Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”

“Hambani Niyokwenza Abantu Bazo Zonke Izizwe Babe Abafundi”

“Hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—MATHEWU 28:19, 20.

IZINGOMA: 141, 97

1, 2. Yimiphi imibuzo ephakamayo mayelana namazwi kaJesu atholakala kuMathewu 24:14?

UJESU wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina, izindaba ezinhle zoMbuso zaziyoshunyayelwa kubo bonke abantu. (Mathewu 24:14) NjengoFakazi BakaJehova, saziwa emhlabeni wonke ngomsebenzi wethu wokushumayela. Abanye bayawuthanda umyalezo esiwushumayelayo kodwa abanye abawuthandi. Kodwa ngisho nabanye balabo abangawuthandi bayasihlonipha ngenxa yomsebenzi esiwenzayo. Sikholelwa ukuthi yithi abenza umsebenzi owabikezelwa uJesu. Ingabe sinalo ilungelo lokusho kanjalo? Singaqiniseka kanjani ukuthi ukushumayela kwethu kuwumsebenzi owabikezelwa uJesu?

2 Amaqembu amaningi enkolo akholelwa ukuthi yiwona ashumayela umyalezo kaJesu. Kodwa agcina ngokushumayela emasontweni, kuyithelevishini noma kuyi-Internet noma amane atshele abanye ukuthi amazi kanjani uJesu. Abanye banomuzwa wokuthi ukusiza abaswele noma ngokunikela ngamakhono obudokotela, ubuhlengikazi noma ubuthishela, kuyindlela yabo yokushumayela. Kodwa ingabe le misebenzi iyiwona msebenzi wokushumayela uJesu akhuluma ngawo?

3. NgokukaMathewu 28:19, 20 yiziphi izinto ezine okumelwe abalandeli bakaJesu bazenze?

3 Ingabe uJesu wayefuna abafundi bakhe balindele abantu ukuba beze kubo? Cha! Ngemva kokuvuswa kwakhe, uJesu watshela amakhulu abalandeli bakhe: “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.” (Mathewu 28:19, 20) Ngakho, njengabalandeli bakaJesu kunezinto ezine okudingeka sizenze. Kumelwe senze abafundi, sibabhapathize futhi sibafundise. Kodwa okokuqala, kufanele sihambe siye kubantu. Esinye isazi seBhayibheli siyachaza: “‘Ukuhamba’ kuwumsebenzi wekholwa ngalinye, kungakhathaliseki ukuthi liya ngaphesheya komgwaqo noma phesheya kwezilwandle.”—Mathewu 10:7; Luka 10:3.

4. Yini ehilelekile ekubeni “abadobi babantu”?

4 Yini uJesu ayeyilindele kubafundi bakhe? Ingabe wayefuna ukuba bashumayele ngabanye noma wayefuna bahleleke njengeqembu? Njengoba kungenakwenzeka ukuba umuntu oyedwa ashumayele ‘ezizweni zonke,’ abafundi bakhe kwakuzodingeka bahleleke njengeqembu. Yilokho kanye uJesu ayeqonde ukukusho lapho emema abafundi bakhe ukuba babe “abadobi babantu.” (Funda uMathewu 4:18-22.) UJesu wayengabhekisele kumdobi oyedwa osebenzisa udobo lwakhe nokudla kodobo, olinde inhlanzi ukuba ibambeke. Kunalokho, ukudoba uJesu ayekhuluma ngako yilokho okusetshenziswa kukho amanetha. Le ndlela yokudoba idinga ukuzikhandla, ukuhleleka nabantu abaningi abasebenza ngokubambisana.—Luka 5:1-11.

5. Yimiphi imibuzo emine okudingeka iphendulwe, futhi kungani?

5 Ukuze sazi ukuthi obani abashumayela izindaba ezinhle namuhla, kudingeka siphendule le mibuzo emine elandelayo:

  • Yimuphi umyalezo abalandeli bakaJesu okufanele bawushumayele?

  • Kufanele sibe yini isisusa sabo?

  • Yiziphi izindlela okufanele bazisebenzise?

  • Kufanele bawenze ngezinga elingakanani umsebenzi wabo futhi kufanele uqhubeke isikhathi eside kangakanani?

Izimpendulo zale mibuzo zizosisiza sibone ukuthi obani abenza lo msebenzi osindisa ukuphila futhi zizojulisa isifiso sethu sokuqhubeka sishumayela.—1 Thimothewu 4:16.

