Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Qinisa Ukwethembela Kwakho KuJehova

Qinisa Ukwethembela Kwakho KuJehova

Qinisa Ukwethembela Kwakho KuJehova

Kwakhiwa uzungu lokubulala. Zonke izikhulu eziphakeme zezwe ziye zahlangana zenza isiphakamiso sokumisa umthetho omusha. Zifuna ukuba noma ubani okhulekela ngendlela engavunyelwe nguMbuso alahlwe yicala lokufa.

INGABE kuzwakala kujwayelekile kuwe lokhu? Umlando unezibonelo eziningi zabantu abaphendukela ekuklameni ububi ngomthetho. Isenzakalo esingenhla senzeka eMbusweni WasePheresiya, ezinsukwini zomprofethi uDaniyeli. Umthetho iNkosi uDariyu eyawugunyaza wawuthi: “Yilowo nalowo ocela isicelo nakumuphi unkulunkulu noma kumuntu ngezinsuku ezingamashumi amathathu, kuphela [enkosini], uyakuphonswa emphandwini wezingonyama.”—Daniyeli 6:7-9.

Yini uDaniyeli ayezoyenza njengoba ayesengozini yokufa? Ingabe wayeyoqhubeka ethembele kuNkulunkulu wakhe, uJehova, noma wayeyoyekethisa enze njengoba kuyale inkosi? Ukulandisa kuyasitshela: “UDaniyeli esekwazi ukuthi umbhalo ulotshiwe, wangena endlini yakhe amafasitele ekamelo lakhe ayevulekile ebhekisa eJerusalema waguqa ngamadolo kathathu ngosuku, wakhuleka, wabonga uNkulunkulu wakhe, njengalokho enzile kuqala.” (Daniyeli 6:10) Okwalandela lapho kwaziwa kahle. UDaniyeli waphonswa emphandwini wezingonyama ngenxa yokholo lwakhe, kodwa uJehova ‘wavala imilomo yezingonyama,’ wayisindisa inceku yakhe ethembekile.—Heberu 11:33; Daniyeli 6:16-22.

Yisikhathi Sokuzihlola

Namuhla, izinceku zikaJehova ziphila ezweni elinobutha, elinokuningi okuzisongelayo ngokomzimba nangokomoya. Ngokwesibonelo, lapho inzondo yobuhlanga iphenduka udlame olunonya emazweni athile, kuye kwafa oFakazi abaningi. Kwezinye izindawo, izinceku zikaJehova ziye zabhekana nokusweleka kokudla, izinkinga zezomnotho, izinhlekelele zemvelo, ukugula okungathi sína nezinye izimo ezisongela ukuphila. Ngaphezu kwalokho, kuye kwadingeka zibekezelele ushushiso, izingcindezi zasemsebenzini nezinye izilingo zokwenza okungalungile, zonke ezingase zibeke ingokomoya lazo engozini. Ngempela, iSitha esikhulu, uSathane, sizimisele ukubhubhisa izinceku zikaJehova nganoma yiziphi izindlela ezingase ziphumelele.—1 Petru 5:8.

Njengoba sibhekene nezimo ezinjalo, yini esingayenza? Nakuba kungokwemvelo ukufikelwa ukwesaba lapho ukuphila kwakho kusengozini, singakhumbula amazwi omphostoli uPawulu aqinisekisayo: “[UJehova] uthe: ‘Angisoze ngakushiya noma ngakulahla nganoma iyiphi indlela.’ Ukuze sibe nesibindi futhi sithi: ‘UJehova ungumsizi wami; ngeke ngesabe. Umuntu angangenzani?’” (Heberu 13:5, 6) Singaqiniseka ukuthi uJehova uzizwa ngokufanayo ngezinceku zakhe zanamuhla. Nokho, ukwazi isithembiso sikaJehova kuyinto ehlukile kunokuqiniseka ukuthi uyothatha isinyathelo ukuze asisize. Ngakho-ke, kubaluleke kakhulu ukuba sihlole isisekelo okwakhelwe kuso ukwethembela kuJehova nokuba senze konke esingakwenza ukuze sikuqinise futhi sikulondoloze lokho kwethembela kuye. Uma senze njalo, “ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo [zethu] namandla [ethu] engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:7) Kuyothi lapho sifikelwa ukulingwa, sikwazi ukucabanga ngokuhluzekile futhi sibhekane nako ngokuhlakanipha.

