Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela

UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela

UNkulunkulu Uyakukhathalela Ngempela

KUNGOKWEMVELO ukucela usizo kuNkulunkulu lapho sibhekene nobunzima obukhulu. Kakade, ‘mkhulu futhi unamandla amakhulu; ukuqonda kwakhe akulandiseki.’ (IHubo 147:5) Usesimweni esingcono kakhulu sokusisiza ukuba sinqobe izinkinga zethu. Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lisimema ukuba ‘sithulule izinhliziyo zethu’ kuye. (IHubo 62:8) Kungani pho, abaningi kangaka benomuzwa wokuthi uNkulunkulu akayiphenduli imithandazo yabo? Ingabe lokho kusho ukuthi akanandaba?

Kunokuba usheshe usole uNkulunkulu ngakho konke okubonakala sengathi ukungenzi lutho, khumbula ngesikhathi useyingane. Lapho abazali bakho babengakuniki konke owawukufuna, wawubabeka yini icala lokuthi abakuthandi? Izingane eziningi zenze njalo. Nokho, lapho usukhulile, waqaphela ukuthi uthando luboniswa ngezindlela eziningi nokuthi ukwenza zonke izinto ezifunwa ingane akukona ngempela ukubonisa uthando.

Ngokufanayo, uma uJehova engayiphenduli ngaso sonke isikhathi imithandazo yethu ngendlela esilindele ngayo, lokho akusho ukuthi akasinaki. Iqiniso liwukuthi, sonke uNkulunkulu usibonisa ukukhathalela kwakhe ngezindlela eziningi.

“Ngaye Siyaphila”

Okokuqala, kungenxa kaNkulunkulu ukuthi “siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.” (IzEnzo 17:28) Ngempela ukusinika ukuphila kubonisa ukusikhathalela kwakhe ngothando!

Ngaphezu kwalokho, uJehova usinika esikudingayo ukuze siqhubeke siphila. Siyafunda: “Wenza ukuba utshani obuluhlaza buhlumele izilwane, nezimila ngenjongo yokuba zisetshenziswe isintu, ukuze abangele ukudla ukuba kuhlume emhlabeni.” (IHubo 104:14) Empeleni, uMdali wethu wenza okungaphezu kokusinika izidingo eziyisisekelo zokuphila. Usipha “izimvula ezivela ezulwini nezinkathi ezinezithelo, egcwalisa izinhliziyo [zethu] ngokudla nangokwenama okukhulu.”—IzEnzo 14:17.

Noma kunjalo, abanye bangase babuze, ‘Uma uNkulunkulu esithanda kangako, kungani esivumela sihlupheke?’ Ingabe uyayazi impendulo yalowo mbuzo?

Ingabe NguNkulunkulu Okufanele Asolwe?

Okuningi ukuhlupheka kwesintu kubangelwa yiso ngokwaso. Ngokwesibonelo, kunezinto ezaziwa kahle kamhlophe ukuthi ziyingozi. Noma kunjalo, abantu baziphatha kabi ngokobulili, basebenzisa kabi utshwala nezinye izidakamizwa, bayabhema, badlala imidlalo eyingozi, bashayela ngesivinini esikhulu kakhulu, benze nokunye njalo njalo. Uma ukuziphatha okuyingozi okunjalo kubangela ukuhlupheka, ubani okufanele asolwe? UNkulunkulu noma yilowo owenza ngokungahlakaniphi? IZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe lithi: “Ningadukiswa: UNkulunkulu akayena owokuhlekwa usulu. Ngoba noma yini umuntu ayihlwanyelayo, uyovuna yona futhi.”—Galathiya 6:7.

Ngaphezu kwalokho, ngokuvamile abantu bayalimazana. Uma isizwe sihlasela esinye, ngokuqinisekile uNkulunkulu akufanele asolwe ngokuhlupheka okubangelwa yileyo mpi. Lapho isigebengu sihlasela isakhamuzi esikanye naso, ingabe kufanele kusolwe uNkulunkulu ngokulimala noma ukufa okungaba umphumela? Cha akunjalo! Lapho umashiqela ecindezela, ehlukumeza futhi ebulala labo abaphethwe nguye, kufanele yini sisole uNkulunkulu? Lokho bekungaba ukungabi nangqondo.—UmShumayeli 8:9.

Nokho, kuthiwani ngezigidi ezihlushwa ubumpofu obukhulu noma ezilambayo? Ingabe kufanele kusolwe uNkulunkulu? Cha. Umhlaba wethu ukhiqiza ukudla okungaphezu kokwanele kokondla wonke umuntu. (IHubo 10:2, 3; 145:16) Indlela yokwaba inala esiyinikwa uNkulunkulu yiyo ebangela indlala nobumpofu obusakazeke kabanzi. Ubugovu babantu nabo benza le nkinga ingaxazululeki.

