Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

Ingabe Ukhona UNkulunkulu?—Kuyawenza Yini Umehluko?

Ingabe Ukhona UNkulunkulu?—Kuyawenza Yini Umehluko?

Umbuzo wokuthi ukhona yini uNkulunkulu, kwabaningi ubonakala ungenakuphenduleka noma ungasabalulekile. UHervé, owakhulela eFrance uthi: “Nakuba ngingeke ngathi ngingumuntu ongakholelwa kuNkulunkulu, noma okubona kuyinto engenakwenzeka ukwazi ukuthi ukhona yini, angilona ikholwa. Kimina, indlela engcono yokuphila iwukusebenzisa ukwahlulela okunengqondo. Lokho akudingi ukuba ukholelwe esidalweni esithile esiphakeme.”

Abanye bangase bazizwe njengoJohn wase-United States. Wathi: “Ngakhuliswa abazali ababengakholelwa kuNkulunkulu. Njengensizwa esakhula, ngangingaqiniseki ukuthi uNkulunkulu ukhona noma cha. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi ngangike ngicabange ngako.”

Ingabe wake wazibuza ukuthi uNkulunkulu ukhona, futhi uma ekhona, ingabe ukuphila kunenjongo ekhethekile? Mhlawumbe uke wathola amaqiniso okunzima ukuwachaza ngaphandle kokuphetha ngokuthi ukhona uMdali, njengalokho okushiwo isayensi ngokuhleleka kwemvelo okwenza sikwazi ukuphila kule planethi kanye nobufakazi bokuthi ukuphila akuveli entweni engaphili.—Bheka ibhokisi elithi “ Hlola Ubufakazi.

Cabanga ngokubaluleka kwala maqiniso aphawulwe ngenhla. Afana nezimpawu ezikubonisa ingcebo. Uma uthola ubufakazi obukwanelisayo bokuthi ukhona uNkulunkulu, kanye nemininingwane ethembekile ngaye, uyozuza okuningi. Nazi izibonelo ezine.

1. INJONGO YOKUPHILA

Uma ukuphila kunenjongo ekhethekile, sifuna ukwazi ukuthi iyini nokuthi thina sihileleke kanjani kuyo. Kakade, uma ekhona uNkulunkulu kodwa singakuqapheli lokho, khona-ke asilazi iqiniso elibaluleke kunawo wonke endaweni yonke.

IBhayibheli lithi uNkulunkulu unguMthombo wakho konke ukuphila. (IsAmbulo 4:11) Ukwazi lokhu kungakwenza kanjani ukuphila kwethu kube nenjongo? Cabanga ngalokho iBhayibheli elikufundisayo ngale ndaba.

Phakathi kwazo zonke izidalwa ezisemhlabeni, abantu bahlukile. IBhayibheli lithi uNkulunkulu wasidala ngenjongo yokuba sifane naye, sibonakalise ubuntu bakhe. (Genesise 1:27) Ngaphezu kwalokho, iBhayibheli lifundisa ukuthi abantu bangaba abangane bakaNkulunkulu. (Jakobe 2:23) Akukho okungenza ukuphila kwethu kube nenjongo kakhulu ngaphezu kokuba nobuhlobo obunjalo noMdali wethu.

Kusho ukuthini ukuba umngane kaNkulunkulu? Abangane bakaNkulunkulu bangakhuluma ngokuqondile naye. Yena, uthembisa ukuthi uyobalalela futhi abasize. (IHubo 91:15) Njengabangane bakaNkulunkulu, singayazi imicabango yakhe ezintweni eziningi. Lokhu kungasinikeza ukuqonda okunokwethenjelwa ngemibuzo ejulile esinayo ngokuphila kwethu.

Uma ekhona uNkulunkulu kodwa singakuqapheli lokho, khona-ke asilazi iqiniso elibaluleke kunawo wonke endaweni yonke

2. UKUTHULA KWENGQONDO

Ngokwesibonelo, ngenxa yokuhlupheka abakubonayo emhlabeni, abanye bakuthola kunzima ukukholelwa kuNkulunkulu. Bayabuza, ‘Kungani uMdali onawo onke amandla evumela ububi nokuhlupheka?’

Impendulo yeBhayibheli eduduzayo ithi akukaze kube yinhloso kaNkulunkulu ukuba isintu sihlupheke. Lapho kudalwa umuntu, ukuhlupheka kwakungekho. Ngisho nokufa kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni ngesintu. (Genesise 2:7-9, 15-17) Ingabe lokhu kunzima ukukukholelwa? Ingabe kuyiphupho nje? Akunjalo. Uma ekhona uMdali onawo onke amandla, futhi uma ngempela uthando luyimfanelo yakhe evelele, khona-ke yilolo kanye uhlobo lokuphila ebesingalindela ukuba afune isintu sibe nalo.

Yini eyafaka isintu kulesi simo esikuso? IBhayibheli lithi uNkulunkulu wadala abantu benekhono lokusebenzisa inkululeko yokuzikhethela. Asiwona amarobhothi, aphoqelelwe ukuba alalele uNkulunkulu. Umbhangqwana wokuqala sonke esiyinzalo yawo, wakhetha ukungasilaleli isiqondiso sikaNkulunkulu. Kunalokho, ngobugovu wakhetha ukwenza intando yawo. (Genesise 3:1-6, 22-24) Manje sibhekene nemiphumela ebuhlungu yalokho.