Isisekelo Sokwethembela KuJehova

Sinezizathu eziningi ngempela zokwethembela kuMdali wethu, uJehova. Esokuqala siwukuthi uJehova unguNkulunkulu onothando, ozinakekela ngobuqotho izinceku zakhe. Kunezenzakalo eziningi ezilotshwe eBhayibhelini ezikhuluma ngokunakekela kukaJehova izinceku zakhe ngothando. Echaza indlela uJehova asebenzelana ngayo nesizwe sakhe esikhethiwe, u-Israyeli, uMose wabhala: “Wamfumana ezweni eliyihlane, nasoqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe.” (Duteronomi 32:10) Ezikhathini zanamuhla, uJehova uyaqhubeka ezinakekela kahle izinceku zakhe, njengeqembu nanjengabantu ngabanye. Ngokwesibonelo, lapho oFakazi abathile bebhekana nokuntuleka okukhulu kokudla phakathi nempi yombango eBosnia, uJehova waqiniseka ukuthi bayaluthola usizo ababeludinga ngemizamo yesibindi yabafowabo baseCroatia nase-Austria, ababeka ukuphila kwabo engozini ngokudabula endaweni eyingozi kakhulu behambisela abafowabo izinto zokubasiza. *

Njengoba uJehova uNkulunkulu enguMninimandla onke, uyakwazi ngempela ukuvikela izinceku zakhe kunoma yiziphi izimo. (Isaya 33:22; IsAmbulo 4:8) Kodwa ngisho nalapho uJehova evumela ezinye zezinceku zakhe ukuba zizibonakalise zithembekile kuze kube sekufeni, uyazisekela futhi azisize ukuze zilondoloze ubuqotho bazo, zikwazi ukuhlala zigxilile, zijabule futhi zizolile kuze kube sekugcineni. Ngakho-ke, singaqiniseka njengomhubi: “UNkulunkulu uyisiphephelo sethu namandla ethu; ufunyaniswa elusizo impela ekuhluphekeni. Ngakho-ke asiyikwesaba nokuba kuguquka umhlaba, nezintaba zidilikela ekujuleni kolwandle.”—IHubo 46:1, 2.

IBhayibheli lembula nokuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso. Lokhu kusho ukuthi uyazifeza njalo izithembiso zakhe. Eqinisweni, iBhayibheli lithi unguNkulunkulu “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Njengoba uJehova asho ngokuphindaphindiwe ukuthi uzimisele ukuvikela nokusindisa izinceku zakhe, singaqiniseka ngokugcwele ukuthi akagcini ngokuba namandla okufeza izithembiso zakhe, kodwa futhi uzimisele ukuzifeza.—Jobe 42:2.

Izindlela Zokuqinisa Ukwethembela Kwethu

Nakuba sinezizathu ezizwakalayo zokwethembela kuJehova, akumelwe sithathe njengokungathi siyohlale sethembele kuye. Lokhu kungenxa yokuthi iningi ezweni alinalo ukholo olutheni kuNkulunkulu, futhi isimo sengqondo esinjalo singakululaza kalula ukwethembela kwethu kuJehova. Ngakho-ke, kumelwe sizikhandle ukuze siqinise futhi silondoloze lokho kwethembela. UJehova uyakuqaphela lokhu, futhi uye walungiselela izindlela zokusisiza senze njalo.

Okokuqala, uye walungiselela iZwi lakhe elilotshiwe, iBhayibheli, elinezenzo eziningi zamandla azenzela izinceku zakhe. Cabanga nje, ungamethemba kangakanani umuntu uma wazi igama lakhe kuphela? Cishe ngeke umethembe ukuyaphi. Ukuze umethembe kudingeka wazi indlela yakhe yokwenza izinto kanye nezenzo zakhe, akunjalo? Njengoba sifunda futhi sizindla ngokulandisa kweBhayibheli okunjalo, ulwazi lwethu ngoJehova nezindlela zakhe ezimangalisayo luyajula, siqonde kakhudlwana ukuthi unokwethenjelwa kangakanani. Ngakho ukumethemba kwethu kuyaqina. Umhubi wabeka isibonelo esihle kakhulu lapho ethandaza kuNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni ethi: “Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova, yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo, ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho, ngizindle ngezenzo zakho.”—IHubo 77:11, 12.