KUFANELE UTHINI UMYALEZO?

6. Kungani ungaqiniseka ngokuthi oFakazi BakaJehova bashumayela umyalezo ofanele?

6 Funda uLuka 4:43. UJesu washumayela “izindaba ezinhle zombuso” futhi ufuna abafundi bakhe benze okufanayo. Obani abashumayela lowo myalezo kubo bonke abantu? OFakazi BakaJehova kuphela! Ngisho nabanye abangasithandi bayakuvuma lokho. Ngokwesibonelo, phawula lokho omunye umfundisi oyisithunywa sevangeli owayesehlale emazweni amaningi akusho komunye uFakazi kaJehova. Ezweni ngalinye, lo mfundisi wayebuze oFakazi BakaJehova ukuthi yimuphi umyalezo abawushumayelayo. Wathi, “Bonke bayizilima kangangokuba banginikeza impendulo efanayo: ‘Izindaba ezinhle zoMbuso.’” Okwashiwo yilo mfundisi kufakazela ukuthi asizona izilima kodwa sinobunye njengamaKristu eqiniso. (1 Korinte 1:10) UMbuso kaNkulunkulu uphinde ube umyalezo oyinhloko we-Nqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova. Lo magazini utholakala ngezilimi ezingu-254 futhi kunyatheliswa amakhophi angaba ngu-59 000 000, okuwenza ube umagazini osakazwa kabanzi kunabo bonke emhlabeni!

OFakazi BakaJehova kuphela abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu

7. Sazi kanjani ukuthi abefundisi beLobukholwa abashumayeli umyalezo ofanele?

7 Abefundisi beLobukholwa abashumayeli ngoMbuso kaNkulunkulu. Uma kwenzeka bekhuluma ngoMbuso, abaningi babo bathi uwumuzwa osenhliziyweni yomuntu. (Luka 17:21) Ababafundisi abantu ukuthi uMbuso uwuhulumeni wasezulwini oholwa uJesu njengenkosi. Kunalokho, bavame ukukhuluma ngoJesu ngesikhathi sikaKhisimusi noma sama-Easter. Ababachazeli abantu ukuthi uMbuso uzoxazulula zonke izinkinga zesintu nokuthi maduzane uzosusa bonke ububi emhlabeni. (IsAmbulo 19:11-21) Ngokusobala, abaholi beLobukholwa abazi ukuthi yini uJesu azoyenza njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu. Futhi ngenxa yokuthi abawuqondi umyalezo kaJesu, abaqondi ukuthi kungani kufanele bashumayele.

KUFANELE SIBE YINI ISISUSA SETHU SOKWENZA LO MSEBENZI?

8. Yisiphi isisusa esingalungile sokwenza umsebenzi wokushumayela?

8 Abafundi bakaJesu akufanele bashumayele ngenjongo yokuthola imali noma ukuze bakhe izakhiwo ezinhle ngokubabazekayo. UJesu wathi: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Ngakho, umsebenzi wokushumayela akufanele ube yibhizinisi. (2 Korinte 2:17) Abafundi bakaJesu akufanele bacele ukukhokhelwa ngomsebenzi wabo wokushumayela. (Funda izEnzo 20:33-35.) Nakuba iziyalezo zikaJesu zicace kahle, amasonto amaningi alibala ukuqoqa imali ukuze alondoloze izakhiwo zawo futhi akhokhele abefundisi nezinye izisebenzi. Ngenxa yalokho, abaholi abaningi beLobukholwa bacebe kakhulu.—IsAmbulo 17:4, 5.

Umsebenzi wokushumayela akufanele ube yibhizinisi

9. OFakazi BakaJehova babonise kanjani ukuthi umsebenzi wokushumayela bawenza ngesisusa esifanele?

9 Ingabe oFakazi BakaJehova bacela inkongozelo emaHholo abo oMbuso noma emihlanganweni yabo emikhulu? Cha! Umsebenzi wabo usekelwa ngeminikelo yokuzithandela. (2 Korinte 9:7) Yize kunjalo, ngonyaka odlule oFakazi BakaJehova basebenza amahora acishe abe izigidi eziyizinkulungwane ezimbili beshumayela izindaba ezinhle, futhi baqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kwezigidi ezingu-9 inyanga ngayinye. Abakhokhelwa ngomsebenzi wabo wokushumayela kodwa bayakujabulela ukusebenzisa eyabo imali ukuze benze lo msebenzi. Omunye umcwaningi washo lokhu ngokuphathelene nomsebenzi woFakazi BakaJehova: “Umgomo wabo oyinhloko ukushumayela nokufundisa.” Waphinde wathi oFakazi BakaJehova abanabo abefundisi okudingeka bakhokhelwe. Khona-ke, uma singashumayeli ngenjongo yokuthola imali, pho siyini isisusa sethu? Senza lo msebenzi ngokuzithandela ngenxa yokuthi sithanda uJehova nabantu. Lesi simo sengqondo sigcwalisa isiprofetho esisencwadini yeHubo 110:3. (Funda.)

