Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokuzila Ukudla?

Lithini IBhayibheli Ngokuzila Ukudla?

Impendulo yeBhayibheli

Ngezikhathi zokulotshwa kweBhayibheli uNkulunkulu wayekwamukela ukuzila ukudla, uma kwakwenziwa ngezizathu ezinhle. Kodwa lapho kwenziwa ngezizathu ezimbi, wayengakwamukeli. Nokho, namuhla iBhayibheli alisiyali ukuba sizile ukudla kodwa futhi alisenqabeli.

Yiziphi izimo ezazenza abantu okukhulunywa ngabo eBhayibhelini bazile ukudla?

  • Babezila lapho bedinga usizo nesiqondiso sikaNkulunkulu. Lapho besohambweni oluya eJerusalema, abantu bazila ukudla ukuze babonise ukuthi izicelo zabo zaziqotho. (Ezra 8:21-23) UPawulu noBarnaba babezila ukudla ngezinye izikhathi lapho bekhetha abadala bebandla.—IzEnzo 14:23.

  • Babezila lapho bezimisele ukufeza intando kaNkulunkulu. Ngemva kokubhapathizwa, uJesu wazila ukudla izinsuku ezingu-40 ezilungiselela ukufeza intando kaNkulunkulu enkonzweni ayesezoyiqala.—Luka 4:1, 2.

  • Babezila ukuze babonise ukuthi babephendukile ezonweni zabo. Esebenzisa umprofethi uJoweli, uNkulunkulu watshela ama-Israyeli angathembekile: “Buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu, nangokuzila ukudla nangokukhala nangokubangalasa.”—Joweli 2:12-15.

  • Babezila ngoSuku Lokuhlawulela. Omunye wemiyalo eyayiphakathi koMthetho uNkulunkulu ayewunike u-Israyeli, kwakuwukuba isizwe sizile ukudla kanye ngonyaka ngoSuku Lokuhlawulela. a (Levitikusi 16:29-31) Ukuzila ukudla ngalolu suku kwakufaneleka ngoba kwakukhumbuza ama-Israyeli ukuthi ayedinga intethelelo kaNkulunkulu ngenxa yesono.

Yiziphi ezinye izizathu ezingezinhle zokuzila ukudla?

  • Ukufuna ukubukwa. UJesu wafundisa ukuthi uma umuntu ezila ngezizathu ezingokwenkolo kwakufanele akwenze ngasese, futhi kube indaba ephakathi kwakhe noNkulunkulu.—Mathewu 6:16-18.

  • Ukucabanga ukuthi ukuzila kubonisa ukuthi ulungile. Ukuzila ukudla akumenzi umuntu abe ngcono noma kumenze asondelane kakhulu noNkulunkulu kunabanye.—Luka 18:9-14.

  • Ukuzama ukugqiba isono samabomu. (Isaya 58:3, 4) UNkulunkulu wayekwamukela ukuzila kwabantu uma babephenduka ngobuqotho futhi bamlalele ngenhliziyo ephelele.

  • Ukuzila ngoba ugcina isiko lenkolo. (Isaya 58:5-7) Umzali uphatheka kabuhlungu lapho izingane zakhe zimbonisa uthando ngoba ziphoqiwe. UJehova uzizwa ngendlela efanayo ngabantu abazila ngoba bephoqwe inkolo yabo.

Ingabe kufanele amaKristu azile ukudla?

Cha. UNkulunkulu wayefuna ukuba ama-Israyeli azile ukudla ngoSuku Lokuhlawulela, kodwa wawuqeda lowo mthetho ngemva kwesihlawulelo sikaJesu. (Hebheru 9:24-26; 1 Petru 3:18) Usuku Lokuhlawulela lwaluyingxenye yoMthetho KaMose, amaKristu awekho ngaphansi kwalowo mthetho. (Roma 10:4; Kolose 2:13, 14) Ngakho, umKristu angazinqumela ukuthi uyafuna yini ukuzila ukudla noma cha.—Roma 14:1-4.