Imbangela Eyinhloko

Nokho, ubani okufanele asolwe lapho othile eqala ukugula noma efa ngenxa yokuguga? Kungakumangaza yini ukwazi ukuthi nakulokhu uNkulunkulu akufanele asolwe? UNkulunkulu akazange adale umuntu ukuba aguge futhi afe.

Lapho umbhanqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, ubekwa ensimini yase-Edene, uJehova wawunika ithemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. Nokho, kusobala ukuthi wayefuna ukuba umhlaba ugcwale abantu ababezolazisa ifa labo. Ngalokho, walibekela umbandela leli themba labo lokuqhubeka bephila. U-Adamu no-Eva babengaphila ePharadesi uma nje beqhubeka belalela uMdali wabo onothando.— Genesise 2:17; 3:2, 3, 17-23.

Okudabukisayo ukuthi u-Adamu no-Eva bahlubuka. U-Eva wakhetha ukulalela uSathane uDeveli. Wamkhohlisa, futhi eqinisweni wathi uNkulunkulu umgodlela okuthile okuhle. Ngakho waqala ukuphila kokuzibusa futhi wazama ‘ukuba njengoNkulunkulu, akwazi okuhle nokubi.’ U-Adamu wahlanganyela naye ekuhlubukeni kwakhe.—Genesise 3:5, 6.

Lapho bona ngale ndlela, u-Adamu no-Eva bazibonakalisa bengasafanele ukuphila phakade. Bezwa imiphumela ebuhlungu yesono. Amandla nokuqina komzimba wabo kwancipha, ekugcineni bafa. (Genesise 5:5) Nokho, ukuhlubuka kwabo kwaba nemiphumela emibi kakhulu kunalokho. Sisahlushwa imiphumela yesono sika-Adamu no-Eva. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni nokufa kwangena ngesono, futhi kanjalo ukufa kwasakazekela kubantu bonke ngenxa yokuthi bonke bonile.” (Roma 5:12) Yebo, ngenxa yokuhlubuka kuka-Adamu no-Eva, isono nokufa kwasakazeka njengesifo esibulalayo kuso sonke isintu.

Ubufakazi Obuqand’ ikhanda Bokuthi UNkulunkulu Uyakhathalela

Ingabe lokhu kusho ukuthi indalo kaNkulunkulu engabantu yayonakaliswe unomphela? Cha. Manje-ke sifika ebufakazini obuqand’ ikhanda bokuthi uNkulunkulu uyasikhathalela. UNkulunkulu wenza indlela yokuhlenga isintu esonweni nasekufeni eyambiza inani elikhulu. Lelo nani lesihlengo kwakuwukuphila kukaJesu okuphelele, akunikela ngokuzithandela ngenxa yethu. (Roma 3:24) Ngakho, umphostoli uJohane wabhala: “UNkulunkulu walithanda izwe kangangokuba waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa, ukuze wonke umuntu obonisa ukholo kuyo angabhubhi kodwa abe nokuphila okuphakade.” (Johane 3:16) Ngenxa yalesi senzo esikhulu sothando, sesinalo futhi ithemba lokuphila phakade. Ebhalela abaseRoma, uPawulu wathi: “Ngesenzo esisodwa sokuzibonakalisa elungile umphumela kubantu bazo zonke izinhlobo uwukuba kuthiwe balungile kube ukuphila.”—Roma 5: 18.

Singaqiniseka ukuthi ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, kuzophela ukuhlupheka noma ukufa kule mbulunga enguMhlaba. Esikhundleni sako kuyoba khona izimo ezabonwa kusengaphambili encwadini yesAmbulo: “Bheka! Itende likaNkulunkulu likanye nabantu, uyohlala nabo, babe ngabantu bakhe. UNkulunkulu ngokwakhe uyoba nabo. Uyosula zonke izinyembezi emehlweni abo, ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.” (IsAmbulo 21:3, 4) Ungase uthi, ‘Ngiyobe sengifile uma leso sikhathi sifika.’ Nokho, iqiniso liwukuthi kungenzeka sifike usaphila. Ngisho noma ungafa, uNkulunkulu angakuvusa kwabafileyo. (Johane 5:28, 29) Yilokho uNkulunkulu asihlosele kona, futhi yilokho okuzokwenzeka. Yeka ukuthi kungamanga kangakanani ukuthi uNkulunkulu akanandaba nesintu!

