Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ukubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu Engcwele

Ukubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu Engcwele

Ukubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu Engcwele

“Nabo ngiyobaletha entabeni yami engcwele ngibenze bajabule ngaphakathi kwendlu yami yomthandazo.”—ISAYA 56:7.

1. Sinaziphi izizathu ezingokomBhalo zokubonisa inhlonipho efanele ngemihlangano yethu?

UJEHOVA uye wabutha abantu bakhe, amaKristu agcotshiwe nabangane bawo, ukuba bamkhulekele ‘entabeni yakhe engcwele.’ Ubenza bajabule ngaphakathi ‘endlini yakhe yomthandazo,’ ithempeli lakhe elingokomoya, ‘eliyindlu yomthandazo yazo zonke izizwe.’ (Isaya 56:7; Marku 11:17) Lokhu kubonisa ukuthi ukukhulekelwa kukaJehova kungcwele, kuhlanzekile futhi kuphakeme. Ngokubonisa inhlonipho efanele ngemihlangano yethu yokufunda nokukhulekela, sibonisa ukuthi sinombono kaJehova ngezinto ezingcwele.

2. Yini ebonisa ukuthi uJehova wayeyibheka njengengcwele indawo ayeyikhetha ukuba akhulekelwe kuyo, futhi uJesu wabonisa kanjani ukuthi naye wayeyibheka kanjalo?

2 Kwa-Israyeli wasendulo, indawo uJehova ayeyikhethele ukuba akhulekelwe kuyo kwakumelwe ibhekwe njengengcwele. Itabernakele nempahla yalo nezitsha zalo kwakumelwe kugcotshwe futhi kungcweliswe “ukuze ngempela kube ngcwelengcwele.” (Eksodusi 30:26-29) Elinye lamagumbi amabili endlu engcwele lalibizwa ngokuthi “iNdawo Engcwele” elinye ngokuthi “iNgcwelengcwele.” (Hebheru 9:2, 3) Kamuva isikhundla setabernakele sathathwa ithempeli elaliseJerusalema. Njengoba laba isikhungo sokukhulekela uJehova, iJerusalema labizwa ngokuthi “umuzi ongcwele.” (Nehemiya 11:1; Mathewu 27:53) Phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni, uJesu ngokwakhe wabonisa inhlonipho efanele ngethempeli. Wabathukuthelela abantu ngokusebenzisa ithempeli ngokwedelela njengendawo yezentengiselwano nanjengendawo yokunqamulela.—Marku 11:15, 16.

3. Yini ebonisa ukuthi imibuthano yakwa-Israyeli yayingcwele?

3 Ama-Israyeli ayebuthana njalo ukuze akhulekele uJehova futhi alalele lapho kufundwa uMthetho wakhe. Izinsuku ezithile zemikhosi yawo zazibizwa ngokuthi imibuthano engcwele noma engokomthetho, okwakubonisa ukuba ngcwele kwayo. (Levitikusi 23:2, 3, 36, 37) Emhlanganweni weningi ezinsukwini zika-Ezra nezikaNehemiya, amaLevi ‘ayechazela abantu umthetho.’ Ngenxa yokuthi “bonke abantu babekhala njengoba babezwa amazwi omthetho” amaLevi “ayeyala bonke abantu ukuba bathule, ethi: ‘Thulani! ngoba lolu suku lungcwele.’” Ama-Israyeli abe esegubha uMkhosi Wamadokodo wezinsuku eziyisikhombisa ‘ngokukhulu ukujabula.’ Ngaphezu kwalokho “yafundwa ngokuzwakalayo incwadi yomthetho kaNkulunkulu weqiniso usuku nosuku, kusukela ngosuku lokuqala kwaze kwaba usuku lokugcina; futhi baqhubeka begubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, ngosuku lwesishiyagalombili kwaba khona umbuthano onesizotha, ngokuvumelana nomthetho.” (Nehemiya 8:7-11, 17, 18) Lezi kwakuyizikhathi ezingcwele ngempela ezazifuna ukuba ababekhona balalelisise ngenhlonipho.

Imihlangano Yethu Iyimibuthano Engcwele

4, 5. Iziphi izici zemihlangano yethu ezifakazela ukuthi iyimibuthano engcwele?

