Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe ‘Uyakuqonda Okushiwoyo’?

Ingabe ‘Uyakuqonda Okushiwoyo’?

“Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.”—LUKA 24:45.

1, 2. UJesu wabaqinisa kanjani abafundi bakhe ngosuku avuswa ngalo?

KWAKUSEWUSUKU uJesu avuswa ngalo. Ababili kubafundi bakhe babesendleleni beya emzaneni oqhele ngamakhilomitha angaba ngu-11,2 ukusuka eJerusalema. Babengazi ukuthi uJesu wayevusiwe futhi izinhliziyo zabo zazibuhlungu ngezinto ezazisanda kwenzeka. Bengazelele, uJesu wabonakala kubo futhi wahambisana nabo. Wakwazi ukubaduduza laba bafundi. Kanjani? “Eqala kuMose nakubo bonke abaProfethi wabachazela izinto eziphathelene naye kuyo yonke imiBhalo.” (Luka 24:13-15, 27) Ngenxa yalokho, izinhliziyo zabo zaqala ukuvutha ngaphakathi kwabo ngoba ‘wayebakhanyisela,’ noma ebachazela imiBhalo ngokucacile.—Luka 24:32.

2 Laba bafundi babuyela eJerusalema kusihlwa ngalo lolo suku. Ngemva kokuthola abaphostoli, babaxoxela okwakwenzekile. Besakhuluma, uJesu wabonakala kubo bonke. Nokho, abaphostoli bakhe besaba. Bafikelwa ukungabaza ezinhliziyweni zabo. Wabaqinisa kanjani uJesu? UmBhalo uyasitshela: “Wavula izingqondo zabo ngokugcwele ukuze baqonde okushiwo imiBhalo.”—Luka 24:45.

3. Iziphi izinselele esingase sibhekane nazo, futhi yini engasisiza ukuba sibe nombono onokulinganisela ngenkonzo yethu?

3 Njengalabo bafundi, kungenzeka ngezinye izikhathi izinhliziyo zethu zibe buhlungu. Kungenzeka simatasa emsebenzini weNkosi kodwa sidunyazwa ukungayiboni imiphumela yomsebenzi wethu. (1 Kor. 15:58) Noma kungase kubonakale sengathi labo esibafundelayo bathuthuka kancane. Abanye esibasizayo bangase bamfulathele uJehova. Singenzani ukuze sibe nombono onokulinganisela ngenkonzo yethu? Okunye okungasisiza ukuyiqonda ngokugcwele incazelo yemifanekiso kaJesu esemiBhalweni Engcwele. Ake sixoxe ngemithathu yaleyo mifanekiso sibone ukuthi iziphi izifundo esingazithola kuyo.

UMHLWANYELI OLALAYO

4. Iyini incazelo yomfanekiso kaJesu ngomhlwanyeli olalayo?

4 Funda uMarku 4:26-29. Iyini incazelo yomfanekiso kaJesu ngomhlwanyeli olalayo? Umuntu okulo mfanekiso umelela abamemezeli boMbuso ngabanye. Imbewu iyisigijimi soMbuso esishunyayelwa kubantu abanhliziyo ziqotho. Njengoba kunjalo ekuphileni, umhlwanyeli “uyalala ebusuku avuke ekuseni.” Inqubo yokukhula ithatha inkathi ethile, kusukela esikhathini sokuhlwanyela kuya ekuvuneni. Phakathi naleyo nkathi “imbewu iyahluma ikhule ibe yinde.” Lokhu kukhula kwenzeka ‘ngokwakho,’ kancane kancane nangezigaba. Ngokufanayo, ukukhula okungokomoya kwenzeka kancane kancane nangezigaba. Lapho umuntu ethuthuka aze ashukumiseleke ukuba akhonze uNkulunkulu, uthela izithelo ngomqondo wokuthi unikezela ukuphila kwakhe kuJehova futhi abhapathizwe.

