Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni

Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni

Ukuvunywa Kwezono Okuholela Ekululameni

“KWATHI ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.” (IHubo 32:3, 4) Lawo mazwi athinta imizwa kungenzeka ayeveza ubuhlungu obukhulu obungokomzwelo benkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide, ubuhlungu eyayizibangele bona ngokufihla isono esibi esikhundleni sokusivuma.

UDavide wayeyindoda enamakhono aphawulekayo. Wayeyiqhawe elinesibindi, isazi esinekhono kwezokubusa izwe, imbongi nomculi. Nokho, wayethembele kuNkulunkulu wakhe, hhayi emakhonweni akhe siqu. (1 Samuweli 17:45, 46) Wayechazwa njengomuntu onhliziyo yakhe ‘ikuJehova.’ (1 AmaKhosi 11:4) Kodwa wenza isono esithile esasisibi ngokukhethekile, futhi kungenzeka wayebhekisele kuso kumaHubo 32. Singafunda lukhulu ekuhloleni izimo ezaholela esonweni sakhe. Sizobona izingibe okufanele sizigweme kanye nesidingo sokuvuma izono zethu ukuze silungise ubuhlobo bethu noNkulunkulu.

Inkosi Eqotho Yawela Esonweni

Isizwe sakwa-Israyeli sasisempini, silwa nabakwa-Amoni, kodwa uDavide wayeseJerusalema. Ngobunye ubusuku lapho ezihambela ophahleni lwesigodlo sakhe, wabona owesifazane omuhle egeza kwamakhelwane. Akazange azithibe, waqala ukumfisa ngemizwa enamandla. Ngemva kokuthola ukuthi unguBati Sheba, umka-Uriya, isosha elisebuthweni lakhe, uDavide wambiza, waphinga naye. Ngokuhamba kwesikhathi uBati Sheba wathumela kuDavide umyalezo wokuthi ukhulelwe.—2 Samuweli 11:1-5.

UDavide wayesenkingeni. Uma isono sabo sasingavela obala, bobabili babeyojeza ngokufa. (Levitikusi 20:10) Ngakho wakha icebo. Wabiza umyeni kaBati Sheba, u-Uriya, wambuyisa empini. Ngemva kokumbuzisisa ngempi, uDavide wayala u-Uriya ukuba aye emzini wakhe. UDavide wayenethemba lokuthi lokhu kwakuyokwenza kube sengathi u-Uriya wayenguyena yise womntwana kaBati Sheba.—2 Samuweli 11:6-9.

UDavide wadumala lapho u-Uriya engayi kumkakhe. U-Uriya wathi wayengenakulokotha aye kwakhe ibutho libe lisempini enzima. Lapho ibutho lakwa-Israyeli lisempini, amadoda ayengabi nobuhlobo bobulili ngisho nanamakhosikazi awo. Kwakudingeka ahlale ehlanzekile. (1 Samuweli 21:5) UDavide wabe esememela u-Uriya ekudleni, wamdakisa, kodwa naphezu kwalokho akayanga kumkakhe. Ukuziphatha kuka-Uriya kokwethembeka kwasilahla isono esibi sikaDavide.—2 Samuweli 11:10-13.

Ugibe olwaluvulwe yisono sakhe siqu lwaluya lumvalela uDavide. Eseswele ayengakwenza, wabona ikhambi elilodwa vó. Wathumela u-Uriya empini nencwadi eya kumqondisi wempi, uJowabe. Injongo yaleyo ncwadi emfushane yayicacile: “Misani u-Uriya ngaphambili, lapho impi ishisa khona, nihlehle kuye ukuba ashaywe, afe.” Ngosiba nje, le nkosi enethonya kwabonakala sengathi iwusulile umkhondo, yathumela u-Uriya ekufeni.—2 Samuweli 11:14-17.

Kwathi ingaphela inkathi yokulilela kukaBati Sheba umyeni wakhe, uDavide washada naye. Kwadlula isikhathi, umntwana wazalwa. Kukho konke lokhu, uDavide akazange athi vú ngezono zakhe. Mhlawumbe wayezama ukuzikholisa ukuthi ayekwenzile kwakungekubi kangako. U-Uriya wayengafelanga yini empini njengamanye amaqhawe? Ngaphezu kwalokho, angithi wayengayilalelanga inkosi yakhe lapho enqaba ukuya kumkakhe? ‘Inhliziyo ekhohlisayo’ isebenzisa noma yini ukuze izame ukwenza isono sibonakale singesibi kangako.—Jeremiya 17:9; 2 Samuweli 11:25.