4 Yiqiniso, namuhla uJehova akanawo umuzi ongcwele ongokoqobo emhlabeni onethempeli elikhethekile elinikezelelwe ukukhulekelwa kwakhe. Noma kunjalo, akufanele sikhohlwe ukuthi imihlangano yokukhulekela uJehova iyimibuthano engcwele. Kathathu ngesonto, siyahlangana ukuze sifunde futhi sitadishe imiBhalo. IZwi likaJehova ‘liyachazwa,’ futhi njengasesikhathini sikaNehemiya, kuba khona ‘ukucaciswa’ kwalo. (Nehemiya 8:8) Yonke imihlangano yethu iqala futhi iphethe ngomthandazo, futhi kweminingi yayo, sihlabelela izingoma zokudumisa uJehova. (IHubo 26:12) Ngempela, imihlangano yebandla iyingxenye yokukhulekela kwethu futhi kudingeka silalelisise sinesimo sengqondo sokuhlonipha uNkulunkulu.

5 UJehova ubusisa abantu bakhe njengoba behlangana ndawonye ukuze bamkhulekele, bafunde iZwi lakhe futhi bajabulele ubudlelwane obumnandi namanye amaKristu. Lapho kufika isikhathi sokuya emhlanganweni, singaqiniseka ukuthi yikhona lapho ‘uJehova eyaleza isibusiso sakhe ukuba sibe khona.’ (IHubo 133:1, 3) Leso sibusiso sisithola uma siba khona esimisweni esingokomoya futhi silalelisise. Ngaphezu kwalokho, uJesu wathi: “Lapho kukhona khona ababili noma abathathu bebuthene ndawonye ngegama lami, ngikhona lapho phakathi kwabo.” Ngokomongo, le nkulumo isebenza kubadala abangamaKristu abahlangana ukuba basingathe izinkinga ezingathí sina phakathi kwabantu ngabanye, kodwa ngomqondo obanzi iyasebenza nasemihlanganweni yethu. (Mathewu 18:20) Uma uKristu eba khona ngomoya ongcwele lapho amaKristu ehlangene egameni lakhe, akufanele yini imibuthano enjalo ibhekwe njengengcwele?

6. Yini engase ishiwo ngezindawo esihlangana kuzo lapho sinemihlangano emikhulu nemincane?

6 Kuyiqiniso ukuthi uJehova akahlali emathempelini enziwe abantu. Noma kunjalo, amaHholo ethu OMbuso ayizindawo zokukhulekela kweqiniso. (IzEnzo 7:48; 17:24) Sihlangana khona ukuze sitadishe iZwi likaJehova, sithandaze kuye futhi simhubele izindumiso. Kungokufanayo nangamaHholo ethu OMhlangano. Izindawo ezinkudlwana eziqashelwa imihlangano yethu emikhulu—njengamahholo amakhulu, amahholo emibukiso, noma izinkundla zemidlalo—ziba izindawo zokukhulekela lapho zisetshenziselwa imibuthano yethu engcwele. Le mihlangano yokukhulekela, emikhulu nemincane, kufanele ihlonishwe, futhi kufanele kubonakale esimweni sethu sengqondo nasekuziphatheni kwethu.

Izindlela Zokubonisa Inhlonipho Ngemibuthano Yethu

7. Iyiphi indlela esobala esingabonisa ngayo ukuthi siyayihlonipha imibuthano yethu?

7 Kunezindlela ezisobala esingabonisa ngazo ukuthi siyayihlonipha imibuthano yethu. Enye yazo ukuba khona lapho kuculwa izingoma zoMbuso. Eziningi zazo zinamazwi ayimithandazo futhi kufanele ziculwe ngenhlonipho. Ecaphuna iHubo 22, umphostoli uPawulu wabhala ngoJesu: “Ngizomemezela igama lakho kubafowethu; ngizokudumisa ngengoma phakathi kwebandla.” (Hebheru 2:12) Ngakho, kufanele senze umzamo wokuba sibe sesihlezi lapho usihlalo ethula ingoma futhi sigxilise ingqondo yethu kulokho okushiwo amazwi engoma lapho siyicula. Kwangathi ukucula kwethu kungabonisa imizwa yomhubi owabhala: “Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami eqenjini elisondelene labaqotho nasenhlanganweni.” (IHubo 111:1) Yebo, ukucula izindumiso zikaJehova kungesinye isizathu esibaluleke kakhulu sokuba sifike ngaphambi kokuba imihlangano iqale futhi sihlale ize iphele.