Ngaphezu kweBhayibheli, sinomthombo ocebile wokudla okungokomoya oyizincwadi zeBhayibheli ezenziwa yinhlangano kaJehova. Phakathi kwezinye izinto, lezi zincwadi ngokuvamile ziba nezindaba ezishukumisayo zezinceku zikaNkulunkulu zanamuhla, ezibonisa indlela uJehova ánikeza ngayo usizo nempumuzo lapho zisezimweni ezinzima. Ngokwesibonelo, uMartin Poetzinger, kamuva owaba yilungu leNdikimba Ebusayo YoFakazi BakaJehova, wahlatshwa ukugula okubi lapho ekhonza njengephayona eYurophu, ekude nasekhaya. Wayengenamali, kungekho nadokotela ozimisele ukumelapha. Kodwa uJehova akamlahlanga. Ekugcineni, kwathintwa uchwepheshe oyinhloko esibhedlela sendawo. Njengoba yayikholelwa ngokuqinile eBhayibhelini, le ndoda enomusa yanakekela uMfoweth’ uPoetzinger ngendlela ebinganakekela ngayo indodana, ngaphandle kokumkhokhisa. Ukufunda izindaba ezinjalo zabanye kungakuqinisa ngempela ukwethembela kwethu kuBaba wethu osezulwini.

Olunye usizo olubalulekile uJehova alunikezayo ukuze aqinise ukumethemba kwethu yilungelo eliyigugu lomthandazo. Ngothando, umphostoli uPawulu uyasitshela: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga.” (Filipi 4:6) Amazwi athi “konke” angahlanganisa imizwa, izidingo, ukwesaba nokukhathazeka esinako. Lapho imithandazo yethu ivama futhi isuka enhliziyweni, ukwethembela kwethu kuJehova kuyoqina ngokwengeziwe.

Lapho uJesu Kristu esemhlabeni, ngezinye izikhathi wayeya endaweni engenabantu ayothandaza engaphazanyiswa muntu. (Mathewu 14:23; Marku 1:35) Ngaphambi kokwenza izinqumo ezinkulu, wayeze athandaze ubusuku bonke kuYise. (Luka 6:12, 13) Akumangalisi ukuthi ukwethembela kukaJesu kuJehova kwakuqine kangangokuthi wakwazi ukukhuthazelela uvivinyo olubi kunalo lonke olwake lwafikela noma ubani. Amazwi akhe okugcina esigxotsheni sokuhlushwa athi: “Baba, ezandleni zakho ngiyawubeka umoya wami.” Lawo mazwi okuqiniseka abonisa ukuthi ukwethembela kwakhe kuYise kwakunganciphile nasekufeni, yize uJehova engangenelanga ukuze amsindise.—Luka 23:46.

Enye futhi indlela yokwakha ukwethembela kwethu kuJehova iwukuzihlanganisa njalo nalabo abathembela kuye ngenhliziyo yonke. UJehova wayala abantu bakhe ukuba babuthane njalo ukuze bafunde okwengeziwe ngaye futhi bakhuthazane. (Duteronomi 31:12; Heberu 10:24, 25) Ukuhlangana okunjalo kwakuqinisa ukwethembela kwabo kuJehova, kubenze bakwazi ukukhuthazelela ukuvivinywa kokholo okubucayi. Ezweni elithile lase-Afrika, lapho umsebenzi wokushumayela wawuvinjelwe khona, oFakazi BakaJehova babengenakuthola sivikelo samaphoyisa, izincwadi zokungena kwamanye amazwe, izitifiketi zomshado, ukwelashwa kwasezibhedlela nemisebenzi. Lapho kubheduka impi yombango kwenye indawo, amalungu angu-39 ebandla eliseduze, kuhlanganise nezingane, ahlala izinyanga ezicishe zibe zine ngaphansi kwebhuloho eliphansi ogwadule, ebalekela ukucitshwa kwamabhomu edolobhaneni lakubo. Kulezi zimo ezinzima, ukuxoxa kwawo njalo ngombhalo weBhayibheli neminye imihlangano kwawanika amandla amakhulu. Kanjalo akwazi ukukhuthazelela lolo sizi, alondoloza ingokomoya lawo. Lesi senzakalo sikubonisa ngokucacile ukubaluleka kokuhlangana njalo nabantu bakaJehova.