YIZIPHI IZINDLELA OKUFANELE ZISETSHENZISWE?

Sishumayela nomaphi lapho abantu betholakala khona (Bheka isigaba 10)

10. Yiziphi izindlela zokushumayela ezasetshenziswa uJesu nabafundi bakhe?

10 Yiziphi izindlela zokushumayela ezasetshenziswa uJesu nabafundi bakhe? Babeya nomaphi lapho abantu betholakala khona. Ngokwesibonelo, babeshumayela emigwaqweni nasezimakethe. Babephinde bafune abantu emakhaya abo. (Mathewu 10:11; Luka 8:1; IzEnzo 5:42; 20:20) Ukushumayela endlini ngendlu kwakuyindlela ehlelekile yokufinyelela zonke izinhlobo zabantu.

11, 12. Imizamo yeLobukholwa injani uma iqhathaniswa neyabantu bakaJehova endabeni yokushumayela izindaba ezinhle?

11 Ingabe amasonto eLobukholwa ayazishumayela izindaba ezinhle njengoba kwenza uJesu? Ngokuvamile, abefundisi abakhokhelwayo bashumayeza amalungu esonto labo. Laba baholi abazami ukuthola abafundi abasha kodwa bamane bazame ukugcina amalungu esonto abasuke sebenawo kakade. Ngezinye izikhathi, baye bazama ukukhuthaza amalungu amasonto abo ukuba ashumayele. Ngokwesibonelo, encwadini ayeyibhale ngonyaka ka-2001, uPapa uJohn Paul II wathi amalungu esonto kufanele ashumayele iVangeli futhi ashiseke ngendlela efanayo neyomphostoli uPawulu, owathi: “Maye kimi uma ngingalishumayeli iVangeli.” Upapa wabe esethi lo msebenzi wokushumayela akufanele wenziwe abantu abambalwa kuphela abaqeqeshiwe kodwa nayiwo wonke amalungu esonto. Nokho, bambalwa abaye basilalela leso sikhuthazo.

12 Kuthiwani ngoFakazi BakaJehova? Yibo kuphela abashumayela ukuthi uJesu ubelokhu ebusa njengeNkosi kusukela ngo-1914. Balalela uJesu futhi benza umsebenzi wokushumayela uze kuqala ekuphileni kwabo. (Marku 13:10) Incwadi ethi Pillars of Faith—American Congregations and Their Partners yathi umsebenzi wokushumayela ubaluleke kakhulu koFakazi BakaJehova. Yanezela yathi lapho bethola abantu abalambile, abangenabani nabagulayo, bazama ukubasiza, kodwa abalokothi bakhohlwe ukuthi umgomo wabo oyinhloko ukushumayela ngokuphela kwaleli zwe nokufundisa abantu ngensindiso. OFakazi BakaJehova bayaqhubeka beshumayela lowo myalezo, besebenzisa izindlela ezazisetshenziswa uJesu nabafundi bakhe.

KUFANELE WENZIWE NGEZINGA ELINGAKANANI LO MSEBENZI, FUTHI ISIKHATHI ESIDE KANGAKANANI?

13. Kufanele wenziwe ngezinga elingakanani umsebenzi wokushumayela?

13 UJesu wathi abalandeli bakhe babezoshumayela futhi bafundise ngezindaba ezinhle “emhlabeni wonke owakhiwe.” Bayalwa ukuba benze abantu bazo “zonke izizwe” babe abafundi. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Lokhu kusho ukuthi izindaba ezinhle kwakuzodingeka zishunyayelwe kuwo wonke umhlaba.

14, 15. Yini efakazela ukuthi oFakazi BakaJehova baye basigcwalisa isiprofetho sikaJesu mayelana nezinga umsebenzi owenziwa ngalo? (Bheka izithombe ezisekuqaleni.)