8. Isiphi isibonelo eBhayibhelini esibonisa ukuthi imithandazo eyenziwa emihlanganweni yethu iyakufanelekela ukulalelisiswa ngenhlonipho?

8 Esinye isici esenza imihlangano yethu icebe ngokomoya umthandazo osuka enhliziyweni owenzelwa bonke ababuthene lapho. Ngesinye isikhathi, amaKristu ekhulu lokuqala eJerusalema ahlangana ndawonye futhi ‘aphakamisela amazwi awo kuNkulunkulu nganhliziyonye’ ngomthandazo oqotho. Ngenxa yalokho, aqhubeka—naphezu kokushushiswa—‘ekhuluma izwi likaNkulunkulu ngesibindi.’ (IzEnzo 4:24-31) Ucabanga ukuthi bakhona yini kulabo ababelapho abavumela izingqondo zabo ukuba zizule phakathi nalowo mthandazo? Cha, bathandaza “nganhliziyonye.” Imithandazo eyenziwa emihlanganweni yethu ibonisa imizwa yabo bonke abakhona. Iyakufanelekela ukulalelisiswa ngenhlonipho.

9. Singabonisa kanjani ukuthi siyayihlonipha imibuthano yethu engcwele ngokugqoka nangokuziphatha kwethu?

9 Ngaphezu kwalokho, singabonisa ukuthi sibuhlonipha ngokujule kangakanani ubungcwele bemibuthano yethu ngendlela esigqoka ngayo. Ukubukeka kwethu ngokuqondene nendlela esigqoka ngayo nesilungisa ngayo izinwele zethu kungenza lukhulu ekwenzeni imihlangano yethu ibe nesithunzi. Umphostoli uPawulu weluleka: “Ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisa izandla ezithembekile, ngaphandle kolaka nokuphikisana. Ngokufanayo, ngifisa ukuba abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo, hhayi ngezitayela zokwaluka izinwele nangegolide noma amapharele noma ngemvunulo ebiza kakhulu, kodwa ngendlela efanele abesifazane abathi bahlonipha uNkulunkulu.” (1 Thimothewu 2:8-10) Lapho siya emihlanganweni emikhulu eqhutshelwa ezinkundleni zemidlalo ezivulekile, singagqoka ngendlela evumelana nesimo sezulu kodwa enesithunzi. Ngaphezu kwalokho, ukuwuhlonipha kwethu lowo mhlangano kuyosenza sigweme ukudla noma ukuhlafuna ushingamu phakathi nesimiso. Ukugqoka nokuziphatha ngendlela efanele emibuthanweni yethu kubonisa inhlonipho ngoJehova uNkulunkulu, ukukhulekelwa kwakhe nangabakhulekeli esikanye nabo.

Ukuziphatha Okufanelekela Abendlu KaNkulunkulu

10. Umphostoli uPawulu wabonisa kanjani ukuthi kudingeka sibe nezinga eliphakeme lokuziphatha emihlanganweni yethu yobuKristu?

10 Kweyoku-1 Korinte, isahluko 14, sithola iseluleko esihlakaniphile somphostoli uPawulu esibonisa indlela imihlangano yobuKristu okufanele iqhutshwe ngayo. Waphetha ngokuthi: “Zonke izinto mazenzeke ngokufaneleyo nangohlelo.” (1 Korinte 14:40) Imihlangano yethu iyingxenye ebalulekile yemisebenzi yebandla lobuKristu futhi kudingeka siziphathe ngendlela efanele abendlu kaJehova.

11, 12. (a) Yini okufanele igcizelelwe ezingqondweni zezingane eziba khona emihlanganweni yethu? (b) Iyiphi indlela efanelekayo izingane ezingabonisa ngayo ukholo lwazo emihlanganweni yethu?

