UNehemiya 11:1-36
-
Abantu baphinde bayahlala eJerusalema (1-36)
11 Izikhulu zabantu zazihlala eJerusalema; + kodwa bonke abanye abantu benza inkatho + ukuze bakhethe umndeni owodwa kweyishumi ukuba uhlale eJerusalema idolobha elingcwele; eminye engu-9 ihlale kwamanye amadolobha.
2 Ngaphezu kwalokho, abantu bawafisela isibusiso sikaNkulunkulu wonke amadoda azinikela ngokuzithandela ukuba ahlale eJerusalema.
3 Yilawa amadoda avelele esifundazwe* ayehlala eJerusalema. (Wonke amanye ama-Israyeli, abapristi, amaLevi, izikhonzi zasethempelini *+ namadodana ezinceku zikaSolomoni, + babehlala kwamanye amadolobha akwaJuda, yilowo nalowo efeni lakhe edolobheni lakubo. +
4 EJerusalema kwakuhlala nabanye kubantu bakwaJuda nabakwaBhenjamini.) Kubantu bakwaJuda kwakungu-Athaya indodana ka-Uziya indodana kaZakariya indodana ka-Amariya indodana kaShefathiya indodana kaMahalaleli wamadodana kaPherezi, +
5 noMahaseya indodana kaBharuki indodana kaKholihoze indodana kaHazaya indodana ka-Adaya indodana kaJoyaribi indodana kaZakariya indodana yomShela.
6 Esewonke amadodana kaPherezi ayehlala eJerusalema kwakungamadoda angamaqhawe angu-468.
7 Abantu bakwaBhenjamini kwakuyilaba: USalilu + indodana kaMeshulamu indodana kaJowedi indodana kaPhedaya indodana kaKholaya indodana kaMahaseya indodana ka-Ithiyeli indodana kaJeshaya,
8 ngaphandle kukaSalilu kwakukhona noGabayi noSalayi, bengu-928;
9 uJoweli indodana kaZikiri wayephethe idolobha, uJuda indodana kaHasenuwa eyisekela.
10 Kubapristi: UJedaya indodana kaJoyaribi, uJakini, +
11 uSeraya indodana kaHilikiya, oyindodana kaMeshulamu, oyindodana kaZadoki, oyindodana kaMerayoti, oyindodana ka-Ahithubi, + umholi endlini* kaNkulunkulu weqiniso,
12 nabafowabo ababesebenza ethempelini, bengu-822; no-Adaya indodana kaJerohamu indodana kaPhelaliya indodana ka-Amizi indodana kaZakariya indodana kaPhashuri + indodana kaMalikhiya,
13 nabafowabo, izinhloko zemindeni, bengu-242; no-Amashisayi indodana ka-Azareli indodana ka-Ahizayi indodana kaMeshilemoti indodana ka-Imeri,
14 nabafowabo ababengamadoda anamandla nanesibindi, bengu-128; owayebaphethe kwakunguZabidiyeli, ilungu lomndeni ovelele.
15 KumaLevi: UShemaya + indodana kaHashubi, oyindodana ka-Azirikamu, oyindodana kaHashabiya indodana kaBhuni,
16 noShabhethayi + noJozabhadi + ababeyizinhloko zamaLevi, ababengamele imisebenzi yangaphandle yendlu kaNkulunkulu weqiniso;
17 uMathaniya, + indodana kaMika indodana kaZabidi indodana ka-Asafa, + umholi weqembu lomculo, owayehola ezingomeni zokudumisa ngesikhathi somthandazo, + uBhakibukiya ongowesibili kubafowabo, no-Abhida indodana kaShamuwa indodana kaGalali indodana kaJeduthuni. +
18 Esewonke amaLevi edolobheni elingcwele ayengu-284.
19 Abalindisango kwakungu-Akhubi, uThalimoni + nabafowabo ababegade emasangweni, bengu-172.
20 Wonke amanye ama-Israyeli, abapristi namaLevi, babekuwo wonke amanye amadolobha akwaJuda, ngamunye esendaweni eyifa lakhe.*
21 Izikhonzi zasethempelini *+ zazihlala e-Ofeli, + uZiha noGishipa yibo ababephethe izikhonzi zasethempelini.*
22 Umphathi wamaLevi eJerusalema kwakungu-Uzi indodana kaBhani indodana kaHashabiya indodana kaMathaniya + indodana kaMikha, wamadodana ka-Asafa, angabaculi; wayengamele umsebenzi wendlu kaNkulunkulu weqiniso.
23 Kwakunomyalo wenkosi ngokuphathelene nabo, + futhi abaculi babelungiselelwa okuthile ngokwesidingo sosuku ngalunye.
24 UPhethahiya indodana kaMeshezabeli wamadodana kaZera indodana kaJuda wayengumeluleki wenkosi* ngokuphathelene nazo zonke izindaba zabantu.
25 Ngokuqondene nezindawo zokuhlala namasimu azo, abanye kubantu bakwaJuda babehlala eKiriyati-ariba + nasemadolobhaneni ayakhelene nalo,* eDiboni nasemadolobhaneni ayakhelene nalo, eJekabizeyeli + nasemizini engaphansi kwalo,
26 eJeshuwa, eMolada, + eBheti-pheleti, +
27 eHazari-shuwali, + eBheri-sheba nasemadolobhaneni ayakhelene* nalo,
28 eZikilagi, + eMekhona nasemadolobhaneni ayakhelene* nayo,
29 e-Eni-rimoni, + eZora + naseJarimuthi,
30 eZanowa, + e-Adulamu nasemizini engaphansi kwayo, eLakishi + nasemasimini alo nase-Azeka + nasemadolobhaneni ayakhelene* nayo. Bazinza* eBheri-sheba kwaze kwayofika eSigodini SikaHinomu. +
31 Abantu bakwaBhenjamini babehlala eGeba, + eMikimashi, e-Ayija, eBhethele + nasemadolobhaneni ayakhelene* nalo,
32 e-Anathoti, + eNobi, + e-Ananiya,
33 eHazori, eRama, + eGitayimi,
34 eHadidi, eZeboyimi, eNebalati,
35 eLodi nase-Ono, + isigodi sezingcweti.
36 Amanye amaLevi avela kwaJuda anikwa indawo yokuhlala kwaBhenjamini.
Imibhalo yaphansi
^ Noma, “esifunda sombuso.”
^ Noma, “amaNethini.” NgesiHebheru, “abanikelwe.”
^ Noma, “ethempelini.”
^ Noma, “esefeni lakhe.”
^ Noma, “AmaNethini.” NgesiHebheru, “Abanikelwe.”
^ Noma, “amaNethini.” NgesiHebheru, “abanikelwe.”
^ NgesiHebheru, “wayesesandleni senkosi.”
^ Noma, “ayelizungezile.”
^ Noma, “ayelizungezile.”
^ Noma, “ayeyizungezile.”
^ Noma, “ayeyizungezile.”
^ Noma, “Bamisa amatende.”
^ Noma, “ayelizungezile.”