5. Kungani uJesu alandisa umfanekiso womhlwanyeli olalayo?

5 Kungani uJesu alandisa lo mfanekiso? UJesu usisiza ukuba siqaphele ukuthi nguJehova owenza iqiniso likhule ezinhliziyweni zabantu ‘abathambekele ngokufanele.’ (IzE. 13:48; 1 Kor. 3:7) Siyatshala futhi sinisele, kodwa asikulawuli ukukhula kwesikutshalile. Asikwazi ukukuphoqa noma sikusheshise. Njengalo muntu osemfanekisweni, asazi ukuthi ukukhula kwenzeka kanjani. Ngokuvamile kwenzeka singaboni njengoba siqhubeka nemisebenzi yethu yansuku zonke. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi imbewu yoMbuso ingase ithele. Umuntu ofundelwayo ube esehlanganyela nathi emsebenzini wokuvuna, futhi sizuze ekusilekeleleni kwakhe.—Joh. 4:36-38.

6. Yini okufanele siyivume ngokukhula okungokomoya?

6 Yini esingayifunda kulo mfanekiso? Okokuqala, kufanele sivume ukuthi asikwazi ukulawula ukukhula okungokomoya komuntu esimfundelayo. Isizotha siyosisiza sigweme isilingo sokucindezela noma ukuphoqa esimfundelayo ukuba abhapathizwe. Senza konke esingakwenza ukusiza nokusekela esimfundelayo, kodwa ngokuthobeka siyavuma ukuthi uyena okumelwe enze isinqumo sokuzinikezela. Ukuzinikezela kumelwe kusuke enhliziyweni evumayo eshukunyiswa uthando ngoNkulunkulu. Noma yini engaphansi kwalokho ngeke yamukeleke kuJehova.—IHu. 51:12; 54:6; 110:3.

7, 8. (a) Iziphi ezinye izifundo esizithola emfanekisweni kaJesu womhlwanyeli olalayo? Nikeza isibonelo. (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

7 Okwesibili, ukuqonda isifundo esikulo mfanekiso kuzosisiza singadumali uma singayiboni imiphumela emihle yomsebenzi wethu ekuqaleni. Kudingeka sibe nesineke. (Jak. 5:7, 8) Ngisho noma imbewu ingatheli, uma sikwenze konke okusemandleni ethu ukusiza umfundi, siyaqaphela ukuthi lokho akusho ukuthi asithembekile. UJehova uvumela imbewu yeqiniso ukuba ichume kuphela enhliziyweni ethobekile ezimisele ukwenza izinguquko. (Math. 13:23) Ngakho akufanele silinganise ukuphumelela kwenkonzo yethu ngemiphumela kuphela. KuJehova, ukuphumelela kwenkonzo yethu akunqunywa indlela abantu esibafundisayo abasabela ngayo. Kunalokho, uyayazisa imizamo yethu yokwethembeka kungakhathaliseki ukuthi imiphumela iyini.—Funda uLuka 10:17-20; 1 Korinte 3:8.

8 Okwesithathu, asiziboni njalo izinguquko ezenzeka kumuntu. Ngokwesibonelo, umbhangqwana owawufundelwa isithunywa sevangeli wasitshela ukuthi usufisa ukuba abamemezeli abangabhapathiziwe. Sawukhumbuza ukuthi ukuze ufanelekele ukushumayela kuzomelwe uyeke ukubhema. Samangala lapho lo mbhangqwana usitshela ukuthi sekuphele izinyanga wayeka ukubhema. Kungani wayeka? Waqaphela ukuthi uJehova uyawubona ubhema nokuthi uyabuzonda ubuzenzisi. Ngakho izinhliziyo zawo zawushukumisela ukuba wenze isinqumo—ukuba ubheme phambi kwesithunywa sevangeli noma uyeke ngokuphelele. Uthando owawusanda kuluhlakulela ngoJehova lwawusiza wakwazi ukwenza isinqumo esifanele. Wawuye wakhula ngokomoya, nakuba isithunywa sevangeli sasingazi ngoshintsho olwalwenzekile.

INETHA

9. Iyini incazelo yomfanekiso wenetha?

9 Funda uMathewu 13:47-50. Iyini incazelo yomfanekiso kaJesu wenetha? UJesu wafanisa ukushumayela isigijimi soMbuso kuso sonke isintu nokwehlisa inetha elikhulu olwandle. Njengoba nje inetha elinjalo lingakhethi kodwa libutha inqwaba ‘yezinhlanzi zazo zonke izinhlobo,’ umsebenzi wethu wokushumayela ukhanga izigidi zabantu bazo zonke izinhlobo. (Isaya 60:5) Ubufakazi balokhu bubonakala enanini elikhulu labantu ababa khona emihlanganweni yethu emikhulu naseSikhumbuzweni unyaka ngamunye. Abanye balaba bantu abayizinhlanzi ezingokomfanekiso ‘bahle’ futhi babuthelwa ebandleni lobuKristu. Nokho, abanye batholakala ‘bengafaneleki’; akubona bonke ababuthwayo abazibonakalisa bamukeleka kuJehova.