14 OFakazi BakaJehova kuphela abaye bagcwalisa isiprofetho sikaJesu sokuthi izindaba ezinhle ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke. Kungani sisho kanjalo? E-United States, kunabefundisi beLobukholwa abangaba ngu-600 000, kuyilapho kunoFakazi BakaJehova abangaba ngu-1 200 000 abashumayela izindaba ezinhle kulelo zwe. Emhlabeni wonke kunabefundisi bamaKatolika abangaba ngu-400 000, kodwa kunoFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi ezingu-8 abashumayela izindaba ezinhle emazweni angu-240. Ngokusobala, oFakazi BakaJehova bashumayela izindaba ezinhle emhlabeni wonke, kube udumo nenkazimulo kuJehova!—IHubo 34:1; 51:15.

15 NjengoFakazi BakaJehova, umgomo wethu ukushumayela izindaba ezinhle kubantu abaningi ngangokunokwenzeka ngaphambi kokuba kufike ukuphela. Ukuze senze lo msebenzi, siye sahumusha futhi sanyathelisa izigidi zezincwadi, omagazini, amapheshana nezimemo zemihlangano emikhulu nezeSikhumbuzo ngezilimi ezingaphezu kuka-700. Lezi zinto sizinikeza abantu mahhala. Ngonyaka odlule nje kuphela, sanyathelisa izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezingaba yizigidi ezingu-4,5. Sesinyathelise namakhophi e-Nguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele angaphezu kwezigidi ezingu-200, ngezilimi ezingaphezu kuka-130. Engosini yethu esemthethweni, kunokwaziswa okutholakala ngezilimi ezingaphezu kuka-750. OFakazi BakaJehova kuphela abenza umsebenzi omangalisa kanje.

16. Sazi kanjani ukuthi oFakazi BakaJehova banomoya kaNkulunkulu?

16 Umsebenzi wokushumayela uzoqhubeka isikhathi eside kangakanani? UJesu wathi izindaba ezinhle zaziyoshunyayelwa kuze kufike ukuphela. NjengoFakazi BakaJehova, siye sakwazi ukukhuthazela emsebenzini wokushumayela phakathi nezinsuku zokugcina ngenxa nje yokuthi sinomoya ongcwele kaJehova. (IzEnzo 1:8; 1 Petru 4:14) Abanye abantu abasontayo bathi: “Sinawo umoya ongcwele.” Kodwa ingabe bayakwazi ukwenza umsebenzi owenziwa oFakazi BakaJehova kulezi zinsuku zokugcina? Amanye amaqembu aye azama ukushumayela ngendlela esishumayela ngayo, kodwa ehluleka. Amanye azimisele ukushumayela, kodwa hhayi njalo. Kanti amanye angase ashumayele endlini ngendlu, kodwa awashumayeli izindaba ezinhle zoMbuso. Ngakho, akunakwenzeka ukuthi la maqembu enza umsebenzi owaqalwa nguJesu.

OBANI NGEMPELA ABASHUMAYELA IZINDABA EZINHLE NAMUHLA?

17, 18. (a) Kungani singaqiniseka ngokuthi oFakazi BakaJehova abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso namuhla? (b) Yini eyenza sikwazi ukuqhubeka nalo msebenzi?

17 Obani-ke abashumayela izindaba ezinhle zoMbuso namuhla? OFakazi BakaJehova kuphela! Sazi kanjani? Ngoba sishumayela umyalezo ofanele, izindaba ezinhle zoMbuso. Lapho sisenkonzweni sifuna abantu, ngakho sisebenzisa izindlela ezifanele. Sishumayela ngesisusa esifanele, okungukuthi, sithanda uJehova nabantu. Umsebenzi wethu wokushumayela wenziwa ngezinga elikhulu kakhulu ngoba sishumayela kubantu bazo zonke izizwe nezilimi. Futhi sizoqhubeka sishumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuze kufike ukuphela!

18 Kumangalisa ngempela ukubona umsebenzi omuhle owenziwa abantu bakaJehova wokushumayela izindaba ezinhle kulezi zinsuku zokugcina. Kodwa sikwazi kanjani ukwenza konke lokhu? Umphostoli uPawulu uyachaza: “UNkulunkulu nguye osebenza ngaphakathi kini, ngentando yakhe, ukuze nithande futhi nenze.” (Filipi 2:13) Kwangathi uJehova angaqhubeka esipha amandla esiwadingayo ukuze senze konke esingakwenza ukuze siqhubeke sishumayela izindaba ezinhle!—2 Thimothewu 4:5.