Singaba nokuthula okukhulu kwengqondo ngokwazi ukuthi ukuhlupheka kwabantu akuyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu. Kodwa, ngokwemvelo siyafuna nokukhululeka kukho. Sidinga ithemba ngekusasa.

3. ITHEMBA

Ngokushesha ngemva kokuhlubuka kwesintu, uNkulunkulu wathembisa ukuthi ngesikhathi esifanele uyoyigcwalisa injongo yakhe yasekuqaleni ngomhlaba. Ngenxa yokuthi unguMninimandla onke, akukho okungamvimba ekwenzeni lokho. (Isaya 55:11) Maduze, uNkulunkulu uzoyiqeda yonke imiphumela yokuhlubuka kuye, futhi umhlaba kanye nesintu kuyovumelana nenjongo yakhe yasekuqaleni.

Kungase kusho ukuthini lokhu ngawe? Cabanga ngezithembiso ezimbili kweziningi uNkulunkulu aye wazenza ngokuphathelene nekusasa lethu, njengoba zitholakala eBhayibhelini.

  • UKUTHULA EMHLABENI WONKE, UBUBI BUNGASEKHO. “Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; ngokuqinisekile uyoyibheka indawo yakhe, futhi uyobe engekho. Kodwa abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”—IHubo 37:10, 11.

  • UKUGULA NOKUFA KUNGASEKHO. “Akekho ohlala khona oyothi: ‘Ngiyagula.’” (Isaya 33:24) “Uyokugwinya ukufa kuze kube phakade, iNkosi EnguMbusi uJehova ngokuqinisekile iyosula izinyembezi ebusweni bonke.”—Isaya 25:8.

Kungani singazethemba izithembiso zikaNkulunkulu ezitholakala eBhayibhelini? Kungenxa yobufakazi bokuthi iziprofetho eziningi ezitholakala kulo sezigcwalisekile kakade. Kodwa, ithemba lekusasa lokukhululeka ekuhluphekeni alibususi ubunzima esibhekene nabo manje ekuphileni. Iluphi usizo olwengeziwe uNkulunkulu asinikeza lona?

4. USIZO LOKUBHEKANA NEZINKINGA NELOKWENZA IZINQUMO

UNkulunkulu usinikeza iziqondiso zokusisiza sibhekane nezinkinga futhi senze izinqumo ezinhle. Izinqumo eziningi kulula ukuzenza, kodwa ezinye zinemiphumela ehlala njalo. Akekho umuntu ongasinikeza ukuhlakanipha okusebenza njengokuhlakanipha esingakuthola kuMdali wethu. Umbono wakhe awulinganiselwe kanti futhi unguMthombo wokuphila kwabantu. Ngakho-ke, uyazi ukuthi yini esilungele kangcono.

IBhayibheli liqukethe imicabango kaJehova uNkulunkulu, njengoba aphefumulela abantu abahlukahlukene ukuba bayilobe. EBhayibhelini, sithola la mazwi: “Mina, Jehova, nginguNkulunkulu wakho, Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo.”—Isaya 48:17, 18.

UNkulunkulu unamandla angenamkhawulo, futhi ukulungele ukuwasebenzisa ukuze asisize. IBhayibheli lichaza uNkulunkulu njengobaba onothando ofuna ukusisiza. Lithi: ‘UBaba osezulwini, uyobanika umoya ongcwele labo abawucela kuye!’ (Luka 11:13) La mandla avela kuNkulunkulu angasiqondisa futhi asiqinise.

Ungaluthola kanjani usizo olunjalo kuNkulunkulu? IBhayibheli liyaphendula: “Lowo oza kuNkulunkulu kumelwe akholelwe ukuthi ukhona nokuthi uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.” (Hebheru 11:6) Ukuze uqiniseke ukuthi uNkulunkulu ukhona, kumelwe uzihlolele ubufakazi mathupha.

INGABE UZOZIHLOLELA NGOKWAKHO?

Kuthatha isikhathi ukufuna iqiniso ngoNkulunkulu, kodwa ngokuqinisekile uyozuza ngokwenzenjalo. Cabanga ngoXiujin Xiao, owazalelwa eChina kodwa manje osehlala e-United States. Uthi: “Nakuba ngangikholelwa emfundisweni yokuziphendukela kwemvelo, nganginesifiso sokwazi iBhayibheli. Ngakho, ngaqala ukufunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngonyaka wami wokugcina ekolishi, ngangimatasa kakhulu kangangokuba ngangingenaso isikhathi sezinto engangizifunda eBhayibhelini. Ngenxa yalokho injabulo yami yancipha. Lapho ngiphinda ngenza isifundo sami seBhayibheli size kuqala, ngathola injabulo yangaphakathi.”

Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoMdali wethu, uJehova uNkulunkulu? Kungani ungaziniki ithuba lokuzihlolela ngokwakho?