U-Isaya 44:1-28
44 “Lalela Jakobe nceku yami,Nawe Israyeli, engikukhethile. +
2 Yilokhu uJehova akushoyo,UMenzi wakho noMbumbi wakho, +Owakusiza kusukela esibelethweni:*
‘Ungesabi nceku yami Jakobe, +Nawe Jeshuruni, *+ engikukhethile.
3 Ngoba ngizothululela amanzi ezweni elomile *+Nemifudlana egelezayo emhlabathini owomile.
Ngizothululela umoya wami kubantwana bakho, *+Nesibusiso sami enzalweni yakho.
4 Bayomila njengokungathi baphakathi kotshani obuluhlaza, +Njengezihlahla zikabhabhulini ngasemifudlaneni yamanzi.
5 Omunye uyothi: “NgingokaJehova.” +
Omunye azibize ngegama likaJakobe,Kanti omunye uyobhala esandleni sakhe: “OkaJehova.”
Uyozibiza ngegama lika-Israyeli.’
6 Yilokhu uJehova akushoyo,INkosi ka-Israyeli + noMhlengi wakhe, + uJehova wamabutho:
‘Ngingowokuqala futhi ngingowokugcina. +
Akekho omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami. +
7 Ngubani onjengami? +
Makamemeze, asho futhi anginikeze ubufakazi! +
Mabasitshele izinto ezizayoNezinto ezisazokwenzeka,Kusukela ngenza abantu bakudala.
8 Ningesabi,Ningethuki. +
Anginitshelanga yini kungakenzeki, ngakumemezela?
Ningofakazi bami. +
Ukhona yini omunye uNkulunkulu ngaphandle kwami?
Cha, alikho elinye iDwala; + alikho engilaziyo.’ ”
9 Abenzi bezithombe ezibaziwe bayize,Nezithombe zabo eziyigugu ngeke zibasize ngalutho. +
Njengofakazi, aziboni* lutho futhi azazi lutho, +Ngakho labo abazenzile bayohlazeka. +
10 Ubani ongabumba unkulunkulu noma ongenza isithombe sensimbi*Esingeke sizuzise ngalutho? +
11 Bheka! Bonke abangane bakhe bayohlazeka! +
Izingcweti zingabantu nje.
Mababuthane ndawonye bame.
Bonke bayokwesaba kakhulu bahlazeke.
12 Osebenza ngensimbi ushisa insimbi emalahleni esebenzisa ithuluzi lakhe.*
Uyiqongqotha ngezando,Uyilungisa ngengalo yakhe enamandla. +
Kuthi kusenjalo alambe, aphelelwe amandla;Akawaphuzi amanzi futhi uyakhathala.
13 Umbazi wokhuni welula intambo yokukala, uyaludweba ngoshoki obomvu.
Uyaluphala ngesiphalo sokhuni, aludwebe ngethuluzi.
Ulwenza lube njengomfanekiso womuntu, +Lube luhle njengomuntu,Ukuze luhlale endlini. *+
14 Kukhona owenza umsebenzi wokugawula imisedari.
Ukhetha uhlobo oluthile lwesihlahla, i-oki,Uyasiyeka sikhule siqine phakathi kwezinye izihlahla zehlathi. +
Utshala isihlahla somfire, imvula iyasikhulisa.
15 Siba yizinkuni umuntu angabasa ngazo umlilo.
Uthatha ingxenye yaso ukuze othe;Ubasa umlilo abhake isinkwa.
Kodwa wenza nonkulunkulu amkhothamele.
Wenza ngaso isithombe esibaziwe, akhothame phambi kwaso. +
16 Ingxenye yaso uyayibasa;Ngaleyo ngxenye wosa inyama ayidlayo, aneliseke.
Uyotha athi:
“Awuzwa-ke! Ngifudumele njengoba ngihlezi emlilweni.”
17 Kodwa ingxenye yaso esele uyenza ibe ngunkulunkulu, ibe yisithombe esibaziwe.
Uyasikhothamela asikhonze.
Uthandaza kuso athi:
“Ngisindise ngoba ungunkulunkulu wami.” +
18 Abazi lutho futhi abaqondi lutho, +Ngoba amehlo abo avaliwe ababoni,Nenhliziyo yabo ayiqondi.
19 Akekho ocabangayo enhliziyweni yakheNoma onolwazi noma ukuqonda, othi:
“Ingxenye yaso ngiyishise emlilweni,Emalahleni aso ngibhake isinkwa ngosa nenyama ngadla.
Ingabe ingxenye yaso esele kufanele ngiyenze ibe yinto enyanyekayo? +
Ingabe kufanele ngikhonze ugodo* lwesihlahla?”
20 Udla umlotha.
Inhliziyo yakhe ekhohlisiwe imdukisile.
Akakwazi ukuzisindisa, futhi akasho ukuthi:
“Awekho yini amanga esandleni sami sokudla?”
21 “O Jakobe, khumbula lezi zinto, nawe Israyeli,Ngoba uyinceku yami.
Ngakubumba, uyinceku yami. +
O Israyeli, ngeke ngikukhohlwe. +
22 Ngizozimboza iziphambeko zakho ngokungathi ngefu, +Nezono zakho ngokungathi ngamafu amnyama.
Buyela kimi, ngoba ngizokuhlenga. +
23 Memezani ngenjabulo nina mazulu,Ngoba uJehova uthathe isinyathelo!
Memezani ngentokozo nina zingxenye eziphansi zomhlaba!
Memezani ngenjabulo nina zintaba, +Wena hlathi nazo zonke izihlahla zakho!
Ngoba uJehova umhlengile uJakobe,Ubonisa ubuhle bakhe ku-Israyeli.” +
24 Yilokhu uJehova akushoyo, uMhlengi wakho, +Owakubumba kusukela esibelethweni:
“NginguJehova, owenza zonke izinto.
Ngelula amazulu ngingedwa, +Ngendlala nomhlaba. +
Ubani owayenami?
25 Ngishafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,*NginguYe owenza ababhuli baziphathise okwezilima; +Lowo owenza amadoda ahlakaniphile adideke,Oguqula ulwazi lwawo lube ngubuwula; +
26 Lowo owenza izwi lenceku yakhe ligcwaliseke,Lowo ogcwalisa ngokuphelele izibikezelo zezithunywa zakhe; +Lowo othi ngeJerusalema, ‘Lizohlalwa,’ +
Nangamadolobha akwaJuda, ‘Azokwakhiwa kabusha, +Ngizowavuselela amanxiwa alo’; +
27 Lowo othi emanzini ajulile, ‘Hwamuka,Ngizoyomisa yonke imifula yakho’; +
28 Lowo othi ngoKoresi, + ‘Ungumalusi wami,Uzoyifeza yonke intando yami’; +Lowo othi ngeJerusalema, ‘Lizokwakhiwa kabusha,’
Nangethempeli, ‘Sizobekwa isisekelo sakho.’ ” +
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “kusukela uzalwa.”
^ Incazelo: “Oqotho,” isiqu sokuhlonipha u-Israyeli.
^ Noma, “kowomile.”
^ NgesiHebheru, “embewini yakho.”
^ Okuwukuthi, izithombe.
^ Noma, “esenziwe ngokuncibilikisiwe.”
^ Noma, “ingwegwe yakhe.”
^ Noma, “ethempelini.”
^ Noma, “ukhuni olomile.”
^ Noma, “zabakhuluma okuyize.”