11 Izingane ikakhulu kudingeka zifundiswe indlela okumelwe ziziphathe ngayo emihlanganweni yethu. Abazali abangamaKristu kufanele bachazele izingane zabo ukuthi iHholo LoMbuso nendawo okuqhutshelwa kuyo iSifundo Sencwadi Sebandla akuzona izindawo zokudlala. Ziyizindawo lapho sikhulekela khona uJehova futhi sitadishe iZwi lakhe. Inkosi ehlakaniphile uSolomoni yabhala: “Qapha izinyawo zakho noma nini lapho uya endlini kaNkulunkulu weqiniso; sondela ukuba uyozwa.” (UmShumayeli 5:1) UMose wafundisa ama-Israyeli ukuba abuthane ndawonye, abadala “nabancane.” Wathi: “Butha abantu . . . ukuze balalele futhi bafunde, njengoba kumelwe bamesabe uJehova uNkulunkulu wenu baqaphele ukuwafeza wonke amazwi alo mthetho. Abantwana babo abangazi kufanele balalele, futhi kumelwe bafunde ukwesaba uJehova.”—Duteronomi 31:12, 13.

12 Ngokufanayo nanamuhla, abazali beza nezingane zabo emihlanganweni ngokuyinhloko ukuze zilalele futhi zifunde. Lapho sezikwazi ukuhambisana nesikhulumi nokuqonda okungenani amaqiniso ayisisekelo eBhayibheli, izingane zingakwazi ‘ukuluvuma obala’ ukholo lwazo ngokunikeza izimpendulo ezimfushane. (Roma 10:10) Ingane encane ingase iqale ngokuphendula umbuzo ewuqondayo ngamazwi ambalwa. Ekuqaleni kungase kudingeke ukuba iyifunde impendulo, kodwa ngokuhamba kwesikhathi iyozama ukuyibeka ngamazwi ayo siqu. Lokhu kuyayijabulisa ingane futhi kuyayizuzisa, kanti izimpendulo ezinjalo ezibonisa ukholo ezinikezwa izingane ngamazwi azo zijabulisa izinhliziyo zabantu abadala abakhona. Abazali babeka isibonelo ngokuthi baphendule kwabona. Uma kungenzeka, kuhle futhi ukuba ingane ngayinye ibe neBhayibheli layo, iculo kanye nencwadi efundwayo. Kufanele zifunde ukubonisa inhlonipho efanele ngalezi zincwadi. Konke lokhu kuyogcizelela ezingqondweni zezingane ukuthi imihlangano yethu iyimibuthano engcwele.

13. Yini esinethemba lokuyibona kulabo abaqalayo ukuba khona emihlanganweni yethu?

13 Yebo, asifuni ukuba imihlangano yethu ifane nezinkonzo zeLobukholwa. Zivame ukungabi namfudumalo, ukuba nobungcwele obeqisayo noma ukuba nomsindo ngokungathi amakhonsathi omculo womdanso. Sifuna ukuba imihlangano emaHholo ethu OMbuso ibe nemfudumalo futhi ihehe kodwa ingafani nendawo yomphakathi yokuzijabulisa. Sihlangana ngenjongo yokukhulekela uJehova, ngakho kufanele imihlangano yethu ibe nesizothangaso sonke isikhathi. Isifiso sethu siwukuba ngemva kokulalela obekuxoxwa ngakho nokubona ukuziphatha kwethu nokwezingane zethu, abantu abaqalayo ukuba khona emihlanganweni bathi: “Ngempela uNkulunkulu uphakathi kwenu.”—1 Korinte 14:25.

Isici Sokukhulekela Kwethu Esiyohlala Sikhona

14, 15. (a) Singakugwema kanjani ‘ukungayinaki indlu kaNkulunkulu wethu’? (b) U-Isaya 66:23 ugcwaliseka kanjani kwamanje?