Iziphambeko Ezaholela Esonweni

UDavide, umthandi wokulunga, wayengayenza kanjani into embi njengokuphinga nokubulala? Kusobala ukuthi imbewu yesono sakhe yayisinesikhathi eside ihlwanyeleka. Singase sizibuze ukuthi kungani uDavide ayengahambanga nempi yakhe, esekela ibutho lapho lilwa nezitha zikaJehova. Kunalokho, uDavide wayezipholele esigodlweni sakhe, ekude kakhulu nempi ukuba ukukhathazeka ngayo kungasusa isifiso esingafanele aba naso ngenkosikazi yesosha elithembekile. Namuhla, kuyisivikelo kumaKristu eqiniso ukuhileleka ngokugcwele ezintweni ezingokomoya kanye nebandla lawo nokuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ivangeli.—1 Thimothewu 6:12.

Inkosi yakwa-Israyeli yayiyalwa ukuba yenze ikhophi yoMthetho bese iwufunda nsuku zonke. IBhayibheli linikeza isizathu salokhu: ‘Ukuba ifunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wayo, igcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba izenze, inhliziyo yayo ingaphakami ngaphezu kwabafowabo, ingaphambuki emiyalweni, iye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.’ (Duteronomi 17:18-20) Kubonakala kungenzeka ukuthi uDavide wayengawulaleli lowo myalo ngesikhathi sokwenza kwakhe lezi zono ezimbi. Ukutadisha iZwi likaNkulunkulu nokuzindla ngalo njalo nakanjani kuyosisiza kusilondoloze ekwenzeni okubi kulezi zikhathi ezibucayi.—IzAga 2:10-12.

Ngaphezu kwalokho, umyalo wokugcina eMiyalweni Eyishumi wawusho ngokuqondile ukuthi: “Ungafisi umfazi womakhelwane wakho.” (Eksodusi 20:17) Ngalesi sikhathi uDavide wayesenamakhosikazi nezancinza eziningi. (2 Samuweli 3:2-5) Kodwa lokho akumvimbanga ukuba afise omunye wesifazane okhangayo. Le ndaba isikhumbuza ukubaluleka kwamazwi kaJesu: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane ukuze amkhanuke usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Kunokuba sizivumele izifiso ezinjalo ezingafanelekile, masizikhiphe ngokushesha ezingqondweni nasezinhliziyweni zethu.

Ukuphenduka Nesihe

Ngokuqinisekile ukulandisa kweBhayibheli okungagwegwesi ngesono sikaDavide akufakwanga ngenjongo yokwanelisa izifiso zobulili zothile. Lokhu kulandisa kusinika ithuba lokubona ukubonakaliswa okunamandla nokuthinta inhliziyo kwenye yezimfanelo zikaJehova ezivelele—isihe sakhe.—Eksodusi 34:6, 7.

Ngemva kokuba uBati Sheba ezele indodana, uJehova wathumela umprofethi uNathani ukuba ayokhuluma noDavide. Lesi kwakuyisenzo sesihe. Ukube uDavide wayengakhulunyiswanga futhi waqhubeka ethule, kungenzeka ukuthi wayengase abe ongasazweli enkambweni yesono. (Heberu 3:13) Ngokujabulisayo, uDavide wasabela esiheni sikaNkulunkulu. Amazwi kaNathani obuciko kodwa acacile awuthinta unembeza kaDavide, ngokuthobeka wavuma ukuthi wayonile kuNkulunkulu. Eqinisweni, iHubo 51, elikhuluma ngesono sikaDavide noBati Sheba, laqanjwa ngemva kokuba ephendukile futhi wasivuma isono sakhe esibi. Kwangathi singelokothe sivumele inhliziyo yethu ingabe isazwela uma kungase kwenzeke senze isono esibi.—2 Samuweli 12:1-13.

