NgokukaLuka 18:1-43

  • Umfanekiso womfelokazi ophikelelayo (1-8)

  • UmFarisi nomqoqi wentela (9-14)

  • UJesu nabantwana (15-17)

  • Umbuzo wombusi oyisicebi (18-30)

  • Ukufa kukaJesu kuyabikezelwa futhi (31-34)

  • Isinxibi esiyimpumputhe siyabona futhi (35-43)

18  Ngemva kwalokho wabatshela umfanekiso omayelana nesidingo sokuba bathandaze njalo bangayeki, +  ethi: “Edolobheni elithile kwakukhona umahluleli owayengamesabi uNkulunkulu futhi engahloniphi muntu.  Kwakukhona nomfelokazi kulelo dolobha owayelokhu eya kuye, ethi, ‘Qikelela ukuthi ngithola ubulungisa kumuntu ongimangalele.’  Kwadlula isikhathi esithile engazimisele ukumsiza, kodwa kamuva wathi kuye ngaphakathi, ‘Nakuba ngingamesabi uNkulunkulu futhi ngingahloniphi muntu,  ngenxa yokuthi lo mfelokazi ulokhu engikhathaza, ngizoqikelela ukuthi uyabuthola ubulungisa, ukuze angalokhu eza ezongikhathaza ngesicelo sakhe.’ ” +  INkosi yathi: “Yizwani lokho umahluleli akusho, nakuba engalungile!  Ngokuqinisekile, ngeke yini uNkulunkulu abangele ukuba benzelwe ubulungisa abantu bakhe abakhethiwe abakhala kuye ubusuku nemini, + ngisho noma ebabekezelela? +  Ngiyanitshela, uyobangela ukuba benzelwe ubulungisa ngokushesha. Noma kunjalo, lapho iNdodana yomuntu ifika, ingabe ngempela iyoluthola lolu kholo* emhlabeni?”  Yalandisa nalo mfanekiso kwabanye ababezithemba ukuthi balungile futhi bebheka bonke abanye njengabangelutho: 10  “Abantu ababili bakhuphukela ethempelini beyothandaza, omunye engumFarisi omunye engumqoqi wentela. 11  UmFarisi wama, wathandaza ethi ngaphakathi kuye, ‘O Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuthi angifani nabo bonke abanye abantu—abaphangi, abangalungile, iziphingi—ngisho nanjengalo mqoqi wentela. 12  Ngizila ukudla kabili ngesonto; nginikela okweshumi kwakho konke engikutholayo.’ + 13  Kodwa umqoqi wentela, emi kude, engathandi ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ezulwini, wayelokhu eshaya isifuba sakhe, ethi, ‘O Nkulunkulu, yiba nomusa kimi,* mina soni.’ + 14  Ngiyanitshela, lo muntu wehlela kwakhe ebhekwa njengolungile kunalowo mFarisi. + Ngoba wonke umuntu oziphakamisayo uyohlazeka, kodwa noma ubani ozithobayo uyophakanyiswa.” + 15  Abantu babeletha abantwana babo ukuze ibathinte, kodwa lapho bekubona lokhu, abafundi babakhuza. + 16  Nokho, uJesu wabizela abantwana kuye, ethi: “Bayekeni abantwana beze kimi, ningazami ukubavimba, ngoba uMbuso kaNkulunkulu ungowabanjalo. + 17  Ngiqinisile ngithi kini, noma ubani ongawamukeli uMbuso kaNkulunkulu njengomntwana akasoze angena kuwo.” + 18  Omunye wababusi wambuza wathi: “Mfundisi Omuhle, yini okumelwe ngiyenze ukuze ngizuze ifa lokuphila okuphakade?” + 19  UJesu wathi kuye: “Kungani uthi ngimuhle? Akekho omuhle ngaphandle koyedwa, uNkulunkulu. + 20  Uyayazi imiyalo ethi: ‘Ungaphingi, + ungabulali, + ungebi, + ungafakazi amanga, + hlonipha uyihlo nonyoko.’ ” + 21  Yena wathi: “Ngiyigcinile yonke le miyalo kusukela ebusheni bami.” 22  Ngemva kokuzwa lokho, uJesu wathi kuye, “Kusekhona into eyodwa eshodayo kuwe: Thengisa zonke izinto onazo, imali yazo uyabele abahluphekayo, uyoba nengcebo emazulwini; bese uza ube umlandeli wami.” + 23  Lapho ezwa lokhu, waba lusizi kakhulu, ngoba wayecebe kakhulu. + 24  UJesu wambheka wathi: “Yeka ukuthi kuyoba nzima kangakanani ngalabo abanemali ukuba bangene eMbusweni kaNkulunkulu! + 25  Eqinisweni, kulula ukuba ikamela lichushe embotsheni yenaliti yokuthunga kunokuba isicebi singene eMbusweni kaNkulunkulu.” + 26  Labo abezwa lokhu bathi: “Kanti ubani ongasindiswa?” + 27  Wathi: “Izinto ezingenakwenzeka kubantu zingenzeka kuNkulunkulu.” + 28  Kodwa uPetru wathi: “Bheka! Sikushiyile obekungokwethu sakulandela.” + 29  Wathi kubo: “Ngiqinisile ngithi kini, Akekho oshiye indlu noma umkakhe noma abafowabo noma abazali noma abantwana ngenxa yoMbuso kaNkulunkulu + 30  ongeke athole okuphindwe kaningi kwamanje, nasesikhathini* esizayo, ukuphila okuphakade.” + 31  Wabe esebizela eceleni abayiShumi Nambili* wathi kubo: “Bhekani! Sikhuphukela eJerusalema, zonke izinto ezalotshwa ngokuqondene neNdodana yomuntu kusetshenziswa abaprofethi zizofezeka. *+ 32  Ngokwesibonelo, izonikelwa kubantu bezizwe, + kuhlekiswe ngayo, + yeyiswe futhi ikhafulelwe. + 33  Ngemva kokuyibhaxabula bazoyibulala, + kodwa izovuka ngosuku lwesithathu.” + 34  Nokho, abayitholanga incazelo yanoma iyiphi yalezi zinto, ngoba la mazwi ayefihlekile kubo, babengaziqondi izinto ezazishiwo. 35  Njengoba uJesu esondela eJeriko, impumputhe ethile yayihlezi eceleni komgwaqo icela izinto kwabanye. *+ 36  Ngenxa yokuthi yayizwe isixuku sidlula, yabuza ukuthi kwakwenzekani. 37  Bayibikela bathi: “Kudlula uJesu umNazaretha!” 38  Lapho izwa lokho, yamemeza yathi: “Jesu, Ndodana kaDavide, ngibonise isihe!” 39  Labo ababephambili bayikhuza bethi mayithule, kodwa yaqhubeka imemeza nakakhulu, ithi: “Ndodana kaDavide, yiba nesihe kimi!” 40  UJesu wama, wayala ukuba lo muntu alethwe kuye. Lapho esesondele kuye, uJesu wambuza: 41  “Ufuna ngikwenzeleni?” Wathi: “Nkosi, ngenze ngiphinde ngibone.” 42  Ngakho uJesu wathi kuye: “Phinda ubone; ukholo lwakho lukuphilisile.” + 43  Ngaso leso sikhathi waphinde wabona, wabe esemlandela, + ekhazimulisa uNkulunkulu. Lapho bebona lokhu, bonke abantu badumisa uNkulunkulu. +

Imibhalo yaphansi

Noma, “lolu hlobo lokholo.” NgesiGreki, “ukholo.”
Noma, “ngibonise isihe.”
Noma, “nasesimisweni sezinto.” Bheka uHlu Lwezincazelo Zamagama.
Noma, “zizopheleliswa.”
Okuwukuthi, abaphostoli abangu-12.
Noma, “inxiba.”