Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ezikabani Izindinganiso Ongazethemba?

Ezikabani Izindinganiso Ongazethemba?

Ezikabani Izindinganiso Ongazethemba?

Isivakashi esasiqala ukufika e-Afrika sakhangwa ukubona umuntu owayemi phúhle eceleni komgwaqo. Saphawula ukuthi ngemva kwesikhashana, lo muntu wayehudula izinyawo ashenxele eceleni kancane, aqhubeke emile. Ngesikade, isivakashi sabona ukuthi kungani lo muntu elokhu eshenxa kanjena. Empeleni, wayezama ukuhlala esethunzini lesigxobo socingo. Isithunzi sasihamba kancane njengoba ilanga lishona ntambama.

NJENGALESO sithunzi esenziwa yilanga, izindaba nezindinganiso zabantu zihlale zishenxa futhi zishintsha. Ngokuhlukile, uJehova uNkulunkulu, “uYise wezinkanyiso zasezulwini,” akashintshi. Umfundi uJakobe wabhala: “Kuye akukho ukuhlukahluka kokuphenduka kwethunzi.” (Jakobe 1:17) Umprofethi ongumHeberu uMalaki wabhala amazwi kaNkulunkulu uqobo: “Mina Jehova angiguquki.” (Malaki 3:6) Ezinsukwini zika-Isaya, uNkulunkulu wathi esizweni sakwa-Israyeli: “Noze niguge, nginguye, yebo, noze nibe yizimpunga, ngiyakunithwala; ngikwenzile lokhu.” (Isaya 46:4) Ngakho, ukuhamba kwesikhathi akukushintshi ukuqiniseka esinako ngezithembiso zoMninimandla onke.

Isifundo Esisithola EMthethweni KaMose

Njengoba nje izithembiso zikaJehova zinokwethenjelwa futhi zingashintshi, zinjalo nezindinganiso zakhe zokulungile nokungalungile. Ungamethemba yini umthengisi osebenzisa izikali ezimbili, esinembile nesinganembile? Lutho neze. Ngokufanayo, “isilinganiso esikhohlisayo siyisinengiso kuJehova, kepha isisindo esiyiso siyintokozo yakhe.” (IzAga 11:1; 20:10) EMthethweni awunika ama-Israyeli, uJehova wafaka nalo myalo: “Aniyikwenza ukungalungi ekwahluleleni, ekulinganiseni ubude noma isisindo noma ubuningi. Niyakuba nezilinganiso ezilungileyo, nezisindo ezilungileyo, ne-efa elilungileyo, nehini elilungileyo; nginguJehova uNkulunkulu wenu owanikhipha ezweni laseGibithe.”—Levitikusi 19:35, 36.

Ukulalela lowo myalo kwakulethela ama-Israyeli umusa kaNkulunkulu nezinzuzo eziningi ezibonakalayo. Ngokufanayo, ukunamathela ezindinganisweni zikaJehova ezingashintshi, hhayi nje kuphela ezisindweni nasezilinganisweni kodwa nakuzo zonke izici zokuphila, kuphumela ezibusisweni kumkhulekeli othembela kuYe. UNkulunkulu uthi: “NginguJehova uNkulunkulu wakho okufundisile okukusizayo, okuholile ngendlela omelwe ukuhamba ngayo.”—Isaya 48:17.

Kungani Izindinganiso Zanamuhla Ziwohloka?

IBhayibheli liveza isizathu sokuwohloka kwezindinganiso zanamuhla. Incwadi yokugcina yeBhayibheli, isAmbulo, ichaza impi ezulwini, umphumela wayo oye wathonya bonke abantu kuze kube namuhla. Umphostoli uJohane wabhala: “Kwagqashuka impi ezulwini: UMikayeli nezingelosi zakhe balwa nodrako, nodrako nezingelosi zakhe balwa kodwa akazange anqobe, futhi ababange besatholelwa ndawo ezulwini. Ngakho wajikijelwa phansi udrako omkhulu, inyoka yokuqala, lowo obizwa ngokuthi uDeveli noSathane, odukisa umhlaba wonke owakhiwe; wajikijelwa phansi emhlabeni, nezingelosi zakhe zajikijelwa phansi kanye naye.”—IsAmbulo 12:7-9.

Waba yini umphumela osheshayo waleyo mpi? UJohane waqhubeka: “Ngenxa yalokhu thokozani, nina mazulu nani enihlala kuwo! Mayé ngomhlaba nangolwandle, ngoba uDeveli wehlele kini, enentukuthelo enkulu, azi ukuthi unenkathi yesikhathi emfushane.”—IsAmbulo 12:12.

Kwaba ‘umayé ngomhlaba’ lapho kugqashuka iMpi Yezwe I ngo-1914, kwaphela inkathi yezindinganiso ezazihluke kakhulu kwezanamuhla. Isazi-mlando uBarbara Tuchman sithi: “IMpi Enkulu yango-1914 kuya ku-1918 injengomugqa wotshani obushile ohlukanisa leyo nkathi neyethu. Ngokucoboshisa ukuphila kwabaningi kangaka ababengafeza okuthile eminyakeni eyalandela, ngokuqeda izinkolelo, ukushintsha imibono nokushiya amanxeba angelapheki okuphelelwa yithemba, yakha igebe elingokoqobo nelingokwengqondo phakathi kwezinkathi ezimbili zesikhathi.” Isazi-mlando esikanye naye, u-Eric Hobsbawm siyavuma: “Kusukela ngo-1914, kuye kwaba nokushiywa okuphawulekayo kwezindinganiso ezazibhekwa njengezivamile ngaleso sikhathi emazweni athuthukile . . . Akulula ukuqonda izinga lokubuya kwalokho okhokho bethu bekhulu le-19 abebengakubiza ngezindinganiso zobuqaba, ngeshwa [leli zinga lokubuya] liyashesha.”