AmaKristu ayazi ukuthi ukuzila ukudla akubalulekile ekukhonzeni kwawo uNkulunkulu. IBhayibheli alibonisi ukuthi ukuzila ukudla kuyahlobana nokujabula komuntu. Empeleni amaKristu eqiniso ayajabula ngoba akhonza ‘uNkulunkulu ojabulayo,’ uJehova.—1 Thimothewu 1:11; UmShumayeli 3:12, 13; Galathiya 5:22.

Imibono engamanga ngalokho okushiwo iBhayibheli ngokuzila ukudla

Amanga: Umphostoli uPawulu wayala abantu abashadile ukuba bazile ukudla ngezikhathi ezithile.—1 Korinte 7:5, i-King James Version.

Iqiniso: ImiBhalo yeBhayibheli yesandla yakudala ayikhulumi nhlobo ngokuzila ukudla encwadini yoku-1 Korinte 7:5. b Kusobala ukuthi abakopishi beBhayibheli banezela le ngxenye yokuzila ukudla, hhayi nje kulo mBhalo kuphela kodwa nakuMathewu 17:21; uMarku 9:29; nezEnzo 10:30. AmaBhayibheli esimanje amaningi awanazo lezo zingxenye ezikhuluma ngokuzila ukudla.

Amanga: AmaKristu kufanele azile ukudla izinsuku ezingu-40 njengesikhumbuzo sesikhathi uJesu asichitha ehlane ezile ukudla ngemva kokubhapathizwa.

Iqiniso: UJesu akakaze ayale abalandeli bakhe ukuba benze kanjalo, futhi imiBhalo ayibonisi ukuthi amaKristu okuqala akwenza lokho. c

Amanga: AmaKristu kufanele azile ukudla lapho ekhumbula ukufa kukaJesu.

Iqiniso: UJesu akazange ayale abalandeli bakhe ukuba bazile ukudla lapho bekhumbula ukufa kwakhe. (Luka 22:14-18) Nakuba abonisa ukuthi abafundi bakhe babeyozila ukudla lapho esefile, wayengakhiphi umyalo ngokusho kanjalo kodwa wayemane esho into eyayizokwenzeka. (Mathewu 9:15) IBhayibheli layala amaKristu ukuba adle emakhaya uma elambile ngaphambi kokugubha iSikhumbuzo sokufa kukaJesu.—1 Korinte 11:33, 34.

a UNkulunkulu watshela ama-Israyeli: “Kufanele nihluphe imiphefumulo yenu” ngoSuku Lokuhlawulela. (Levitikusi 16:29, 31) Abantu babeqonda la mazwi njengasho ukuzila. (Isaya 58:3) Yingakho inguqulo yeBhayibheli i-Contemporary English Version iwubeka kanje lo mBhalo: “Kufanele ningadli ukuze nibonise ukudabuka ngezono zenu.”

b Bheka incwadi ethi A Textual Commentary on the Greek New Testament, kaBruce M. Metzger, Third Edition, ikhasi 554.

c I-New Catholic Encyclopedia isho lokhu ngokuphathelene nesiko lokuzila ukudla izinsuku ezingu-40 ngaphambi kosuku lwePhasika: ‘Ngaphambili, inkathi yokuzila ukudla eyayandulela iPhasika yayingabi ngaphezu kwezinsuku ezingu-7, empeleni usuku noma izinsuku ezimbili zazanele. Siqala ukuzwa ngokuzila izinsuku ezingu-40 emyalweni wesihlanu owakhishwa ngemva kwengqungquthela ye-Council of Nicaea (325). Nokho, ezinye izazi ziyaphika ukuthi lo myalo wawukhuluma ngokuzila ukudla kwangenkathi eyandulela iPhasika.—I-Second Edition, Umqulu 8, ikhasi 468.