14 Njengoba sekushiwo, uJehova ubutha abantu bakhe futhi ubenza bajabule ‘endlini yakhe yomthandazo,’ ithempeli lakhe elingokomoya. (Isaya 56:7) Indoda ethembekile uNehemiya yakhumbuza amaJuda eyayikanye nawo ukuthi kwakufanele abonise inhlonipho efanele ngethempeli elingokoqobo ngokulisekela ngezinto ezibonakalayo. Yathi: “Akufanele singayinaki indlu kaNkulunkulu wethu.” (Nehemiya 10:39) Ngaphezu kwalokho, akufanele singanaki lapho uJehova esimema ukuba siyomkhulekela ngaphakathi ‘endlini yakhe yomthandazo.’

15 Ebonisa isidingo sokuhlangana njalo ngenjongo yokukhulekela, u-Isaya waprofetha: “‘Ngokuqinisekile kusukela ekwethwaseni kwenyanga kuya kokunye ukwethwasa kwenyanga nokusukela esabatheni kuye kwelinye isabatha yonke inyama iyoza ikhothame phambi kwami,’ kusho uJehova.” (Isaya 66:23) Lokhu kuyenzeka namuhla. Nyanga zonke masonto onke, amaKristu azinikezele ayahlangana njalo ukuze akhulekele uJehova. Ngokwesibonelo, enza lokhu ngokuba khona emihlanganweni yobuKristu nangokuhlanganyela enkonzweni yasobala. Ingabe ungomunye walabo ‘abeza njalo bakhothame phambi kukaJehova’?

16. Kungani kwamanje ukuba khona njalo emihlanganweni kumelwe kube yinto esiyenza njalo ekuphileni kwethu?

16 U-Isaya 66:23 uyogcwaliseka ngokugcwele ezweni elisha elithenjiswe uJehova. Ngaleso sikhathi, “yonke inyama iyoza” ngokoqobo isonto nesonto nenyanga nenyanga “ikhothame phambi” kukaJehova noma imkhulekele kuze kube phakade. Njengoba ukuhlangana ndawonye ngenjongo yokukhulekela uJehova kuyoba yinto esiyoyenza njalo ekuphileni kwethu okungokomoya esimisweni esisha sezinto, akufanele yini kwamanje ukuba khona njalo emibuthanweni yethu engcwele kube yinto esiyenza njalo ekuphileni kwethu?

17. Kungani siyidinga imihlangano yethu “ikakhulu njengoba [sibona] usuku lusondela”?

17 Njengoba ukuphela kusondela, kufanele sizimisele nangokwengeziwe ukuba khona emibuthanweni yethu yobuKristu ngenjongo yokukhulekela. Ngenxa yokuhlonipha ubungcwele bemihlangano yethu, asivumeli umsebenzi wokuziphilisa, umsebenzi wesikole wasekhaya noma isikole sakusihlwa ukuba kusibangele singahlangani namakholwa esikanye nawo. Siyawadinga amandla esiwathola ngokuhlangana ndawonye. Imihlangano yethu yebandla isinika ithuba lokwazana, lokukhuthazana nelokuvuselelana “uthando nemisebenzi emihle.” Kubalulekile ukuba sikwenze lokhu “ikakhulu njengoba [sibona] usuku lusondela.” (Hebheru 10:24, 25) Ngakho-ke, kwangathi singabonisa inhlonipho efanele ngemibuthano yethu engcwele ngokuba khona njalo kuyo, ngokugqoka nangokuziphatha ngendlela efanele. Ngokwenza kanjalo, siyobonisa ukuthi sinombono kaJehova ngezinto ezingcwele.

Ake Sibukeze

• Yini ebonisa ukuthi imihlangano yabantu bakaJehova kufanele ibhekwe njengengcwele?

• Iziphi izici zemihlangano yethu ezibonisa ukuthi iyimibuthano engcwele?

• Izingane zingabonisa kanjani ukuthi ziyabuhlonipha ubungcwele bemihlangano yethu?

• Kungani kufanele senze ukuba khona njalo emihlanganweni kube yinto esiyenza njalo ekuphileni kwethu?

[Imibuzo Yesifundo]

[Izithombe ekhasini 28]

Imihlangano yokukhulekela uJehova iyimibuthano engcwele kungakhathaliseki ukuthi iqhutshelwaphi

[Isithombe ekhasini 31]

Izingane zethu ziya emihlanganweni ngenjongo yokuyolalela nokufunda