UmShumayeli 5:1-20
5 Qapha indlela ohamba ngayo noma nini lapho uya endlini kaNkulunkulu weqiniso; + kungcono ukusondela ukuze uzolalela + kunokunikela ngomhlatshelo njengoba kwenza iziphukuphuku, + ngoba azazi ukuthi ezikwenzayo kubi.
2 Ungasheshi ukhulume noma uvumele inhliziyo yakho ikhulume ngamawala phambi kukaNkulunkulu weqiniso, + ngoba uNkulunkulu weqiniso usemazulwini kodwa wena usemhlabeni. Yingakho amazwi akho kufanele abe mbalwa. +
3 Ngoba iphupho liba khona ngenxa yemisebenzi eminingi, + nokulanda okungapheli kwesiphukuphuku kuba khona ngenxa yamazwi amaningi. +
4 Noma nini lapho wenza isifungo kuNkulunkulu, ungephuzi ukusifeza, + ngoba akajabuli ngeziphukuphuku. + Feza isifungo sakho. +
5 Kungcono ungasenzi isifungo kunokwenza isifungo kodwa ungasifezi. +
6 Ungavumeli umlomo wakho ukuba ukwenze wone, + futhi ungasho phambi kwengelosi* ukuthi kwakuyiphutha. + Kungani uthukuthelisa uNkulunkulu weqiniso ngalokho okushoyo kuze kudingeke abhidlize umsebenzi wezandla zakho? +
7 Ngoba njengoba nje imisebenzi eminingi yenza kube khona amaphupho, + namazwi amaningi aholela ezeni. Kodwa yesaba uNkulunkulu weqiniso. +
8 Uma ubona noma yikuphi ukucindezelwa komuntu oswele nokuhlanekezelwa kobulungisa nokulunga esifundeni sakho, + kungakumangazi lokho. Ngoba leso sikhulu esiphakeme sibhekwe ophakeme kunaso, futhi kukhona nabanye abaphakeme kunabo.
9 Inzuzo yomhlaba ihlukaniswe phakathi kwabo bonke; ngisho nezidingo zenkosi zinakekelwa ngomkhiqizo wensimu. +
10 Umthandi wesiliva ngeke aneliswe isiliva, nomthandi wengcebo ngeke aneliswe umholo. + Nalokhu futhi kuyize. +
11 Lapho izinto ezinhle ziba ziningi, bayanda nalabo abazidlayo. *+ Umnikazi wazo uzuzani, ngaphandle kokuzibuka ngamehlo? +
12 Bumnandi ubuthongo besisebenzi, kungakhathaliseki ukuthi sidla okuncane noma okuningi, kodwa inala yocebile ayimvumeli ukuba alale.
13 Kukhona inhlekelele enkulu engiyibonile phansi kwelanga: ingcebo egcinwe umnikazi wayo elimaza yena ekugcineni.
14 Leyo ngcebo yalahleka ngenxa yomsebenzi ongaphumelelanga, futhi lapho ezala indodana, akabe esaba nalutho. +
15 Njengoba nje umuntu aphuma engenalutho esibelethweni sikanina, kuyoba njalo nalapho efa. + Ngeke akwazi ukuhamba nalutho alusebenzele kanzima. +
16 Nalokhu futhi kuyinhlekelele enkulu: Njengoba nje eza, uyohamba kanjalo futhi; utholani-ke lowo oqhubeka esebenzela umoya kanzima? +
17 Nsuku zonke udlela ebumnyameni ekhathazeke kakhulu, egula futhi enolaka. +
18 Nakhu engikubone kukuhle futhi kufaneleka: ukuba umuntu adle aphuze futhi ajabule ngawo wonke umsebenzi wakhe onzima + awenza phansi kwelanga efukuza ngezinsukwana zokuphila kwakhe uNkulunkulu weqiniso amnike zona, ngoba lowo umvuzo* wakhe. +
19 Lapho uNkulunkulu weqiniso enika umuntu ingcebo + futhi emenza akwazi ukuyijabulela, kufanele athathe umvuzo* wakhe, ajabule ngomsebenzi wakhe onzima. Lesi isipho sikaNkulunkulu. +
20 Ngoba ngeke akunake* kakhulu ukudlula kwezinsuku zokuphila kwakhe, ngoba uNkulunkulu weqiniso uqhubeka emnika intokozo enhliziyweni yakhe. +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kwesithunywa.”
^ Noma, “abazisebenzisayo.”
^ Noma, “isabelo.”
^ Noma, “isabelo.”
^ Noma, “akukhumbule.”