Encwadini yakhe ethi Humanity—A Moral History of the Twentieth Century, umlobi uJonathan Glover uthi: “Esinye sezici zesikhathi sethu siwukunyamalala komthetho wokuziphatha.” Nakuba engawethembisisi umthetho wokuziphatha ovela entweni engaphandle ngenxa yokuwohloka kwenkolo emazweni aseMpumalanga, uyaxwayisa: “Labo phakathi kwethu abangakholelwa emthethweni wokuziphatha ongokwenkolo kudingeka bakhathazeke ngokunyamalala kwawo.”

Ukuphela kokwethembeka kwanamuhla—kungakhathaliseki ukuthi kukwezentengiselwano, kwezombangazwe, enkolweni noma ngisho ebuhlotsheni babantu nobemikhaya—nemiphumela yako emibi kuyingxenye yecebo elibi likaDeveli lokuletha usizi kwabakhé emhlabeni. USathane uzimisele ukulwa kuze kube sekugcineni futhi abhujiswe kanye nabo bonke labo abazama ukuphila ngezindinganiso zikaNkulunkulu.—IsAmbulo 12:17.

Likhona yini ikhambi lalokhu kuphela kokwethembeka okudlangile? Umphostoli uPetru uyaphendula: “Kodwa kukhona amazulu amasha nomhlaba omusha esikulindele ngokwesithembiso [sikaNkulunkulu], futhi kukho kuyohlala ukulunga.” (2 Petru 3:13) Leso sithembiso singasethemba ngoba uNkulunkulu akagcini ngokuba namandla okufeza injongo yakhe kodwa futhi uyaqinisekisa ukuthi iyofezeka. Mayelana nanoma yiliphi ‘izwi eliphuma emlonyeni wakhe’ uJehova uthi: “Aliyikubuyela ze kimi, lingakafezi lokhu engikufunayo, liphumelele kulokhu engilithumele kukho.” Yisithembiso esinokwethenjelwa ngempela!—Isaya 55:11; IsAmbulo 21:4, 5.

Ukuphila Ngezindinganiso ZikaNkulunkulu

Kuleli zwe elinezindinganiso ezintengantengayo neziwohlokayo, oFakazi BakaJehova bazama ukuphila ngezindinganiso zokuziphatha ezinikezwa yiBhayibheli. Ngenxa yalokho, bahlukile eningini, futhi ezikhathini eziningi lokhu kuye kwenza abanye babanaka, futhi babahleka usulu.

Emhlanganweni woFakazi BakaJehova owawuseLondon, umkhulumeli othile wabuzwa yintatheli ye-TV ukuthi oFakazi BakaJehova bangamaKristu ngempela yini. Waphendula: “Kakhulu, ngoba uJesu uyisibonelo sethu. Izwe ligcwele ubugovu, thina sigxila kuJesu Kristu njengoyindlela, iqiniso nokuphila. Sikholelwa ukuthi uyiNdodana kaNkulunkulu, hhayi ingxenye kaZiqu-zintathu, ngakho indlela esiliqonda ngayo iBhayibheli ihlukile kweyezinkolo ezivamile.”

Lapho le ngxoxo isakazwa esiteshini se-TV i-BBC, intatheli yaphetha uhlelo ngokuthi: “Ngifundé okuningi ngokuthi kungani oFakazi BakaJehova besingqongqozela emizini yethu. Futhi angikhumbuli ngibona abantu abangu-25 000 abagqoke kahle kanjena nabaziphatha kahle kanjena bonke besendaweni eyodwa ngesikhathi esisodwa.” Ngempela kwakuwubufakazi obuhle obuvela kumuntu wangaphandle owazibonela ukuhlakanipha kokunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu ezingashintshi!

Nakuba abanye ungase ubacasule umqondo wokuphila ngezindinganiso ezingabekwanga yibo, sikukhuthaza ukuba uhlole iBhayibheli lakho, uthole ukuthi ziyini izindinganiso zikaNkulunkulu. Kodwa mawunganeliswa ukuhlola okukha phezulu. Landela isiyalo somphostoli uPawulu: “Niyeke ukulolongwa nifane nalesisimiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu intando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.” (Roma 12:2) Vakashela iHholo LoMbuso elisendaweni yakini, wazane noFakazi abakulo. Uzothola ukuthi kunabantu abavamile abathembele ezithembisweni zeBhayibheli futhi ababonisa ukwethembela kuNkulunkulu ngokuzama ukuphila ngezindinganiso zakhe.

Ukunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu ezingashintshi nezinokwethenjelwa ekuphileni kwakho kuyokulethela izibusiso nakanjani. Lalela ukunxusa kukaNkulunkulu: “Sengathi nga ulalele imiyalo yami! Khona ukuthula kwakho kwakuyakuba njengomfula, nokulunga kwakho njengamaza olwandle.”—Isaya 48:18.

[Izithombe ekhasini 5]

Namuhla ukwethembeka kuyaphela kwezentengiselwano, ezombangazwe, enkolweni nasebuhlotsheni bemikhaya