Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukugembula

Ukugembula

Abanye abantu babheka ukugembula njengokuzilibazisa okungeyona ingozi, kuyilapho abanye bekubheka njengomkhuba omubi.

Ingabe kukhona okubi ngokugembula?

OKUSHIWO ABANTU

Abaningi babheka ukugembula njengokuzijabulisa okungenangozi, uma nje kwenziwa ngokusemthethweni. Ezinye izinhlobo zokugembula okusemthethweni, ezinjengama-lotto axhaswe nguhulumeni, zingenisa imali esetshenziselwa izinhlelo ezizuzisa umphakathi.

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli alikhulumi ngokuqondile ngokugembula. Noma kunjalo, lisinikeza izimiso eziningana eziyisiqondiso eziveza umbono kaNkulunkulu ngale ndaba.

Injongo eyinhloko yokugembula—ukuzuza imali ngokulahlekelwa kwabanye—iyangqubuzana nalokho iBhayibheli elisixwayisa ngakho, ukuba ‘siqaphe yonke inhlobo yokuhaha.’ (Luka 12:15) Eqinisweni, ukuhaha yikhona okubhebhethekisa ukugembula. Izikhungo zokugembula zikhangisa ngezizumbulu zemali ezingazuzwa, kodwa zingavezi ukuthi mancane kangakanani amathuba okuyithola leyo mali, ngoba ziyazi ukuthi izifiso zokuceba zenza abagembuli babheje ngemali eningi ezindaweni zokugembula. Kunokuba kusize umuntu aqaphe ukuhaha, ukugembula kukhuthaza isifiso sokuthola imali kalula.

Ukugembula kusekelwe emgomweni owodwa wobugovu: ukuzuza imali abanye abagembulayo ebalahlekele. Nokho, iBhayibheli likhuthaza ukuba umuntu “angazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu.” (1 Korinte 10:24) Omunye weMiyalo Eyishumi uthi: “Ungafisi . . . nanoma yini engeyomunye umuntu.” (Eksodusi 20:17) Lapho ogembulayo efisa ukuphumelela, eqinisweni usuke efisa ukuba abanye balahlekelwe imali yabo ukuze azizuzele yona.

IBhayibheli liphinde lixwayise ngokubheka inhlanhla njengamandla ayimfihlo angakulethela izibusiso. Kwa-Israyeli wasendulo kwakukhona ababentula ukholo kuNkulunkulu futhi abaqala ‘ukuhlelela unkulunkulu weNhlanhla itafula.’ Ingabe lokho kuzinikela kunkulunkulu weNhlanhla kwakwemukelekile kuNkulunkulu? Lutho neze, wathi kubo: “Naqhubeka nenza okwakukubi emehlweni ami, nakhetha into engingajabuli ngayo.”—Isaya 65:11, 12.

Kuyiqiniso ukuthi kwezinye izingxenye zomhlaba, imali etholakala ngokugembula okusemthethweni isetshenziselwa ukukhokhela ezemfundo, ukuthuthukiswa kwezomnotho, kanye nezinye izinhlelo zomphakathi. Kodwa ukuthi leyo mali isetshenziswa kanjani, akuyishintshi indlela etholakale ngayo—okuyizenzo ezikhuthaza ukuhaha, ubugovu nokuthola okuthile ungakhiphanga lutho.

“Ungafisi . . . nanoma yini engeyomunye umuntu.”Eksodusi 20:17.

Ukugembula kungaba namiphi imiphumela emibi kogembulayo?

OKUSHIWO YIBHAYIBHELI

IBhayibheli lixwayisa ngokuthi “labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.” (1 Thimothewu 6:9) Ukugembula kusekelwe ekuhaheni kanti ukuhaha, konakalisa kangangokuba iBhayibheli libala “ukuhaha” phakathi kwemikhuba okufanele igwenywe.—Efesu 5:3.

Ngenxa yokuthi kugxile ekucebeni kalula, ukugembula kwakha uthando lwemali—okuyinto iBhayibheli elithi ‘iyimpande yazo zonke izinhlobo zezinto ezilimazayo.’ Isifiso sokuba nemali singashintsha kalula sibe ithonya elinamandla ekuphileni komuntu eliholela ekukhathazekeni okukhulu nasekulimaleni kokholo lwakhe kuNkulunkulu. Likhuluma ngolimi olungokomfanekiso, iBhayibheli lichaza labo ababanjwe ugibe lothando lwemali ngokuthi, “bazigwaza yonke indawo ngeminjunju eminingi.”—1 Thimothewu 6:10.

Ukuhaha kuzala ukunganeliseki, okushiya abantu bengagculisekile ngesimo sabo sezimali futhi kubaphuce injabulo. “Umthandi wesiliva nje ngeke aneliseke ngesiliva, nanoma ubani ongumthandi womcebo ngeke aneliswe yinzuzo engenayo.”—UmShumayeli 5:10.

Izigidi eziye zahehelwa ekugembuleni ziye zazithola sezibanjwe ugibe oluyingozi lokuba umlutha wokugembula. Le nkinga seyande kakhulu futhi izilinganiso zibonisa ukuthi kunezigidi zabantu abayimilutha yokugembula e-United States nje kuphela.

Esinye isaga sithi: ‘Ifa elitholwe ngokuhaha ekuqaleni, ikusasa lalo ngeke libusiswe.’ (IzAga 20:21) Ukugembula kufake imilutha yako ezikweletini, kwayiqedela imali kwaze kwalahlekisela neningi layo imisebenzi, kwalichithela imishado futhi kwalilahlekisela nabangane. Ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli eziyisiqondiso kungasiza umuntu agweme imiphumela emibi ukugembula okungaba nayo ekuphileni nasenjabulweni yakhe.

“Labo abazimisele ngokuceba bawela esilingweni nasogibeni nasezifisweni eziningi ezingenangqondo nezilimazayo, eziphonsa abantu ekubhujisweni nasencithakalweni.”1 Thimothewu 6:9.