Ngemva kokufunda uMathewu 13:47-50 . . .

10. Kungani uJesu alandisa lo mfanekiso wenetha?

10 Kungani uJesu alandisa lo mfanekiso? Ukuhlukaniswa kwezinhlanzi okungokomfanekiso akubhekiseli ekwahluleleni kokugcina okuyokwenzeka ngosizi olukhulu. Kunalokho, kuqokomisa lokho okuyokwenzeka phakathi nezinsuku zokugcina zalesi simiso esibi. UJesu wabonisa ukuthi akubona bonke abakhangwa iqiniso abayomelela uJehova. Baningi abaye beza emihlanganweni yethu. Abanye baye bavuma ukuba sibafundele iBhayibheli kodwa abazimisele ukuzibophezela. (1 AmaKh. 18:21) Kunanabanye abangasahlanganyeli nebandla lobuKristu. Enye intsha iye yakhuliswa abazali abangamaKristu kodwa ayikabi nalo uthando ngezindinganiso zikaJehova. Kunoma ikuphi, uJesu wagcizelela ukuthi wonke umuntu kudingeka enze isinqumo somuntu siqu. Ubheka labo abasenzayo njengezinto “ezifiselekayo,” noma eziyigugu “zazo zonke izizwe.”—Hag. 2:7.

. . . cabangela indlela osebenza ngayo namuhla

11, 12. (a) Singazuza kanjani emfanekisweni wenetha? (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

11 Singazuza kanjani emfanekisweni wenetha? Ukuqonda isifundo esikulo mfanekiso kusisiza ukuba sigweme ukukhathazeka noma ukudumazeka kakhulu uma umuntu esimfundelayo noma enye yezingane zethu ingalenzi iqiniso libe elayo. Kungenzeka lokhu naphezu kwemizamo yethu emikhulu kakhulu. Ukuvuma ukufundelwa iBhayibheli noma ukukhulela eqinisweni akusho ukuthi lowo muntu uyoba nobuhlobo obuhle noJehova ngokuzenzakalelayo. Labo abangazimisele ukuzithoba ebukhosini bukaJehova bayogcina behlukanisiwe nabantu bakaNkulunkulu.

Abanye babantu abakhangwa iqiniso bayomelela uJehova (Bheka izigaba 9-12)

12 Ingabe lokhu kusho ukuthi labo abalishiyile iqiniso abasophinde bavunyelwe ukubuyela ebandleni? Noma uma umuntu engakunikezeli ukuphila kwakhe kuJehova, ingabe uyobhekwa phakade njengomuntu ‘ongafaneleki’? Cha. Labo bantu basenalo ithuba uma nje usizi olukhulu lungakagqashuki. Kunjengokungathi uJehova uthi kubo: “Buyelani kimi, nami ngizobuyela kini.” (Mal. 3:7) Leli qiniso ligcizelelwa omunye umfanekiso uJesu awenza, wendodana yolahleko.—Funda uLuka 15:11-32.

INDODANA YOLAHLEKO

13. Iyini incazelo yomfanekiso wendodana yolahleko?

13 Iyini incazelo yomfanekiso kaJesu wendodana yolahleko? Ubaba onesihawu kulo mfanekiso ufanekisela uBaba wethu osezulwini onothando, uJehova. Indodana ecela ifa layo bese ilisaphaza imelela labo abadukile ebandleni. Ukuphuma kwabo ebandleni kunjengokungathi baya “ezweni elikude,” ezweni likaSathane, elihlukanisiwe noJehova. (Efe. 4:18; Kol. 1:21) Nokho, abanye bayasanguluka kamuva futhi bathathe uhambo oluyinselele lokubuyela enhlanganweni kaJehova. UBaba wethu othethelelayo ubamukela ngezandla ezimhlophe laba bantu abathobekile, abaphendukayo.—Isaya 44:22; 1 Pet. 2:25.