Okokugcina, ukuze siqinise ukwethembela kwethu kuJehova, kumelwe sihlale simatasa emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, sikulungele njalo ukuhlanganyela izindaba ezinhle nabanye. Lokhu kwabonakala kokuhlangenwe nakho okushukumisayo kommemezeli osemusha oshisekayo waseCanada owayegulela ukufa, ene-leukemia. Naphezu kokugula kwakhe okubi, wayefuna ukuba yiphayona elivamile, okungukuthi, isikhonzi sesikhathi esigcwele. Lapho ukugula kwakhe kusathé ukudamba, waba ngcono ngokwanele ukuba abe senkonzweni isikhathi esiyinyanga, eyiphayona elisizayo. Ukugula kwabe sekubuya ngamandla, ngemva kwezinyanga ezimbalwa washona. Nokho, wahlala eqinile ngokomoya kwaze kwaba sekugcineni, ukwethembela kwakhe kuJehova akuzange kuxege nakancane. Unina wakhumbula: “Kwaze kwaba sekugcineni ekhathalela abanye ngaphezu kwakhe siqu. Wayebakhuthaza ukuba batadishe iBhayibheli, ethi kubo, ‘Siyoba ndawonye ePharadesi.’”

Ukubonisa Ukwethembela Kwethu KuJehova

“Njengoba umzimba ngaphandle komoya ufile, kanjalo nokholo ngaphandle kwemisebenzi lufile.” (Jakobe 2:26) Lokho uJakobe akusho ngokholo kuNkulunkulu kungashiwo nangokwethembela kwethu kuYe. Kungakhathaliseki ukuthi sithi sithembele kangakanani kuNkulunkulu, akusho lutho uma singakubonisi ngezenzo zethu lokho kwethembela kuye. U-Abrahama wayethembele ngokugcwele kuJehova futhi wakubonisa lokho kwethembela kuYe ngokulalela imiyalo yakhe ngokungathandabuzi, waze wazimisela ngisho nokwenza umhlatshelo ngendodana yakhe, u-Isaka. Ngenxa yalokho kwethembela kuNkulunkulu nokumlalela okuphawulekayo, u-Abrahama waziwa ngokuthi umngane kaJehova.—Heberu 11:8-10, 17-19; Jakobe 2:23.

Akudingeki silinde size sibhekane nokuvivinywa okuthile okukhulu ukuze sibonise ukwethembela kwethu kuJehova. UJesu watshela abafundi bakhe: “Umuntu okholekile kokuncane kakhulu ukholekile nakokukhulu, futhi umuntu ongalungile kokuncane kakhulu akalungile nakokukhulu.” (Luka 16:10) Kufanele sifunde ukwethembela kuJehova kuzo zonke izinto esizenzayo usuku ngalunye, simlalele ngisho nasezintweni ezingase zibonakale zingabalulekile. Lapho siqaphela izinzuzo ezilethwa yilokho kulalela, ukwethembela kwethu kuBaba wethu osezulwini kuyaqina, kusenze sikwazi ukubhekana nokulingwa okukhulu ngokwengeziwe.

Njengoba izwe lisondela esiphelweni esiyinhlekelele, nakanjani abantu bakaJehova bazobhekana nokulingwa nezingozi ezengeziwe. (IzEnzo 14:22; 2 Thimothewu 3:12) Ngokwakha ukwethembela kuJehova okuqinile nokuphelele manje, singabheka phambili ekusindeni singene ezweni lakhe elisha alithembisile—ngokuphila sidlule osizini olukhulu noma ngokuthola uvuko. (2 Petru 3:13) Kwangathi singelokothe sivumele ukuntula kwethu ukwethembela kuJehova kulimaze ubuhlobo bethu naye. Khona-ke, lokho okwashiwo ngoDaniyeli ngemva kokuba esindiswe emphandwini wezingonyama kungashiwo nangathi: “Akufunyanwanga mcothu kuye, ngokuba wayemethembile uNkulunkulu wakhe.”—Daniyeli 6:23.

[Umbhalo waphansi]

^ par. 9 Ukuze uthole imininingwane, bheka INqabayokulinda ka-November 1, 1994, amakhasi 23-7.

[Isithombe ekhasini 9]

Ukufunda izindaba zezinceku zikaJehova ezithembekile, ezinjengoMartin Poetzinger, kuqinisa ukholo