UDavide wathethelelwa, kodwa akophulwanga esiyalweni noma emiphumeleni yesono sakhe. (IzAga 6:27) Wayengaphunyula kanjani? Uma uNkulunkulu ayengavele akushalazele konke okwakwenzekile, izindinganiso zakhe zaziyobe zehlisiwe. Wayeyobe ufana noMpristi Ophakeme u-Eli, owathethithethisa amadodana akhe amabi kodwa wawayeka aqhubeka nezenzo zawo ezimbi. (1 Samuweli 2:22-25) Nokho, uJehova akamgodleli umuntu ophendukile umusa waKhe wothando. Njengamanzi abandayo aqabulayo, isihe sakhe siyosiza owonile ukuba abekezelele imiphumela yesono sakhe. Umusa wentethelelo yaphezulu nobudlelwane obakhayo nalabo esikholwa nabo kuyavuselela ngokomoya. Yebo, ngesisekelo sesihlengo sikaKristu, umuntu ophendukile anganambitha ‘ingcebo yomusa kaNkulunkulu ongafanelwe.’—Efesu 1:7.

‘Inhliziyo Ehlanzekile Nomoya Omusha’

Ngemva kokuba uDavide esivumile isono sakhe, akawuvumelanga umuzwa olimazayo wokungabi yinto yalutho ukuba umnqobe. Amazwi akhe akumahubo, akhuluma ngokuvuma izono, abonisa impumuzo ayeyizwa nokuzimisela kwakhe ukukhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Ngokwesibonelo, bheka iHubo 32. Evesini 1, siyafunda: “Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe.” Kungakhathaliseki ukuthi isono sibi kangakanani, kungaba nomphumela omuhle uma ukuphenduka komuntu kuqotho. Enye yezindlela zokubonisa lobu buqotho iwukuvuma ngokugcwele ububi bezenzo zakho, njengoba kwenza uDavide. (2 Samuweli 12:13) Akazange azame ukuzithethelela phambi kukaJehova noma azame ukusola abanye. Ivesi 5 lithi: “Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: ‘Ngizakuzivuma izono zami kuJehova;’ wena wathethelela icala lesono sami.” Ukuvuma isono ngobuqotho kuletha impumuzo, kungabe kusadingeka ukuba umuntu ahlushwe unembeza ngenxa yobubi obudlule.

Ngemva kokuncenga uJehova ukuba amthethelele, uDavide wacela: “Dala kimi inhliziyo ehlanzekile impela, O Nkulunkulu, ufake ngaphakathi kimi umoya omusha, ogxilile.” (IHubo 51:10, NW) Ukucela “inhliziyo ehlanzekile” ‘nomoya omusha’ kubonisa ukuthi uDavide wayekuqaphela ukuthambekela kwesono okwakukuye nokuthi wayedinga usizo lukaNkulunkulu ukuze ahlanze inhliziyo yakhe, aqale izinto kabusha. Kunokuba avumele ukunqotshwa ukuzidabukela, wayezimisele ukuphikelela enkonzweni yakhe kuJehova. Wathandaza: “Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.”—IHubo 51:15.

UJehova wasabela kanjani ekuphendukeni kukaDavide okuqotho nasemzamweni wakhe wokumkhonza ngokuzimisela? Wanika uDavide lesi siqinisekiso esinomusa: “Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo; ngizakukululeka ngeso lami.” (IHubo 32:8) Lesi yisiqinisekiso sokuthi uJehova uyinakekela ngokukhethekile imizwa nezidingo zomuntu ophendukile. UJehova wathatha izinyathelo zokunika uDavide ukuqonda okwengeziwe, ikhono lokubona ngale kokubukeka kwangaphandle kwezinto. Uma ayebhekana nesilingo esikhathini esizayo, wayeyokwazi ukuqonda umphumela wezenzo zakhe nethonya lazo kwabanye, futhi akwazi ukwenza ngokuhlakanipha.

Lesi sigigaba ekuphileni kukaDavide siyisikhuthazo kubo bonke abaye bawela esonweni esibi. Ngokuvuma isono sethu nokubonisa ukuphenduka okuqotho, singaphinda sikuthole lokho okuyigugu kakhulu kithi, ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu. Ubuhlungu nokuhlazeka kwesikhashana okungase kudingeke sikukhuthazelele kungcono kakhulu kunobuhlungu obubangelwa ukuhlala sithule, noma imiphumela emibi yokuvumela ukuba singabe sisazwela enkambweni yesono. (IHubo 32:9) Kunalokho, singathola intethelelo efudumele kaNkulunkulu onothando nesihe, “uYise wesihe sesisa noNkulunkulu wenduduzo yonke.”—2 Korinte 1:3.

[Isithombe ekhasini 31]

UDavide wayezithembise ukuthi wayeyoyigwema imiphumela yesono sakhe ngokuthumela u-Uriya ukuba ayokufa