14. Kungani uJesu alandisa umfanekiso wendodana yolahleko?

14 Kungani uJesu alandisa lo mfanekiso? UJesu wakufanekisa ngendlela ethinta inhliziyo ukuthi uJehova ufuna abantu abadukile babuyele kuYe. Ubaba osemfanekisweni wayengakaze alilahle ithemba lokuthi indodana yakhe yayizobuya. Lapho ebona indodana yakhe ibuya, nakuba ‘yayisekude,’ masinyane lo baba wathatha isinyathelo sokuyamukela. Kulabo abashiye iqiniso, lokhu kuyisikhuthazo esinamandla sokubuyela kuJehova ngaphandle kokulibala. Kungenzeka bakhandlekile ngokomoya nendlela ebuyela emuva ibonakala inzima futhi ibenza bazizwe benamahloni. Kodwa ngeke bazisole—ngisho namazulu ayojabula ngokubuya kwabo.—Luka 15:7.

15, 16. (a) Iziphi izifundo esizithola emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko? Nikeza izibonelo. (b) Lokhu kusifundisani ngoJehova nangoJesu?

15 Singazuza kanjani emfanekisweni wendodana yolahleko? Kufanele silingise isibonelo sikaJehova. Asifuni nanini ukuba ‘abalunge ngokwedlulele’ size senqabe ukwamukela izoni eziphendukayo lapho zibuya. Lokhu kuyomane kuholele ‘encithakalweni’ engokomoya. (UmSh. 7:16) Singafunda nesinye isifundo kulokhu. Umuntu oshiya ibandla kufanele abhekwe “njengemvu elahlekile,” hhayi njengomuntu ongeke esaphenduka. (IHu. 119:176) Uma sihlangana nomuntu osadukelene nebandla, ingabe siyoba nothando simnikeze usizo olungokoqobo ukuze abuye? Siyobazisa yini abadala ngokushesha ukuze bamnikeze usizo olufanele? Siyokwenza lokho uma sisisebenzisa ngokuhlakanipha isifundo esisithola emfanekisweni kaJesu wendodana yolahleko.

16 Phawula indlela amanye amadodana olahleko anamuhla azwakalisa ngayo ukubonga ngesihe sikaJehova nangothando nokusekela kwebandla. Umzalwane okwaphela iminyaka engu-25 esusiwe uthi: “Selokhu ngabuyiselwa injabulo yami ibilokhu ikhula njengoba uJehova eye wanginika ‘izinkathi zokuqabuleka.’ (IzE. 3:19) Bonke abantu abeve bengisekela futhi bengithanda. Senginomndeni omuhle kakhulu ongokomoya.” Udade osemncane owashiya uJehova iminyaka emihlanu wathi lapho esebuyile: “Angikwazi ukukuchazela indlela engazizwa ngayo lapho ngibona uthando uJesu akhuluma ngalo luboniswa ngokucacile kimi. Akunakuqhathaniswa nalutho ukuba ingxenye yenhlangano kaJehova!”

17, 18. (a) Iziphi izifundo eziwusizo esizithole emifanekisweni emithathu esixoxe ngayo? (b) Yini okufanele sizimisele ukuyenza?

17 Iziphi izifundo eziwusizo esizithole kule mifanekiso emithathu? Esokuqala, kudingeka sivume ukuthi asikwazi ukulawula ukukhula okungokomoya. Lokho kungokukaJehova. Esesibili, uma sibhekana namaqiniso, asinakulindela ukuba bonke abantu abazihlanganisa nathi nesibafundelayo bamelele iqiniso. Esokugcina, ngisho noma abanye bengase balishiye iqiniso futhi bafulathele uJehova, masingalokothi silahle ithemba lokuthi bazobuya. Futhi uma kwenzeka bebuya, masibamukele ngendlela uJehova abamukela ngayo.

18 Kwangathi ngamunye kithi angaqhubeka efuna ulwazi, ukuqonda nokuhlakanipha. Njengoba sifunda imifanekiso kaJesu, zibuze ukuthi isho ukuthini, yalotshelwani eBhayibhelini, singazisebenzisa kanjani izifundo ezitholakala kuyo nokuthi yini-ke esingayifunda ngoJehova nangoJesu kuyo. Eqinisweni, ukwenza kanjalo kuyobonisa ukuthi siyawuthola umqondo wamazwi kaJesu.