“Sondela KuNkulunkulu”

Kuyaduduza ukwazi ukuthi uNkulunkulu wenze ilungiselelo elizohlala phakade lokuxazulula inkinga yokuhlupheka kwesintu. Nokho, kuthiwani ngesikhathi samanje? Singenzani uma sifelwa othandekayo noma umntwana wethu eqala ukugula? Akukakabi yisikhathi sokuba uNkulunkulu aqede ukugula nokufa. IBhayibheli libonisa ukuthi kudingeka silinde isikhashana nje ukuze lokho kuxazululwe. Kodwa uNkulunkulu akasishiyanga singenalusizo. Umfundi uJakobe wathi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” (Jakobe 4:8) Yebo, uMdali wethu usimema ukuba yilowo nalowo abe nobuhlobo obuseduze naye, futhi abanalobo buhlobo naye bayakuzwa ukusekela kwakhe ngisho nasezimweni ezinzima kakhulu.

Sisondela kanjani kuNkulunkulu? INkosi uDavide yabuza umbuzo ofanayo eminyakeni engaba izinkulungwane ezintathu edlule, yathi: “O Jehova, . . . ngubani oyohlala entabeni yakho engcwele?” (IHubo 15:1) UDavide waphendula lo mbuzo wakhe ngokuqhubeka athi: “Yilowo ohamba ngokungenaphutha futhi okwenza umkhuba ukulunga futhi okhuluma iqiniso enhliziyweni yakhe. Akazange anyundele ngolimi lwakhe. Akazange enze lutho olubi kumhlobo wakhe.” (IHubo 15:2, 3) Ngamanye amazwi, uJehova wamukela labo abalandela inkambo u-Adamu no-Eva abayenqaba. Usondela kulabo abenza intando yakhe.—Duteronomi 6:24, 25; 1 Johane 5:3.

Singayenza kanjani intando kaNkulunkulu? Kudingeka sifunde ‘okuhle futhi okwamukelekayo emehlweni oMsindisi wethu, uNkulunkulu,’ bese senza ngokuvumelana nakho. (1 Thimothewu 2:3) Lokho kuhilela ukungenisa ulwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. (Johane 17:3; 2 Thimothewu 3:16, 17) Kuhilela okungaphezu kokufunda iBhayibheli okukha phezulu. Kudingeka silingise amaJuda aseBereya ekhulu lokuqala lawo ezwa uPawulu eshumayela. Ngokuqondene nawo, siyafunda: “Bamukela izwi ngengqondo enokulangazela okukhulu, behlola ngokucophelela imiBhalo nsuku zonke ukuthi zinjalo yini lezi zinto.”—IzEnzo 17:11.

Kungokufanayo nanamuhla. Ukutadisha iBhayibheli ngokucophelela kuqinisa ukholo lwethu kuNkulunkulu futhi kusisize sakhe ubuhlobo obuseduze naye. (Hebheru 11:6) Kusisiza nokuba siyiqonde kahle indlela uJehova asebenzelana ngayo nesintu—hhayi nje ukuze sizuze okwesikhashana kodwa ikakhulukazi ukuze bazuze phakade bonke abathambekele ekulungeni.

Cabanga ngokushiwo amaKristu ambalwa anobuhlobo obuseduze noNkulunkulu. “Ngimthanda kakhulu uJehova, futhi nginokuningi engingambonga ngakho,” kusho uDanielle oneminyaka engu-16 ubudala. “Wangipha abazali abanothando abamthanda ngempela futhi abangifundisa ngokuvumelana neZwi lakhe.” Omunye umKristu wase-Uruguay uyabhala: “Inhliziyo yami ichichima ukubonga, futhi ngishukunyiselwa ukuba ngimbonge uJehova ngomusa wakhe ongafanelwe nangobungane bakhe.” UNkulunkulu wamukela ngisho nabancane kakhulu. UGabriela oneminyaka engu-7 ubudala uthi: “UNkulunkulu ngimthanda ngaphezu kwanoma yini ekhona emhlabeni wonke jikelele! NgineBhayibheli elithi mina. Ngiyathanda ukufunda ngoNkulunkulu nangeNdodana yakhe.”

Namuhla, emhlabeni wonke kunezigidi ezivumelana ngenhliziyo yonke nomhubi owathi: “Ukusondela kuNkulunkulu kuhle kimi.” (IHubo 73:28) Baye basizwa ukuba babhekane nezinkinga abanazo manje, futhi banethemba eliqinisekile lokuthi bazophila phakade emhlabeni oyiPharadesi. (1 Thimothewu 4:8) Kungani ungakwenzi umgomo wakho ‘ukusondela kuNkulunkulu’? Ngempela, siyaqinisekiswa: ‘Akakude kulowo nalowo kithi.’ (IzEnzo 17:27) Yebo, uNkulunkulu uyakukhathalela ngempela!

[Izithombe ekhasini 5]

Ukusikhathalela kukaJehova kubonakala ngezindlela eziningi

[Isithombe ekhasini 7]

Ngisho nabantwana abancane bangasondela kuNkulunkulu

[Izithombe ekhasini 7]

Namuhla, uJehova usisiza ukuba sikhuthazele. Ngesikhathi esifanele, uzoqeda ukugula nokufa