhekana nanoma iyiphi inkinga.

 Ukushonelwa umuntu omthandayo

 UmShumayeli 9:10: “Akukho msebenzi namacebo nalwazi nakuhlakanipha eThuneni.”

 Incazelo: Abantu abafile abahlushwa lutho, ngeke bekwazi nokusilimaza. Abaphili.

 IzEnzo 24:15: “Kuyoba khona uvuko.”

 Incazelo: UNkulunkulu uzovusa abantu esibathandayo asebashona.

 Umuzwa wecala oweqile

 IHubo 86:5: “Ngoba wena Jehova, a umuhle futhi uhlale ukulungele ukuthethelela; uthando lwakho oluqotho kubo bonke abakubizayo luyachichima.”

 Incazelo: UNkulunkulu uyabathethelela abantu abazisola ngobuqotho ngamaphutha abawenzile futhi abazimisele ukungawaphindi.

 IHubo 103:12: “Njengokuqhelelana kwempumalanga nentshonalanga, uzibeke kude kangako izono zethu.”

 Incazelo: Lapho uNkulunkulu esithethelela, izono zethu uzibeka kude kakhulu ngendlela engacabangeki. Akalokhu esikhumbuza zona ukuze asisole noma asijezise.

 Ukudangala

 IHubo 31:7: “Ukubonile ukuhlupheka kwami; uyazi ngokucindezeleka kwami okukhulu.”

 Incazelo: UNkulunkulu ukwazi kahle konke ukuhlupheka obhekene nakho. Uyiqonda kahle imizwa yakho ejulile—ngisho nalapho abanye bengayiqondi.

 IHubo 34:18: “UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; uyabasindisa abadangele.”

 Incazelo: UNkulunkulu uthembisa ukuthi uzokusekela lapho udangele. Angakunika amandla okubhekana nobuhlungu obuzwayo.

 Ukugula

 IHubo 41:3: “UJehova uyomsekela okhukhweni lokugula.”

 Incazelo: UNkulunkulu angakusiza ubhekane nokugula okukhulu ngokukunika ukuthula kwengqondo, amandla, ukukhuthazela, kanye nokuhlakanipha ukuze wenze izinqumo ezinhle.

 Isaya 33:24: “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’”

 Incazelo: UNkulunkulu uthembisa isikhathi lapho bonke abantu bezoba nempilo enhle.

 Ukukhathazeka

 IHubo 94:19: “Lapho ngikhungethwe yizinkathazo, wangiduduza wangenza ngazola.”

 Incazelo: Uma sincika kuNkulunkulu lapho sikhathazekile, angasisiza sihlale sizolile.

 1 Petru 5:7: “Niphonse zonke izinkathazo zenu kuye, ngoba uyanikhathalela.”

 Incazelo: UNkulunkulu akakushalazeli ukuhlupheka kwethu. Uthi masithandaze kuye simtshele izinto ezisikhathazayo.

 Izimpi

 IHubo 46:9: “Uqeda izimpi emhlabeni wonke.”

 Incazelo: Ngokushesha uMbuso kaNkulunkulu uyoziqeda zonke izimpi.

 IHubo 37:11, 29: “Abamnene bayodla ifa lomhlaba, bayothola injabulo enkulu ngenxa yokuthula okuchichimayo. . . . Abalungile bayodla ifa lomhlaba, bahlale kuwo kuze kube phakade.”

 Incazelo: Abantu abalungile bayophila ngokuthula kuze kube phakade emhlabeni.

 Ukukhathazeka ngekusasa

 Jeremiya 29:11: “‘Ngikwazi kahle engikucabangayo ngani,’ kusho uJehova, ‘ngizoninika ukuthula, hhayi inhlekelele, ukuze nibe nekusasa elihle nethemba.’”

 Incazelo: UNkulunkulu uqinisekisa abantu bakhe ngokuthi banekusasa elihle abangabheka phambili kulo.

 IsAmbulo 21:4: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zakudala sezidlulile.”

 Incazelo: UNkulunkulu uthembisa ukuziqeda zonke izinto ezimbi ozibonayo namuhla.

a Elithi Jehova igama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Bheka isihloko esithi “Ungubani UJehova?